Isahluko 11
Kungani UNkulunkulu Eye Wavumela Ububi?
1. (a) Siyini isimo phezu komhlaba namuhla? (b) Yikuphi ukukhononda abanye abantu abanakho?
NOMA KUPHI ezweni lapho ubheka khona, kukhona ubugebengu, inzondo nenkathazo. Ngokuvamile abangenacala abahluphekayo. Abanye abantu basola uNkulunkulu. Bangase bathi: ‘Uma uNkulunkulu ekhona, kungani evumela zonke lezizinto ezimbi ukuba zenzeke?’
2. (a) Obani abenza izinto ezimbi? (b) Ukuhlupheka okuningi phezu komhlaba kwakungagwenywa kanjani, futhi ngani?
2 Nokho obani abenza lezizinto ezimbi kwabanye? Abantu, akuyena uNkulunkulu. UNkulunkulu uyazilahla izenzo ezimbi. Eqinisweni, okuningi kokuhlupheka phezu komhlaba ngabe akukho ukuba abantu balalela imithetho kaNkulunkulu. Usiyala ukuba sithandane. Uyakwenqabela ukubulala, ukweba, ubufebe, ukuhaha, ubudakwa nezinye izenzo zokwenza okubi ezibangela abantu ukuba bahlupheke. (Roma 13:9; Efesu 5:3, 18) UNkulunkulu wadala uAdamu noEva wabanika ingqondo emangalisayo nomzimba nokuba bakwazi ukujabulela ukuphila ngokugcwele. Akazange alokothe afune ukuba bona noma abantwana babo bahlupheke noma babe nezinkinga.
3. (a) Obani abanecala ngobubi? (b) Yini ebonisa ukuthi uAdamu noEva babengamelana nezilingo zikaSathane?
3 USathane uDeveli owaqalisa ububi emhlabeni. Kodwa uAdamu noEva nabo banecala. Babengebuthakathaka kangangokuthi babengenakumelana noDeveli uma ebalinga. Babengamtshela uSathane ukuthi “hamba,” njengoba nje umuntu ophelele uJesu enza kamuva. (Mathewu 4:10) Kepha abakwenzanga lokho. Ngenxa yalokho, baba abangaphelele. Bonke abantwana babo, kuhlanganise nathi, baye bazuza lokho kungapheleli, okuye kwaletha ukugula, ubuhlungu nokufa. (Roma 5:12) Kodwa kungani uNkulunkulu eye wavumela ukuhlupheka kuqhubeke?
4. Yini esisiza ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu onothando wayengabuvumela ububi okwesikhashana?
4 Okokuqala umuntu angase acabange ukuthi asikho isizathu esanele ngoNkulunkulu ukuba avumele konke ukuhlupheka kwesintu okuye kwaba khona phakathi namakhulu eminyaka. Nokho, ingabe kulungile ukufinyelela kulesosiphetho? Ingabe abazali ababathanda ngempela abantwana babo abazange yini babavumele ukuba bahlinzwe kabuhlungu ukuze kulungiswe inkinga ethile? Yebo, ukuvunyelwa kobuhlungu isikhashana ngokuvamile kuye kwenza kwaba nokwenzeka ngabantwana ukuba bajabulele impilo engcono kamuva ekuphileni. Buhle buni-ke obuye benziwa ukuvumela kukaNkulunkulu ububi?
IMPIKISWANO EBALULEKILE OKUMELWE ILUNGISWE
5. (a) USathane wamphikisa kanjani uNkulunkulu? (b) Yini uSathane ayithembisa uEva?
5 Ukuhlubuka ngakuNkulunkulu ensimini yase-Edeni kwaphakamisa impikiswano ebalulekile noma umbuzo. Sidinga ukuyihlola ukuze siqonde ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi. UJehova watshela uAdamu ukuba angadli emthini othile ensimini. Ukuba uAdamu wadla, yini eyayizokwenzeka? UNkulunkulu wathi: “Uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Nokho, uSathane washo okuphambene. Watshela umka-Adamu, uEva, ukuba adle kulowomuthi owenqatshelwe. “Aniyikufa nokufa,” kusho uSathane. Eqinisweni, waqhubeka watshela uEva: “Kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”—Genesise 3:1-5.
6. (a) Kungani uEva engamlalelanga uNkulunkulu? (b) Kwasho ukuthini ukudla emthini owenqatshelwe?
