UHulumeni Oyoletha IPharadesi
Lapho uJesu esemhlabeni, watshela abalandeli bakhe ukuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Futhi wayekhuluma njalo ‘ngevangeli lombuso.’ (Mathewu 4:23) Eqinisweni, wakhuluma kakhulu ngoMbuso ukudlula noma yini enye. Ngani? Ngoba uMbuso uyithuluzi uNkulunkulu ayolisebenzisa ekuxazululeni izinkinga ezenza ukuphila kube nzima kangaka namuhla. NgoMbuso, uNkulunkulu ngokushesha uzophelisa izimpi, indlala, izifo, nobulelesi, futhi uzoletha ubunye nokuthula.
Ubungathanda yini ukuphila emhlabeni onjalo? Uma kunjalo, khona-ke kumelwe ufunde lencwajana. Kuyona, uyofunda ukuthi uMbuso uwuhulumeni, kodwa ungcono kunanoma yimuphi uhulumeni owake wabusa isintu. Uyobona futhi indlela ejabulisayo uNkulunkulu achaza ngayo kancane kancane ezincekwini zakhe izinjongo zakhe ngokuqondene noMbuso. Ngokungaphezulu, uyobona indlela uMbuso ongakusiza ngayo ngisho nanamuhla.
Eqinisweni, ungaba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu kwamanje. Kodwa ngaphambi kokuba ukhethe ukwenza lokhu, kuzodingeka wazi okwengeziwe ngawo. Ngakho sikukhuthaza ukuba uhlole lencwajana. Konke ezokutshela khona ngoMbuso kuthathwe eBhayibhelini.
Okokuqala, ake sibone isizathu sokudingeka koMbuso kaNkulunkulu.
Ekuqaleni komlando wesintu, uNkulunkulu wenza umuntu ophelele wambeka epharadesi. Ngalesosikhathi sasingekho isidingo soMbuso.
Nokho, uAdamu noEva, abazali bethu bokuqala, balalela uSathane, ingelosi eyisihlubuki. Wabatshela amanga ngoNkulunkulu wabangela ukuba nabo bahlubuke kuNkulunkulu. Kanjalo bafanelwa ukufa, ngoba “inkokhelo yesono ingukufa.”—Roma 6:23.
Umuntu ongaphelele, onesono, akanakuzala abantwana abaphelele. Ngakho bonke abantwana baka-Adamu bazalwa bengaphelele, benesono, bengabafayo.—Roma 5:12.
Kusukela lapho, isintu sadinga uMbuso kaNkulunkulu ukuba usisize sikhululeke esiqalekisweni sesono nokufa. UMbuso futhi uyohlanza igama likaNkulunkulu emangeni uSathane awaqamba ngalo.
UJehova uNkulunkulu wathembisa ukuthi “inzalo” ekhethekile yayiyozalwa ukuze ikhulule isintu esonweni. (Genesise 3:15) ‘Lenzalo’ yayiyoba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.
Yayiyokuba ubani?
Eminyakeni ecishe ibe yizi-2 000 ngemva kokona kuka-Adamu, kwakukhona indoda eyayithembeke kakhulu egama layo linguAbrahama. UJehova watshela uAbrahama ukuba aphume emzini wakubo ahlale ematendeni ezweni lasePalestina.
UAbrahama wenza konke uJehova amtshela ukuba akwenze, kuhlanganise nenye into enzima kakhulu. UJehova wamtshela ukuba anikele ngendodana yakhe uIsaka e-altare.
UJehova wayengafuni ngempela umhlatshelo womuntu. Kodwa wayefuna ukwazi ukuthi uAbrahama umthanda kangakanani. UAbrahama wayesezombulala uIsaka lapho uJehova emvimbela.
Ngenxa yokholo olukhulu luka-Abrahama, uJehova wathembisa ukunika inzalo yakhe izwe lasePalestina futhi wathi iNzalo ethenjisiwe yayiyovela ohlwini lwakhe, nakulolo lwendodana yakhe uIsaka.—Genesise 22:17, 18; 26:4, 5.
