Isahluko 43
Ukufundisa Ngemifanekiso
NGOKUSOBALA uJesu useKapernawume ngesikhathi ethethisa abaFarisi. Kamuva ngosuku olufanayo, uyaphuma endlini ahambe aye oLwandle LwaseGalile oluseduze, lapho izixuku zabantu zibuthana khona. Lapho ugibela isikebhe, athi qekelele, abese eqala ukufundisa abantu abasogwini ngoMbuso wamazulu. Wenza kanjalo ngochungechunge lwemifanekiso, ngamunye uhlelwe ngendlela ejwayelekile kubantu.
Okokuqala, uJesu ulandisa ngomhlwanyeli ohlwanyela imbewu. Enye imbewu iwela endleleni futhi idliwa izinyoni. Enye imbewu iwela emhlabathini onedwala ngaphansi. Njengoba izimpande zingakwazi ukujula, izithombo ziyabuna ngenxa yelanga elishisayo. Futhi enye imbewu iwela phakathi kwameva, aminyanisa izithombo lapho zimila. Ekugcineni, enye imbewu iwela emhlabathini omuhle futhi ithela ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, futhi enye ngamashumi amathathu.
Komunye umfanekiso, uJesu uqhathanisa uMbuso kaNkulunkulu nomuntu ohlwanyela imbewu. Njengoba izinsuku ziqhubeka, lapho lendoda ilele futhi ivuka, imbewu iyakhula. Lendoda ayazi ukuthi kanjani. Iyazikhulela futhi ithele izithelo. Lapho izithelo zivuthwa, lendoda iyazivuna.
UJesu ulandisa umfanekiso wesithathu omayelana nendoda etshala uhlobo olufanelekile lwembewu, kodwa “abantu besalele,” kufika isitha futhi sihlwanyela ukhula phakathi kwamabele. Izisebenzi zalendoda zibuza ukuthi zilusiphule yini ukhula. Kodwa iyaphendula: ‘Cha, funa nisiphule namabele. Yekani kokubili kukhule ndawonye kuze kuvunwe. Khona-ke ngiyotshela abavuni ukuba babuthe ukhula balushise bese befaka amabele engotsheni.’
Eqhuba indaba yakhe ezixukwini ezisogwini, uJesu unikeza eminye imifanekiso emibili. Uchaza ukuthi “umbuso wezulu” unjengenhlamvu yesinapi ehlwanyelwa umuntu. Nakuba iyimbewu encane kunayo yonke, uthi, imila ibe isilimo esikhulu kunazo zonke. Iba umuthi izinyoni ezifika kuwo, zithole indawo yokukhosela emagatsheni awo.
Abanye namuhla baphikisa ngokuthi ikhona imbewu encane kunembewu yesinaphi. Kodwa uJesu akafundisi ngesayensi yezitshalo. Phakathi kwembewu ejwayelwe abantu baseGalile bosuku lwakhe, imbewu yesinaphi empeleni incane kunayo yonke. Ngakho bayayiqonda indaba yokukhula okuphawulekayo uJesu ayibonisayo.
Ekugcineni, uJesu uqhathanisa “umbuso wezulu” nemvubelo owesifazane ayithathayo ayihlanganise nezilinganiso ezintathu zempuphu. Ngesikhathi esifanele, uthi, ibilisa yonke inhlama.
Ngemva kokunikeza lemifanekiso emihlanu, uJesu uhambisa izixuku aphindele endlini ahlala kuyo. Ngokushesha abaphostoli bakhe abangu-12 kanye nabanye beza kuye lapho.
Ukuzuza Emifanekisweni KaJesu
Lapho abafundi beza kuJesu ngemva kwenkulumo yakhe ezixukwini ezisogwini, banelukuluku lokwazi ngendlela yakhe entsha yokufundisa. Oh, bake bamuzwa esebenzisa imifanekiso ngaphambili, kodwa hhayi ngezinga eliphakeme kangaka. Ngakho bayabuza: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”
Esinye isizathu esenza ukuba enze kanjalo siwukugcwalisa amazwi omprofethi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.” Kodwa kuhileleke okwengeziwe. Ukusebenzisa kwakhe imifanekiso kufeza injongo yokusiza ekwambuleni isimo sezinhliziyo zabantu.
