Inhlangano
Incazelo: Inhlangano yabantu abamizamo yabo ihlanganiselwe umsebenzi othile noma injongo. Amalungu enhlangano ahlanganiswa ngamalungiselelo athile okuphatha nangezindinganiso noma izimfuneko. Abantu abangofakazi bakaJehova abazinikezele futhi babhapathizwa beza enhlanganweni kaJehova ngenxa yokuzikhethela komuntu siqu, hhayi ngokuzalelwa kuyo noma nganoma ikuphi ukucindezelwa. Baye badonselwa enhlanganweni yakhe yasemhlabeni ngenxa yezimfundiso zayo nezenzo nangenxa yokuba bafuna ukuhlanganyela emsebenzini ewenzayo.
Ingabe uJehova ngempela unenhlangano lapha emhlabeni?
Ukuze uphendule lowombuzo, cabangela okulandelayo:
Ingabe izidalwa zikaNkulunkulu zasezulwini, izingelosi, zihleleke njengenhlangano?
Dan. 7:9, 10: “Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku, izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe, izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.”
IHu. 103:20, 21: “Bongani uJehova nina-zingelosi zakhe, nina-maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe.” (“Amaqhawe” ayiqembu elihlelekile.)
UNkulunkulu wazidlulisela kanjani iziyalezo ezincekwini zakhe emhlabeni ezikhathini ezidlule?
Lapho abakhulekeli bakaJehova besembalwa ngenani, wayenikeza iziqondiso ezinhlokweni zemikhaya njengoNowa noAbrahama, bona-ke babesebenza njengabakhulumeli bakaJehova emikhayeni yabo. (Gen. 7:1, 7; 12:1-5) Ngesikhathi uJehova ekhulula amaIsrayeli eGibithe, wawanikeza iziqondiso ngoMose. (Eks. 3:10) ENtabeni yaseSinayi, uNkulunkulu wahlela abantu bakhe baba isizwe, wabanikeza imithetho nezimiso zokuqondisa ukukhulekela kwabo nobuhlobo babo omunye nomunye. (Eks. 24:12) Wamisa ubupristi bokuhola ezindabeni zokukhulekela nasekufundiseni abantu izimfuneko zikaJehova; ngezinye izikhathi wayemisa abaprofethi ukuba badlulisele iziyalezo ezidingekayo nezixwayiso kubantu. (Dut. 33:8, 10; Jer. 7:24, 25) Ngakho-ke, nakuba uJehova ayeyilalela imithandazo yabakhulekeli ngabanye, ukufundiswa kwabo wayekunikeza ngelungiselelo elingokwenhlangano.
Njengoba isikhathi sasisondela ngoJehova ukuba aqale ukuhlanganisa abakhulekeli beqiniso naye ngoJesu Kristu, uNkulunkulu wamthumela emhlabeni ukuba asebenze njengomkhulumeli waKhe. (Heb. 1:1, 2) Khona-ke ngokuthululwa komoya ongcwele ngePentekoste lika-33 C.E., kwaba khona ibandla lobuKristu. Ngemva kokuba uJesu ebuyele ezulwini, lelibandla laba ilungiselelo likaJehova lokufundisa nokuqondisa imizamo yamaKristu ngamanye. Kwakunababonisi bokuhola emabandleni ngamanye, futhi indikimba ebusayo eyodwa yayenza izinqumo ezidingekile futhi isiza ekuqondiseni umsebenzi. Ngokusobala, uJehova wayebangele ukuba kube nenhlangano eyenziwa ngamaKristu eqiniso emhlabeni.—IzE. 14:23; 16:4, 5; Gal. 2:7-10.
Ingabe imisebenzi kaJehova yendalo ebonakalayo ibonisa ukuthi unguNkulunkulu wokuhleleka?
Isaya 40:26: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.” (Izinkanyezi zingamaqembu emithala futhi zihamba ngokuhlobana, ngisho nakuba izici zenkanyezi ngayinye zingafani. Amaplanethi ahamba ngesikhathi esiyiso, emjikelezweni awabelwe. Amaelectrons atholakala kuyiatom ngayinye ye-element ngayinye nawo anemijikelezo. Futhi ukwakheka kwazo zonke izinto esizibonayo kulandela uhlelo lwezibalo olunembe kangangokuthi kwakunokwenzeka ngezazi zesayensi ukuba zibikezele ukubakhona kwamaelement athile ngaphambi kokuba ziwathole ngempela. Konke lokhu kunikeza ubufakazi bokuhleleka okungavamile.)
Ingabe iBhayibheli liyabonisa ukuthi amaKristu eqiniso ayeyoba ngabantu abahlelekile?