UIsaka waba namadodana amabili angamawele, uEsawu noJakobe. UJehova wathi iNzalo ethenjisiwe yayiyokuza ngoJakobe.—Genesise 28:13-15.
UJakobe, lowo uJehova ametha ngokuthi uIsrayeli, wayenamadodana ayi-12, wonke ekugcineni aba nabantwana. Ngakho abantwana baka-Abrahama baqala ukwanda.—Genesise 46:8-27.
Lapho kunendlala enkulu ezweni, uJakobe nomkhaya wakhe bathuthela eGibithe ngokwesimemo sikaFaro, umbusi waseGibithe.—Genesise 45:16-20.
EGibithe kwembulwa ukuthi iNzalo ethenjisiwe yayiyokuba sesizukulwaneni sendodana kaJakobe uJuda.—Genesise 49:10.
Ekugcineni uJakobe wafa, futhi inzalo yakhe yanda ngenani yaze yaba njengesizwe. Khona-ke abaseGibithe bayesaba futhi bayenza izigqila.—Eksodusi 1:7-14.
Ekugcineni uJehova wathumela uMose, indoda eyayithembeke kakhulu, ukuba atshele uFaro wangalesosikhathi ukuba akhulule abantwana bakwaIsrayeli.—Eksodusi 6:10, 11.
UFaro wenqaba, ngakho uJehova waletha izinhlupho eziyishumi kwabaseGibithe. Njengenhlupho yokugcina, wathumela ingelosi yokufa ukuba ibulale wonke amazibulo aseGibithe.—Eksodusi, izahluko 7 kuya ku-12.
UNkulunkulu watshela amaIsrayeli ukuthi uma ebulala iwundlu lesidlo sawo sakusihlwa abhece igazi lalo ezinsikeni zeminyango yawo, ingelosi yokufa iyodlula ezindlini zawo. Ngakho amazibulo akwaIsrayeli asinda.—Eksodusi 12:1-35.
Ngenxa yalokho, uFaro wayala amaIsrayeli ukuba aphume eGibithe. Kodwa wabuye washintsha umqondo wawasukela ukuze awabuyise.
UJehova wavulela amaIsrayeli indlela yokubaleka adabule uLwandle Olubomvu. Futhi lapho uFaro namabutho akhe bezama ukuwalandela, baminza.—Eksodusi 15:5-21.
UJehova waholela abantwana bakwaIsrayeli entabeni eyayibizwa ngokuthi iSinayi esogwadule. Lapho, wabanikeza uMthetho wakhe wathi uma bewugcina, bayokuba umbuso wabapristi nesizwe esingcwele. Ngakho-ke, ngesikhathi esifanele, amaIsrayeli aba nethuba lokuba ingxenye ebalulekile yoMbuso kaNkulunkulu.—Eksodusi 19:6; 24:3-8.
Ngemva kwesikhathi esingaba unyaka amaIsrayeli eseNtabeni iSinayi, uJehova wawaholela ePalestina, izwe ayelithembise uAbrahama ukhokho wawo.
EPalestina, uNkulunkulu kamuva wavumela amaIsrayeli ukuba abuswe amakhosi. Khona-ke, uNkulunkulu waba nombuso emhlabeni.
Inkosi yesibili yakwaIsrayeli kwakunguDavide, umzukulu kaJuda. UDavide wanqoba zonke izitha zikaIsrayeli, wenza iJerusalema laba yinhlokodolobha yesizwe.
Izenzakalo ekubuseni kukaDavide zibonisa ukuthi uma uJehova eyisekela inkosi, akekho umbusi wasemhlabeni ongayinqoba.
UJehova wathi iNzalo ethenjisiwe yayiyoba ngomunye wezizukulwane zikaDavide.—1 IziKronike 17:7, 11, 14.
USolomoni, indodana kaDavide, wabusa ngemva kwakhe. Wayeyinkosi ehlakaniphile, futhi uIsrayeli wachuma ngaphansi kokubusa kwakhe.
USolomoni futhi wakhela uJehova ithempeli elihle eJerusalema. Izimo kwaIsrayeli ngaphansi kokubusa kukaSolomoni zisibonisa ezinye zezibusiso uMbuso kaNkulunkulu ozayo oyoziletha esintwini.—1 AmaKhosi 4:24, 25.
