Isahluko 18
‘Ukufuna UMbuso Kuqala’
ISIHLOKO esiyinhloko seBhayibheli siwukungcweliswa kwegama likaJehova ngoMbuso wakhe. UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bafune uMbuso kuqala, bawubeke ngaphambi kwezinye izithakazelo ekuphileni. Ngani?
INqabayokulinda ngaso sonke isikhathi iye yachaza ukuthi ngenxa yokuthi unguMdali, uJehova unguMbusi Wendawo Yonke. Ufanelwe ukuhlonishwa kakhulu izidalwa zakhe. (IsAm. 4:11) Nokho, ekuqaleni impela komlando womuntu, indodana kaNkulunkulu yomoya eyazenza uSathane uDeveli ngokwedelela yabekela ubukhosi bukaJehova inselele. (Gen. 3:1-5) Ngaphezu kwalokho, uSathane wathi bonke abakhonza uJehova bakwenza ngezisusa zobugovu. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5; IsAm. 12:10) Ngaleyondlela ukuthula kwendawo yonke kwaphazanyiswa.
Sekuphele amashumi eminyaka manje, izincwadi ze-Watch Tower zichaza ukuthi uJehova uye wenza ilungiselelo lokuxazulula lezimpikiswano ngendlela engakhulisi nje amandla akhe amakhulu kuphela kodwa ekhulisa nobukhulu bokuhlakanipha kwakhe, ubulungisa bakhe, kanye nothando lwakhe. Ingxenye ebaluleke kakhulu yalelolungiselelo iwuMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya. NgalowoMbuso, isintu sinikezwa ithuba elikhulu lokufunda izindlela zokulunga. Ngawo, ababi bayobhujiswa, ubukhosi bukaJehova buyolwelwa, futhi iyofezwa injongo yakhe yokwenza umhlaba ube ipharadesi elihlala abantu abamthanda ngempela uNkulunkulu nabathandanayo futhi ababusiswe ngokupheleliswa kokuphila.
Ngenxa yokubaluleka kwawo, uJesu waluleka abalandeli bakhe: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu.” (Math. 6:10, 33) OFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla baye banikeza ubufakazi obuningi bokuthi bayazama ukulalela lesoseluleko.
Ukudela Konke Ngenxa YoMbuso
Esikhathini esingaphambili, abaFundi BeBhayibheli bakucabangela okwakushiwo ukufuna uMbuso kuqala. Bakhulumela umfanekiso kaJesu afanisa kuwo uMbuso neparele elinenani elikhulu kangangokuba umuntu othile “wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.” (Math. 13:45, 46) Bazindla ngokubaluleka kweseluleko uJesu asinika umbusi ocebile osemusha sokuba athengise konke, abele abampofu, abese emlandela. (Marku 10:17-30)a Baqaphela ukuthi ukuze bakufanelekele ukuhlanganyela eMbusweni kaNkulunkulu, kwakumelwe babeke uMbuso kuqala ezithakazelweni zabo, ngenjabulo basebenzise ukuphila kwabo, amakhono abo, amandla abo, enkonzweni yawo. Konke okunye kwakumelwe kuze kamuva ekuphileni.
UCharles Taze Russell uqobo wasisebenzisa lesoseluleko. Wathengisa ibhizinisi lakhe lezingubo zabesilisa elalichuma, kancane kancane wanciphisa ukuhileleka kwakhe kwamanye amabhizinisi, wayesesebenzisa zonke izinto ayenazo emhlabeni ukuze asize abantu ngendlela engokomoya. (Qhathanisa noMathewu 6:19-21.) Akuyona into ayenza iminyaka embalwa nje. Kuze kube sekufeni kwakhe, wasebenzisa konke anakho—ikhono lakhe lokucabanga, impilo yakhe engokomzimba, izinto zakhe ezibonakalayo—ukuze afundise abanye isigijimi esikhulu soMbuso kaMesiya. Emngcwabeni kaRussell umngane wakhe, uJoseph F. Rutherford, wathi: “UCharles Taze Russell wayeqotho kuNkulunkulu, eqotho kuKristu Jesu, eqotho enjongweni yoMbuso kaMesiya.”