Math. 24:14; 28:19, 20: “Lelivangeli [“izindaba ezinhle,” NW] lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise.” (Lokhu kwakungafezwa kanjani ngaphandle kwenhlangano? Lapho uJesu eqeqesha abafundi bakhe bokuqala ngalomsebenzi, akazange nje amane atshele ngamunye wabo ukuba aye noma kuphi lapho efisa khona futhi adlulisele ukholo lwakhe kwabanye nganoma iyiphi indlela athanda ngayo. Wabaqeqesha, wabanikeza iziyalezo futhi wabathuma ngendlela ehlelekile. Bheka uLuka 8:1; 9:1-6; 10:1-16.)
Heb. 10:24, 25: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Kodwa ingabe umuntu wayengabaqondisaphi abathakazelayo ukuze bakwazi ukulalela lomyalo uma ingekho inhlangano enemihlangano yasikhathi sonke lapho bengahlangana khona?)
1 Kor. 14:33, 40: “UNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. . . . Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.” (Lapha umphostoli uPawulu ukhulumela inqubo ehlelekile emihlanganweni yebandla. Ukusebenzisa lesiseluleko esiphefumlelwe kudinga ukuhlonipha inhlangano.)
1 Pet. 2:9, 17: “Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. . . . Nithande abazalwane [“inhlangano yabazalwane,” NW].” (Inhlangano yabantu abamizamo yabo iqondiswe ekufezeni umsebenzi othile iyinhlangano ehlelekile.)
Ingabe labo abayizinceku ezithembekile zikaNkulunkulu bamane bangabantu abahlakazeke emasontweni ahlukahlukene eLobukholwa?
2 Kor. 6:15-18: “Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? . . . Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela, ngibe-nguYihlo kini, nina nibe-ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla.” (Ingabe umuntu ngempela uyinceku ethembekile kaNkulunkulu uma eqhubeka ehlanganyela ekukhulekeleni nalabo ababonisa ngendlela yabo yokuphila ukuthi abakholwa ngempela? Bheka isihloko esikhulu esithi “IBabiloni Elikhulu.”)
1 Kor. 1:10: “Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume-zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.” (Ubunye obunjalo abukho phakathi kwamasonto eLobukholwa ahlukahlukene.)
Joh. 10:16: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Njengoba uJesu ayezoletha abanjalo ‘emhlambini owodwa,’ ingabe akukhanyi-ke yini ukuthi babengenakuhlakazeka ezinkolweni zeLobukholwa?)
Inhlangano kaJehova ebonakalayo yayiyohlukaniswa kanjani osukwini lwethu?
(1) Imphakamisa ngempela uJehova njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, idumisa igama lakhe.—Math. 4:10; Joh. 17:3.
(2) Iyiqaphela ngokugcwele indima kaJesu Kristu enjongweni kaJehova—njengomlweli wobukhosi bukaJehova, uMmeleli oyiNhloko wokuphila, inhloko yebandla lobuKristu, iNkosi yobuMesiya ebusayo.—IsAm. 19:11-13; 12:10; IzE. 5:31; Efe. 1:22, 23.
(3) Inamathela ngokuseduze eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe, isekela zonke izimfundiso zayo nezindinganiso zokuziphatha eBhayibhelini.—2 Thim. 3:16, 17.
(4) Izigcina ihlukene nezwe.—Jak. 1:27; 4:4.
(5) Inezinga eliphakeme lokuhlanzeka kokuziphatha phakathi kwamalungu ayo, ngoba uJehova ngokwakhe ungcwele.—1 Pet. 1:15, 16; 1 Kor. 5:9-13.
(6) Imizamo yayo eyinhloko iwukwenza umsebenzi iBhayibheli elawubikezelela usuku lwethu, okungukuthi, ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba ngenjongo yobufakazi.—Math. 24:14.
(7) Naphezu kokungapheleli kobuntu, amalungu ayo ahlakulela futhi akhiqize izithelo zomoya kaNkulunkulu—uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukholo, ubumnene, ukuzithiba—lokhu ekwenza ngezinga lokuthi kuwabeke njengahlukile ezweni lilonke.—Gal. 5:22, 23; Joh. 13:35.
Singayibonisa kanjani inhlonipho ngenhlangano kaJehova?
1 Kor. 10:31: “Konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.”
Heb. 13:17: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandisa ngayo.”
Jak. 1:22: “Yibani-ngabalenza izwi, ningabi-ngabalizwayo kuphela.”
Thithu 2:11, 12: “Umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu.”
1 Pet. 2:17: “Nithande abazalwane.”