Nokho, amakhosi amaningi alandela uSolomoni ayengathembekile neze.
Kodwa lapho izizukulwane zikaDavide zisabusa eJerusalema, uJehova wasebenzisa umprofethi wakhe uIsaya ukuba abikezele ngeNdodana ezayo kaDavide eyayizobusa umhlaba wonke ngokwethembeka. Lena kwakuzoba iNzalo ethenjisiwe.—Isaya 9:6, 7.
Umprofethi uIsaya wabikezela ukubusa kwaYo njengokukhazimula ngisho nangaphezu kokukaSolomoni.—Isaya, izahluko 11 no-65.
Manje, ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili, izinceku zikaNkulunkulu zazizibuza ukuthi leNzalo iyokuba ubani.
Nokho, ngaphambi kokuba iNzalo ifike, amakhosi akwaIsrayeli aba mabi kangangokuba ngo-607 B.C.E. uJehova wavumela ukuba isizwe sinqotshwe abaseBabiloni, futhi iningi labantu lathunjelwa eBabiloni. Kodwa uNkulunkulu wayengasikhohliwe isithembiso sakhe. INzalo yayisazovela ohlwini lukaDavide.—Hezekeli 21:25-27.
Okwenzeka kwaIsrayeli kwabonisa ukuthi nakuba inkosi engumuntu ehlakaniphile nethembekile ingaletha izinzuzo, lezizinzuzo zazilinganiselwe. Abantu abathembekile bayafa futhi ababalandelayo kungenzeka bangathembeki. Laliyini ikhambi? INzalo ethenjisiwe.
Ekugcineni, ngemva kwezinkulungwane zeminyaka, iNzalo yavela. Yayingubani?
Ingelosi kaNkulunkulu yanikeza impendulo entombini engashadile yakwaIsrayeli egama layo lalinguMariya. Yayitshela ukuthi yayizoba nendodana egama layo lalizoba uJesu. Nakhu ingelosi eyakusho:
“Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi.”—Luka 1:32, 33.
Ngakho uJesu wayezokuba iNzalo ethenjisiwe futhi ekugcineni abe iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa kungani uJesu ayehlukile kubantu abathembekile ababephila ngaphambi kwakhe?
UJesu wayezalwe ngokuyisimangaliso. Unina wayeyincasakazi, futhi wayengenaye uyise wenyama. UJesu wayeke waphila ngaphambili ezulwini futhi umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku, wadlulisela ukuphila kukaJesu kusuka ezulwini kuya esizalweni sikaMariya. Ngakho-ke, akazange athole isono sika-Adamu. Kukho konke ukuphila kwakhe, uJesu akazange one.—1 Petru 2:22.
Lapho eneminyaka engama-30 ubudala, uJesu wabhapathizwa.
Watshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu futhi ekugcineni wazethula njengeNkosi yalowoMbuso.—Mathewu 4:23; 21:4-11.
Wenza futhi izimangaliso eziningi.
Waphulukisa abagulayo.—Mathewu 9:35.
Ngokumangalisayo wasuthisa abalambile.—Mathewu 14:14-22.
Wavusa ngisho nabafileyo.—Johane 11:38-44.
Lezizimangaliso zibonisa uhlobo lwezinto uJesu ayozenzela isintu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.
Uyayikhumbula indlela iNkosi uDavide eyenza ngayo iJerusalema laba yinhlokodolobha yombuso wayo? UJesu wachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu awuyikuba semhlabeni, kodwa ezulwini. (Johane 18:36) Kungakho uMbuso ubizwa ngokuthi “iJerusalema lasezulwini.”—Heberu 12:22, 28.
UJesu waveza imithetho leyo labo abayoba izikhonzi zoMbuso okumelwe bayilalele. Lemithetho manje iseBhayibhelini. Imithetho ebaluleke kakhulu kwakungeyokuthi abantu kumelwe bathande uNkulunkulu futhi bathandane.—Mathewu 22:37-39.