Ngo-April 1881 (lapho kwakunabantu abangamakhulu ambalwa kuphela ababeza emihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli), INqabayokulinda (yesiNgisi) yakhipha isihloko esasithi “Kudingeka Abashumayeli Abangu-1 000.” Lokhu kwakuhlanganisa isimemo esasiya kwabesilisa nabesifazane okwakungenamikhaya ababeyondla sokuba baqale umsebenzi wokuba abashumayeli bevangeli abangama-colporteur. Isebenzisa ulimi olusemfanekisweni kaJesu okuMathewu 20:1-16, INqabayokulinda yabuza: “Obani abanesifiso esijulile sokuyosebenza esiVinini, futhi abebelokhu bethandazela ukuba iNkosi ivule indlela”? Labo ababenganikela okungenani ngengxenye yesikhathi sabo ekwenzeni umsebenzi weNkosi kuphela bakhuthazwa ukuba bafake izicelo. Ukuze ibasize ngezindleko zokuhamba, ukudla, izingubo zokugqoka, nendawo yokuhlala, i-Zion’s Watch Tower Tract Society yanikeza ama-colporteur okuqala izincwadi zeBhayibheli ayezozihambisa, yamisa umnikelo omncane owawungase ucelwe uma kuhanjiswa incwadi, futhi yanxusa ama-colporteur ukuba agcine ingxenye yemali etholakale kanjalo. Obani abasabela kulamalungiselelo futhi baqala inkonzo yama-colporteur?
Ngo-1885 kwakunama-colporteur angaba ngu-300 ayehlanganyela neNhlangano. Ngo-1914 inani ekugcineni ladlula kwabangu-1 000. Kwakungewona umsebenzi olula. Ngemva kokuya emakhaya abantu emadolobhaneni amane ethola abantu abathathu noma abane kuphela ababenesithakazelo ngezinga elithile, omunye wama-colporteur wabhala: “Kumelwe ngisho ukuthi ngizizwe nginesizungu ngokuya kude kangaka, ngikhulume nabantu abaningi, kodwa ngithole ukukhathalela okuncane kangaka okuboniswayo ngecebo likaNkulunkulu neBandla. Ngisizeni ngemithandazo yenu, ukuze ngidlulise iqiniso ngendlela efanele nangesibindi, futhi ngingakhathali ekwenzeni okuhle.”
Bazinikela Ngokuzithandela
Lawoma-colporteur ayengabahlahli bendlela ngempela. Angena ezingxenyeni zezwe ezazingafinyeleleki ngesikhathi izinto zokuhamba zazisaqala ukuba khona futhi imigwaqo, ngokuyinhloko, yayinjengezindledlana zenqola yamahhashi. UDade Early, eNew Zealand, ungomunye wabenza lokho. Eqale ngaphambi kweMpi Yezwe I, wanikela ngeminyaka engu-34 enkonzweni enjalo isikhathi esigcwele ngaphambi kokufa kwakhe ngo-1943. Wahlanganisa ingxenye enkulu yezwe ehamba ngebhayisikili. Ngisho nalapho egogeka ngenxa yesifo samathambo futhi engasakwazi ukuligibela, wayesebenzisa ibhayisikili ukuze ancike kulo futhi aphathe izincwadi zakhe ehamba ensimini enamabhizinisi eChristchurch. Wayekwazi ukukhuphuka ngezitebhisi, kodwa kwakumelwe ehle kuzo ehlehla ngenxa yokukhubazeka kwakhe okwamenza wagogeka. Nokho lapho nje ezizwa enamandla, wayewasebenzisa enkonzweni kaJehova.
Labantu abazange bangenele lomsebenzi ngoba bezethemba. Abanye babenamahloni ngokwemvelo, kodwa babemthanda uJehova. Ngaphambi kokuba afakaze ensimini enamabhizinisi, omunye udade onjalo wayecela ngamunye wabaFundi BeBhayibheli endaweni yakubo ukuba amthandazele. Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba ayezuza okuhlangenwe nakho, wawushisekela kakhulu lomsebenzi.
