Ukuthola Umthombo Wawo Onke Amandla
ILANGA liwumthombo oyinhloko wamandla emhlabeni. Ososayensi abaningi bakholelwa ukuthi amalahle nowoyela kuyizinsalela ezibolile zezihlahla nezimila ezazithola amandla azo elangeni.a Amanzi agelezela emadamini asetshenziselwa ukuphehla ugesi, ekuqaleni adonswa olwandle ukushisa kwelanga abese entaza emoyeni njengamafu. Amaza elanga ashisayo aqhuba nemimoya ehelezayo ephehla imishini kagesi. Nokho, kulinganiselwa ukuthi yingxenye eyodwa kweziyizigidi eziyinkulungwane yamandla elanga efinyelela emhlabeni.
Nakuba inamandla esabekayo, inkanyezi thina esiyazi njengelanga ingomunye nje wemithombo eyizigidigidi yamandla amakhulu ekhona endaweni yonke, futhi nayo le mithombo inamandla asabekayo njengelanga. Uyini umthombo wangempela wawo onke la mandla? Ekhuluma ngezinkanyezi, umlobi weBhayibheli u-Isaya uthi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.”—Isaya 40:26.
Lapho sicabangela amandla amakhulu ezinkanyezi, singase sizizwe sibancane—ikakhulukazi uma sicabanga ngoMdali wazo. Nokho, iBhayibheli liyasikhuthaza: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Yebo, bonke labo abamfunayo bangakwazi ukumthola uMdali womhlaba nayo yonke le mithombo yawo yamandla eminingi, okunguye osinike ukuphila.—Genesise 2:7; IHubo 36:9.
Lapho bebona umhlaba nemithombo yawo kungcoliswa futhi kusetshenziswa ngokungafanele, abanye abantu bangase bakuthole kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyawukhathalela umhlaba kanye nabantu abahlala kuwo. Noma kunjalo, iBhayibheli lisinikeza isiqiniseko sokuthi maduzane kuzofika ushintsho, lithembisa ushintsho olukhulu endleleni imithombo yomhlaba eyabiwa ngayo nasendleleni umhlaba ngokwawo ophathwa ngayo. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Ngokumisa uhulumeni owodwa wasezulwini ophethe umhlaba wonke ngaphansi kweNdodana yakhe, uKristu Jesu, uJehova uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi bonke abantu abaphilayo bahlukaniselana ngokulingana inala yomcebo womhlaba. (Mika 4:2-4) Futhi ‘uyochitha abachitha umhlaba,’ okuwukuthi, labo abonakalisa imvelo emhlabeni, ngendlela engokomoya noma engokwenyama.—IsAmbulo 11:18.
Ngaleso sikhathi isithembiso esilotshwe ku-Isaya 40:29-31 siyogcwaliseka ngokomoya nangokoqobo: “Unika okhatheleyo amandla; kongenamandla ashukumisayo wenza kuvame amandla aphelele. Abafana bayokhathala futhi baphelelwe amandla, nezinsizwa uqobo ziyokhubeka nakanjani, kodwa labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. Bayogijima bangaphelelwa amandla; bayohamba bangakhathali.” Nawe ungafunda okwengeziwe ngoMthombo wawo onke amandla nangekhambi lezinkinga zomhlaba zezamandla uma uzinika isikhathi sokutadisha iBhayibheli.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Uwoyela Ongahluziwe Wakheka Kanjani?” kuyi-Phaphama! ka-November 8, 2003.