UJesu wembula futhi ukuthi ngeke abe yedwa ekubuseni uMbuso wakhe. Kuyoba nabantu abakhethelwe ukuya ezulwini babuse lapho naye. (Luka 12:32; Johane 14:3) Babeyoba bangaki? IsAmbulo 14:1 siyaphendula: Izi-144 000.
Uma kungabayizi-144 000 kuphela abaya ezulwini ukuyobusa noJesu, liyini ithemba laso sonke esinye isintu?
IBhayibheli lithi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.
Labo abayohlala emhlabeni phakade babizwa ngokuthi “ezinye izimvu.”—Johane 10:16.
Ngakho mabili amathemba. Kunabayizi-144 000 abamenywa uJehova uNkulunkulu ukuba baye ezulwini babuse noJesu Kristu. Kodwa izigidi zabanye zinethemba eliqinisekile lokuphila phakade emhlabeni njengezikhonzi zoMbuso wakhe.—IsAmbulo 5:10.
USathane wayemzonda uJesu futhi wamelana naye. Ngemva kokuba uJesu eseshumayele iminyaka emithathu nengxenye, uSathane wenza ukuba aboshwe futhi abulawe ngokubethelwa esigxotsheni. Kungani uNkulunkulu akuvumela lokhu?
Khumbula, ngenxa yokuba inzalo ka-Adamu, sonke siyona futhi sifanelwe ukufa.—Roma 6:23.
Khumbula, futhi, ukuthi ngenxa yendlela emangalisayo uJesu azalwa ngayo, wayephelele futhi kungamfanele ukufa. Nokho, uNkulunkulu wavumela uSathane ukuba ‘alimaze isithende sikaJesu,’ ukuba ambulale. Kodwa uNkulunkulu wamvusela ekuphileni futhi njengesidalwa somoya esingafi. Njengoba ayesenalo ilungelo lokuphila kobuntu okuphelele, manje wayengalisebenzisa ekuhlengeni thina bantu esonweni.—Genesise 3:15; Roma 5:12, 21; Mathewu 20:28.
Ukuze lisisize sikuqonde ngokugcwele okushiwo umhlatshelo kaJesu, iBhayibheli likhuluma ngawo ngezifanekiso ezingokwesiprofetho.
Ngokwesibonelo, uyayikhumbula indlela uJehova atshela ngayo uAbrahama ukuba anikele ngendodana yakhe, njengovivinyo lothando lwakhe?
Lokhu kwakuyisifanekiso esingokwesiprofetho somhlatshelo kaJesu. Kwabonisa indlela uthando lukaJehova ngesintu olwalulukhulu ngayo ukuba aze avumele iNdodana yakhe, uJesu, isifele ukuze siphile.—Johane 3:16.
Ingabe uyayikhumbula indlela uJehova akhulula ngayo amaIsrayeli eGibithe futhi wasindisa amazibulo awo ngokuba avumele ingelosi yokufa idlule kuwo?—Eksodusi 12:12, 13.
Lokhu kwakuyisifanekiso esingokwesiprofetho. Njengoba igazi lewundlu lalisho ukuphila ngamazibulo akwaIsrayeli, igazi likaJesu elathululwa lisho ukuphila ngalabo abakholelwa kuye. Futhi njengoba izenzakalo zalobobusuku zazisho inkululeko ngamaIsrayeli, ukufa kukaJesu kunikeza isintu inkululeko esonweni nokufa.
Kungakho uJesu ebizwa ngokuthi “iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.”—Johane 1:29.
Nokho, lapho uJesu esemhlabeni waqoqa abafundi futhi wabaqeqeshela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso, ngisho nangemva kokufa kwakhe.—Mathewu 10:5; Luka 10:1.
Laba kwakungabantu bokuqala abakhethwa uNkulunkulu ukuba babuse noJesu eMbusweni wakhe.—Luka 12:32.
Ingabe uyakhumbula ukuthi uNkulunkulu wathembisa amaJuda ukuthi uma egcina uMthetho, ayeyoba “umbuso wabapristi”? Manje ayenethuba lokuba ingxenye yoMbuso kaNkulunkulu futhi akhonze njengabapristi basezulwini uma emukela uJesu. Kodwa iningi lawo lamenqaba uJesu.