Eqinisweni, abantu abaningi banesithakazelo kuJesu njengomxoxi nje wezindaba onekhono nomenzi wezimangaliso, hhayi njengomuntu okufanele akhonzwe njengeNkosi futhi alandelwe ngokungenabugovu. Abafuni ukuphazanyiswa embonweni wabo ngezinto noma indlela yabo yokuphila. Abafuni ukuba lesigijimi sijule ngalelozinga.
Ngakho uJesu uthi: “Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sikaIsaya sokuthi: . . . Ngokuba ihliziyo yalesizwe isiyaba-lukhuni.”
“Kodwa,” uJesu uyaqhubeka athi, “abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”
Yebo, abaphostoli abangu-12 nalabo abanabo banezinhliziyo ezilungele ukuzwa. Ngakho-ke uJesu uthi: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.” Ngenxa yesifiso sabo sokuqonda, uJesu unikeza abafundi bakhe incazelo yomfanekiso womhlwanyeli.
“Imbewu iyizwi likaNkulunkulu,” kusho uJesu, futhi umhlabathi uyinhliziyo. Ngembewu ehlwanyelwe emhlabathini olukhuni ngasendleleni, uyachaza: “Kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.”
Ngakolunye uhlangothi, imbewu ehlwanyelwe emhlabathini onedwala ngaphansi ibhekisela ezinhliziyweni zabantu abamukela izwi ngentokozo. Nokho, ngenxa yokuthi izwi alikwazi ukubambelela ezinhliziyweni ezinjalo, labantu bayakhukhuleka lapho kufika isikhathi sokuvivinywa nokushushiswa.
Ngokuqondene nembewu eyawela phakathi kwameva, uJesu uyaqhubeka, lena ibhekisela kubantu abaye bezwa izwi. Nokho, laba bakhukhulwa iminako nengcebo nezinjabulo zalokhu kuphila, ngakho baminyaniswa ngokuphelele futhi abaphelelisi lutho.
Ekugcineni, ngokuqondene nembewu ehlwanyelwe emhlabathini omuhle, uJesu uthi laba abantu okuthi, ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo enhle nelungile, baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.
Yeka ukuthi babusiseke kanjani labafundi abaye bafuna uJesu ukuze bathole incazelo yezimfundiso zakhe! UJesu uhlose ukuba imifanekiso yakhe iqondakale ukuze afake iqiniso kwabanye. “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini?” ebuza. Cha, ‘sibekwa othini.’ Ngaleyondlela uJesu uyanezela: “Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani.”
Babusiswa Ngeziyalezo Ezengeziwe
Ngemva kokuthola incazelo kaJesu yomfanekiso womhlwanyeli, abafundi bafuna ukwazi okwengeziwe. “Sichasisele,” becela, “umfanekiso wokhula ensimini.”
Yeka ukuthi sihluke kanjani isimo sengqondo sabafundi kunaleso sesixuku ogwini! Labobantu bantula isifiso esiqotho sokwazi incazelo yemifanekiso, bamane baneliswa nje izinto ezikhulunyelwa kuyo. Eqhathanisa lezozilaleli zasolwandle nabafundi bakhe abaye bafika kuye endlini, uJesu uthi:
“Ngalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.” Abafundi banika uJesu isilinganiso esiyisithakazelo esiqotho nokulalela, ngakho babusiswa ngokuthola iziyalezo ezengeziwe. Ngakho-ke, ephendula umbuzo wabafundi bakhe, uJesu uyachaza:
“Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyela nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.”