Lapho uMalinda Keefer ekhuluma noMfoweth’ uRussell ngo-1907 ngesifiso sakhe sokuqala inkonzo yesikhathi esigcwele, wathi wayenomuzwa wokuthi kudingeka athole ulwazi olwengeziwe kuqala. Eqinisweni, kwakuwunyaka owawandulela lowo athola ngawo ngokokuqala ngqá izincwadi zabaFundi BeBhayibheli. UMfoweth’ uRussell waphendula: “Uma ufuna ukulinda uze wazi konke ngeke uqale, kodwa uzofunda njengoba uyenza.” Ngaphandle kokuzindela, ngokushesha waqala e-Ohio, e-United States. Wayehlala ekhumbula iHubo 110:3, elithi: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo.” Eminyakeni engu-76 eyalandela, waqhubeka enza lokho kanye.b Waqala engashadile. Iminyaka engu-15 wajabulela ukukhonza eshadile. Kodwa ngemva kokuba umyeni wakhe eseshonile, waqhubeka njalo, ngosizo lukaJehova. Lapho ebheka emuva eminyakeni edlule, wathi: “Yeka indlela engibonga ngayo ngokuthi ngazinikela ngokuzithandela njengephayona lapho ngingowesifazane osemusha futhi ngaso sonke isikhathi ngabeka izithakazelo zoMbuso kuqala!”
Ekuqaleni lapho kuqhutshwa imihlangano kawonk’ uwonke, ngokuvamile kwakwenziwa amalungiselelo okuba kube nezimiso ezikhethekile nama-colporteur. Kwakuphendulwa imibuzo, kuqeqeshwe abasanda kuqala, futhi kunikezwe nesikhuthazo.
Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, kwaba nezinceku zikaJehova eziningi ngokwengeziwe ezazazisa uMbuso kaNkulunkulu kakhulu kangangokuba zagxilisa ukuphila kwazo kuwo. Ezinye zazo zakwazi ukubekela eceleni iminako yezwe futhi zazinikela ngokuphelele enkonzweni.
Ukunakekela Izidingo Zezinto Ezibonakalayo
Babezinakekela kanjani izidingo zabo zezinto ezibonakalayo? U-Anna Petersen (kamuva owaba nguRømer), umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele eDenmark, wakhumbula: “Sasithola usizo lokukhokhela izindleko zansuku zonke ngokuhambisa izincwadi, futhi izidingo zethu zazingenkulu. Uma izindleko zizinkulu, zazikhokhelwa ngandlela-thile. Odade babevame ukusipha okokugqoka, izingubo noma amajazi, futhi sasizigqoka ngalesosikhathi, ngakho sasigqoka kahle. Futhi ngezinye izikhathi zasebusika ngangenza umsebenzi wasehhovisi izinyanga ezimbalwa. . . . Ngokuthenga ngesikhathi sezindali, ngangithenga izingubo engangizozidinga unyaka wonke. Konke kwakuhamba kahle. Sasingaswele lutho.” Akuzona izinto ezibonakalayo ababekhathazeke ngazo ngokuyinhloko. Uthando lwabo ngoJehova nangezindlela zakhe lwalunjengomlilo owawuvutha phakathi kubo, futhi kwakumelwe nje balubonakalise.
Ngokuqondene nendawo yokuhlala babengase baqashe ikamelo elivamile ngenkathi behambela abantu kuleyondawo. Abanye babo babesebenzisa umahambanendlwana—ongenamicikilisho, oyindawo nje yokulala nokudla. Abanye babelala ematendeni njengoba besuka kwenye indawo beya kwenye. Kwezinye izindawo abazalwane babehlela ukuba kube ‘namakamu amaphayona.’ OFakazi kuleyondawo babelungisa ikhaya elithile, futhi umuntu oyedwa wayabelwa ukuba aqondise kulo. Amaphayona akhonza kuleyondawo ayesebenzisa lezindawo, futhi ayehlanganyela ekukhokheleni izindleko ezazihilelekile.