Ngakho kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, amaJuda ayengasesona isizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe; iPalestina lalingaselona iZwe leSithembiso.—Mathewu 21:43; 23:37, 38.
Kusukela osukwini lukaJesu kuze kube kolwethu, uJehova ubeqoqa laba abayobusa ezulwini noJesu. Kusenezinkulungwane ezimbalwa zabo ezisaphila emhlabeni namuhla. Sibabiza ngokuthi insali egcotshiwe.—IsAmbulo 12:17.
Manje, usuqala ukubona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini. Uwuhulumeni wasezulwini, iNkosi yawo inguJesu Kristu, futhi ujoyinwa abantu abayizi-144 000 abavela emhlabeni. Uyobusa phezu kwesintu esithembekile emhlabeni futhi uyoba namandla okuletha ukuthula emhlabeni.
Ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa waya ezulwini. Lapho, walindela ukuba uNkulunkulu amtshele uma sekuyisikhathi ngaye sokuba aqale ukubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. (IHubo 110:1) Kwakuyokuba nini lokho?
Ngezinye izikhathi uJehova wayethumelela abantu amaphupho ukuze abatshele izinto mayelana noMbuso wakhe.
Ngosuku lukaDaniyeli, uJehova wathumela iphupho elinjalo kuNebukadinesari, inkosi yaseBabiloni. Kwakungelomuthi omkhulu.—Daniyeli 4:10-37.
Umuthi wagawulwa futhi isiqu saboshwa iminyaka eyisikhombisa.
Umuthi wawumelele uNebukadinesari. Njengoba isiqu saboshwa iminyaka eyisikhombisa, uNebukadinesari wahlanya iminyaka eyisikhombisa. Khona-ke kwaphinde kwaphela ukuhlanya.
Konke lokhu kwakuyisifanekiso esingokwesiprofetho. UNebukadinesari wayefanekisela ukubusa kukaJehova emhlabeni wonke. Ekuqaleni, lokhu kwakuqhubeka ngezizukulwane zeNkosi uDavide eJerusalema. Lapho iBabiloni linqoba iJerusalema ngo-607 B.C.E., lolohlu lwamakhosi lwaphazamiseka. Kwakungenakuphinde kube nenye inkosi ohlwini lukaDavide “aze afike yena omfanelo ingeyakhe.” (Hezekeli 21:27) Lowo kwakunguJesu Kristu.
Kwakuyoba isikhathi eside kangakanani kusukela ngo-607 B.C.E. kuze kube yilapho uJesu eqala ukubusa? Iminyaka eyisikhombisa engokwesiprofetho. Okungukuthi, iminyaka eyizi-2 520. (IsAmbulo 12:6, 14) Futhi iminyaka eyizi-2 520 kusukela ku-607 B.C.E. isiletha ku-1914 C.E.
Ngakho uJesu waqala ukubusa ezulwini ngo-1914. Kwasho ukuthini lokho?
IBhayibheli lisitshela ngombono owabonwa umphostoli uJohane.
Wabona owesifazane ezulwini ebeletha umntwana wesilisa.—IsAmbulo 12:1-12.
Owesifazane wayefanekisela inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini, eyenziwe yizo zonke izinceku zikaNkulunkulu eziyizingelosi ezulwini. Umntwana wesilisa ufanekisela uMbuso kaNkulunkulu. Lona ‘wazalwa’ ngo-1914.
Kwenzekani ngokulandelayo? Into yokuqala uJesu ayenza njengeNkosi kwakuwukukhipha uSathane ezulwini aphonselwe emhlabeni kanye nalezozingelosi ezahlubuka naye.—IsAmbulo 12:9.
IBhayibheli lisitshela umphumela: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:12.
Ngakho lapho uJesu eqala ukubusa ezulwini, izitha zakhe zaqala ukusebenza emhlabeni. Njengoba iBhayibheli labikezela, waqala ukubusa phakathi kwezitha zakhe.—IHubo 110:1, 2.
