Isahluko 11
Ukuvumelana KweBhayibheli Lilonke
Cabanga ngomtapo wezincwadi ezingama-66 ezilotshwe cishe abantu abangama-40 abahlukene phakathi nenkathi yeminyaka eyi-1 600. Kwasetshenziswa izilimi ezintathu ngabalobi ababehlala emazweni amaningana. Bonke labalobi babenobuntu obuhlukene, amakhono, nezizinda. Kodwa lapho ekugcineni izincwadi abaziloba zihlanganiswa ndawonye, kwatholakala ukuthi empeleni, zazenza incwadi eyodwa nje enkulu elandela isihloko esisodwa esiyinhloko kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Lokho kunzima ukukucabanga, akunjalo? Nokho, iBhayibheli liyilowomtapo onjalo.
1. (Hlanganisa nesethulo.) Ikuphi ukuvumelana okuphawulekayo okufakazela iqiniso lokuthi iBhayibheli liphefumlelwe uNkulunkulu?
AKEKHO umfundi othembekile ongeke ahlatshwe umxhwele yiqiniso lokuthi iBhayibheli, nakuba liyiqoqo lezincwadi ezihlukene, liwumkhiqizo owodwa obumbene. Libumbene ngokuthi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, likhuthaza ukukhulekelwa kukaNkulunkulu oyedwa nje ozici zakhe zingaguquki nakanye, futhi zonke izincwadi zalo zithuthukisa isihloko esisodwa esiyinhloko. Lokhu kuvumelana kwalo lilonke kuwubufakazi obunamandla bokuthi, iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu.
2, 3. Isiphi isiprofetho esashiwo e-Edene esanikeza isizathu sethemba, futhi iziphi izimo ezaholela ekukhishweni kwalesosiprofetho?
2 Isihloko esiyinhloko seBhayibheli sethulwa ezahlukweni zokuqala kakhulu zencwadi yalo yokuqala nje, uGenesise. Lapho, sifunda ukuthi abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, babedalwe bephelele futhi babekwa ensimini eyipharadesi, iEdene. Nokho, uEva, wahanjelwa inyoka eyabekela ukufaneleka kwemithetho kaNkulunkulu inselele futhi yamyengela enkambweni yokona ngamanga obuqili. UAdamu wamlandela futhi naye wangamlalela uNkulunkulu. Waba yini umphumela? Bobabili baxoshwa e-Edene futhi banqunyelwa ukufa. Thina namuhla sihlupheka ngenxa yemiphumela yalokho kuhlubuka kokuqala. Sonke sizuza isono nokufa kubazali bethu bokuqala.—Genesise 3:1-7, 19, 24; Roma 5:12.
3 Nokho, ngalesosikhathi senhlekelele, uNkulunkulu wakhipha isiprofetho esanikeza isisekelo sethemba. Lesiprofetho sashiwo enyokeni, kodwa sashiwo oAdamu noEva belalele ukuze basitshele abantwana babo. Nakhu uNkulunkulu akusho: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo [“kwembewu”] yakho nenzalo [“nembewu”] yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 3:15, qhathanisa neNW; Roma 8:20, 21.
4. Iziphi izidalwa ezihlukene ezaphawulwa esiprofethweni sikaJehova e-Edene, futhi zaziyosebenzelana kanjani phakathi namakhulu eminyaka?
4 Phawula izidalwa ezine ezihlukene eziphawulwa kulelivesi eliyisihloko: inyoka nembewu yayo kanye nowesifazane nembewu yakhe. Lezidalwa ezihlukene zaziyokuba abadlali abayinhloko ezenzakalweni zeminyaka eyizinkulungwane eyayiza. Kwakuyoba nobutha obungapheli phakathi kowesifazane nembewu yakhe ngakolunye uhlangothi nenyoka nembewu yayo ngakolunye. Lobutha babuyohlanganisa nokungqubuzana okuqhubekayo phakathi kokukhulekelwa kweqiniso nokwamanga, ukuziphatha okuhle nobubi. Kwelinye izinga, inyoka yayizothola ithuba elaliyobonakala liyinzuzo lapho ilimaza isithende sembewu yowesifazane. Nokho, ekugcineni imbewu yowesifazane yayizochoboza ikhanda lenyoka, futhi uNkulunkulu ngokwakhe wayezolwelwa lapho yonke iminonjana yalokho kuhlubuka kokuqala isisusiwe.
