Okwenza Ngingayigubhi I-“Halloween”
NGONYAKA ODLULE, lapho omakhelwane babematasa belungiselela i-Halloween—iholide laminyaka yonke elithandwa kakhulu kwamanye amazwe, elihlangene kakhulu nemimoya—uMichael waseCanada oneminyaka engu-14 ubudala wayecabanga ngezinye izinto. Endabeni ayibhalela isikole, wathi:
‘Ubusuku banamuhla bandulela i-Halloween. Njengoba ngibuka ngaphandle kwefasitela, ngiyabona ukuthi utshani bomakhelwane buhlotshiswe ngamatshe esikhumbuzo nangezinhlaka zamathambo kanti kukhanyiswe nezibani okuthiwa ama-jack-o’-lantern zabekwa emafasiteleni.a Abazali balungisa izingubo zezingane zabo; kanti izingane ziphupha ngokuthi ziyothola uswidi omningi kangakanani kusasa.
‘Umkhaya wakithi uhlukile. Utshani basekhaya abuhlotshisiwe kanti namafasitela awanazibani ezikhanyisiwe. Abantu bayangibuza ukuthi kungani ngingayigubhi i-Halloween. Isizathu esiyinhloko ukuthi oFakazi BakaJehova abayigubhi ngenxa yomsuka wayo.b
‘Okumangalisayo ukuthi ngiyasithanda isikhathi somkhosi we-Halloween. Ungase ubuze: “Kungani?” Ngoba singenza ngicabange. Singenza ngicabange ngesizathu sokukhetha ukungazenzi ezinye izinto. Umuntu ngamunye kumelwe azinqumele ukuthi umsuka wesiko elithile ubalulekile yini noma cha. Ngicabanga ukuthi imisuka yezinto ibalulekile. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bebeyobacasukela omakhelwane babo lapho bevunule njengamaNazi. Ngani? Ngenxa yomsuka wenyufomu yamaNazi nalokho ekumelelayo—izimiso abantu abaningi abazibheka njengezinengekayo. Ngizibheka njengezinengekayo izimiso ezimelelwa udeveli, imimoya emibi nabathakathi, futhi angifuni ukuhlanganiswa nabo. Kuhle kakhulu ukucabanga ngezinqumo esizenzayo nezizathu zokunquma ngaleyo ndlela nokwenza izinqumo ezisekelwe esimisweni esithile kunokwenza izinqumo ezisekelwe kulokho okuthandwa abantu. Kungakho-ke nje ngisithanda kangaka lesi sikhathi sonyaka. Ngiyaziqhenya ngokwahluka kwabanye nangokuma ngiqine kulokho engikukholelwayo.’
[Imibhalo yaphansi]
a I-jack-o’-lantern yithanga elikhishwa ingaphakathi bese lisikwa kwenziwa ubuso, amakhala, umlomo namehlo. Kuye kufakwe ikhandlela noma olunye uhlobo lwesibani ngaphakathi.
b Ukuze uthole okwengeziwe ngalokhu, bheka i-Phaphama! ka-October 8, 2001, amakhasi 5-10.