INgoma 116
“Nisize Ababuthakathaka”
1. Buningi ubuthaka
Sonk’ esinabo (sinabo).
UJehov’ uyas’thanda
Naphezu kwabo.
Futhi unesihe,
Zinhl’ indlela zakhe.
Masilingis’ uthando
LweNkosi njalo.
2. Kunok’gxek’ abab’thaka,
Singakhumbula (khumbula)
Ukuthi s’ngabasiza
Ngokuba nom’sa.
Masikhuthalele
Ukubakhuthaza.
S’basekele ngok’gcwele,
Boduduzeka.
3. UmKristu kufanele
Abe nomusa (nomusa).
Azwelane nabanye,
Asiz’ ob’thaka.
Nin’ abaqinile
SekeIan’ abanye.
Ngegazi likaJesu
Bonke bathengwa.
4. Sizani abab’thaka,
Kush’ uJehova (Jehova).
Ngok’basiza ngezenzo,
Siyobusiswa.
NgabakaJehova;
Siyobaqinisa.
‘Ma s’siza abab’thaka,
Sonikw’ amandla.