5. Sazi kanjani ukuthi uEva wayengeyena owesifazane walesosiprofetho?
5 Ungubani owesifazane futhi ingubani inyoka? Futhi zingobani izimbewu zabo? Lapho uEva eba nendodana yakhe yokuqala, uKayini, wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” (Genesise 4:1) Mhlawumbe wayenomuzwa wokuthi wayengowesifazane walesiprofetho nokuthi lendodana yayiyozokuba yimbewu. Nokho, uKayini wayenomoya omubi ofana nowenyoka. Watholakala engumbulali, ebulala umnawabo siqu uAbela. (Genesise 4:8) Ngokusobala, lesiprofetho sasinencazelo engokomfanekiso ejulile, eyayingachazwa uNkulunkulu kuphela. Futhi lokhu wakwenza, kancane kancane isikhathi ngasinye. Zonke izincwadi ezingama-66 zeBhayibheli zinengxenye ngandlela-thile ekwambulweni kwencazelo yalokhu, isiprofetho sokuqala eBhayibhelini.
Ingubani Inyoka?
6-8. Imaphi amazwi kaJesu asisiza ukuba sibone ukuthi angubani amandla ayengemva kwenyoka? Chaza.
6 Okokuqala, ingubani inyoka okwakhulunywa ngayo kuGenesise 3:15? Ukulandisa kuthi inyoka engokoqobo yaya kuEva e-Edene, kodwa izinyoka ezingokoqobo azikwazi ukukhuluma. Kumelwe ukuba kwakunamandla athile angemva kwaleyonyoka, ayibangela ukuba yenze lokho eyakwenza. Ayengubani lamandla? Kuze kwaba sekhulwini lokuqala leminyaka leSikhathi sethu Esivamile, ngesikhathi uJesu enza inkonzo yakhe lapha emhlabeni, lapho kwembulwa khona ngokucacile ukuthi ayengubani lawomandla.
7 Ngesinye isikhathi, uJesu wayekhuluma nabaholi benkolo abangamaJuda abebezisholo ukuthi balungile beqhosha ngokuthi bangamadodana ka-Abrahama. Nokho, babemelene ngokungahlehli neqiniso elalishunyayelwa uJesu. Ngakho, uJesu wathi kubo: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni [“lapho eqala,” NW], akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.”—Johane 8:44.
8 Amazwi kaJesu ayeqatha futhi eshaya emhloleni. Wachaza uDeveli ngokuthi ‘umbulali wabantu’ ‘noyise wamanga.’ Manje, amanga okuqala alotshiwe yilawo akhulunywa inyoka e-Edene. Noma ubani owakhuluma lawomanga ngempela ‘wayenguyise wamanga.’ Ngaphezu kwalokho, lawomanga aholela ekufeni kuka-Adamu noEva, okwenza lowomqambimanga wasendulo waba umbulali. Khona-ke, ngokusobala amandla ayengemva kwenyoka e-Edene ayenguSathane uDeveli, futhi uJehova empeleni wayekhuluma noSathane kulesosiprofetho sasendulo.
9. USathane waba khona kanjani?
9 Abanye baye babuza: Uma uNkulunkulu elungile, kungani adala isidalwa esinjengoDeveli? Amazwi kaJesu ayasisiza futhi ukuba siwuphendule lowombuzo. UJesu wathi ngoSathane: “Wayengumbulali wabantu lapho eqala.” Ngakho lapho uSathane eqamba amanga kuEva, kungalesosikhathi lapho aqala khona ukuba uSathane—igama elisuselwa egameni lesiHeberu elisho “umphikisi.” UNkulunkulu akazange amdale uSathane. Ingelosi eyayithembekile ngaphambili yavumela inkanuko embi ukuba ikhule enhliziyweni yayo kangangokuba yaba uSathane.—Duteronomi 32:4; qhathanisa noJobe 1:6-12; 2:1-10; Jakobe 1:13-15.