Lezizisebenzi zesikhathi esigcwele azizange zivumele ukuntula imali kuvimbele abantu abanjengezimvu ukuba bathole izincwadi zeBhayibheli. Ngokuvamile amaphayona esikhundleni semali ayamukela imikhiqizo enjengamazambane, ibhotela, amaqanda, izithelo ezintsha nezisemabhodleleni, izinkukhu, insipho, cishe nanoma yini enye. Ayengacebi; kunalokho, lokhu kwakuyindlela yokusiza abantu abaqotho ukuba bathole isigijimi soMbuso, kuyilapho ngesikhathi esifanayo ethola izidingo ezingokwenyama zokuphila ukuze lamaphayona aqhubeke nenkonzo yawo. Ayeqiniseka ngesithembiso esenziwa uJesu sokuthi uma ‘efuna umbuso kuqala nokulunga [kukaNkulunkulu],’ khona-ke ukudla nezambatho ezidingekayo kwakuyolungiselelwa.—Math. 6:33.
Ukuzimisela Ukukhonza Nomaphi Lapho Kunesidingo
Isifiso sazo esiqotho sokwenza umsebenzi uJesu ayewabele abafundi bakhe saholela izisebenzi zesikhathi esigcwele emasimini amasha, ngisho nasemazweni amasha. Lapho uFrank Rice emenywa ukuba ashiye i-Australia ayoqalisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle eJava (manje eyingxenye ye-Indonesia) ngo-1931, wayeneminyaka eyishumi kakade esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Kodwa manje kwakunemikhuba emisha, kanye nezilimi ezintsha okwadingeka azifunde. Wayengasebenzisa isiNgisi lapho efakaza kwabathile abeze ezitolo nasemahhovisi, kodwa wayefuna nokufakaza kwabanye. Wafunda ngokuzimisela, futhi ezinyangeni ezintathu wayesazi isiDashi esanele ukuba aqale ukuya endlini ngendlu. Wayesefunda isiMalay.
UFrank wayeneminyaka engu-26 kuphela ubudala lapho eya eJava, futhi engxenyeni enkulu yeminyaka eyisithupha ayelapho ngayo naseSumatra, wayesebenza yedwa. (Ngasekupheleni kuka-1931, uClem Deschamp noBill Hunter bafika bevela e-Australia bezosiza kulomsebenzi. Njengeqembu, bathatha uhambo lokushumayela maphakathi nezwe, kuyilapho uFrank esebenza enhloko-dolobha yaseJava nasemaphethelweni. Kamuva, uClem noBill nabo bathola izabelo ezabayisa ezindaweni ezihlukene.) Kwakungekho mihlangano yebandla uFrank ayeya kuyo. Ngezinye izikhathi kwakuba nesizungu esikhulu, futhi izikhathi eziningi wayelwa nemicabango yokuyeka aphindele e-Australia. Kodwa waqhubeka. Kanjani? Ukudla okungokomoya okuku-Nqabayokulinda kwasiza ekumqiniseni. Ngo-1937 wathuthela esabelweni e-Indochina, lapho asinda khona ngokulambisa phakathi nezinxushunxushu zobudlova ngemva kweMpi Yezwe II. Lowomoya wokuzimisela ukukhonza wawusekhona ngawo-1970 lapho ebhala ezwakalisa injabulo ayenayo ngephuzu lokuthi wonke umkhaya wakhe wawukhonza uJehova esho nokuthi yena nomkakhe babehlela ukuphinde bathuthele endaweni yase-Australia lapho indingeko yayinkulu khona.
