ISahluko 3
Izinto Okumelwe Zenzeke Maduzane
1. Ungasinda kanjani ekuletheni kukaNkulunkulu isahlulelo kuleli zwe?
KUFANELE ukhathazeke ngokujulile ngezehlakalo zezwe namuhla. Ngani? Ngoba leli zwe alinakusinda ekukhipheni kukaNkulunkulu isahlulelo. Kodwa wena ungasinda. Lokhu ungakwenza ngokuzenza ungabi “ingxenye yezwe” elilahlelwe ukubhujiswa. Lokhu akusho ukuphila impilo yokuzila, yobundela. Kusho ukuthi nakuba ujabulela ukuphila okuhle, okunenjongo, uyazehlukanisa nokonakala kwezombangazwe, nezentengiselwano ezihahayo, nenkolo edelela uNkulunkulu, kanye nokuziphatha kobudlova nokubi. Ngesikhathi esifanayo, kumelwe ulandele izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme zokuziphatha futhi ufune ukwenza intando yakhe. (Johane 17:14-16; Zefaniya 2:2, 3; IsAmbulo 21:8) Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ibonisa ukuthi kubaluleke kangakanani ngawe ukuba uzikhandle kulezi zici, wenze ushintsho oludingekayo endleleni yakho yokuphila.
2. Umphostoli uJohane usiqalisa kanjani isiprofetho esikhulu sesAmbulo, futhi uNkulunkulu wasinika bani lesi sigijimi esibalulekile?
2 Umphostoli uJohane wethula lesi siprofetho esikhulu ngala mazwi: “Isambulo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu amnika sona, ukuze abonise izinceku zakhe izinto okumelwe zenzeke maduzane.” (IsAmbulo 1:1a) Ngakho kwakunguJesu Kristu ovusiwe owamukela lesi sigijimi esibalulekile kuNkulunkulu. Engesiyo neze ingxenye kaZiqu-zintathu oyinqaba, uJesu lapha uboniswa engongaphansi kukaYise. Ngendlela efanayo, “izinceku” ezakha ibandla lobuKristu zingaphansi kukaJesu Kristu, ukuze ‘zimlandele kungakhathaliseki ukuthi uyaphi.’ (IsAmbulo 14:4; Efesu 5:24) Kodwa obani namuhla ‘abayizinceku’ zikaNkulunkulu ngempela, futhi isAmbulo sibazuzisa kanjani?
3. (a) Zingobani “izinceku” ezingaphansi kukaJesu Kristu? (b) Yimuphi umsebenzi “izinceku” ezithembekile eziwenzayo ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi?
3 Umphostoli uJohane, owabhala isAmbulo, uzichaza njengoyileyo nceku. Wayengumphostoli wokugcina owayesaphila futhi engomunye weqembu elikhethekile ‘lezinceku’ ezigcotshwe ngomoya ezidla ifa lokuphila okungenakufa emazulwini. Namuhla, sekusele izinkulungwane ezimbalwa nje zalaba emhlabeni. UNkulunkulu unezinye izinceku futhi, isixuku esikhulu sazo, amadoda, abesifazane, nabantwana, manje esezifinyelela ezigidini. Ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi, lezi zihlanganyela ‘nezinceku’ ezigcotshiwe ekumemezeleni izindaba ezinhle zaphakade kuso sonke isintu. Oh, yeka ukuthi zonke ‘lezi zinceku’ zizikhandla kangakanani ukuze zisize abathobekileyo bomhlaba ukuba bathole insindiso! (Mathewu 24:14; IsAmbulo 7:9, 14; 14:6) IsAmbulo sibonisa lokho okumelwe ukwenze ukuze uzuze ezindabeni ezinhle ezijabulisayo.
4. (a) Njengoba sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-1 900 uJohane abhala isAmbulo, wayengakhuluma kanjani ‘ngezinto okumelwe zenzeke maduzane’? (b) Ubufakazi manje bubonisani ngezinto ezabikezelwa?