Imbewu Yenyoka
10, 11. UJesu nomphostoli uJohane basisiza kanjani ukuba sazi ukuthi ingubani imbewu yeNyoka?
10 Nokho, kuthiwani ‘ngembewu [noma inzalo] yenyoka’? Amazwi kaJesu futhi ayasisiza ukuba sixazulule lengxenye yalemfumbe. Wathi kubaholi benkolo abangamaJuda: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo.” LamaJuda ayengawohlu lozalo luka-Abrahama, njengoba nje ayeqhosha. Kodwa ukuziphatha kwawo okubi kwawenza aba abantwana abangokomoya bakaSathane, umsunguli wesono.
11 Umphostoli uJohane, ebhala ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka, uchaza ngokucacile ukuthi obani abangabembewu yeNyoka, uSathane. Uyabhala: “Owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. . . . Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.” (1 Johane 3:8, 10) Ngokusobala, imbewu yeNyoka ibilokhu imatasa kakhulu kuwo wonke umlando wesintu!
Ubani Oyimbewu Yowesifazane?
12, 13. (a) UJehova wakwembula kanjani kuAbrahama ukuthi imbewu yowesifazane yayiyovela phakathi kohlu lozalo lwakhe? (b) Ubani owathola ifa lesithembiso ngokuqondene neMbewu?
12 Khona-ke, ubani ‘oyimbewu [noma inzalo] yowesifazane’? Lona omunye wemibuzo ebaluleke kakhulu eyake yabuzwa, ngoba yimbewu yowesifazane ekugcineni eyochoboza ikhanda likaSathane futhi iphelise imiphumela emibi yokuhlubuka kokuqala. Emuva ekhulwini lama-20 leminyaka B.C.E. uNkulunkulu wembulela indoda ethembekile uAbrahama inkomba eyinhloko ngokuthi lembewu ingubani. Ngenxa yokholo olukhulu luka-Abrahama, uNkulunkulu wenza uchungechunge lwezithembiso kuye ngenzalo ayeyozalelwa yona. Esinye sazo sakwenza kwacaca ukuthi ‘imbewu yowesifazane’ ‘eyayizochoboza ikhanda lenyoka’ yayizovela phakathi kwabantwana baka-Abrahama. UNkulunkulu wamtshela: “Inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”—Genesise 22:17, 18.
13 Njengoba iminyaka yayiqhubeka, isithembiso sikaJehova kuAbrahama saphindwa endodaneni ka-Abrahama uIsaka nakumzukulu wakhe uJakobe. (Genesise 26:3-5; 28:10-15) Ekugcineni, abantwana bakaJakobe baba izizwe eziyi-12, futhi esinye salezozizwe, uJuda, sathola isithembiso esikhethekile: “Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.” (Genesise 49:10) Ngokusobala, iMbewu yayizovela esizweni sakwaJuda.
14. Isiphi isizwe esahlelelwa ukuba silungiselele ukuza kweMbewu?
14 Ekupheleni kwekhulu le-16 leminyaka B.C.E., izizwe eziyi-12 zakwaIsrayeli zahlelwa zaba isizwe njengabantu bakaNkulunkulu abakhethekile. Ukuze kufezwe lokhu, uNkulunkulu wenza isivumelwano esingathi sína nabo futhi wabanikeza uhlu lwemithetho. Isizathu esisemqoka salokhu sasiwukulungiselela abantu ukuza kweMbewu. (Eksodusi 19:5, 6; Galathiya 3:24) Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, ubutha bukaSathane ngeMbewu yowesifazane babonakala enzondweni yezizwe kubantu bakaNkulunkulu abakhethiwe.
15. Iyiphi inkomba yokugcina eyanikezwa mayelana nokuthi imuphi umkhaya phakathi kwabantwana baka-Abrahama owawuyoveza iMbewu?
