Isahluko 16
Ukukhetha Okuqinisekisa Ukuphila Ngokuthula Kweqiniso Nokulondeka
YEKA injabulo okuyiyo ukuba nenjongo yoqobo ekuphileni, ukwazi ukuthi uyaphi! Futhi yeka ukukhululeka engqondweni nasenhliziyweni ngenxa yokuqiniseka ukuthi ayikho inkambo engcono ongayithatha! Ukuthula nokuqiniseka okunjalo kungaba ngokwakho, kodwa kuphela uma wenza ukukhetha okuqondile manje.
2 Kunobufakazi obusobala bokuthi asinakubheka kulelizwe njengomthombo wokuthula kweqiniso nokulondeka. Izimiso zezentengiselwano, zezenkolo, nezombangazwe, kuhlanganise neZizwe Ezihlangene nezimemezelo zazo ‘zokuthula nokulondeka,’ azinakukuletha. Ngakho-ke, iBhayibheli lisikhomba kuJehova uNkulunkulu njengowukuphela koMthombo wokuthula kweqiniso nokulondeka. Ukufinyelela ekwazini yena nezinjongo zakhe kusisiza ukuba siqonde ukuthi kungani silapha emhlabeni nokuthi kungani izinto ziyindlela ezingayo namuhla. Sifunda ngempikiswano enkulu ehilela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke nendlela okuthinta ngayo ngamunye wethu. Sifunda ukulinganisa ukufaneleka nokuhlakanipha kwemigomo yethu, futhi sizuza izindinganiso zokuziphatha ezithembekile okumelwe siphile ngazo. Lapho sibhekene nokugula, ukuguga, noma ukufa, sinethemba eliduduzayo lokuphila ohlelweni olusha lokulunga, nolunempilo, ngisho nangovuko lwabafileyo, uma kudingekile.
3 Akumangalisi-ke ukuthi uIsaya 26:4 uyakhuthaza: “Thembani kuJehova kuze kube-phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.” Njengoba engaguquki, engumninimandla onke, futhi engunaphakade, ngempela uJehova uyilowo okumelwe sithembele kuye ngokuphelele. Ingabe ufuna ukujabulela ukuqondisa kwakhe nesivikelo, hhayi nje okwesikhathi samanje kuphela, kodwa ngaso sonke isikhathi esizayo oHlelweni lwakhe Olusha oluthenjisiwe? Uma kunjalo, yini okumelwe uyenze?
4 Isintu sisonke besidediselwe kude noNkulunkulu ngenxa yesono sabazali bethu bokuqala. Kodwa uNkulunkulu uye wavula indlela yokubuyisana nokwakha ubuhlobo naye ngomhlatshelo weNdodana yakhe. (2 Korinte 5:19-21; Efesu 2:12, 13) Nokho, akwanele ngathi ukumane sithi nje sifuna ubuhlobo bukaNkulunkulu.
5 Kumelwe sizimisele, futhi sikushisekele, ukubonakalisa kuyena ukuthi siyakufuna lokhu, futhi ngesisusa esiqondile. Ngokwesibonelo, ingabe sifuna ubuhlobo bukaJehova ngokuyinhloko ukuze sisinde enhlekeleleni? Uma sifuna ukuzuza ukuma okuhle noNkulunkulu, akunakuba nje ngenxa yalesikhathi sokuphuthuma ngaphambi kwesahlulelo sakhe noma ukuba nje sisinde “usizi olukhulu” oluzayo. (Mathewu 24:21, 22) Kumelwe kube okwaso sonke isikhathi esizayo. Uthando loqobo kuphela oluyosinikeza lesisisusa. Ukuze sibonise ubuqotho bethu besifiso sokuba nobuhlobo naye, uJehova uye wabeka eZwini lakhe izinto ezithile ngamunye wethu okumelwe azenze ukuze abuyisane naye.