‘Ukuthembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yabo’
UClaude Goodman wayezimisele ‘ukuthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe futhi anganciki kokwakhe ukuqonda,’ ngakho wakhetha inkonzo yama-colporteur njengomshumayeli wevangeli ongumKristu esikhundleni sethuba lebhizinisi lokuziphilisa. (IzAga 3:5, 6) Ekanye noRonald Tippin, owayemsizile ukuba afunde iqiniso, wakhonza njenge-colporteur eNgilandi isikhathi esingaphezu konyaka. Khona-ke, ngo-1929, bobabili bazenza batholakalela ukuya eNdiya.c Yeka inselele lokho okwayiletha!
Eminyakeni eyalandela, abagcinanga ngokuhamba ngezinyawo nangesitimela nangebhasi kodwa nangesitimela esithwala izimpahla, inqola yezinkabi, ikamela, isikebhe saseChina esigwedlwayo, urisho, ngisho nangendiza nesitimela esiqashiwe. Ngezinye izikhathi babendlala izingubo zabo zokulala emagumbini okulindela akwaloliwe, esibayeni sezinkomo, otshanini basehlathini, noma phansi lapho kusindwe khona ekotishi, kodwa kunezikhathi abalala ngazo emahotela aphambili nasezigodlweni zezinduna. Njengomphostoli uPawulu, bafunda imfihlo yokwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi babenokuncane noma benokuningi. (Fil. 4:12, 13) Ngokuvamile zazizincane kakhulu izinto ezibonakalayo ababenazo, kodwa abazange bakuswele ababekudinga ngempela. Sagcwaliseka kubo isithembiso sikaJesu sokuthi uma befuna uMbuso kuqala nokulunga kukaNkulunkulu, izidingo ezingokwenyama zokuphila zaziyonakekelwa.
I-dengue fever, umalaleveva, nesifo sokuqubuka kwezilonda emathunjini (typhoid) kwakuhlasele ngamandla, kodwa oFakazi abakanye nabo banikeza ukunakekela kothando. Kunenkonzo okwakumelwe ifezwe emafukwini asemadolobheni anjengeCalcutta, futhi kwakumelwe kufakazwe ezindaweni okutshalwa kuzo itiye ezintabeni zaseCeylon (manje eyiSri Lanka). Ukuze kwaneliswe izidingo zabantu ezingokomoya, kwakuhanjiswa izincwadi, kudlalwe izinkulumo eziqoshwe ngezilimi zendawo, kwakubekwa nezinkulumo. Njengoba umsebenzi wanda, uClaude wafunda nendlela yokusebenzisa umshini wokunyathelisa nokunakekela umsebenzi emahhovisi egatsha eNhlangano.
Onyakeni wakhe wama-87, wayengabheka emuva ekuphileni okucebe ngokuhlangenwe nakho okuningi enkonzweni kaJehova eNgilandi, eNdiya, ePakistan, eCeylon, eBurma (manje eyiMyanmar), eMalaya, eThailand, nase-Australia. Njengensizwa engashadile nanjengomyeni nobaba, wagcina uMbuso uza kuqala ekuphileni kwakhe. Kwakungakapheli neminyaka emibili ebhapathiziwe lapho eqala inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi wayibheka njengomsebenzi wakhe wakho konke ukuphila kwakhe.
Amandla KaNkulunkulu Apheleliswa Ebuthakathakeni
UBen Brickell wayengomunye walaboFakazi abashisekayo—enjengabanye abantu, ngokuthi wayenezidingo nokugula okunjengokwabo. Wayenokholo oluvelele. Ngo-1930 waqala umsebenzi wama-colporteur eNew Zealand, lapho ayefakaza emasimini angazange aphinde ahlanganiswe emashumini amaningi eminyaka kamuva. Eminyakeni emibili kamuva, e-Australia, wathatha uhambo lwezinyanga ezinhlanu lokuyoshumayela edabula ezweni eliwugwadule lapho kwakungakaze kufakazwe khona. Ibhayisikili lakhe lalisindwa izingubo zokulala, nezokugqoka, ukudla, nezincwadi ayezozihambisa. Nakuba abanye abantu babeye bafa lapho bezama ukuhamba kulendawo, waphikelela, ethembele kuJehova. Ngokulandelayo, wakhonza eMalaysia, lapho aba nezinkinga ezingathi sína zenhliziyo. Akazange ayeke. Ngemva kwenkathi yokululama, waqala umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele e-Australia. Cishe eshumini leminyaka kamuva, ukugula okungathi sína kwamlalisa esibhedlela, futhi lapho ededelwa udokotela wamtshela ukuthi “wayesephelelwe amandla okusebenza ngezinga lamaphesenti angu-85.” Wayengasakwazi ngisho nokwehla ngomgwaqo eyothenga ngaphandle kokuhamba ephumula.
