Intsha Iyabuza . . .
Kunani Ukuhlanganyela Ubulili Ngaphambi Komshado?
“Ngezinye izikhathi ngiye ngizibuze ukuthi kubi ngempela yini ukuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado, ikakhulukazi lapho ngizizwa ngiyisiyoyoyo ngokuthi namanje ngiseyinsizwa nsi.”—UJordon.a
“Ngizizwa ngicindezeleka ukuba ngibuzame ubulili. Ngicabanga ukuthi sonke sinalokho kuthambekela ngokwemvelo,” kusho uKelly. Uyaqhubeka: “Nomaphi lapho uya khona, kubatshazwa ubulili!”
INGABE nawe uye uzizwe ngendlela efanayo njengoJordon noKelly? Phela, amasiko nezindinganiso zokuziphatha zakudala ezazimelene nobulili ngaphambi komshado cishe azisekho. (Hebheru 13:4) Inhlolo-vo eyenziwa ezweni elithile lase-Asia yembula ukuthi iningi labesilisa abaneminyaka engu-15 kuya kwengu-24 lalinomuzwa wokuthi akukhona nje ukuthi ubulili ngaphambi komshado buyamukeleka kodwa bulindelekile kubo. Akumangalisi-ke ukuthi emhlabeni wonke, intsha eningi isuke isilale nothile ngaphambi kokuba ihlanganise iminyaka engu-19 ubudala.
Bese kuba khona intsha engalali nothile kodwa ehlanganyela kulokho okuthiwa ezinye izindlela zobulili, njengokuphululana izitho zobulili. Umbiko oshaqisayo kuyi-New York Times wembula ukuthi “ubulili bomlomo sebuyindlela evamile yokuqala ukuhlanganyela ubulili, futhi intsha eningi kakhulu ibubheka njengendlela yobulili eningahlangani kangako nomunye umuntu nengeyona ingozi njengobulili obuvamile . . . [futhi ibubheka] njengendlela yokugwema ukukhulelwa nokulondoloza ubumsulwa bayo.”
UmKristu kufanele abubheke kanjani ngempela ubulili ngaphambi komshado? Kuthiwani ngalokho okuthiwa ezinye izindlela zobulili? Ingabe ziyamukeleka kuNkulunkulu? Ingabe ziphephile? Ingabe ziyabulondoloza ngempela ubumsulwa bomuntu?
Lokho Okuhilelekile Ebufebeni
Impendulo enegunya kule mibuzo ingatholakala kuphela kuMdali wethu—uJehova uNkulunkulu. Futhi eZwini lakhe usitshela ukuba ‘sibalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Kusho ukuthini ngempela lokho? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ubufebe” alibhekiseli ekulaleni nothile kuphela kodwa lihlanganisa nezenzo zobulili ezihlukahlukene ezingcolile. Ngakho uma abantu ababili abangashadile benza ubulili bomlomo noma bephululana izitho zokuzala, banecala lobufebe.
Kodwa basengabhekwa yini njengabamsulwa emehlweni kaNkulunkulu? EBhayibhelini igama elithi ‘intombi emsulwa’ lisetshenziswa njengophawu lwenhlanzeko yokuziphatha. (2 Korinte 11:2-6) Kodwa futhi lisetshenziswa ngomqondo ongokoqobo. IBhayibheli lisitshela ngentokazi okuthiwa uRebheka. Lithi ‘yayiyintombi ntó, kungekho ndoda eyayike yalala nayo.’ (Genesise 24:16) Kuyathakazelisa ukuthi ngesiHebheru sokuqala, igama elisho “ubulili” ngokusobala lalihilela nezinye izenzo ngaphandle kobulili obuvamile phakathi kwendoda nowesifazane. (Genesise 19:5) Ngakho, ngokweBhayibheli, uma osemusha ehlanganyela ebufebeni banoma iluphi uhlobo, akanakubhekwa neze njengosemsulwa.