Ukholo Oluphilayo
6 UJehova unguNkulunkulu weqiniso. Ngakho singathembela ngokuphelele ezithembisweni zakhe. Eqinisweni, “ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Uma unokholo olunjalo, khona-ke uyazi ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo inenjongo elungileyo, nokuthi ngaso sonke isikhathi ucabangela izithakazelo zethu. Ngemisebenzi yakhe yendalo nangeZwi lakhe elilotshiwe, uyobona ukuthi akayena nje ohlakaniphile nonamandla kuphela kodwa futhi unguNkulunkulu onomusa wothando. Yebo, akasoze aziyeka izindinganiso zakhe zokulunga. Nokho, ngisho nakuba singaphelele futhi senza amaphutha, uma sithanda ukulunga, unendlela yokusebenzelana nathi eyophumela ezibusisweni.
7 Ngakho-ke, uma sithola ukuqondiswa kuvela kuNkulunkulu, siyokwazi ukuthi kungenxa yenhlala-kahle yethu yaphakade. Siyofinyelela ekumethembeni uJehova njengendodana noma indodakazi ithemba uyise onothando, ohlakaniphile, nonamandla. (IHubo 103:13, 14; IzAga 3:11, 12) Ngokuba nokholo olunjalo, ngeke sikungabaze ukuhlakanipha kweseluleko sakhe noma ukufaneleka kwezindlela zakhe, ngisho nakuba okwesikhashana singase singaziqondi ngokuphelele ezinye izinto. Ngaleyondlela sizibeka phakathi kwalabo umhubi abachazayo: “Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho-sikhubekiso kubo.”—IHubo 119:165; IzAga 3:5-8.
8 Kodwa njengoba uJakobe 2:26 ebonisa, “ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” Ukholo lweqiniso lushukumisela umuntu esenzweni. Futhi enye yezinto zokuqala olushukumisa umuntu ukuba ayenze yilokho umphostoli uPetru akukhuthaza: “Phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi [uJehova].” (IzEnzo 3:19, 20) Kusho ukuthini lokhu?
Ukuphenduka Nokuguquka
9 EBhayibhelini, ukuphenduka kusho ukushintsha kwengqondo okuhambisana nokuzisola okusuka enhliziyweni ngendlela yangaphambili yokuphila noma ngezenzo ezimbi. (2 Korinte 7:9-11) Kodwa uma sifuna ukujabulela “izikhathi zokuhlunyelelwa” ezithenjisiwe zivela kuNkulunkulu, asinakumane nje siphenduke ezenzweni ezimbi zesikhathi esidlule. Kunalokho, kumelwe sibonise ukuphenduka ngoba siyaqaphela ukuthi, njengenzalo ka-Adamu, sona kanye isimo sethu singesesono. Njengoba umphostoli uJohane ephawula: “Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa . . . [uNkulunkulu] simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.” (1 Johane 1:8, 10) Kumelwe simmelele kahle uMdali wethu, sibonakalise ‘umfanekiso wakhe futhi simfuze.’ Nokho isono esizuzwe ngefa siyasivimbela ekwenzeni lokhu ngendlela ephelele. Ngaleyondlela, ‘sigeja uphawu,’ okuyilokho igama elithi “isono” elikushoyo eBhayibhelini.—Genesise 1:26; Roma 3:23.
10 Ngakho-ke sidinga ukuthethelelwa uNkulunkulu. (Mathewu 6:12) Siyaqaphela ukuthi ukuphila kwethu sikukweleta yena njengoMdali wethu. Kodwa manje sifunda ukuthi ngomhlatshelo weNdodana kaNkulunkulu, isintu futhi ‘sathengwa ngenani’ eliphakeme kakhulu. Ngakho-ke akumelwe sibe “izigqila zabantu,” hhayi ngisho nezezifiso zethu siqu zobugovu. (1 Korinte 7:23) Nokho, ngaphambi kokufunda nokwamukela iqiniso, ingabe akukhona lokho sonke esasiyikho?—Johane 8:31-34.
