Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Ukuqomisana Nge-Internet Kungaba Yingozi Ngempela?
“Kuyi-Internet, ngeke wazi ukuthi ungubani ngempela omunye umuntu.”—UDan, oneminyaka engu-17.a
“Abantu bangawaqamba amanga kuyi-Internet. Kulula ukukhohlisa kuyo.”—UGeorge, oneminyaka engu-26.
U KUQOMISANA nge-Internet kuyaqhubeka kudlondlobala emhlabeni wonke. Njengoba isihloko esidlule kulolu chungechunge sibonisile, ubuhlobo bothando kuyi-Internet bungakhula ngokushesha, kodwa ngokuvamile buyaphela lapho sekufanele kubhekanwe namaqiniso.b Nakuba kunjalo, kunesizathu esikhulu kakhulu sokukhathazeka esidlula ukudumala nje. Ukuqomisana ngale ndlela kungakufaka engozini enkulu—ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya.
Kungenzeka kanjani ukuthi into esekhaya lakho—ebonakala ingeyona ingozi futhi ephephe njenge-computer—ibe yingozi ngempela? Ezinye zezingozi zihlobene nesimiso seBhayibheli esibalulekile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Kodwa lokhu akusho ukuthi kuwukungathembeki ukusebenzisa i-Internet noma ukuthi ukuyisebenzisa kuzokwenza ungathembeki. Noma kunjalo kumelwe sikhumbule ukuthi ngokuvamile abathembekile abanye abantu futhi njengoba izingcaphuno zibonisile ekuqaleni kwalesi sihloko, kubonakala sengathi i-Internet ikwenza kube lula ukwenza izenzo ezithile zokungathembeki kodwa kube nzima ukuzibona. Ngokuphathelene nokuqomisana, ukungathembeki kuletha izingozi ezinkulu.
Ngokwesibonelo, qaphela uhlobo lokungathembeki oluchazwe kuleli vesi leBhayibheli: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.” (IHubo 26:4) Ichaza ukuthini inkulumo ethi “nalabo abafihla lokho abayikho”? Kwezinye izinguqulo zeBhayibheli le nkulumo ihunyushwe ngokuthi “abazenzisi.” Enye incwadi ithi le nkulumo ingasetshenziselwa ukusho “labo abafihla amacebo abo namasu abo, noma abafihla lokho abayikho kanye nezinhloso zabo.” Ukungathembeki okunje kwenziwa kanjani kuyi-Internet? Futhi yiziphi izingozi lokhu okuzilethela labo abafuna ukuqomisana?
Izimpisi Ezembethe Isikhumba Semvu
Ubaba ogama lakhe linguMichael washaqeka ngesikhathi ehambele ingqungquthela lapho ethola ukuthi iningi lentsha aliyilaleli imithetho yabazali ngokuphathelene nokungena ezingosini ze-Internet. Uthi: “Okwangikhathaza kakhulu futhi kwangethusa ukuthola ukuthi abanukubezi bezingane bangayisebenzisa i-Internet ukuyengela izingane ekwenzeni izenzo zobulili ezingcolile.” Lapho intsha isebenzisa i-Internet ukuze yazane nabantu, ingaba senkingeni enkulu kakhulu kunokuba ingase icabange.
Impela, kuye kwaba nemibiko yokuthi abanukubezi bezingane abadala bayazishintsha bazenze abantu abasebasha kuyi-Internet njengoba befuna intsha abazoyenza izisulu zabo. Ukucwaninga okuthile kuveza ukuthi “ingane eyodwa kwezinhlanu ezisebenzisa i-Internet isike yanxenxwa ukuba ihlanganyele ubulili.” Elinye iphephandaba labika ukuthi ingane eyodwa kwezingu-33 eziphakathi kweminyaka engu-10 nengu-17 isike “yahlukunyezwa izikhathi eziningi ngokufundekelwa” ngezingxoxo kuyi-Internet.
