Umbono WeBhayibheli
Kungani Kufanele Sifune Isiqondiso EBhayibhelini?
“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.”—2 Thimothewu 3:16.
USITHOLAPHI iseluleko ekuphileni kwakho? Namuhla kunentilibathwa yezeluleko ezitholakalayo cishe zanoma yiziphi izimo ongazicabanga. Noma kunjalo, abantu abaningi bafuna iseluleko emibhalweni yeBhayibheli yamandulo.
Kodwa, abantu abaningi abalibheki iBhayibheli njengeliwusizo, ikakhulukazi kule nkathi yamanje enentilibathwa yemithombo yokwaziswa nobuchwepheshe besimanje. Abanye othisha abahlonishwayo nezazi zesayensi basekela umqondo wokuthi iBhayibheli alisasebenzi. Ingabe baqinisile? Uma sicabanga ngokuthi kunemithombo eminingi yezeluleko namuhla, kungani kufanele umuntu afune iseluleko eBhayibhelini?
Incwadi Yeqiniso
Ngesinye isikhathi lapho uJesu Kristu ephumule ngasemthonjeni waba nengxoxo nowesifazane ongumSamariya. UJesu wathi kuye: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) La mazwi abonisa ukuthi kunendlela yokukhulekela eyamukelekayo kuNkulunkulu. Ukuze ukukhulekela kwethu kube okweqiniso, kufanele kuhambisane nalokho uNkulunkulu aye wakwembula eBhayibhelini ngaye siqu. IZwi likaNkulunkulu lineqiniso.—Johane 17:17.
Nokho, kunezinkolo eziningi ezithi zikholelwa eBhayibhelini, futhi ngayinye yazo ibonakala ifundisa izinto ezihlukile. Ngenxa yalokho, kunokudideka okukhulu ngokuphathelene nalokho okufundiswa iBhayibheli ngempela. Ingabe uJesu unguNkulunkulu, noma ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa noma cha? Ingabe isihogo siyindawo okuhlushwa kuyo abantu ngemva kokufa? Ingabe uSathane ungumuntu wangempela? Kusho ukuthini ukuba ngumKristu? Ingabe izenzo nemicabango yethu kubalulekile kuNkulunkulu? Ingabe uthando lwangempela luyisizathu esizwakalayo sokuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado? Ingabe akulungile ukuphuza utshwala?a Izinkolo ezihlukahlukene zithi zifundisa iqiniso ngokuphathelene nalezi zindaba. Kodwa izimfundiso zenkolo ngokuvamile ziyaphikisana. Ngeke kwenzeke ukuba zonke zibe yiqiniso.—Mathewu 7:21-23.
Ungalithola kanjani-ke iqiniso ngoNkulunkulu nangohlobo lokukhulekela olumjabulisayo? Ake sithi uthole ukuthi kufanele uhlinzwe ukuze kulungiswe inkinga enkulu yempilo. Ubungenzani? Uma kungenzeka, ubungahlolisisa kahle ukuze uthole udokotela osezingeni eliphezulu kulowo mkhakha wokuhlinza. Ubungase ucabangele ngisho nolwazi lwakhe, uxhumane naye, futhi ukhulume naye. Ekugcineni, uma usuqiniseka ukuthi usezingeni eliphezulu ngenxa yobufakazi obutholile, ubungamethemba futhi umvumele akuhlinze. Abanye bangaba nombono ohlukile. Kodwa ukholo lwakho kulo dokotela selunesisekelo.
Ngendlela efanayo, uma uhlola ngokucophelela nangokwethembeka ubufakazi obukhona, ungazakhela ukholo kuNkulunkulu neBhayibheli. (IzAga 2:1-4) Unenkululeko yokuzikhethela ekufuneni izimpendulo eziphathelene nohlobo lokukhulekela uNkulunkulu alwamukelayo. Ungase ubheke izimfundiso eziphikisanayo nemibono yabantu, noma ungase ucabangele umbono weBhayibheli.
Linembile Futhi Liyasebenza
Ukuhlolisisa iBhayibheli ngokucophelela kuyokunikeza ubufakazi obuningi bokuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”b (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngokwesibonelo, iBhayibheli ligcwele iziprofetho ezinemininingwane. Umlando ufakazela ukugcwaliseka kwazo. (Isaya 13:19, 20; Daniyeli 8:3-8, 20-22; Mika 5:2) Nakuba lingeyona incwadi yesayensi, iBhayibheli linembile ngokwesayensi. Liqukethe amaqiniso aphathelene nendalo nempilo abhalwa ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambi kokuba ososayensi bafinyelele iziphetho ezifanayo.—Levitikusi 11:27, 28, 32, 33; Isaya 40:22.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisisiza ukuba senze izinqumo ezinokuhlakanipha. Amakhasi alo aqukethe intilibathwa yezeluleko ezisebenzayo ngokuphathelene nokuphila komkhaya, ukuphila ngokomzimba nangokomzwelo, ezohwebo, kanye nezinye izindaba zansuku zonke. IzAga 2:6, 7 zithi: “UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda. Abaqotho uyobabekelela ukuhlakanipha okusebenzayo.” Ngokufuna iseluleko eBhayibhelini, ungaqeqesha amandla okuqonda ukuze ukwazi “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—Hebheru 5:14.
IZwi likaNkulunkulu lisisiza ukuba siqonde injongo yokuphila. (Johane 17:3; IzEnzo 17:26, 27) Liyachaza ukuthi izimo zomhlaba zisho ukuthini. (Mathewu 24:3, 7, 8, 14; 2 Thimothewu 3:1-5) EBhayibhelini uNkulunkulu usitshela indlela azobususa ngayo ububi emhlabeni ukuze enze abantu bakwazi ukujabulela impilo ephelele nokuphila okuphakade.––Isaya 33:24; Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3, 4.
Izigidi zabantu ziye zazibonela mathupha ukuthi iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa wokuhlakanipha okusebenzayo. Abanyathelisi be-Phaphama! bakumema ukuba uhlole uchungechunge lwezihloko ezithi “Umbono WeBhayibheli,” eziphuma kubo bonke omagazini be-Phaphama! Ngokwenza kanjalo, ungathola ubufakazi obengeziwe obubonisa ukuthi iBhayibheli liwumthombo ongcono kunayo yonke wesiqondiso ekuphileni kwakho.
[Imibhalo yaphansi]
a Isihloko se-Phaphama! esiphuma njalo, esithi “Umbono WeBhayibheli,” sizoxoxa ngale mibuzo neminye esikhathini esizayo.
b Ukuze uthole ubufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Hlobo luni lokukhulekela olwamukelekayo kuNkulunkulu?—Johane 4:24.
◼ Yini okufanele uyenze ukuze uzuze ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu?—IzAga 2:1-4.
◼ IBhayibheli liwumthombo weseluleko esisebenzayo ngayiphi indlela?—Hebheru 5:14.