11 Enhliziyweni yakho, ingabe uyasazisa isipho sikaNkulunkulu seNdodana yakhe nalokho aye wakwenza ngoKristu ukuba asinikeze indlela yokuphunyula ekuboshweni yisono nokufa? Khona-ke ngokuqinisekile uyozisola ngobuqotho nganoma ikuphi ukwehluleka kwangaphambili ukusebenzisa ukuphila kwakho ngokulalela uMdali wakho. Lokhu kuyokushukumisela ekuphendukeni okusuka enhliziyweni ngokulandela inkambo yokuphila enjengaleyo yezwe, engahambisani nentando kaNkulunkulu nezinjongo.—IzEnzo 17:28, 30; IsAmbulo 4:11.
12 Lokhu kuphenduka kweqiniso kuholela ‘ekuguqukeni.’ Umuntu ophenduke ngempela akamane nje azisole ngokusebenzisa kabi ukuphila kwakhe. Uyayilahla leyonkambo engalungile azizonde ngempela izindlela zakhe ezimbi. Lokhu ukubonisa ‘ngokuguquka’ nokwenza “imisebenzi efanele ukuphenduka,” alethe ukuphila kwakhe ekuvumelaneni nentando kaNkulunkulu.—IzEnzo 26:20; Roma 6:11.
13 Ingxenye yalokhu kuphenduka nokuguquka ihlanganisa lokho uJesu akubiza ngokuthi ‘ukuzidela.’ (Mathewu 16:24) Okungukuthi, asisaphili ngokwezifiso zethu zobugovu ngaphandle kokukhathalela intando kaNkulunkulu nezinjongo. Kunalokho, siyaqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu eqinisweni unobumnini obuphelele ngokuphila kwethu njengoMdali wethu noMhlengi wethu ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe. Njengoba iBhayibheli likuveza, ‘asisibo abethu, ngokuba sathengwa ngenani elikhulu.’ (1 Korinte 6:19, 20) Ngakho-ke, esikhundleni sokusebenzisa kabi inkululeko enhle iqiniso elisinikeza yona, sizithoba ngokugcwele ekwenzeni intando kaNkulunkulu. (Galathiya 5:13; 1 Petru 2:16) Futhi lokhu asikwenzi nje ngenxa yokuthi kulungile kodwa ngenxa yokuba sithanda uJehova uNkulunkulu ngayo ‘yonke inhliziyo yethu, umphefumulo ingqondo namandla.’ (Marku 12:29, 30) Ngokuqinisekile lokhu kudinga ukuba sonke siphile ukuphila kokuzinikezela kuNkulunkulu. Esikhundleni sokuba ibe umthwalo, lenkambo yenza sikwazi ukujabulela ukuphila ngendlela esingakaze sikujabulele ngayo ngaphambili.—Mathewu 11:28-30
Ukwenza Ukuvuma Kwasobala Ukuze Sisindiswe
14 Kuyinto enhle ukubonakalisa ngomthandazo ukholo lwethu emalungiselelweni kaNkulunkulu, sivuma ukuba kwakhe ngumnikazi wethu. Kodwa singakwazi futhi kumelwe sifune ukuqhubekisela ukubonakalisa kwethu ukholo, njengoba eyabaseRoma 10:10 isitshela: “Umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.” Lokhu “kuvuma” obala ukholo lwethu kuJehova namalungiselelo akhe kumelwe kuphume ngenjabulo enhliziyweni egcwele ukwazisa. Ukwenza lokhu kuvuma kuhilela ukunikezela ukuphila kwethu kuJehova ukuba senze intando yakhe nokubonakalisa lokhu ngokubhapathizwa emanzini.
15 Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe yasobala, waya kuJohane uMbhapathizi ukuba amcwilise emanzini. IBhayibheli libika ukuthi uJesu wabe esethi kuNkulunkulu: “Ngiyeza ukwenza intando yakho.” (Heberu 10:9; IHubo 40:7, 8) UJesu wayala ukuthi bonke labo ababa ngabafundi bakhe nabo kumelwe babhapathizwe. Ingabe ungumfundi onjalo? Khona-ke ubhapathizo lwakho lwamanzi luyoba “ukuvuma” lokhu obala.—Mathewu 28:19, 20.
