Isahluko 6
Umntwana Wesithembiso
ESIKHUNDLENI sokubuyela eNazaretha, uJosefa noMariya bahlala eBetlehema. Futhi lapho uJesu enezinsuku eziyisishiyagalombili ubudala, uyasokwa, njengoba uMthetho kaNkulunkulu kuMose uyala. Kubonakala kuyisiko futhi ukwetha ingane yomfana igama ngosuku lwesishiyagalombili. Ngakho betha ingane yabo ngokuthi uJesu, njengoba ingelosi uGabriyeli yayibayalile ngaphambili.
Isikhathi esingaphezu kwenyanga siyadlula, futhi uJesu usenezinsuku ezingu-40 ubudala. Bamyisaphi manje abazali bakhe? Ethempelini eJerusalema, elingamakhilomitha ambalwa kuphela ukusuka lapho behlala khona. NgokoMthetho kaNkulunkulu kuMose, ezinsukwini ezingu-40 ngemva kokubeletha umntwana wesilisa, unina kudingeka anikele ngomnikelo wokuhlanjululwa ethempelini.
Yilokho uMariya akwenzayo. Uletha izinyoni ezimbili ezincane njengomnikelo wakhe. Lokhu kwembula okuthile ngesimo sezomnotho sikaJosefa noMariya. UMthetho kaMose ubonisa ukuthi kumelwe kunikelwe iwundlu, elingcono kakhulu kunezinyoni. Kodwa uma umama ehluleka kulokhu, amahobhe amabili noma amajuba amabili ayeyokwenela.
Ethempelini ixhegu elithile ligona uJesu. Igama lalo uSimeyoni. UNkulunkulu uye walembulela ukuthi ngeke life lingakamboni uKristu, noma uMesiya othenjisiwe kaJehova. Lapho uSimeyoni efika ethempelini ngalolusuku, uqondiswa umoya ongcwele enganeni ephethwe uJosefa noMariya.
Njengoba uSimeyoni egone uJesu ubonga uNkulunkulu, ethi: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho uIsrayeli.”
UJosefa noMariya bayamangala lapho bezwa lokhu. Khona-ke uSimeyoni uyababusisa futhi utshela uMariya ukuthi indodana yakhe ‘imiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kuIsrayeli’ nokuthi usizi, njengenkemba ebukhali, luyakugwaza umphefumulo wayo.
Umprofethikazi oneminyaka engu-84 ubudala ogama lakhe linguAna naye ukhona. Eqinisweni, akwenzeki angabibikho ethempelini. Ngalo kanye lelohora uyasondela futhi uqala ukubonga uNkulunkulu nokukhuluma ngoJesu kubo bonke abazolalela.
Yeka ukuthi uJosefa noMariya bajabula kanjani ngalezenzakalo ethempelini! Ngokuqinisekile, lokhu kubaqinisekisa ngokuthi lomntwana ungoThenjisiwe kaNkulunkulu. Luka 2:21-38; Levitikusi 12:1-8.
▪ Ngokusobala ngokwesiko wayethiwa nini igama umntwana wesilisa womIsrayeli?
▪ Yini eyayidingekile ngomama ongumIsrayeli lapho indodana yakhe inezinsuku ezingu-40 ubudala, futhi ukufezwa kwalemfuneko kusembula kanjani isimo esingokomnotho sikaMariya?
▪ Obani abaqaphela ukuthi uJesu ungubani kulesenzakalo, futhi bakubonisa kanjani lokhu?