Isahluko 19
Ngemva KweArmagedoni, Umhlaba OyiPharadesi
1. (a) Uyini umbono ovamile ngeArmagedoni? (b) IBhayibheli lithini ngayo?
“IARMAGEDONI” yigama elisabisayo kwabaningi. Ngokuvamile abaholi bezwe balisebenzisela ukubhekisela eMpini Yezwe III engase ibe khona. Nokho, iBhayibheli likhuluma ngeArmagedoni njengendawo yempi yokulunga elwiwa uNkulunkulu. (IsAmbulo 16:14, 16) Lempi kaNkulunkulu iyolungiselela indlela yohlelo olusha lokulunga.
2. (a) Obani abayobhujiswa eArmagedoni? (b) Ngakho-ke imiphi imikhuba okumelwe siyigweme ngokuhlakanipha?
2 Ngokungafani nezimpi zabantu, ezibulala kokubili abalungileyo nababi, iArmagedoni iyobhubhisa ababi kuphela. (AmaHubo 92:7) UJehova uNkulunkulu uyoba nguMahluleli, futhi uyosusa noma ibaphi abenqaba ngamabomu ukulalela imithetho yakhe yokulunga. Namuhla abantu abaningi ababoni lutho olubi ezintweni ezinjengobufebe, ukudakwa, ukuqamba amanga noma ukukhohlisa. Kodwa, ngokukaNkulunkulu, lezizinto azilungile. Ngakho-ke eArmagedoni ngeke abasindise labo abaqhubeka bezenza. (1 Korinte 6:9, 10; IsAmbulo 21:8) Ngokwazi imithetho kaNkulunkulu ngalezizinto, kubalulekile ngabantu okungenzeka banomkhuba wokwenza izinto ezimbi kanjalo ukuba bashintshe izindlela zabo.
3. (a) UJesu wakuqhathanisa nani ukuphela kwalelizwe lamanje? (b) Yini eyokwenzeka kuSathane namademoni akhe? (c) Ngokwemibhalo esemakhasini alandelayo, hlobo luni lwezimo eziyojatshulelwa emhlabeni oyipharadesi?
3 Ngemva kweArmagedoni akukho ngxenye yalelizwe elibi eyosala. Kuphela abantu abakhonza uNkulunkulu abayoqhubeka bephila. (1 Johane 2:17) UJesu Kristu waqhathanisa lesisimo naleso sosuku lukaNowa. (Mathewu 24:37-39; 2 Petru 3:5-7, 13; 2:5) Ngemva kweArmagedoni, umbuso kaNkulunkulu uyoba ukuphela kukahulumeni oyobusa phezu komhlaba. USathane namademoni akhe bayobe bengasekho. (IsAmbulo 20:1-3) Emakhasini alandelayo, cabangela ezinye zezibusiso iBhayibheli elibonisa ukuthi abantu abalalelayo bayozijabulela.
SONKE ISINTU SISEKUTHULENI
“Sizalelwe umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa . . . iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6,7.
“Ezinsukwini zayo olungileyo uyoqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—AmaHubo 72:7, 8.
NGEKE IBE KHONA IMPI
“Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—AmaHubo 46:8, 9.
AMAKHAYA AMAHLE NOMSEBENZI OJABULISAYO NGABO BONKE
“Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo . . . Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye . . . nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba-nabo.”—Isaya 65:21-23
UBUGEBENGU, UBUDLOVA NOBUBI KUYOBE KUNGASEKHO
“Ngokuba ababi bazakuchithwa . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.”—AmaHubo 37:9, 10.
“Ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—IzAga 2:22.
WONKE UMHLABA YIPHARADESI
UJesu wathi: “Uzakuba-nami eParadisi.”—Luka 23:43.
“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—AmaHubo 37:29.
INALA YEZINTO EZINHLE ZOKUDLIWA KUBO BONKE
“UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke . . . okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.”—Isaya 25:6.
“Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.”—AmaHubo 72:16; 67:6.
4, 5. (a) Yiziphi izimo ezingeke zisaba khona emhlabeni oyipharadesi? (b) Yini abantu abayokwazi ukuyenza, kodwa abangakwazi ukuyenza ezindaweni eziningi namuhla?