IBhayibheli liyala amaKristu ukuba angabalekeli nje ubufebe kuphela kodwa nazo zonke izinhlobo zokuziphatha okungcolile ezingase ziholele kubo.b (Kolose 3:5) Abanye bangase bakuhleke ngokuba nalo mbono. Osemusha ongumKristu okuthiwa uKelly uthi: “Phakathi nayo yonke iminyaka ngifunda esikoleni esiphakeme, abantu babethi kimi, ‘Uyaphuthelwa!’” Nokho, ubulili ngaphambi komshado bumane nje ‘buwukujabula isikhashana esonweni.’ (Hebheru 11:25) Bungabangela ukulimala okuhlala njalo ngokomzimba, ngokomzwelo, nangokomoya.
Izinsongo Ezinkulu
IBhayibheli lisitshela ukuthi iNkosi uSolomoni yake yabukela insizwa ethile iyengelwa ebulilini ngaphambi komshado. USolomoni wafanisa le nsizwa ‘nenkunzi eyohlatshwa.’ Inkunzi ezohlatshwa ibonakala ingenalwazi lokuthi isizokwehlelwa yini. Intsha ehlanganyela ebulilini ngaphambi komshado ivame ukuziphatha ngendlela efanayo—ibonakala ingakhathali noma ingaqapheli nhlobo ukuthi izenzo zayo zinemiphumela engathí sina! USolomoni wathi ngaleyo nsizwa: “Ayazi ukuthi lokhu kuthinta wona kanye umphefumulo wayo.” (IzAga 7:22, 23) Yebo, “umphefumulo” wakho—ukuphila kwakho—kusengozini.
Ngokwesibonelo, unyaka ngamunye izigidi zentsha zithola isifo esithile esithathelwana ngobulili. ULydia uthi: “Lapho ngithola ukuthi nginesifo sezilonda ezithweni zangasese, kwathi mangibaleke.” Uyabalisa, “Lesi isifo esibuhlungu esingelapheki neze.” Abantu abangaphezu kwengxenye yabo bonke abangenwa yisandulela-ngculaza emhlabeni wonke (abangu-6 000 ngosuku) baphakathi kweminyaka engu-15 nengu-24 ubudala.
Abesifazane ikakhulukazi basengozini yezinkinga eziningi ezihlobene nobulili ngaphambi komshado. Empeleni, usongo lwezifo ezithathelwana ngobulili (kuhlanganise nesandulela-ngculaza) lukhulu kwabesifazane kunakwabesilisa. Uma intombazane esencane ikhulelwa, izifaka yona nomntanayo engozini eyengeziwe. Ngani? Ngoba kungenzeka ukuthi umzimba wentombazane esencane awukakhuli ngokwanele ukuba ikwazi ukubeletha ngendlela ephephile.
Ngisho noma osemusha ongumama engaphunyuka emiphumeleni emibi yezifo, usabhekene nemithwalo esindayo yokuba umzali. Amantombazane amaningi athola ukuthi ukuzondla wona nezinsana zawo kunzima kakhulu kunalokho abekucabanga.
Kukhona-ke nemiphumela engokomoya nengokomzwelo. Isono sobulili seNkosi uDavide sasongela ubungane bayo noNkulunkulu futhi sacishe saholela ekufeni kwayo ngokomoya. (IHubo 51) Yize uDavide alulama ngokomoya, wabhekana nemiphumela yesono sakhe ukuphila kwakhe konke.
Intsha namuhla ingahlupheka ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, lapho eseneminyaka engu-17 kuphela ubudala, uCherie walala nomfana othile. Wayecabanga ukuthi uyamthanda. Nakuba sekwadlula iminyaka eminingi, usazisola ngezenzo zakhe. Uyabalisa: “Ngawathatha kalula amaqiniso eBhayibheli futhi ngabhekana nemiphumela. Ngalahlekelwa umusa kaJehova, futhi lokho kwakubuhlungu kakhulu.” Osemusha okuthiwa uTrish naye uyavuma: “Iphutha elikhulu kunawo wonke ekuphileni kwami kwaba ukuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado. Ngingenza noma yini uma nje ngingase ngikwazi ukuphinde ngibe yintombi ntó.” Yebo, amanxeba angokomzwelo angahlala iminyaka, abangele ukucindezeleka nosizi.