16 Kuyilungelo elimangalisayo ukuba ufakazi ozinikezele, wabhapathizwa, kaJehova, uMbusi wendawo yonke. Cabangela manje ukuthi lokhu kuhilelani: UJehova ngothando uye wakuvulela indlela yokuba nobuhlobo naye. Kodwa ukuze ubuzuze, kumelwe ube nokholo, ukholelwe ngempela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kumelwe futhi ube nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu njengokuwukuphela kwendlela yokuzuza ukuma okwamukelekayo kuNkulunkulu. (IzEnzo 4:12) Kudingeka uqaphele ukwencika kwakho kuJehova futhi unikele ukuphila kwakho kuyena ukuba wenze intando yakhe, hhayi nje iminyaka emibalwa, kodwa phakade. Inkambo enjalo ihilela ukuba ‘ungabi ngowezwe.’ (Johane 17:16; 1 Johane 2:15) Njengobufakazi bokuthi uye waphenduka futhi ‘waguquka,’ kumelwe ube usulahle noma yiziphi izenzo eziphambene nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga futhi kumelwe ube wenza okuyalwa uNkulunkulu. Ususiguqulile yini isimo sengqondo yakho ukuze lokhu manje kube yindlela obheka ngayo ukuphila? (Roma 12:1, 2) Uma kunjalo, iBhayibheli likukhuthaza ukuba wenze “ukuvuma” kwasobala ukukholwa okunjalo. Isinyathelo sokuqala siyoba ukuya komunye wababonisi bebandla loFakazi BakaJehova endaweni yakini umazise indlela ozizwa ngayo. Uyohlela ukuba kubukezwe nawe izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli ulungiselele ukubhapathizwa.
17 Isinyathelo sokubhapathizwa siyobe singasho ukuphela kokwenza ‘ukuvuma ukholo lwakho kwasobala.’ NjengomKristu ozinikezele kuJehova uNkulunkulu, uyofuna ukumemezela ithemba lakho ngokukhuluma obala, ‘umdumise ebandleni elikhulu.’ (IHubo 35:18; 40:9, 10) Uyofuna futhi ukuhlanganyela emsebenzini okhethekile ‘wokuvuma’ obala uJehova awunikeza bonke abafuna ukumkhonza—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba nokwenza abafundi abantu bazo zonke izizwe.—Mathewu 24:14; 28:19.
Ukuba Nokwazisa Ngobuhlobo Bakho NoNkulunkulu
18 Manje-ke, ungaqiniseka kanjani ukuthi, uma usubuzuzile, ubuhlobo bakho noJehova buyohlala phakade ngokuthula okujabulisayo nokulondeka? Phakathi kokunye uyofuna ukuqhubeka ukhula ngolwazi ngaye. Ngesifundo somuntu siqu uyothola injabulo yangempela ngokuthola ingcebo yokuhlakanipha egcinwe eZwini likaNkulunkulu. Uyoba njengomuntu ochazwa yiHubo 1:2, 3: “Okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.” Yebo, ukuzuza ulwazi ngoNkulunkulu, nokulusebenzisa, kuyokwenza ukwazi ukuhamba ‘ezindleleni zokumnandi’ ‘nasezindleleni zokuthula,’ ngoba luyokunika ukuhlakanipha kokubhekana nazo zonke izinkinga zokuphila. (IzAga 3:13, 17, 18) Ukomela kwakho ulwazi olunjalo lweBhayibheli manje kuzobonisa ukufanelekela kwakho ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu, ngoba ngalesosikhathi “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
19 Okunye futhi okudinga kakhulu kuwukuba khona njalo emihlanganweni nezinye izinceku zikaJehova. Lapho uyothola ukuvuselelwa koqobo kothando nemisebenzi emihle, isikhuthazo sokuphikelela ebuhlotsheni bakho obuhle noNkulunkulu. (Heberu 10:23-25) Ukuhlangana nezinceku zikaJehova okujabulisayo, nokunjengomkhaya kunikeza ubufakazi obuqinisayo bokuthi ukuthula nokulondeka okuthenjiswe oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu kungokoqobo.—IHubo 133:1; 1 Korinte 14:26, 33.