Kwakuyosho ukuthini lokhu ngesintu?
UJesu wasitshela: izimpi, ukuswelakala kokudla, izifo, nokuzamazama komhlaba.—Mathewu 24:7, 8; Luka 21:10, 11.
Siye sazibona lezizinto zenzeka kusukela ngo-1914, okungesinye isizathu sokuba sazi ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngalesosikhathi.
Incwadi yesAmbulo isitshela ukuthi abantu ‘bayochitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Siye sakubona lokho, ikakhulukazi kusukela ngo-1914.
Umphostoli uPawulu wanezela ngokuthi abantu bayokuba “abazithandayo, nabathandimali, . . . nabangalaleli abazali, . . . nabahlazisayo, nabahlebi, nabangazithibi.”—2 Thimothewu 3:1-5.
Manje uyazi ukuthi kungani ukuphila kunzima namuhla. USathane uye waba matasa kakhulu. Kodwa noMbuso kaNkulunkulu uye waba matasa nawo.
Ngokushesha ngemva kuka-1914, insali yalabo abanethemba lokubusa ezulwini noJesu yaqala ukumemezela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso umisiwe. Lomsebenzi manje uye wasakazeka nomhlaba wonke, njengoba uJesu athi kuyoba njalo.—Mathewu 24:14.
Iyini injongo yalomsebenzi wokushumayela?
Okokuqala, iwukutshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu.
Okwesibili, iwukusiza abantu banqume ukuthi bayafuna yini ukuba yizikhonzi zoMbuso.
UJesu wathi ezinsukwini zethu sonke isintu siyohlukaniswa kube abantu abanjengezimvu nabanjengezimbuzi.—Mathewu 25:31-46.
“Izimvu” kuyoba yilabo abathanda yena nabafowabo. “Izimbuzi” yilabo abangabathandi.
“Izimvu” ziyothola ukuphila okuphakade kanti “izimbuzi” aziyikukuthola.
Lomsebenzi wokwahlukanisa ufezwa ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso.
Nasi isiprofetho sikamprofethi uIsaya.
“Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.”—Isaya 2:2.
Isintu manje sibhekene ‘nezinsuku zokugcina.’
“Indlu” kaJehova yokukhulekela ‘iphakanyiswe’ ngaphezu kwezinkolo zamanga.
“Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.”—Isaya 2:3.
Ngakho, abaningi abavela kuzo zonke izizwe bayeza bazokhulekela uJehova futhi bamema abanye ukuba bahlanganyele nabo. Bafunda indlela yokwenza ngendlela uJehova ayifunayo.
“Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:4.
Labo abakhulekela uJehova bamunye futhi banokuthula.
Umphumela walomsebenzi woMbuso kaNkulunkulu uwukuthi manje kunezigidi eziningi zabantu emhlabeni wonke ezingaphansi kwaloMbuso.
Zizungezé insali, abaseleyo balabo abathemba labo liwukuya ezulwini babuse noKristu.
Zithola ukudla okungokomoya ngenhlangano kaNkulunkulu.—Mathewu 24:45-47.
ZingamaKristu awubuzalwane bezizwe zonke athandana ngempela.—Johane 13:35.
Zijabulela ukuthula kwengqondo, nethemba lekusasa.—Filipi 4:7.
Ngokushesha, izindaba ezinhle ziyobe sezishunyayelwe. “Izimvu” ziyobe seziqoqiwe. Khona-ke yini uMbuso oyoyenza?
Ingabe uyakhumbula ukuthi iNkosi ethembekile uDavide yanqoba zonke izitha zabantu bakaNkulunkulu? Yebo, iNkosi uJesu iyokwenza okufanayo.
INkosi uNebukadinesari yake yaba nephupho lesithombe esikhulu esasifanekisela yonke imibuso yezwe kusukela osukwini lwayo kuze kube kolwethu.
Khona-ke yabona itshe elaqheshulwa entabeni, futhi laphihliza isithombe saba izicucu. Itshe lalimelele uMbuso kaNkulunkulu.
Lokhu kusho ukubhujiswa kwesimiso sezinto esibi samanje.—Daniyeli 2:44.