15 Inkomba yokugcina mayelana nokuthi imuphi umkhaya owawuyoveza iMbewu yanikezwa ekhulwini le-11 leminyaka B.C.E. Ngalesosikhathi, uNkulunkulu wakhuluma nenkosi yesibili yakwaIsrayeli, uDavide, futhi wathembisa ukuthi iMbewu yayiyovela ohlwini lozalo lwayo nokuthi isihlalo saYo sobukhosi ‘sasiyomiswa kuze kube-phakade.’ (2 Samuweli 7:11-16) Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, iMbewu yayingabizwa ngokufanele ngokuthi indodana kaDavide.—Mathewu 22:42-45.
16, 17. UIsaya wazichaza kanjani izibusiso ezaziyolethwa iMbewu?
16 Eminyakeni eyalandela, uNkulunkulu wamisa abaprofethi ukuba banikeze ukwaziswa okwengeziwe nokuphefumlelwe ngaleMbewu ezayo. Ngokwesibonelo, ekhulwini lesishiyagalombili leminyaka B.C.E., uIsaya wabhala: “Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe.”—Isaya 9:6, 7.
17 UIsaya waprofetha ngokuqhubekayo ngaleMbewu: “Uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, . . . Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye . . . Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” (Isaya 11:4-9) Yeka izibusiso ezicebile ezaziyolethwa yilembewu!
18. Ikuphi ukwaziswa okwengeziwe ngeMbewu okwalotshwa uDaniyeli?
18 Ekhulwini lesithupha leminyaka ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, uDaniyeli waloba esinye isiprofetho ngaleMbewu. Wabikezela isikhathi lapho othile onjengendodana yomuntu ayezovela khona ezulwini futhi wathi ‘wanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bamkhonze.’ (Daniyeli 7:13, 14) Ngakho iMbewu ezayo yayizoba indlalifa yoMbuso wasezulwini, futhi igunya layo lobukhosi laliyonwebekela emhlabeni wonke.
Imfumbe Ixazululiwe
19. Iyiphi indima, njengoba yembulwa ingelosi, uMariya ayezoba nayo mayelana nokuza kweMbewu?
19 Ukuthi iMbewu ingubani ekugcineni kwembulwa ekuqaleni kweSikhathi sethu Esivamile. Ngonyaka ka-2 B.C.E., ingelosi yabonakala entombazaneni engumJuda ebizwa ngokuthi uMariya, eyayingeyohlu lozalo lukaDavide. Ingelosi yayitshela ukuthi yayizozala umntwana okhetheke kakhulu futhi yathi: “Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:32, 33) Ngakho ukulindela ‘imbewu’ kwesikhathi eside ekugcineni kwakusondela ekupheleni.
20. Ubani oyiMbewu ethenjisiwe, futhi isiphi isigijimi aqala ukusishumayela kwaIsrayeli?
20 Ngonyaka ka-29 C.E. (usuku olwakhonjwa uDaniyeli esikhathini eside ngaphambili), uJesu wabhapathizwa. Khona-ke umoya ongcwele wehlela kuye, futhi uNkulunkulu wamamukela njengeNdodana yakhe. (Daniyeli 9:24-27; Mathewu 3:16, 17) Eminyakeni emithathu nengxenye ngemva kwalokho, uJesu wafakaza kumaJuda, ememezela: “Umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:17) Phakathi nalesosikhathi, wagcwalisa iziprofetho eziningi kakhulu zemiBhalo YesiHeberu kangangokuba kwakungekho nesincane isizathu sokungabaza ukuthi ngempela wayeyiMbewu ethenjisiwe.
21. Yini amaKristu akuqala ayiqonda ngokuphathelene nokuthi ingubani iMbewu?
21 AmaKristu okuqala akuqonda kahle lokhu. UPawulu wachazela amaKristu eGalathiya: “Manje-ke izithembiso zanikwa uAbrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: Ezinzalweni, kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.” (Galathiya 3:16) UJesu wayezokuba “iNkosi yokuthula” eyabikezelwa uIsaya. Ngemva kokuba esefike eMbusweni wakhe, ukulunga kwakuyomiswa emhlabeni wonke.
Khona-ke, Owesifazane Ungubani?