Enye intsha iye yashaqeka lapho ithola ukuthi lona “osemusha” ebiqomisana naye nge-Internet empeleni uyisiboshwa esidala esisejele. Enye intsha ngenxa yokungazi yakha ubuhlobo nabanukubezi bezingane. Laba bantu abangcolile baqale “balolonge” izisulu zabo, bazenze zibethembe ngokuba nobungane lapho bexoxa nazo kuyi-Internet. Ngokuhamba kwesikhathi, bafuna ukuba kubonanwe ubuso nobuso ukuze banelise izinkanuko zabo ezisontekile. Ngokudabukisayo, ngenxa yalokhu intsha eningi iye yashaywa, yadlwengulwa, futhi enye yaze yabulawa imbala.
Ngempela, abantu abakhohlakele ‘bafihla lokho abayikho’ ukuze bathole izisulu kuyi-Internet. Laba banukubezi kungenzeka bakukhumbuza umfanekiso kaJesu wabaprofethi bamanga “abeza kini bembethe isikhumba semvu” kodwa ngempela bafana “nezimpisi eziphangayo.” (Mathewu 7:15) Ukuxhumana nomuntu ongamazi kuyi-Internet kungakwenza kube nzima ukubona ukukhohlisa okunjengalokhu. “Lapho ukhuluma nothile ubuso nobuso,” kusho uGeorge, ocashunwe ekuqaleni, “ungafunda okuthile ngokumbheka ebusweni nangokuzwa iphimbo lakhe. Kodwa kuyi-Internet awukwazi ukukubona konke lokhu. Kulula ukukhohliswa.”
Siwukuhlakanipha ngempela iseluleko seBhayibheli: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Nakuba kunjalo, akubona bonke abantu obathola kuyi-Internet abayingozi. Kodwa, kunezindlela ezengeziwe abantu ‘abafihla ngazo lokho abayikho.’
Ingozi Yokukhohliswa Nokufihlelwa
Ngokuvamile, abafuna ukuqomisana nge-Internet banomkhuba wokuba benze ihaba noma benze sengathi banemikhuba emihle ukuze bafihle amaphutha abo angathi sina. Okunye futhi, i-Washington Post yacaphuna umbhali ethi: “Ukuqomisana nge-Internet kungaba kubi ngoba abantu bayakhohliswa.” Iyanezela: “Abantu ngokuvamile bazishintsha ubulili. . . . Bashintsha iholo labo, . . . ubuzwe, amacala abanawo, ukuthi bake bagula yini ngengqondo, nokuthi bashadile yini noma cha, ngokuvamile kuba yimfihlo isikhathi eside phakathi nokuqomisana.” Ukuze baxwayise abanye, abantu abaningi baye babika okuhlangenwe nakho okubuhlungu kokukhohliswa abaqomisana nabo kuyi-Internet.
Ingabe abantu bangaqamba amanga ngento ebaluleke njengesimo sabo esingokomoya? Ngeshwa, kunjalo—abanye bathi bangamaKristu yize bengewona. Kungani bekhohlisa? Nalapha futhi, imbangela yalokhu ukuthi i-Internet ikwenza kube lula ukukhohlisa. Insizwa yase-Ireland egama layo linguSean iyavuma: “Kulula ukuzenza into ongeyona lapho ubhala kuyi-computer.”
Abantu abaningi bakuthatha kalula lokhu kukhohlisa, bathi kungokwemvelo ukuqamba amanga kancane lapho niqomisana. Khumbula ukuthi uNkulunkulu uyakuzonda ukuqamba amanga. (IzAga 6:16-19) Futhi ukuzonda ngesizathu esihle. Usizi nobuhlungu obukhulu obukhona emhlabeni namuhla bubangelwa ukuqamba amanga. (Johane 8:44) Ukungathembeki kuyisiqalo esibi kunazo zonke sokuqomisana, ikakhulukazi lapho kuhloswe ukuba kuholele esibophweni sothando esihlala njalo. Okubi nakakhulu ukuthi ukungathembeki kuyingozi ngokomoya; kulimaza ubuhlobo balowo oqamba amanga noJehova uNkulunkulu.