20 Ebandleni ungazuza kwelinye ilungiselelo lothando. UJesu, ‘uMelusi Omuhle,’ ‘unabelusi abangaphansi kwakhe’ emhlabeni. Laba bangababonisi, noma amadoda amadala ngokomoya, anakekela “izimvu” zakhe. Ayisici esinamandla ekukhuthazeni ukuthula nokulondeka phakathi kwabantu bakaNkulunkulu abahlanganisiwe emhlabeni wonke. (1 Petru 5:2, 3) Lamadoda “ayindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:1, 2) Yebo, ngezikhathi zezivunguvungu zokucindezeleka ngenxa yokuphikisa kwezwe noma izinkinga zomuntu siqu, ngokholo lwawo olunjengedwala nokunamathela kwawo okuqinile eZwini likaNkulunkulu, lamadoda amadala ngokomoya anganikeza ukusekela kwangempela. Angakunikeza iseluleko esiqabulayo nesikhuthazo.
21 Kuyiqiniso ukuthi ukungapheleli kobuntu kuyozibonakalisa, ngisho naphakathi kwezinceku zikaNkulunkulu. Sonke siyawenza amaphutha nsuku zonke. (Jakobe 3:2) Kodwa ingabe siyazivumela sikhutshekiswe ukungapheleli kwabanye futhi sivumele lokhu kulimaze ubuhlobo bethu noJehova? Njengoba nathi ngokufanayo, siwenza amaphutha, akumelwe yini sibonise abanye ukuthethelela esifuna kuboniswe kithi? (Mathewu 6:14, 15) Uma sifuna ukuzibonakalisa siyizikhonzi ezifanelekile zoHlelo Olusha lukaNkulunkulu olunokuthula, kumelwe silibonise manje ikhono lethu lokusebenzelana nabanye ngokuthula. Asinakumthanda uNkulunkulu uma singabathandi abafowethu nodadewethu abangokomoya uKristu abafela.—1 Johane 4:20, 21.
22 Ubuhlobo bakho obuqondile noNkulunkulu bukunikeza elinye ilungelo elihle: ukuya kuNkulunkulu ngomthandazo ngokuqiniseka ukuthi uyakuzwa. Lazise lelolungelo futhi ulisebenzise nsuku zonke, kulo lonke usuku. Ziyophakama izinkinga. Ukungapheleli kwakho siqu kungase kukukhathaze. Nokho iBhayibheli liyaluleka: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
23 Ngokukhetha ukukhonza uJehova, uMthombo weqiniso wokuthula nokulondeka, futhi ubeke ithemba lakho oHlelweni Olusha lwakhe, uyobe wenze isiqalo esiyiso. Manje, njengoba iBhayibheli lisho, “nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.” (Heberu 10:36) Uma usuzinambithile izibusiso zobuhlobo obuhle noJehova, zimisele ukuba bungakulahlekeli. Ungalokothi uvumele injabulo yesikhashana yalelizwe ikuphambukise. Nakuba izilingo ezivela ezweni lesitha zingase zibe nzima, khumbula ukuthi lezi zingezesikhashana. Uma kuqhathaniswa nezibusiso uJehova ayozinikeza labo abamthandayo, ukuhlupheka okunjalo kunjengokuyize.—2 Korinte 4:16-18.
24 Qhubeka ngenkambo yokuzinikela kuNkulunkulu, ngesibindi sokuthi iyindlela engcono kakhulu yokuphila manje nokuthi iyoholela ekuphileni okuphakade oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu. (1 Thimothewu 4:8) Jabula ngobufakazi bokusondela kwaloloHlelo Olusha nokuthula okuhlala njalo nokulondeka oluyokuletha. Njengoba uqhubeka wakha ubuhlobo bakho noJehova, ngaso sonke isikhathi zizwe njengomhubi, owaloba: “UNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube-phakade. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe-yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.”—IHubo 73:26-28.