22. Ungubani owesifazane okubhekiselwe kuye esiprofethweni sikaJehova e-Edene?
22 Uma uJesu eyiMbewu, ungubani owesifazane okwakubhekiselwa kuye emuva lé e-Edene? Njengoba amandla ayengemva kwenyoka ayeyisidalwa somoya, kufanele kungasimangazi ukuthi nowesifazane uyisidalwa somoya akayena umuntu. Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngowesifazane’ wasezulwini lapho ethi: “Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.” (Galathiya 4:26) Eminye imibhalo ibonisa ukuthi ‘leliJerusalema eliphezulu’ kakade lase linezinkulungwane zeminyaka likhona. Liyinhlangano kaJehova yasezulwini yezidalwa zomoya, uJesu avela kuyo ukuze agcwalise indima ‘yembewu yowesifazane.’ Yiloluhlobo ‘lowesifazane’ ongokomoya kuphela olungabekezelela ubutha ‘benyoka endala’ izinkulungwane zeminyaka.—IsAmbulo 12:9; Isaya 54:1, 13; 62:2-6.
23. Kungani ukwembulwa okuqhubekayo kwencazelo yesiprofetho sikaJehova sase-Edene kuphawuleka kangaka?
23 Lokhu kubukezwa okufushane kwalesosiprofetho sasendulo kuGenesise 3:15 kuwubufakazi obunamandla bokuvumelana okuhlaba umxhwele kweBhayibheli. Kuyamangaza ngempela ukuthi lesiprofetho singaqondwa kuphela uma sihlanganisa izenzakalo namazwi kwalamakhulu eminyaka, elama-20, ele-11, elesi-8, nelesi-6 B.C.E. kanye namazwi nezenzakalo zekhulu lokuqala leminyaka leSikhathi sethu Esivamile. Lokhu kwakungenakwenzeka ngenhlanhla. Kumelwe ukuba kwakunesandla esiqondisayo esingemva kwakho konke.—Isaya 46:9, 10.
Lokho Okukushoyo Kithina
24. Ukwazi ukuthi ingubani iMbewu kusho ukuthini kithina?
24 Konke lokhu kusho ukuthini kithina? Phela, uJesu ‘uyimbewu yowesifazane’ eyinhloko. Lesosiprofetho sasendulo kuGenesise 3:15 sabikezela ukuthi isithende sakhe ‘sasiyolinyazwa’ iNyoka, futhi lokhu kwenzeka lapho uJesu efa esigxotsheni sokuhlushwa. Inxeba lokulimala alihlali isikhathi eside. Ngakho, okwakubonakala kuyimpumelelo yeNyoka kwaphendulwa ngokushesha kwaba ukunqotshwa lapho uJesu evuswa. (Njengoba sibonile eSahlukweni 6, kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi lokhu kwenzeka ngempela.) Ukufa kukaJesu kwaba isisekelo sensindiso yesintu esinenhliziyo enhle, ngakho iMbewu yaqala ukuba isibusiso, njengoba nje uNkulunkulu ayethembise uAbrahama. Kodwa kuthiwani ngeziprofetho zokuthi uJesu wayezobusa esembusweni wasezulwini kuyo yonke indawo yoMbuso wakhe yasemhlabeni?
25, 26. Iyiphi impikiswano eyayihilelekile ebutheni obabuphakathi ‘kwembewu yowesifazane’ neNyoka, njengoba ichazwe kusAmbulo?
25 Embonweni ongokwesiprofetho ovusa amadlingozi olotshwe kusAmbulo isahluko 12, ukuqala kwaloMbuso kufanekiselwa njengokuzalwa komntwana wesilisa ezulwini. KuloMbuso, iMbewu ethenjisiwe ithatha amandla ngaphansi kwesiqu esithi uMikayeli, okusho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?” Ubonisa ukuthi akekho ongabubekela inselele ngokufanele ubukhosi bukaJehova, lapho exosha “inyoka endala” ezulwini unomphela. Siyafunda: “Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni.”—IsAmbulo 12:7-9.
26 Umphumela uba ukukhululeka emazulwini kodwa ukukhathazeka emhlabeni. “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe,” kuzwakala ukumemeza kokuhalalisa. Ngokuqhubekayo siyafunda: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:10, 12.