Kodwa uBen Brickell wayezimisele ukubuye aqhubeke, futhi waqhubeka, ehambe ephumula uma kudingeka. Ngokushesha wabuya efakaza emaphandleni amigoxigoxi e-Australia. Wenza konke angakwenza ukuze anakekele impilo yakhe, kodwa inkonzo yakhe kuJehova kwakuyiyona eza kuqala ekuphileni kwakhe kwaze kwaba sekufeni kwakhe eminyakeni engu-30 kamuva esevile eminyakeni engu-60 ubudala.d Waqaphela ukuthi lokho ayekuntula ngenxa yobuthakathaka bakhe kwakuyogcwaliswa ngamandla kaJehova. Emhlanganweni eMelbourne ngo-1969, wakhonza emnyangweni wamaphayona efake ibheji elikhulu, lifundeka kanje: “Uma ufuna ukwazi ngobuphayona, buza mina.”—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:7-10.
Ukufinyelela Amadolobhana Aphakathi Kwamahlathi Nezindlu Zasemayini Ezisentabeni
Ukushisekela inkonzo kaJehova akushukumiselanga abesilisa kuphela ukuba bahlanganyele emsebenzini emasimini angakathintwa kodwa kwashukumisa nabesifazane. UFreida Johnson wayengomunye wabagcotshiwe, owayemncanyana evile eminyakeni engu-50 lapho esebenza yedwa ezingxenyeni zeMelika Ephakathi, ehlanganisa izindawo ezinjengogu olusenyakatho lweHonduras egibele ihhashi. Wayedinga ukholo ukuze asebenze yedwa kulendawo, ehambela amasimu kabhanana agqagqene, amadolobha aseLa Ceiba, eTela, naseTrujillo, ngisho nasezingxenyeni ezikude emadolobhaneni angawodwa aseCarib. Wafakaza lapho ngo-1930 nango-1931, waphinda ngo-1934, ngo-1940 nango-1941, ehambisa izinkulungwane zezincwadi eziqukethe iqiniso leBhayibheli.
Phakathi naleyominyaka esinye isisebenzi esishisekayo saqalisa umsebenzi waso enkonzweni yesikhathi esigcwele. Lesi kwakunguKathe Palm, owazalelwa eJalimane. Okwamshukumisela kulesinyathelo kwakuwukuba khona emhlanganweni eColumbus, e-Ohio, ngo-1931, lapho abaFundi BeBhayibheli bamukela khona igama elithi oFakazi BakaJehova. Yilesosikhathi-ke anquma ngaso ukufuna kuqala uMbuso, futhi ngo-1992, eneminyaka engu-89 ubudala, wayesaqhubeka enza lokho.
Inkonzo yakhe yokuphayona yaqala eDolobheni laseNew York. Kamuva, eNingizimu Dakota, wayenothile asebenza naye izinyanga ezimbalwa kodwa wabuye waqhubeka yedwa, ehamba ngehhashi. Lapho emenyelwa ukukhonza eColombia, eNingizimu Melika, wavuma kalula, wafika khona ngasekupheleni kuka-1934. Nakulokhu, waba nothile asebenza naye isikhathi esifushane kodwa wabuye waba yedwa. Lokhu akuzange kumenze abe nomuzwa wokuthi kumelwe ayeke.