4 Nokho, uJohane wayengasho kanjani ukuthi ‘lezi zinceku’ zaziyoboniswa “izinto okumelwe zenzeke maduzane”? Lawo mazwi awakhulunywanga yini eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule? Ngokubheka kukaJehova, lowo emehlweni akhe iminyaka eyinkulungwane “injengolwayizolo,” iminyaka engu-1 900 iyisikhathi esifushane uma kuqhathaniswa nesikhathi eside ngokungenakulinganiswa asisebenzisa ekudaleni nasekulungiseni umhlaba ukuba uhlalwe ngabantu. (IHubo 90:4) Umphostoli uPawulu wabhala ‘ngokulangazela nangethemba’ lakhe, ngoba ngokungangabazeki ukufika komvuzo wakhe kwabonakala kuseduze kuye. (Filipi 1:20) Nokho, namuhla buningi ubufakazi bokuthi zonke izinto ezabikezelwa zizokwenzeka ngesikhathi sazo. Akukaze kwenzeke ngaphambili emlandweni ukuba kona kanye ukuqhubeka kwesintu siphila kube sengozini. UNkulunkulu kuphela onekhambi!—Isaya 45:21.
Umzila Wokukhulumisana
5. Sadluliselwa kanjani isAmbulo kumphostoli uJohane futhi kamuva emabandleni?
5 IsAmbulo 1:1b, 2 siyaqhubeka: “[UJesu] wathuma ingelosi yakhe, wasethula [isAmbulo] ngayo ngezibonakaliso encekwini yakhe uJohane, owafakazela izwi alinikezwa uNkulunkulu nobufakazi obanikezwa nguJesu Kristu, ngisho nazo zonke izinto azibona.” Kanjalo, uJohane wamukela umlando ophefumlelwe ngesithunywa esiyingelosi. Wawubhala encwadini, wayithumela emabandleni esikhathi sakhe. Okusijabulisayo ukuthi uNkulunkulu uye wayilondoloza ukuze kukhuthazwe amabandla acishe abe ngu-100 000 ezinceku zakhe ezinobunye emhlabeni namuhla.
6. UJesu wawuveza kanjani umzila ayezowusebenzisa ukuze anikeze “izinceku” zakhe ukudla okungokomoya namuhla?
6 UNkulunkulu wayenomzila wokudlulisa isAmbulo osukwini lukaJohane, futhi uJohane wayeyingxenye yasemhlabeni yalowo mzila. Ngokufanayo, uNkulunkulu unomzila wokunikeza ukondliwa okungokomoya ‘ezincekwini’ zakhe namuhla. Esiprofethweni sakhe esikhulu esiphathelene nesiphelo sesimiso sezinto, uJesu wachaza ingxenye yasemhlabeni yalo mzila ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:3, 45-47) Usebenzisa lesi sigaba sikaJohane ekwambuleni incazelo yesiprofetho.
7. (a) Izibonakaliso ezitholakala kusAmbulo kufanele zisithinte kanjani? (b) Abanye besigaba sikaJohane baye bahlanganyela isikhathi eside kangakanani ekugcwalisekeni kwemibono yesAmbulo?
7 Umphostoli uJohane ubhala ukuthi uJesu wanikeza isAmbulo “ngezibonakaliso,” noma ngezimpawu. Lezi zimpawu zicacile futhi kuyajabulisa ukuzihlola. Zifanekisela umsebenzi omkhulu, futhi nathi kufanele zisishukumisele emizamweni yentshiseko ekwaziseni abanye isiprofetho nencazelo yaso. IsAmbulo sisinikeza imibono eminingi evusa amadlingozi, uJohane aba nengxenye komunye nomunye wayo ngokwenza okuthile noma njengesibukeli. Labo besigaba sikaJohane, abanye babo abaye bahlanganyela amashumi eminyaka ekugcwalisekeni kwale mibono, bayajabula ngokuthi umoya kaNkulunkulu uye wayembula le ncazelo ukuze bakwazi ukuwuchazela abanye.
8. (a) Yini ephawulekayo komunye nomunye wemibono yesAmbulo? (b) Isiprofetho sikaDaniyeli sisisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi ziyini izilo zesAmbulo?
