Isahluko 94
Isidingo Sokuthandaza Nesokuthobeka
NGAPHAMBILI, ngesikhathi eseJudiya, uJesu walandisa umfanekiso omayelana nokubaluleka kokuphikelela ekuthandazeni. Manje, ohambweni lwakhe lokugcina lokuya eJerusalema, uyaphinda ugcizelela isidingo sokungakuyeki ukuthandaza. UJesu cishe useseSamariya noma eGalile lapho elandisa abafundi bakhe omunye umfanekiso:
“Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki-muntu. Kulowomuzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: Ngizwele esitheni sami. Kwaba-yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki-muntu, nokho-ke ngokuba lomfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.”
UJesu ube esebonisa indlela indaba yakhe esebenza ngayo, ethi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?”
UJesu akaqondile ukuthi uJehova uNkulunkulu ngandlela-thile ufana nalowomahluleli ongalungile. Kunalokho, uma ngisho nomahluleli ongalungile eyosabela ezicelweni eziphikelelayo, akumelwe kungatshazwe ukuthi uNkulunkulu, olunge ngokuphelele nomuhle, uyophendula uma abantu bakhe bengakuyeki ukuthandaza. Ngakho uJesu uyaqhubeka: “Ngithi kini: [UNkulunkulu] uzakubezwela masinyane.”
Ukulunga ngokuvamile akwenziwa kwabaphansi nabampofu, kanti abanamandla nabacebile ngokuvamile bayathandwa. Nokho, uNkulunkulu ngeke aqikelele nje kuphela ukuthi ababi bajeziswa ngokulunga kodwa uyoqiniseka nangokuthi izinceku zakhe ziphathwa ngokulunga ngokuzinikeza ukuphila okuphakade. Kodwa bangaki abantu abakukholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu uyobangela ukuba ukulunga kwenziwe masinyane?
Ebhekisela ikakhulukazi okholweni oluhlobene namandla omthandazo, uJesu uyabuza: “Nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?” Nakuba lombuzo ushiywa ungaphenduliwe, okusikiselwayo kungenzeka kuwukuthi ukholo olunjalo luyobe lungavamile lapho uKristu efika emandleni oMbuso.
Phakathi kwalabo abalalele uJesu kunabathile abazizwa beqiniseke ngempela ngokholo lwabo. Bayazethemba ukuthi balungile, futhi babukela abanye phansi. Leliqembu kungenzeka lihlanganise ngisho nabathile babafundi bakaJesu. Ngakho ubhekisa umfanekiso olandelayo kwabanjalo:
“Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi. UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalomthelisi. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.”
AbaFarisi bayaziwa ngokubonisa ukulunga kwabo obala ukuze bahlabe abanye umxhwele. Izinsuku ezivamile zokuzila ukudla abazimisele khona uMsombuluko noLwesine, futhi bakukhokha ngokwethembeka okweshumi ngisho nokwezithombo ezincane zensimu. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, ukweyisa kwabo abantu abavamile kwabonakala phakathi noMkhosi wamaDokodo lapho bethi: “Lesisixuku esingawazi umthetho [okungukuthi, indlela abaFarisi abawuchaza ngayo] siqalekisiwe.”
Eqhuba umfanekiso wakhe, uJesu ulandisa ngomuntu onjalo ‘oqalekisiwe’: “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina-soni.” Ngenxa yokuthi umthelisi uwavume ngokuzithoba amaphutha akhe, uJesu uthi: “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”
Ngaleyondlela uJesu uyaphinda ugcizelela isidingo sokuthobeka. Njengoba bekhulele emphakathini lapho abaFarisi abazibona belungile benethonya elikhulu khona nalapho isikhundla kuyinto egcizelelwa njalo khona, akumangalisi ukuthi ngisho nabafundi bakaJesu bayathinteka. Nokho, yeka izifundo ezinhle ngokuthobeka ezifundiswa uJesu! Luka 18:1-14; Johane 7:49.
▪ Kungani umahluleli ongalungile esamukela isicelo somfelokazi, futhi isiphi isifundo esifundiswa yilomfanekiso kaJesu?
▪ Yiluphi ukholo oluyofunwa uJesu lapho efika?
▪ UJesu uwubhekisa kobani umfanekiso wakhe ophathelene nomFarisi nomthelisi?
▪ Yisiphi isimo sengqondo sabaFarisi okumelwe sigwenywe?