Umbhangqwana othile wammema ukuba asebenze nawo eChile. Kwakunensimu enkulu nalapha, eyayiyibanga elingamakhilomitha angu-4 265 ngasogwini olusentshonalanga ezwekazini laseNingizimu Melika. Ngemva kokushumayela ezakhiweni zamahhovisi ezisenhloko-dolobha, wasuka waya enyakatho ekude. Kuzo zonke izinkomponi, ezinkulu noma ezincane, wayefakaza endlini ngendlu. Izisebenzi eziphezulu e-Andes zazimangazwa ukuvakashelwa owesifazane ehamba yedwa, kodwa wayezimisele ukubona wonke umuntu endaweni ayeyabelwe. Kamuva, wathuthela eningizimu, lapho ama-estancia (amapulazi ezimvu) ambalwa ayehlanganisa khona amahekthare acishe abe ngu-100 000. Abantu balapho babenobungane bengenisa izihambi futhi babemmema nokuba adle nabo. Ngalendlela nangezinye, uJehova wayemnakekela, ukuze abe nezinto ezingokwenyama azidingayo ekuphileni.
Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuye kwenza ukuphila kwakhe kwaba okwanelisayo.e Lapho ebheka emuva eminyakeni yakhe yenkonzo, wathi: “Nginomuzwa wokuthi ngiye ngaba nokuphila okucebe kakhulu. Unyaka ngamunye lapho ngiya emhlanganweni wabantu bakaJehova, ngiba nomuzwa wenjabulo nokwaneliseka njengoba ngibona abantu abaningi kangaka engiye ngabaqhubela izifundo zeBhayibheli besakaza izindaba ezinhle, besiza abanye ukuba beze emanzini okuphila.” Uye wajabulela ukubona inani labadumisi bakaJehova eChile landa lisuka kwabacishe babe ngu-50 liya kwabangaphezu kwabangu-44 000.
“Nangu Mina; Ngithume Mina”
Ngemva kokulalela inkulumo eyayisekelwe esimemweni sikaJehova senkonzo njengoba silotshwe ku-Isaya 6:8 kanye nempendulo eqondile yomprofethi, “Nangu mina; ngithume mina,” uMartin Poetzinger, eJalimane, wabhapathizwa. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1930, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele eBavaria.f Ngokushesha nje, iziphathimandla zalapho zakwenqabela ukushumayela koFakazi, izindawo zemihlangano zavalwa, futhi izincwadi zathathwa. AmaGestapo aba usongo. Kodwa lezozenzakalo zango-1933 azizange ziyiphelise inkonzo kaMfoweth’ uPoetzinger.
Wamenywa ukuba akhonze eBulgaria. Amakhadi obufakazi esiBulgaria ayesetshenziselwa ukwethula izincwadi zeBhayibheli. Kodwa abantu abaningi babengafundile. Ngakho, uMfoweth’ uPoetzinger wathatha izifundo zokufunda ulimi lwabo, olwalusebenzisa ama-alfabhethi kaCyril. Lapho umkhaya ushiyelwa incwadi, ngokuvamile kwakudingeka kube abantwana abafundela abazali babo.
Ingxenye enkulu yonyaka wokuqala, uMfoweth’ uPoetzinger wayeyedwa, futhi wabhala: “ESikhumbuzweni, ngabeka inkulumo, ngathandaza, futhi ngaphetha umhlangano ngingedwa.” Phakathi no-1934, abantu bakwamanye amazwe baxoshwa, ngakho waya eHungary. Lapho kwadingeka afunde olunye ulimi ukuze ahlanganyele izindaba ezinhle nabanye. Wasuka eHungary waya emazweni ngalesosikhathi ayaziwa ngokuthi iCzechoslovakia neYugoslavia.
Kuningi okuhlangenwe nakho okujabulisayo aba nakho—ukuthola abathanda iqiniso njengoba ehamba emaphandleni nasemadolobhaneni, etshethe isikhwama esigcwele izincwadi; ebona ukunakekela kukaJehova njengoba abantu abangenisa izihambi bemnika ukudla ngisho nombhede wokulala ebusuku; ekhuluma kuze kube sebusuku kakhulu nalabo ababeza lapho ayehlala khona bezokuzwa okwengeziwe ngesigijimi esiduduzayo soMbuso.