Ukufunda Ukuzithiba
UShanda osemusha uphakamisa umbuzo obalulekile, “UNkulunkulu wayeyinikelani intsha izifiso zobulili, azi ukuthi akufanele izanelise kuze kube yilapho isishadile?” Kuyiqiniso ukuthi izifiso zobulili zingaba namandla ikakhulukazi phakathi ‘nokuqhuma kobusha.’ (1 Korinte 7:36) Eqinisweni, intsha ingase ivukwe inkanuko yobulili ingazelele ngaphandle kwesizathu. Kodwa lokhu akuyona into embi. Kuyingxenye engokwemvelo yokukhula kwesimiso sokuzala.c
Kuyiqiniso nokuthi uJehova wadala ubuhlobo bobulili ukuba bujabulise. Lokhu kwakuvumelana nenjongo yakhe yasekuqaleni yokuba abantu bagcwalise umhlaba. (Genesise 1:28) Noma kunjalo, uNkulunkulu wayengahlosile ukuba siwasebenzise kabi amandla ethu okuzala. IBhayibheli lithi: “Ngamunye wenu [kufanele] azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.” (1 Thesalonika 4:4) Ukwanelisa zonke izifiso zobulili bekuyoba ubuwula njengokushaya othile njalo lapho uthukuthele.
Ubuhlobo bobulili buyisipho esivela kuNkulunkulu, isipho okufanele sijatshulelwe ngesikhathi esifanele—lapho umuntu eseshadile. UNkulunkulu uzizwa kanjani lapho sizama ukujabulela ubulili ngaphandle komshado? Ake sithi uthengelé umngane wakho isipho, bese kuthi ngaphambi kokuba umuphe sona, afike asebe! Ubungeke yini uphatheke kabi? Cabanga-ke indlela uNkulunkulu azizwa ngayo lapho umuntu eba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado, esisebenzisa kabi isipho sikaNkulunkulu.
Kufanele wenzenjani ngemizwa yakho yobulili? Kalula nje, funda ukuyilawula. Zikhumbuze ukuthi “uJehova akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha.” (IHubo 84:11) Osemusha okuthiwa uGordon uthi: “Lapho ingqondo yami ingitshela ukuthi ubulili ngaphambi komshado abunakuba bubi kangako, ngiye ngicabange ngemiphumela emibi engokomoya bese ngiqaphela ukuthi asikho isono esikufanelekelayo ukuba singilahlekisele ubuhlobo bami noJehova.” Kungase kungabi lula ukuzithiba. Kodwa njengoba u-Adrian osemusha esikhumbuza, “kukushiya unonembeza ohlanzekile nobuhlobo obuhle noJehova, ukhululekile ukuba ugxile ezintweni ezibaluleke kakhulu, ungenamuzwa wecala noma wokuzisola ngezenzo zesikhathi esidlule.”—IHubo 16:11.
Kunezizathu eziningi ezinhle zokuba ‘udede ebufebeni’ bazo zonke izinhlobo. (1 Thesalonika 4:3) Kuyavunywa ukuthi lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Isihloko esizayo siyodingida izindlela ezingokoqobo ‘ongazigcina ngazo umsulwa.’—1 Thimothewu 5:22.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ukuze uthole ingxoxo edingida ubufebe, ukungahlanzeki nokuziphatha okuxekethile, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kunini Lapho ‘Kuwukweqisa’ Khona?” kuyi-Phaphama! ka-October 22, 1993.
c Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Lokhu Kwenzeka Emzimbeni Wami?” kumagazini wethu ka-February 8, 1990.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Uma osemusha ehlanganyela ebufebeni banoma iluphi uhlobo, ingabe ubengabhekwa njengo-msulwa emehlweni kaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 13]
Ubulili ngaphambi komshado bungalimaza unembeza wosemusha owesaba uNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 14]
Labo abahlanganyela ubulili ngaphambi komshado bazifaka engozini yokuthola isifo esithathelwana ngobulili