4 Ngokuqinisekile ufuna ukuphila emhlabeni oyipharadesi ofana nensimu leyo umuntu wokuqala uAdamu ayedalwe kuyo. (Genesise 2:8; Luka 23:43) Cabanga nje ngakho—kungasekho ukulwa, ubugebengu noma ubudlova. Uyokwazi ukuhamba noma kuphi nganoma isiphi isikhathi sosuku noma ubusuku ngaphandle kokwesaba ukulinyazwa. Ababi bayobe bengasekho nje kwaphela.—AmaHubo 37:35-38.
5 Lokhu kusho ukuthi ngeke babe khona abezombangazwe abangathembekile nabaholi bamabhizinisi abangamagovu abacindezela abantu. Ngeke futhi abantu bacindezelwe intela ephakeme yokukhokhela izikhali zempi. Akunakwenzeka futhi ukuba kube khona abangenakudla okuhle nezindlu zokuhlala ezinganethezekile ngenxa yokuba bengenamandla okukhokhela ezingcono. Ukuphelelwa umsebenzi, ukwehla kwamandla emali nentengo ephakeme ngeke kusaba khona. Izinkathazo ezibangela ukuhlupheka emikhayeni namuhla azisenakuba bikho. Bonke bayokuba nomsebenzi ojabulisayo, futhi bayokwazi ukubona futhi bajabulele imiphumela yemisebenzi yabo.
6. (a) Yimuphi umsebenzi oyokwenziwa abayosinda eArmagedoni? (b) UNkulunkulu uyowubusisa kanjani umsebenzi owenziwayo?
6 Okokuqala nje, labo abayosinda eArmagedoni bayoba nomsebenzi wokuhlanza umhlaba basuse umonakalo walesimiso esidala. Khona-ke, ngaphansi kokuqondisa kokubusa koMbuso, bayokuba nelungelo lokulima umhlaba bawenze ube yindawo enhle okungahlalwa kuyo. Yeka ukuthi kuyoba umsebenzi ojabulisa kanjani lowo! UNkulunkulu uyobusisa yonke into eyenziwayo. Uyolungiselela isimo sezulu esifanele ukuze kuhlume izitshalo kuphile nemfuyo, futhi uyonakekela ukuba konke lokhu kuvikeleke ezifweni nokulimala.
7. (a) Isiphi isithembiso sikaNkulunkulu esiyogcwaliseka? (b) Yini amaKristu ayilindele ngokwesithembiso sikaNkulunkulu?
7 Lesisithembiso soMdali onothando, njengoba sinikezwa ngomhubi weBhayibheli, siyogcwaliseka: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (AmaHubo 145:16) Yebo, zonke izifiso ezifanelekile zabantu abesaba uNkulunkulu ziyokwaneliswa ngokuphelele. Asikwazi ngisho nokukucabanga ukuthi kuyoba ngokumangalisa kanjani ukuphila epharadesi phezu komhlaba. Elandisa ngelungiselelo likaNkulunkulu lokubusisa abantu bakhe, umphostoli uPetru wabhala: “Siyalindela ngesithembiso [sikaNkulunkulu] amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.”—2 Petru 3:13; Isaya 65:17; 66:22.
8. (a) Kungani singawadingi amazulu amasha angokoqobo? (b) Ayini “amazulu amasha”?
8 Ayini la“mazulu amasha”? Akuwona amazulu amasha angokoqobo. UNkulunkulu wenza amazulu angokoqobo aphelela, futhi amlethela udumo. (AmaHubo 8:3; 19:1, 2) La“mazulu amasha” abhekisela ekubuseni okusha phezu komhlaba. “Amazulu” okwamanje akhiwe ngohulumeni babantu. NgeArmagedoni lawa ayodlula. (2 Petru 3:7) “Amazulu amasha” ayothatha isikhundla sawo ayoba uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. Inkosi yawo kuyoba uJesu Kristu. Kodwa abayobusa naye njengengxenye ya“mazulu amasha” kuyoba abalandeli bakhe abathembekile abayizi-144 000.—IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3.