Ngemva kokuchaza isici ngasinye somfanekiso wakhe, uJesu uchaza umphumela. Ekupheleni kwesimiso sezinto, uthi abavuni, noma izingelosi, ziyokwehlukanisa amaKristu-mbumbulu anjengokhula ‘emadodaneni ombuso’ eqiniso. Khona-ke “amadodana omubi” ayophawulelwa ukubhujiswa, kodwa amadodana oMbuso kaNkulunkulu, “abalungileyo,” ayokhanya ngokukhazimula eMbusweni kaYise.
Ngokulandelayo uJesu ubusisa abafundi bakhe abafuna ukwazi ngeminye imifanekiso emithathu. Okukuqala, uthi: “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyonsimu.”
“Futhi,” eqhubeka, “umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.”
UJesu ngokwakhe ufana nomuntu othola ingcebo efihliwe futhi ufana nomthengi othola iparele elinenani elikhulu. Wathengisa konke, ngokomfanekiso, eshiya isikhundla esihloniphekile ezulwini ukuze abe umuntu ophansi. Khona-ke, njengomuntu emhlabeni, uyathukwa futhi ushushiswa ngenzondo, ebonisa ukuthi ukufanelekele ukuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu.
Inselele ibekwa phambi kwabalandeli bakaJesu ukuba nabo bathengise konke ukuze bathole umvuzo omuhle wokuba ababusi kanye noKristu noma izikhonzi zoMbuso zasemhlabeni. Ingabe siyobheka ukuhlanganyela eMbusweni kaNkulunkulu njengokuthile okubaluleke kunanoma yini enye ekuphileni, njengengcebo eyigugu noma iparele eliyigugu?
Okokugcina, uJesu ufanisa “umbuso wezulu” nenetha elibutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo. Lapho izinhlanzi zihlukaniswa, ezingafaneleki ziyalahlwa kodwa ezinhle ziyagcinwa. Ngakho, uJesu uthi, lokhu kuyoba sekupheleni kwesimiso sezinto; izingelosi ziyokwehlukanisa ababi kwabalungile, ababi bagcinelwe ukubhujiswa.
UJesu ngokwakhe uqalisa umsebenzi wokudoba, ebiza abafundi bakhe bokuqala ukuba babe “abadobi babantu.” Ngaphansi kokuqondiswa izingelosi, umsebenzi wokudoba uyaqhubeka emakhulwini eminyaka. Ekugcineni siyafika isikhathi sokuphonsa “inetha,” elifanekisela izinhlangano ezisemhlabeni ezizisholo ukuthi zingezobuKristu.
Nakuba izinhlanzi ezingafaneleki zilahlelwa ekubhujisweni, siyajabula ngokuthi singabalwa phakathi ‘kwezinhlanzi ezinhle’ ezigcinwayo. Ngokubonisa isifiso esifanayo esiqotho solwazi olwengeziwe nokuqonda njengoba kwenza abafundi bakaJesu, ngeke sibusiswe nje kuphela ngeziyalezo ezingeziwe kodwa ngesibusiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. Mathewu 13:1-52; Marku 4:1-34; Luka 8:4-18; IHubo 78:2; Isaya 6:9, 10.
▪ UJesu ukhuluma nini futhi kuphi nezixuku ngemifanekiso?
▪ Imiphi imifanekiso emihlanu uJesu manje ayilandisa izixuku?
▪ Kungani uJesu ethi imbewu yesinaphi incane kunayo yonke imbewu?
▪ Kungani uJesu ekhuluma ngemifanekiso?
▪ Abafundi bakaJesu bazibonakalisa kanjani behlukile ezixukwini?
▪ UJesu unikeza yiphi incazelo yomfanekiso womhlwanyeli?
▪ Abafundi bahluke kanjani ezixukwini zasogwini?
▪ Ubani noma yini emelelwa umhlwanyeli, insimu, imbewu enhle, isitha, isivuno, nabavuni?
▪ Imiphi eminye imifanekiso emithathu uJesu ayinikezayo, futhi singafundani kuyo?