Ingabe Ukudla Kwakho Kuphephile?
“Kuvalwa Isikole EJalimane Ngenxa Yokwesaba I-E Coli.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, EJALIMANE.
“Ezifundazweni Ezinhlanu Kutholakale Ukuthi Imbewu Eqhumayo Inegciwane Le-salmo-nella.”—I-USA TODAY.
“Inyama Yezinkomo Eziyisi-thupha Ezadla Utshani Obune-misebe Ebulalayo Ifinyelela Ezifundeni Ezingu-9.”—I-MAI-NICHI DAILY NEWS, EJAPANE.
LEZI ZIHLOKO ezingenhla zaba sematheni phakathi nesikhathi esingamasonto amabili ngonyaka odlule. Abacwaningi balinganisela ukuthi unyaka ngamunye amaphesenti angu-30 abantu emazweni athuthukile aguliswa ukudla ngandlela-thile.
Ikuthinta kanjani imibiko enjengale? UHoi, ongubaba ohlala eHong Kong uyavuma: “Ngiyakhathazeka futhi ngithukuthele. Nginezingane ezimbili, futhi ngiyakhathazeka ngokuthi ukudla ezikudlayo kwenziwa kuphi futhi kanjani.”
Emazweni ampofu, izifo ezitholakala emanzini noma ekudleni zibulala izigidi unyaka ngamunye—iningi lazo okungabantwana. UBola, ohlala eNigeria uthi: “Ezimakethe zalapha, ukudla kuchayeka ezimpukaneni, emvuleni, emoyeni nasezintulini. Uma ngifunda noma ngizwa ngezifo ezibangelwa ukudla, ngivele ngethuke. Ngifuna ukuvikela umkhaya wami.”
Ungawuvikela yini umkhaya wakho ekudleni okungaphephile? INhlangano Yokuhlola Ukudla ECanada ithi: “Uma kutholakala ukudla okungaphephile ezitolo, lokho kuba yindaba egudwini. Kusuke kufanele kube njalo. Kodwa ukudla okungaphephile, okungagulisa abantu, kungase kubangelwe nayilokho thina esikwenzayo noma esingakwenzi—emakhishini ethu.”
Yini ongayenza ukuze uvikele umkhaya wakho ekuguleni okubangelwa ukudla? Sizocabangela izindlela ezine ezingenza ukudla kwakho kuphephe.
[Ibhokisi ekhasini 3]
OBANI ABASENGOZINI?
Amanye amaqembu asengozini ngokukhethekile yokugula ngenxa yokudla, yilawa:
● Izingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu
● Abesifazane abakhulelwe
● Abantu abaneminyaka eyevile kwengu-70
● Abantu abanamasosha omzimba abuthaka
Uma wena noma omunye odla naye ekulesi sigaba sabantu, kufanele uyiqaphele indlela opheka, uphake futhi kudliwe ngayo.
[Umthombo]
Umthombo: I-New South Wales Food Authority, e-Australia.