9. (a) Uyini “umhlaba omusha”? (b) Uyini umhlaba oyobhujiswa?
9 Uyini-ke “umhlaba omusha”? Awuyona imbulunga entsha. UNkulunkulu wenza lembulunga enguMhlaba yaba ngefanelekile ngabantu ukuba baphile kuyo, futhi kuyintando yakhe ukuba ihlale phakade. (AmaHubo 104:5) “Umhlaba omusha” ubhekisela eqenjini elisha noma umphakathi wabantu. IBhayibheli livamile ukusebenzisa igama elithi “umhlaba” ngendlela enjalo. Ngokwesibonelo, lithi: “Umhlaba wonke [okusho, abantu] wawunolimi lunye.” (Genesise 11:1) “Umhlaba” oyobhujiswa ngabantu abazenza ingxenye yalesimiso sezinto esibi. (2 Petru 3:7) “Umhlaba omusha” othatha isikhundla sabo uyoba izinceku zeqiniso zikaNkulunkulu eziye zazehlukanisa nalelizwe labantu ababi.—Johane 17:14; 1 Johane 2:17.
10. (a) Obani manje ababuthelwa ndawonye, futhi babuthelwaphi? (b) Ngokwemibhalo esemakhasini alandelayo, yini eyokwenziwa emhlabeni oyipharadesi ohulumeni babantu abangenakuyenza?
10 Njengamanje abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe abayoba yingxenye yalowo“mhlaba omusha” babuthelwa ebandleni lobuKristu. Ubunye nokuthula okukhona phakathi kwabo kuyisandulela esincane nje salokho okuyokwenza ukuphila emhlabeni oyipharadesi ngemva kweArmagedoni kube ngokujabulisayo. Ngempela, umbuso kaNkulunkulu uyokwenza lokho okungekho hulumeni wabantu oye waba ngisho nanethemba lokukwenza. Cabangela ezimbalwa nje zezibusiso ezinjalo emakhasini alandelayo.
UBUZALWANE BOTHANDO BASO SONKE ISINTU
“UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35
“Bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi . . . Kabasayikulamba, kabasayikoma.”—IsAmbulo 7:9, 16.
UKUTHULA PHAKATHI KWABANTU NEZILWANE
“Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba.”—Isaya 11:6; Isaya 65:25.
AKUSAYIKUBA BIKHO UKUGULA, UKUGUGA, NOMA UKUFA
“Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.
“Yena uNkulunkulu abenabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
ABAFILEYO BABUYISELWA EKUPHILENI
“Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo . . . baphume.”—Johane 5:28, 29.
“Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho.”—IsAmbulo 20:13.
11. Yini ngokuvamile eyonakalisa uhlobo lwepharadesi abantu manje abalenzayo?
11 Yeka ukuthi ipharadesi ngaphansi kombuso kaNkulunkulu liyoba ngcono kanjani kunanoma yini lesimiso esidala esingayiletha! Kuyiqiniso, abanye abantu namuhla baye benza indawo abahlala kuyo yafana nepharadesi. Kodwa abantu abahlala ndawonye kulezindawo bangase bancishane futhi babe nobugovu, futhi bangase bazondane nokuzondana. Futhi, ngokuhamba kwesikhathi, bayagula, baguge futhi bafe. Nokho, ngemva kweArmagedoni, ipharadesi emhlabeni liyohlanganisa okungaphezulu kakhulu kwamakhaya amahle nje, izivande namapaki.
12, 13. (a) Yiziphi izimo zokuthula eziyoba khona ngemva kweArmagedoni? (b) Yini edingekayo ukuze lezo zimo zibe khona?
12 Cabanga nje ngakho. Abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe bayofunda ukuhlala ndawonye njengomkhaya owodwa wabafowabo nodadewabo. Bayothandana ngempela. Akekho oyoba nobugovu noma ononya. Akekho oyozonda omunye umuntu ngenxa nje yohlanga lwakhe, ibala noma indawo avela kuyo. Inzondo iyophela. Wonke umuntu emhlabeni uyoba umngane weqiniso nomakhelwane kubo bonke abanye. Ngempela, kuyoba ipharadesi ngendlela engokomoya. Ungathanda yini ukuphila kulelipharadesi ngaphansi kwa“mazulu amasha”?
