Isahluko 81
Eminye Imizamo Yokubulala UJesu
NJENGOBA kusebusika, uJesu uhamba endaweni esithekile eyaziwa ngokuthi umpheme kaSolomoni. Ingasethempelini. Lapha amaJuda ayamhaqa abese eqala ukuthi: “Koze kube-nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”
“Nganitshela,” kuphendula uJesu, “kodwa anikholwanga.” UJesu akawatshelanga ngokuqondile ukuthi wayenguKristu, njengoba atshela owesifazane ongumSamariya emthonjeni. Nokho, eqinisweni, wayekwembulile ukuthi ungubani lapho ewachazela ukuthi ungowaphezulu futhi wayekhona ngaphambi kuka-Abrahama.
Nokho, uJesu ufuna abantu bazifinyelelele ngokwabo esiphethweni sokuthi unguKristu ngokuqhathanisa imisebenzi yakhe nalokho iBhayibheli elabikezela ukuthi uKristu wayeyokufeza. Yingakho ngaphambidlana ayala abafundi bakhe ukuba bangatsheli-muntu ukuthi unguKristu. Futhi yingakho manje eqhubeka ethi kulamaJuda anenzondo: “Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kodwa nina anikholwa.”
Kungani engakholwa? Ingabe kungenxa yokuntuleka kobufakazi bokuthi uJesu unguKristu? Cha, kodwa ngenxa yesizathu esinikezwa nguJesu lapho ewatshela: “Anisibo abezimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.”
Khona-ke uJesu uchaza ubuhlobo bakhe obuseduze noYise, ethi: “Mina noBaba simunye.” Njengoba uJesu esemhlabeni noYise esezulwini, ngokusobala akasho ukuthi yena noYise bamunye ngokoqobo, noma ngokomzimba. Kunalokho, usho ukuthi bamunye ngenjongo, ukuthi basebunyeni.
Ethukutheliswe amazwi kaJesu, amaJuda acosha amatshe ukuze ambulale, njengoba enza ngaphambili, phakathi noMkhosi Wamadokodo. Ebhekana ngesibindi nabafuna ukumbulala, uJesu uthi: “Nginitshengisé imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
“Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle,” bephendula, “kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.” Njengoba uJesu engakaze athi ungunkulunkulu, kungani amaJuda esho lokhu?
Ngokusobala kungoba uJesu uthi unamandla abakholelwa ukuthi akaNkulunkulu kuphela. Ngokwesibonelo, usanda kuthi ‘ngezimvu,’ “ngizinika ukuphila okuphakade,” okungokuthile okungekho-muntu ongakwenza. Nokho, amaJuda ayaliziba iqiniso lokuthi uJesu uyavuma ukuthi wamukela igunya kuYise.
Ukuthi uJesu uthi mncane kunoNkulunkulu, ukubonisa ngokulandelayo ngokubuza: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini [kumaHubo 82:6] ukuthi: Ngithé: Ningonkulunkulu, na? Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu . . . nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithé: NgiyiNdodana kaNkulunkulu, na?”
Njengoba imiBhalo ibiza ngisho nabahluleli abangalungile abangabantu ngokuthi “onkulunkulu,” yiliphi iphutha lamaJuda angalithola kuJesu ngokuthi, “NgiyiNdodana kaNkulunkulu”? UJesu uyanezela: “Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”
Lapho uJesu esho lokhu, amaJuda azama ukumbamba. Kodwa uyaphunyuka, njengoba enza ngaphambili eMkhosini Wamadokodo. Uyaphuma eJerusalema futhi uwelela ngaphesheya koMfula iJordani lapho uJohane aqala khona ukubhapathiza cishe eminyakeni emine ngaphambili. Ngokusobala lendawo ayikude nogu oluseningizimu loLwandle lwaseGalile, uhambo cishe lwezinsuku ezimbili ukusuka eJerusalema.
Abantu abaningi beza kuJesu kulendawo futhi baqala ukuthi: “UJohane nempela akenzanga-sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowomuntu kwakuqinisile.” Ngakho-ke lapha abaningi bakholwa nguJesu. Johane 10:22-42; 4:26; 8:23, 58; Mathewu 16:20.
▪ Kungayiphi indlela uJesu afuna abantu bamazi ngayo njengoKristu?
▪ Kungayiphi indlela uJesu noYise bemunye?
▪ Ngokusobala, kungani amaJuda ethi uJesu uzenza unkulunkulu?
▪ Ukucaphuna kukaJesu kumaHubo kubonisa kanjani ukuthi akasho ukuthi ulingana noNkulunkulu?