Nazi ezinye zezinto eziyoqedwa uMbuso.
Inkolo yamanga iyonyamalala, njengetshe lokugaya liphonswa olwandle.—IsAmbulo 18:21.
Kungakho bonke abathanda uNkulunkulu bekhuthazwa ukuba baphume MANJE enkolweni yamanga.—IsAmbulo 18:4.
Ngemva kwalokho iNkosi uJesu ‘iyakushaya izizwe . . . futhi iyakuzibusa ngentonga yensimbi.’—IsAmbulo 19:15.
Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova, nakuba bekhokha izintela zabo futhi belalela imithetho yezwe, abahileleki kwezombangazwe.
Ekugcineni, uSathane ngokwakhe, “udrako” omkhulu, uphonswa kwalasha.—IsAmbulo 20:2, 3.
“Izimvu” kuphela, labo abazithoba kuJesu njengeNkosi, eziyosinda kulolusizi.—Mathewu 25:31-34, 41, 46.
Umphostoli uJohane wabona umbono ‘wezimvu’ ezisinda osizini.
“Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso.”—IsAmbulo 7:9.
“Isixuku esikhulu” senziwa yibo bonke abasabela ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle.
‘Bavela osizini olukhulu.’—IsAmbulo 7:14.
“Amahlamvu esundu” abonisa ukuthi bamukela uJesu njengeNkosi yabo.
Ukugqoka kwabo “izingubo ezimhlophe” kufanekisela ukuthi banokholo emhlatshelweni kaJesu.
“IWundlu” uJesu Kristu.
Yiziphi izibusiso abazijabulelayo ngalesosikhathi? Uyayikhumbula injabulo kwaIsrayeli lapho iNkosi ethembekile uSolomoni ibusa? Lokhu kwanikeza umfanekiso omncane wenjabulo emhlabeni ngaphansi kweNkosi uJesu.
Kuyokuba nokuthula koqobo phakathi kwabantu naphakathi kwabantu nezilwane, njengoba uIsaya abikezela.—IHubo 46:9; Isaya 11:6-9.
Njengoba uJesu aphulukisa abagulayo lapho esemhlabeni, khona-ke uyosusa ukugula kuso sonke isintu.—Isaya 33:24.
Njengoba asuthisa izixuku, khona-ke uyoqeda ukuswelakala kokudla kuso sonke isintu.—IHubo 72:16.
Njengoba avusa abafileyo, khona-ke uyovusa abafileyo abangabanga nethuba elanele lokuzithoba eMbusweni kaNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.
Kancane kancane, uyoletha isintu ekupheleleni okwalahlwa uAdamu.
Ingabe lelo akulona ikusasa elijabulisayo? Ungathanda ukulibona? Uma kunjalo, sebenzela ukuba uzithobe manje eMbusweni kaNkulunkulu ube ngomunye ‘wezimvu.’
Tadisha iBhayibheli futhi wazi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.—Johane 17:3.
Hlanganyela nabanye nabo abangaphansi kwaloMbuso.—Heberu 10:25.
Funda imithetho yoMbuso uyilalele.—Isaya 2:3, 4.
Nikezela ukuphila kwakho ekukhonzeni uJehova, futhi ubhapathizwe.—Mathewu 28:19, 20.
Gwema izinto ezimbi, njengokweba, ukuqamba amanga, ukuziphatha okubi, nokudakwa, okwenyelisa uJehova uNkulunkulu.—1 Korinte 6:9-11.
Hlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso.—Mathewu 24:14.
Khona-ke ngosizo lukaNkulunkulu, uyolibona iPharadesi uAdamu alilahlekisela izizukulwane zakhe libuyiselwa, futhi uyosibona lesithembiso sigcwaliseka: “Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu abusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
[Ishadi ekhasini 20]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
607 B.C.E. 1914 C.E.
B.C.E. | C.E.
500 1 000 1 500 2 000 2 520
[Izithombe ekhasini 11]
UAbrahama
UIsaka
UJakobe
UJuda
UDavide
[Isithombe ekhasini 14]
144 000
[Izithombe ekhasini 16]
UAdamu
UJesu