13 Namuhla abantu bakhuluma kakhulu ngokuhlala ndawonye ngokuthula, futhi baye bamisa ngisho nenhlangano ye“Zizwe Ezihlangene.” Nokho abantu nezizwe bahlukene njengokungakaze kwenzeke ngaphambili. Yini edingekayo? Izinhliziyo zabantu zidinga ukushintsha. Kodwa akunakwenzeka ngohulumeni balelizwe ukuba benze isimangaliso esinjalo. Nokho, isigijimi seBhayibheli esikhuluma ngothando lukaNkulunkulu, siyakwenza.
14. Yini eyenzekayo manje yokufakazela ukuthi lezozimo zepharadesi ziyogcwaliseka?
14 Ngemva kokufunda ngohlelo olusha lokulunga, izinhliziyo zabantu abaningi zishukunyiselwa ekuthandeni uNkulunkulu. Ngakho baqala futhi nokwenza ngendlela yothando kwabanye, njengoba noNkulunkulu enza. (1 Johane 4:9-11, 20) Lokhu kusho ushintsho olukhulu ekuphileni kwabo. Abaningi ababencishana, benenzondo, befana nezilwane ezesabekayo, baye baba ngabathobekile nabanokuthula. Njengezimvu ezilalelayo, babuthelwa ndawonye emhlambini wobuKristu.
15. (a) Yimaphi amaqembu amabili amaKristu akhona? (b) Obani abayoba ngabokuqala ukuba benze “umhlaba omusha”?
15 Sekuyiminyaka engaphezu kwe-1 900 kukhona ukubuthelwa ndawonye ko“mhlambi omncane” wamaKristu ayizi-144 000 ayobusa noKristu. Ngabambalwa kuphela balaba abasele emhlabeni; abaningi sebeyabusa kakade noKristu ezulwini. (Luka 12:32; IsAmbulo 20:6) Kodwa lapho ekhuluma ngamanye amaKristu, uJesu wathi: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya [so“mhlambi omncane”]; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Johane 10:16) “Isixuku esikhulu” salezi “ezinye izimvu” manje sibuthelwa ndawonye. Siyoba ngabokuqala bo“mhlaba omusha.” UJehova uyobavikela badlule “osizini olukhulu” ekupheleni kwalesimiso esibi ukuze baqhubeke bephila bangene emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:9, 10, 13-15.
16. Isiphi isimangaliso esiyokwenza ukuphila nezilwane kube yinjabulo?
16 Ngemva kweArmagedoni esinye isimangaliso siyonezela ezimweni zepharadesi. Izilwane ezifana namabhubesi, izilo, izingwe namabhere, njengamanje ezingase zibe yingozi, ziyoba nokuthula. Khona-ke yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuba uzihambele uchushe emahlathini bese uhambisana nebhubesi okwesikhashana, futhi mhlawumbe kamuva ube nebhere elikhulu! Akunakuphinde futhi kwenzeke ukuba noma ubani esabe enye into ephilayo.
17, 18. (a) Iyiphi imbangela yokudabuka engeke isaba khona emhlabeni oyipharadesi? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi impilo ephelele iyojatshulelwa yibo bonke?
17 Nokho kungakhathaliseki ukuthi angaba mahle kanjani amakhaya nezingadi, ukuthi abantu bayoba nomusa nothando kangakanani, noma ukuthi izilwane zingaba nobungane kangakanani, uma sisagula, siguga futhi sife kuyobe kusekhona ukudabuka. Kodwa ubani ongaletha impilo ephelele kubo bonke? Ohulumeni babantu baye bahluleka ukususa izifo ezinjengomdlavuza, izinkathazo zenhliziyo nezinye. Kodwa ngisho noma bebengazinqoba izifo, odokotela bayavuma ukuthi lokhu akunakubavimbela abantu ukuba baguge. Besisayoguga. Ngemva kwesikhathi amehlo ethu abeyofiphala, izinyama zethu zibe buthakathaka, isikhumba sethu sishwabane kuthi izitho ezingaphakathi emizimbeni yethu ziwohloke. Bekuyolandela ukufa. Yeka indlela okudabukisa ngayo!
