INgoma 27
Ningabesabi!
1. Qhubekani bantu bami,
N’shumayele nges’bindi.
Ningamesab’ omubi.
Bonk’ abantu mabazi
Ukuth’ uKristu waxosha
Isitha ezulwini.
Uzokhulul’ iziboshwa,
Ngokuboph’ uDeveli.
(Chorus)
2. Nom’ izitha zinamandla,
Noma zinixakile.
Noma z’khuluma kahle,
Ukuze zidukise.
Ningesabi, mabuth’ ami;
Yilwani; n’phikelele;
Ngoba ngiyonivikela
Ezingozini zonke.
(Chorus)
3. Ngeke nginishiye neze,
Njalo ng’yonivikela.
Nom’ ensimini nifa,
Nokufa ngokunqoba.
Ningesabi, mabuth’ ami;
Noma benisongela.
Njengenhlamvu yeso lami
Ngiyonilondoloza.
(CHORUS)
Ningesab’ ababulala
Umzimba k’nomphefumlo.
Qhubekani nithembeke
Nize nithol’ umvuzo. (Umvuzo.)