Ngokudabukisayo, enye intsha iwele kolunye uhlobo lokungathembeki. Iye yaqala ukuqomisana nge-Internet kodwa yakufihla lokhu kubazali bayo. Ngokwesibonelo, abazali bebhungu elithile bashaqeka ngolunye usuku lapho bebona kutheleka owesifazane osemusha ongeyena umKristu owayesehambe amakhilomitha angaphezu kuka-1 500 ukuzofika emzini wabo. Kwase kuphele izinyanga eziyisithupha indodana yabo ithandana nalo wesifazane, kodwa babengazi lutho ngalokhu kwaze kwaba yilapho lona wesifazane efika emzini wabo!
“Kungenzeka kanjani lokhu?” kubuza abazali. Bazitshela ukuthi, ‘Akunakwenzeka ukuthi indodana yethu iqomisane nomuntu engakaze imbone.’ Empeleni, indodana yabo yayilokhu ibakhohlisa—ifihla lokho eyikho ngempela. Ngeke uvume yini ukuthi ukukhohlisa okunje kuyisisekelo esingesihle sokuqomisana?
Ukukhetha Ukubonana Ubuso Nobuso Kunokusebenzisa I-Internet
Ukuqomisana nge-Internet kungaletha nezinye izingozi. Ngezinye izikhathi, umngane oxhumana naye nge-Internet angaba ngokoqobo kakhulu ukwedlula abantu obabona nsuku zonke. Amalungu omkhaya, abangane kanye neminye imithwalo yemfanelo kungathatha indawo yesibili. Owesifazane ogama lakhe linguMonika, wase-Austria, uthi: “Ngaqala ukudebeselela ubuhlobo obubalulekile ngenxa yokuthi ngangichitha isikhathi esiningi kuyi-computer nabantu engibathole kuyo.” Ekhathazwa yilokhu, wanquma ukuyeka ukuyisebenzisa ngale ndlela i-Internet.
Kuyiqiniso, iningi liyakwazi ukusebenzisa i-Internet ngokulinganisela. Ukuxhumana nge-E-mail kungaba indlela ewusizo yokuxhumana nabangane kanye nabathandekayo. Ngokuqinisekile, uzovuma ukuthi akukho okufana nokubonana ubuso nobuso. Uma usudlulile “ekuqhumeni kobusha”—isikhathi lapho isifiso sobulili sinamandla kakhulu khona—futhi ufuna ukushada, ubhekene nesinye sezinqumo ezibaluleke kunazo zonke oyoke uzenze ekuphileni. (1 Korinte 7:36) Khona-ke, yenza isinqumo esicatshangelwe ngokucophelela.
IBhayibheli liyeluleka: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Kunokuba ukholwe yikho konke okubhalelwa umuntu ongakaze umbone, cabangela izinyathelo zakho ngokucophelela. Kuwukuhlakanipha okukhulu ukuhlela ukubonana kuqala bese nakha ubuhlobo ubuso nobuso. Thola ukuthi niyafanelana ngempela yini, ikakhulukazi endabeni yemigomo engokomoya kanye nezindinganiso zenu. Ukuqomisana okunjalo kungaholela emshadweni ojabulisa ngempela.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . ‘Ingabe Kufanele Ngizame Ukuqomisana Nge-Internet?’” kuyi-Phaphama! ka-May 8, 2005.
[Isithombe ekhasini 28]
Ingabe uyazi ukuthi ubani okubhalela imiyalezo kuyi-Internet?
[Isithombe ekhasini 30]
Uma kuziwa endabeni yokuqomisana, ayikho indlela engcono ukwedlula ukubonana ubuso nobuso