18 Ngemva kweArmagedoni, emhlabeni oyipharadesi, isimangaliso esihle esenziwa uNkulunkulu siyokushintsha konke lokho, ngoba isithembiso seBhayibheli siwukuthi: “Abakhe khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni wabonakalisa amandla akhe okwelapha zonke izinhlobo zokugula nezifo, eziwumphumela wesono esasizuza kuAdamu. (Marku 2:1-12; Mathewu 15:30, 31) Ukuguga nakho kuyonqamuka ngaphansi kokubusa koMbuso. Abagugile bayobuye babe basha futhi. Yebo, ‘inyama yomuntu iyoba yintsha kunasebusheni bakhe.’ (Jobe 33:25) Yeka ukuthi kuyoba ngokuvusa amadlingozi kanjani ngalesosikhathi uma uvuka ekuseni usuku ngalunye uthole ukuthi unempilo engcono kunokuba bewukade unjalo ngayizolo!
19. Isiphi isitha sokugcina esiyochithwa, futhi kanjani?
19 Ngokuqinisekile akekho ophila ngempilo yobusha, nephelele emhlabeni oyipharadesi oyoke afune ukufa. Futhi akekho oyodinga ukufa! Ukwamukela kwabo izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo ekugcineni kuyosho ukujabulela isipho sikaNkulunkulu so“kuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Njengoba iBhayibheli lisho, uKristu “umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.”—1 Korinte 15:25, 26; Isaya 25:8.
20. Ngaphandle kwabantu abaphila manje, obani abayojabulela umhlaba oyipharadesi, futhi lokho kuyokwenzeka kanjani?
20 Ngisho nabantu abafile okwamanje bayolijabulela ipharadesi elingumhlaba. Bayobuyela ekuphileni futhi! Ngakho-ke, ngalesosikhathi, esikhundleni sezimemezelo zokufa, kuyoba khona imibiko ejabulisayo ngalabo abayobe bevuswe ekufeni. Yeka ukuthi kuyoba okuhle kanjani ukwamukela bevela emathuneni obaba ababefile, omama, abantwana nabanye abathandekayo! Azikho izindlu zamangcwaba, amangcwaba noma amatshe okuyosala ukuba konakalise ubuhle bomhlaba oyipharadesi.
21. (a) Ubani oyosiza ekunakekeleni ukuba imithetho neziyalezo za“mazulu amasha” kugcinwe? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siwafuna ngempela “amazulu amasha” no“mhlaba omusha”?
21 Ubani oyobusa noma aqondise imisebenzi emhlabeni oyipharadesi? Yonke imithetho neziyalo iyovela ‘emazulwini amasha’ phezulu. Kodwa emhlabeni kuyoba khona amadoda athembekile ukuba anakekele ukuthi lemithetho neziyalezo kuyagcinwa. Ngenxa yokuthi lamadoda amelele umbuso wasezulwini ngendlela ekhethekile, iBhayibheli liwabiza ngokuthi “izikhulu.” (Isaya 32:1, 2; AmaHubo 45:16) Ngisho nasebandleni lobuKristu namuhla kumiswe amadoda ngomoya kaNkulunkulu ongcwele ukuba anakekele futhi aqondise imisebenzi yalo. (IzEnzo 20:28) Ngemva kweArmagedoni singaqiniseka ukuthi uKristu uyonakekela ukuba kumiswe amadoda afanelekile ukuba amelele uhulumeni woMbuso, ngoba ngalesosikhathi uyobe ephethe ngokuqondile ezindabeni zomhlaba. Ungabonisa kanjani-ke ukuthi ulindele “amazulu amasha” kaNkulunkulu no“mhlaba omusha” ngokulangazelela okukhulu? Ngokwenza konke ongase ukwenze ukuba uhlangabezane nezimfuneko zokuphila kulesosimiso esisha sokulunga.—2 Petru 3:14.