8 Le mibono ekusAmbulo ayibekiwe ngokohlelo lwezikhathi. Ngamunye unesikhathi sawo sokugcwaliseka. Eminingi yale mibono inanela amazwi eziprofetho zangaphambili ezinikeza umqondo ngokuqondene nencazelo yayo. Ngokwesibonelo, isiprofetho sikaDaniyeli sachaza izilo ezine ezisabekayo, sichaza ukuthi zazifanekisela imibuso ebusayo emhlabeni. Ngakho-ke, sisizwa ukuba siqonde ukuthi izilo zesAmbulo zimelela imibuso engokoqobo yezombangazwe, kuhlanganise naleyo ekhona manje.—Daniyeli 7:1-8, 17; IsAmbulo 13:2, 11-13; 17:3.
9. (a) NjengoJohane, isiphi isimo isigaba sikaJohane sosuku lwanamuhla esiye sasibonisa? (b) UJohane usibonisa kanjani indlela yokuba sijabule?
9 UJohane wayethembekile ekufakazeleni isigijimi uNkulunkulu amnika sona ngoJesu Kristu. Wachaza ngokuningiliziwe “zonke izinto azibona.” Isigaba sikaJohane siye safuna ngobuqotho isiqondiso kuNkulunkulu nakuJesu Kristu ukuze siqonde isiprofetho ngokugcwele futhi sazise abantu bakaNkulunkulu amaphuzu aso amahle. Ukuze kusizakale ibandla eligcotshiwe (nesixuku esikhulu sezizwe zonke uNkulunkulu azosigcina siphila sidlule osizini olukhulu), uJohane uyabhala: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso; ngoba isikhathi esimisiwe siseduze.”—IsAmbulo 1:3.
10. Yini okumelwe siyenze ngokuqondene nesAmbulo ukuze sithole injabulo?
10 Uyozuza kakhulu ngokufunda isAmbulo futhi uzuze ngokwengeziwe ngokugcina izinto ezilotshwe kuso. UJohane wachaza kwenye yezincwadi zakhe: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo, ngoba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe. Futhi lokhu kungukunqoba okunqobe izwe, ukholo lwethu.” (1 Johane 5:3, 4) Ungajabula kakhulu ngokwakha ukholo olunjalo!
11. (a) Kungani kuphuthuma ukuba sigcine amazwi esiprofetho? (b) Yisiphi isikhathi manje okumelwe ukuba sisondele ngokuyingozi?
11 Kuyaphuthuma ukuba sigcine amazwi esiprofetho, “ngoba isikhathi esimisiwe siseduze.” Isikhathi sani? Sokugcwaliseka kweziprofetho zesAmbulo, kuhlanganise nezahlulelo zikaNkulunkulu. Siseduze isikhathi sokuba uNkulunkulu noJesu Kristu bakhiphe isahlulelo sokugcina esimisweni sezwe likaSathane. Ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni, wathi uYise kuphela owayazi “lolo suku noma lelo hora.” Ebheka phambili ezinkingeni eziye zanda emhlabeni osukwini lwethu, uJesu futhi wathi: “Lesi sizukulwane asisoze sadlula zize zenzeke zonke lezi zinto.” Ngakho isikhathi esimisiwe sokukhipha isinqumo sikaNkulunkulu kumelwe ukuba sisondela ngokuyingozi. (Marku 13:8, 30-32) Njengoba uHabakuki 2:3 esho: “Umbono usengowesikhathi esimisiwe, ulokhu uphuthuma ekupheleni, futhi ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele; ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze.” Ukusinda kwethu osizini olukhulu kuxhomeke ekugcineni kwethu iZwi likaNkulunkulu lesiprofetho.—Mathewu 24:20-22.
[Ibhokisi ekhasini 15]
Ukuze siqonde incwadi yesAmbulo sidinga
● Ukuthola usizo lomoya kaJehova
● Ukuqonda ukuthi usuku lweNkosi lwaqala nini
● Ukuqaphela inceku ethembekileyo neqondayo namuhla