6 UEva akamlalelanga uNkulunkulu wadla. Ngani? UEva wamkholelwa uSathane. Ngobugovu wacabanga ukuthi wayezozuza ngokungamlaleli uNkulunkulu. Wacabanga ukuthi yena noma uAdamu kwakungeke kusadingeka ukuba baphendule kuNkulunkulu. Babengeke besaba ngaphansi kwemithetho yakhe. Babengazinqumela ngokwabo “okuhle,” nalokho “okubi.” UAdamu wavumelana noEva naye wadla. Uchaza isono somuntu sokuqala kuNkulunkulu, umbhalo waphansi kuyiThe Jerusalem Bible uthi: “Singamandla okuzinqumela ngokwakhe okulungileyo nokubi nokwenza ngokuvumelana nalokho, ukukhululeka ngokuphelele ngokokuziphatha . . . isono sokuqala sasiwukuhlasela ubukhosi bukaNkulunkulu.” Okungukuthi, sasiwukuhlasela ilungelo likaNkulunkulu lokuba ukuphela kombusi womuntu noma ophakeme.
7. (a) Iyiphi impikiswano eyaphakanyiswa ukungalaleli komuntu? (b) Yimiphi imibuzo edinga ukuphendulwa ngokuqondene nalempikiswano?
7 Ngakho ngokudla isithelo esinqatshelwe, uAdamu noEva bazikhipha ngaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu. Bazihambela ngendlela yabo, benza lokho “okuhle” noma “okubi” ngokwezinqumo zabo siqu. Ngakho impikiswano ebalulekile noma umbuzo owaphakanyiswa kwakuwukuthi: Ingabe uNkulunkulu unalo ilungelo lokuba ukuphela kombusi wesintu? Ngamanye amazwi, ingabe uJehova uYena okumelwe anqumele isintu okuhle noma okubi? Ingabe uYena okumelwe asho okuwukuziphatha okuhle nokungekhona? Noma ingabe umuntu angazibusa kangcono? Ekabani indlela yokubusa engcono? Ingabe abantu, ngaphansi kokuqondisa okungabonakali kukaSathane, bangabusa ngempumelelo ngaphandle kokuqondisa kukaJehova? Noma ingabe ukuqondisa kukaJehova kudingekile ukuze amise uhulumeni olungileyo oyoletha ukuthula okuhlala njalo emhlabeni? Yonke imibuzo enjalo yaphakanyiswa ekuhlaselweni kobukhosi bukaNkulunkulu, ukuhlasela ilungelo lakhe lokuba ukuphela kombusi wesintu.
8. Kungani uJehova engazibhubhisanga izihlubuki ngalesosikhathi?
8 Yebo, ngokushesha uma kuba khona ukuhlubuka uJehova wayengazibhubhisa lezihlubuki ezintathu. Akukho kungabaza ngokuthi wayenamandla kunoSathane noma uAdamu noEva. Kodwa ukubabhubhisa kwakungeke kuxazulule indaba ngendlela engcono. Ngokwesibonelo, kwakungeke kuwuphendule umbuzo wokuthi abantu bangazibusa yini ngokuphumelelayo ngaphandle kosizo lukaJehova. Ngakho uJehova wavumela isikhathi sokuxazulula lempikiswano ebalulekile eyayisiphakeme.
UKUXAZULULA IMPIKISWANO
9, 10. Iye yaba yini imiphumela yokuzama kwabantu ukuzibusa ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu?
9 Manje lesosikhathi sesidlulile, ube yini umphumela? Ubungathini wena? Ingabe iminyaka eyizi-6 000 yomlando iye yabonisa ukuthi isintu siye saphumelela ekuzibuseni ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu? Ingabe abantu baye balungiselela uhulumeni omuhle wokubusisa nokujabulisa bonke? Noma ingabe umbhalo womlando uye wabonisa amazwi kamprofethi uJeremiya eyiqiniso: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo”?—Jeremiya 10:23.
10 Kuwo wonke umlando kuye kwazanywa zonke izinhlobo zawohulumeni, kodwa awukho oye waletha ukulondeka nenjabulo yangempela kubo bonke ababuswa yiwo. Abanye abantu bangase bakhombe izimpawu zentuthuko. Kodwa ingabe umuntu angakhuluma ngentuthuko yangempela uma esikhundleni somcibisholo nomkhonto kuye kwaba namabhomu eathomu, nalapho izwe manje lisekwesabeni okukhulu enye impi yezwe? Luhlobo luni lwentuthuko uma abantu bengase bahambe phezu kwenyanga kodwa bengenakukwazi ukuhlala ndawonye ngokuthula emhlabeni? Kunabuhle buni ngabantu ukwakha amakhaya anazo zonke izinhlobo zokunethezeka uma imikhaya ehlala kuwo ihlukaniswe izinkinga? Ingabe izibhelu emigwaqweni, ukoniwa kwempahla yabanye nokuphila, nokungabi namthetho okusakazekile kuyizinto esingaziqhenya ngazo? Lutho! Kodwa lokhu kuyimiphumela yemizamo yabantu yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu.—IzAga 19:3.