27. Sagcwaliseka nini isiprofetho ngokuxoshwa kukaSathane ezulwini? Sazi kanjani?
27 Singasho yini ukuthi lesiprofetho sasizogcwaliseka nini? Eqinisweni, lowo kwakuwumbuzo owaphakanyiswa abafundi lapho bebuza uJesu ‘ngesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesesiphelo salesimiso sezinto’—njengoba sikhulume ngakho eSahlukweni 10. (Mathewu 24:3, NW) Njengoba sibonile, kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukuba khona kukaJesu emandleni oMbuso wasezulwini kwaqala ngo-1914. Kusukela ngalesosikhathi, ngempela siye sabona ‘umaye kuwe-mhlaba’!
28, 29. Iziphi izinguquko ezinkulu emhlabeni ezisengaphambili, futhi sazi kanjani ukuthi ziyokwenzeka ngokushesha?
28 Kodwa phawula: Lokho kumemeza kwasezulwini kwamemezela ukuthi uSathane “unesikhathi esifushane” kuphela. Ngakho lesosiprofetho sokuqala esikuGenesise 3:15 sisondela emvuthwandaba waso ongageji. Inyoka, imbewu yayo, owesifazane, nembewu yakhe konke kuye kwacaciswa ukuthi kungobani. IMbewu ‘yalinyazwa esithendeni,’ kodwa yalulama. Ngokushesha, ukuchotshozwa kukaSathane (nembewu yakhe) kuyoqala ngaphansi kweNkosi kaNkulunkulu ebusa manje, uKristu Jesu.
29 Lokhu kuyohilela izinguquko ezinkulu emhlabeni. Kanye noSathane, labo abazibonakalisa beyimbewu yakhe bayosuswa. Njengoba umhubi aprofetha: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.” (IHubo 37:10) Yeka ushintsho olukhulu lokho okuyoba yilo! Khona-ke, amazwi aqhubekayo omhubi ayogcwaliseka: “Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.
30. Kungani abagxeki abaletha ukungabaza ngokuphefumlelwa kweBhayibheli ngisho nangobukhona bukaNkulunkulu kuyibo abangenangqondo?
30 Ngalendlela, “iNkosi yokuthula” ekugcineni iyoletha ukuthula esintwini. Lesi isithembiso seBhayibheli, njengoba siphawulile kuIsaya 9:6, 7. Kulenkathi yokungabaza, abaningi bathola isithembiso esinjalo singenangqondo. Kodwa ikuphi okunye umuntu akuthembisayo? Akukho! Ngakolunye uhlangothi, lesithembiso siphawulwe ngokucacile eBhayibhelini, futhi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu elingahluleki. Empeleni yilabagxeki abangenangqondo. (Isaya 55:8, 11) Abamnaki uNkulunkulu, owaphefumlela iBhayibheli nongumuntu ongokoqobo omkhulu kunabo bonke.
[Isithombe ekhasini 151]
Isiprofetho seBhayibheli sokuqala sanikeza isintu esiwile isizathu sethemba
[Isithombe ekhasini 154]
Ekhulwini lama-20 leminyaka B.C.E., uJehova watshela uAbrahama ukuthi iMbewu ethenjisiwe yayizovela phakathi kohlu lozalo lwakhe
[Isithombe ekhasini 155]
Ekhulwini le-11 leminyaka B.C.E., iNkosi uDavide yezwa ukuthi iMbewu yayizovela ohlwini lwayo lobukhosi
[Isithombe ekhasini 156]
Ekhulwini lesishiyagalombili leminyaka B.C.E., uIsaya wabikezela izibusiso ezaziyolethwa iMbewu
[Isithombe ekhasini 157]
Ekhulwini lesithupha leminyaka B.C.E., uDaniyeli wabikezela ukuthi iMbewu yayiyobusa embusweni wasezulwini
[Isithombe ekhasini 159]
Eduze nokuqala kwekhulu lokuqala leminyaka C.E., uMariya wezwa ukuthi uJesu, umntwana ayezomzala, wayeyokhula abe iMbewu