USIZO LOMKHAYA | UMSHADO
Indlela Yokuba Isilaleli Esihle
INSELELE
Umuntu oshade naye uthi, “Awungilalele!” Wena ngaphakathi uthi, ‘Kanjani ngoba ngimlalele.’ Ngokusobala lokho okuzwile, kwehlukile kulokho oshade naye abekusho. Umphumela ube ukuqubuka kwenye impikiswano.
Lezi zingxabano ungazigwema. Kodwa kudingeka uqonde kuqala ukuthi kungani ungase ungazizwa izinto ezibalulekile oshade naye azama ukuzisho kuwe—nakuba ucabanga ukuthi umlalele.
IZIMBANGELA
Kungenzeka ukuthi uphazamisekile noma ukhathele, noma kokubili. Izingane zibanga umsindo, ithelevishini idlalela phezulu futhi ucabanga ngezinkinga obe nazo emsebenzini. Kusenjalo oshade naye uqala ukukukhulumisa—akushoyo kuphathelene nezivakashi ezizofika kusihlwa. Unqekuzisa ikhanda uthi, “KULUNGILE,” kodwa ingabe ukuzwile ngempela akushilo? Cishe awukuzwanga.
Ufinyelela ezakho iziphetho. Abanye lokhu baye bakubiza ngohlobo olulimazayo “lokufunda ingqondo.” Ucabanga ukuthi kunokuthile oshade naye azama ukukusho ngeziphansi, kuyilapho empeleni kungenzeka ukuthi ucabanga kakhulu ngokungadingekile ngaleso simo. Ngokwesibonelo, ake sithi oshade naye uthi: “Uchithe isikhathi esiningi emsebenzini kuleli sonto.” Ucabanga ukuthi uyakusola ngalokho, uthi: “Akulona iphutha lami! Ngisebenza amahora engeziwe ngenxa yokuthi nawe ungifaka ezikweletini.” Oshade naye uthi, “Bengingakuthethisi cala!” Empeleni ubemane efuna ukusikisela ukuba nichithe impelasonto ndawonye nishaywe umoya.
Kungaba ukuthi ufuna izisombululo ngokushesha. UMarciea uthi, “Ngezinye izikhathi ngisuke ngifuna ukusho indlela engizizwa ngayo, kodwa uMike uvele ajahe ukuxazulula inkinga. Angifune sixazululo. Ngifuna azi indlela engizizwa ngayo.” Iyini inkinga? Lapho kuxoxwa ngodaba, uMike ujaha ukuthola isisombululo. Ngenxa yalokho, angase angakuzwa okunye noma konke uMarcie akushoyo.
Kungakhathaliseki ukuthi inkinga ibangelwa yini, ungaba kanjani isilaleli esihle?
ONGAKWENZA
Mnake ngokuphelele. Oshade naye unento ebalulekile afuna ukukutshela yona, kodwa ingabe ukulungele ukulalela? Mhlawumbe awukulungele. Kungenzeka ingqondo yakho ikwezinye izinto okwamanje. Uma kunjalo, ungenzi sengathi umlalele. Uma kungenzeka, kuyeke okwenzayo bese ugxila kuye ngokuphelele, noma ungase umcele ame kuze kube yilapho ungakwazi ukumlalela.—Isimiso seBhayibheli: Jakobe 1:19.
Ungamphazamisi lapho ekhuluma. Lapho ekhuluma, melana nokuthambekela kokumngena emlonyeni noma uphikisane naye. Uzolithola elakho ithuba lokukhuluma. Okwamanje, lalela.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 18:13.
Buza imibuzo. Lokhu kuyokwenza ukwazi kangcono ukuqonda okushiwo oshade naye. UMarcie ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngiyajabula uma uMike ebuza imibuzo. Kungibonisa ukuthi ukulalele lokho engikushoyo.”
Ungalaleli nje kuphela amagama, kodwa nalokho akuchazayo. Phawula lokho oshade naye akuchazayo ngendlela ashukumisa ngayo umzimba, anyakazisa ngayo amehlo nesimo sezwi. Uma ethi, “Akunankinga” kungenzeka uchaza ukuthi, “Inkinga ikhona”—kuye ngendlela akusho ngayo. Uma ethi, “Awulokothi ufune ukungisiza” kungenzeka uqonde ukuthi, “Ngibona sengathi angibalulekile kuwe.” Zama ukuthola lokho ngempela aqonde ukukusho, ngisho noma kungashiwongo ngokuqondile. Uma ungakwenzi lokho, ningagcina seniphikisana ngento ekhulunyiwe esikhundleni sokugxila kulokho abeqonde ukukusho.
Lalela ngesineke. Ungamzibi noma uvele uhambe, ngisho noma akushoyo kungakuphathi kahle. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma oshade naye ekugxeka? UGregory ongumeluleki oseshade iminyaka engaphezu kuka-60 uthi, “Mlalele ngesineke. Kucabangisise lokho oshade naye akushoyo. Lokhu kudinga ukuvuthwa okukhulu, kodwa futhi kuyazuzisa.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 18:15.
Bonisa ukumkhathalela ngobuqotho oshade naye. Ukulalela ngobuqotho, akugcini nje ngokuba isenzo, kodwa kuwukubonisa uthando. Lapho unendaba ngempela nalokho oshade naye akushoyo, kuba lula ukumlalela futhi kugcina sekuwumkhuba. Uma wenza ngale ndlela uyobe ulandela umyalo weBhayibheli othi: “Nakani izithakazelo zomunye nomunye, hhayi nje ezenu kuphela.”—Filipi 2:4, Good News Translation.
a Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.