[Imibuzo Yesifundo]
1. Uma senza ukukhetha okuqondile, ikuphi ukuthula nokuqiniseka okungaba ngokwethu manje?
2. Ukufinyelela kwethu ekwazini uJehova nezinjongo zakhe kungasiza kanjani ngokuqondene nombono wethu ekuphileni?
3. Kungani uJehova eyilowo okumelwe sibeke kuye wonke amathemba ethu?
4. Ukuze sizuze umusa kaJehova, yini esiyidingayo, futhi yini ekwenza kube nokwenzeka?
5. Kumelwe sibe yini isisusa sethu ekufuneni ubuhlobo bukaJehova?
6. Ukuze sijabulise uNkulunkulu, yikuphi ukuqiniseka okumelwe sibe nakho ngokuqondene naye?
7. Ukuqiniseka ngokufaneleka kukaJehova nokuhlakanipha kwakhe kuyosivikela kanjani?
8. (a) Kungani ukholo lulodwa lunganele? (b) Ukholo kumelwe lusishukumisele kusiphi isenzo esiphawulwe kuzEnzo 3:19?
9. (a) Kuyini ukuphenduka kweqiniso? (b) Yini esidinga ukuphenduka kuyo?
10, 11. (a) Ubani esimkweleta ukuphila, futhi ngani? (b) Ngakho-ke kumelwe ngabe sikusebenzisa kanjani ukuphila kwethu?
12. Umuntu ophendukile ubonisa kanjani ukuthi uyenyanya ngempela inkambo yakhe yangaphambili?
13. (a) Isho ukuthini inkulumo kaJesu yokuthi abalandeli bakhe kumelwe ‘bazidele’? (b) Kungasiphi isizathu sizithoba kuJehova ngaleyondlela, futhi lokhu kukuthinta kanjani ukuphila kwethu?
14. (a) Lapho umuntu evuma ukufaneleka kukaJehova kokuba ngumnini wakhe, angakubonisa kanjani lokhu kuNkulunkulu? (b) Yini enye okumelwe afisele ukuyenza, njengoba kuboniswe kwabaseRoma 10:10?
15. Kungani kumelwe sicabange ngokungathi sína ngobhapathizo lwamanzi?
16. (a) Ungabona kanjani ukuthi usukulungele ukubhapathizwa? (b) Ababonisi babasiza kanjani abantu ngabanye ekulungiseleleni kwabo ubhapathizo?
17. Usebenzisa iBhayibheli, bonisa ukuthi singaqhubeka kanjani senza ‘isimemezelo sasobala sokholo lwethu.’
18. Sibaluleke kangakanani isifundo somuntu siqu ekuqinisekeni ukuthi ubuhlobo bomuntu noJehova buyohlala njalo?
19. Kungani ukuba khona njalo emihlanganweni kudingekile ekuphileni kwabantu bakaJehova?
20. Amadoda amadala ebandleni angasisiza kanjani ngezikhathi zokuphikiswa nobunzima bomuntu siqu?
21. Yini eyosivikela ekubeni sivumele ukungapheleli kwabanye konakalise ubuhlobo bethu noJehova?
22. Umthandazo kumelwe ube nayiphi indawo ekuphileni kwethu?
23. Lapho sibhekene nezilingo nokuhlupheka ngenxa yokholo lwethu, yini eyosisiza ukuba sikhuthazele?
24. (a) Yini esinesizathu esikhethekile sokujabula ngayo namuhla? (b) Njengomhubi, kumelwe sizizwe kanjani ngaso sonke isikhathi ngoJehova nobuhlobo bethu naye?
[Isithombe ekhasini 181]
Ukwenza Ukuvuma Kwasobala