Isahluko 60
Ukuboniswa Kusengaphambili Kwenkazimulo KaKristu YoMbuso
UJESU ufikele ezingxenyeni zeKesariya Filipi, futhi ufundisa isixuku esihlanganisa nabaphostoli bakhe. Wenza lesimemezelo esithusayo kubona: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”
‘Kazi uJesu usho ukuthini?’ abafundi kumelwe ukuba bayazibuza. Cishe esikhathini esingangesonto kamuva, uJesu uthatha uPetru, uJakobe, noJohane, futhi bakhuphukela entabeni ende. Ngokunokwenzeka kusebusuku, njengoba abafundi bozela. Lapho uJesu ethandaza, uphenduka esinye isimo phambi kwabo. Ubuso bakhe buqala ukukhanya njengelanga, nezingubo zakhe ziba mhlophe njengokukhanya.
Khona-ke, kuvela abantu ababili, abachazwa ngokuthi ‘uMose noEliya,’ futhi baqala ukukhuluma noJesu ‘ngokumuka kwakhe okuzokwenzeka eJerusalema.’ Ngokusobala lokhu kumuka kubhekisela ekufeni kukaJesu nokuvuka okuzolandela. Ngakho-ke, lengxoxo ibonisa ukuthi ukufa kwakhe okuyihlazo akuyona into yokugwenywa, njengoba uPetru ebefisa.
Sebephapheme ngokugcwele manje, abafundi bayabukela futhi balalela ngokumangala. Nakuba lokhu kungumbono, kubonakala kungokoqobo kakhulu kangangokuba uPetru uqala ukuhlanganyela kulesenzakalo, ethi: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe-ngelakho, elinye libe-ngelikaMose, elinye libe-ngelikaEliya.”
Esakhuluma uPetru, ifu elikhanyayo liyabasibekela, futhi izwi elivela kulelifu lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Lapho bezwa lelizwi, abafundi bawa ngobuso babo. Kodwa uJesu uthi: “Sukumani, ningesabi.” Lapho besukuma, ababoni-muntu ngaphandle kukaJesu.
Lapho behla entabeni ngosuku olulandelayo, uJesu uyayala: “Ningatsheli-muntu lowombono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.” Ukubonakala kukaEliya kulombono kuphakamisa umbuzo ezingqondweni zabafundi. Bayabuza: “Basholoni ababhali ukuthi uEliya umelwe ukufika kuqala na?”
“UEliya sewafika,” kusho uJesu, “abamazanga nokho.” Nokho, uJesu ukhuluma ngoJohane uMbhapathizi, owafeza indima efana nekaEliya. UJohane walungiselela uKristu indlela, njengoba noEliya enzela uElisha.
Yeka ukuthi lombono ubonakala uqinisa kanjani, kokubili kuJesu nakubafundi! Lombono, ngomqondo ongokomfanekiso, uwukuboniswa kusengaphambili kwenkazimulo yoMbuso kaKristu. Cishe abafundi babona “iNdodana yomuntu iza embusweni wayo,” njengoba nje uJesu ayethembisile esikhathini esingangesonto ngaphambili. Ngemva kokufa kukaJesu, uPetru wabhala ngokuba kwabo ‘abazibonela ngawabo amandla obukhosi bukaKristu lapho benaye entabeni engcwele.’
AbaFarisi babefune ukuba uJesu enze isibonakaliso sokubonisa ukuthi wayeyilowo othenjiswe emiBhalweni ukuba abe yiNkosi ekhethiwe kaNkulunkulu. Abazange banikwe isibonakaliso esinjalo. Ngakolunye uhlangothi, abafundi bakaJesu abaseduze bavunyelwa ukuba babone ukuphendukela kukaJesu kwesinye isimo njengokuqinisekisa iziprofetho zoMbuso. Ngakho-ke, uPetru kamuva wabhala: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu.” Mathewu 16:13, 28–17:13; Marku 9:1-13; Luka 9:27-37; 2 Petru 1:16-19.
▪ Ngaphambi kokuba banambithe ukufa, abanye bambona kanjani uKristu eza eMbusweni wakhe?
▪ Embonweni, uMose noEliya bakhuluma ngani noJesu?
▪ Kungani lombono uwusizo oluqinisa ukholo kangaka kubafundi?