11. Ngakho, ngokusobala, abantu badingani?
11 Ubufakazi bufanele busikhanyele sonke. Imizamo yomuntu yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu iye yahluleka kabuhlungu. Iye yaphumela ekuhluphekeni okukhulu kwesintu. “Lapho umuntu ebusa omunye kuba-ngukulimala kwakhe,” kuchaza iBhayibheli. (UmShumayeli 8:9) Ngokusobala, abantu badinga ukuqondisa kukaNkulunkulu ekubuseni izindaba zabo. Njengoba nje uNkulunkulu adala umuntu enesidingo sokudla nokuphuza amanzi, ngokufanayo umuntu wadalwa enesidingo sokulalela imithetho kaJehova. Uma umuntu engayinaki imithetho kaJehova, uyongena enkathazweni, njengoba engahlupheka uma engazinaki izidingo zomzimba wakhe zokudla namanzi.—IzAga 3:5, 6.
KUNGANI KUYISIKHATHI ESIDE KANGAKA?
12. Kungani uJehova eye wavumela isikhathi eside sokuxazulula impikiswano?
12 Nokho, umuntu angabuza, ‘Kungani uNkulunkulu evumele isikhathi esingaka, iminyaka engaba yizi-6 000 manje, ukuba kuxazululwe lempikiswano? Yayingenakuxazululwa yini ngokwanelisayo esikhathini eside esidlule?’ Akunjalo ngempela. Ukuba uNkulunkulu wangenela esikhathini eside esidlule, kwakuyoba khona ukukhononda kokuthi abantu abanikwanga isikhathi esanele sokuzibonela. Kodwa njengamanje, abantu baye baba nesikhathi esanele sokuba nohulumeni oyokwanelisa izidingo zabo bonke abangaphansi kwawo futhi basungule nezinto ezingokwesayensi eziyobangela ukuchuma kwabo bonke. Emakhulwini eminyaka abantu baye bazama cishe zonke izinhlobo zohulumeni. Intuthuko yabo kwezesayensi ingemangalisayo. Baye babophela ama-athomu baphikelela enyangeni. Kodwa uye waba yini umphumela? Ingabe kuye kwaletha isimiso esisha esihle sokubusisa isintu?
13. (a) Naphezu kwayo yonke intuthuko yomuntu ngokwesayensi, siyini isimo namuhla? (b) Lokhu kubonisani ngokusobala?
13 Lutho neze! Kunalokho, kunokungajabuli okwengeziwe nezinkathazo emhlabeni kunanini ngaphambili. Eqinisweni, ubugebengu, ukungcola, impi, ukuwohloka kwemikhaya nezinye izinkinga kuye kwafinyelela izinga eliyingozi kangangokuthi izazi zesayensi zikholelwa ukuthi ngisho nokuba khona komuntu ngokwakho kusengozini. Yebo, ngemva kweminyaka engaba yizi-6 000 yokuhlola kokuzibusa, nangemva kokufinyelela izinga eliphezulu kakhulu “lentuthuko” kwezesayensi, isintu manje sibhekene nokuzibhubhisa! Yeka indlela okusobala ngayo ukuthi isintu asinakuzibusa ngempumelelo ngaphandle kukaNkulunkulu! Akekho futhi manje ongakhononda ngokuthi uNkulunkulu akavumelanga isikhathi esanele sokuxazulula lempikiswano.
14. Kungani kumelwe sikhuthalele ukuhlola enye impikiswano ebalulekile eyaphakanyiswa uSathane?
14 Ngokuqinisekile uNkulunkulu uye waba nesizathu esihle sokuvumela isintu, ngaphansi kokubusa kukaSathane, ukuba sibangele ububi obuye baba khona isikhathi eside kangaka. Ngokuhlubuka kwakhe uSathane waphakamisa enye impikiswano nayo eye yadinga isikhathi sokuba ixazululwe. Ukuhlola lempikiswano kuzosinikeza usizo olwengeziwe lokuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi. Kumelwe ube nesithakazelo ngokukhethekile kulempikiswano ngoba nawe siqu uhilelekile.
[Isithombe ekhasini 100]
Ngesizathu esihle, umzali uyovumela ukuba umntwana amthandayo ahlinzwe nakuba kubuhlungu. NoNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela abantu bahlupheke okwesikhashana
[Isithombe ekhasini 101]
UAdamu noEva, ngokudla isithelo esenqatshelwe, balahla ukubusa kukaNkulunkulu. Baqala ukuzenzela izinqumo zabo siqu ngokuqondene nokuhle nokubi
[Izithombe ekhasini 103]
Njengoba nje umuntu adalwa enesidingo sokudla ukudla nesokuphuza amanzi, wadalwa futhi enesidingo sokuqondiswa uNkulunkulu