Kwakunovivinyo olunzima lokholo. Lapho ekhonza ezweni ayengadabuki kulo, futhi engenamali, wagula kakhulu. Akukho dokotela owayezimisele ukumelapha. Kodwa uJehova wamlungiselela. Kanjani? Ekugcineni, kwaxhunyanwa nochwepheshe othile wesibhedlela sendawo. Lendoda, eyayikholelwa ngokuqinile eBhayibhelini, yanakekela uMfoweth’ uPoetzinger njengoba yayinganakekela indodana yayo, ikwenza mahhala. Lodokotela wayehlatshwe umxhwele umoya wokuzidela walensizwa owawubonakala emsebenzini eyayiwenza, futhi wamukela njengesipho izincwadi ezithile zeNhlangano.
Olunye uvivinyo olunzima lweza ezinyangeni ezine ngemva komshado. UMfoweth’ uPoetzinger waboshwa ngo-December 1936 futhi waqale wavalelwa kwelinye ikamu lokuhlushwa kwase kuba kwelinye, kuyilapho umkakhe evalelwe kwelinye ikamu elinjalo. Abazange babonane iminyaka eyisishiyagalolunye. UJehova akazange aluvimbele ushushiso olunjalo olunonya, kodwa wamqinisa uMartin, nomkakhe uGertrud, kanye nezinkulungwane zabanye ukuba balukhuthazelele.
Ngemva kokuba yena nomkakhe sebekhululiwe, uMfoweth’ uPoetzinger wajabulela iminyaka eminingi yenkonzo njengombonisi ojikelezayo eJalimane. Waba khona emihlanganweni evusa amadlingozi eyaqhutshwa enkathini engemva kwempi ezinkundleni zokumasha okwakungezikaHitler eNuremberg. Kodwa manje lezozinkundla zazigcwele izixuku zabasekeli abaqotho boMbuso kaNkulunkulu. Waba khona emihlanganweni engenakulibaleka eYankee Stadium eNew York. Wakujabulela ngokugcwele ukuqeqeshwa kwakhe e-Watchtower Bible School of Gilead. Futhi ngo-1977 waba ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Umbono wakhe, kuze kube yilapho eqeda khona inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-1988, ungavezwa kahle ngalamazwi: ‘Nakhu engikwenzayo—ukufuna uMbuso kuqala.’
Ukuqonda Lokho Okukushoyo Ngempela
Umoya wokuzidela ngokusobala awuyona into entsha phakathi koFakazi BakaJehova. Lapho kukhishwa umqulu wokuqala ngqá we-Millennial Dawn emuva ngo-1886, indaba yokuzinikezela yakhulunyelwa ngokungagunci. Kwavezwa ngesisekelo semiBhalo ukuthi amaKristu eqiniso “anikezela” konke kuNkulunkulu; lokho kuhlanganisa amakhono awo, izinto zawo ezibonakalayo, ukuphila kwawo uqobo. Ngakho amaKristu aba abaphathi balokho okuye “kwanikezelwa” kuNkulunkulu, futhi njengabaphathi, kumelwe balandise—hhayi kubantu kodwa kuNkulunkulu.
Inani elikhulayo labaFundi BeBhayibheli lazidela ngempela enkonzweni kaNkulunkulu. Lawasebenzisa ngokugcwele amakhono alo, impahla yalo, kanye namandla alo obungqabavu, ekwenzeni intando yakhe. Ngakolunye uhlangothi, kwakunalabo ababenomuzwa wokuthi okwakubaluleke kakhulu kwakuwukuhlakulela ubuntu bobuKristu ukuze bakwazi ukufanelekela ukuhlanganyela eMbusweni noKristu.
Nakuba uMfoweth’ uRussell ngokuvamile ayekhuluma ngomthwalo wemfanelo womKristu weqiniso ngamunye wokufakaza kwabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, lokhu kwagcizelelwa ngisho nakakhulu ngemva kweMpi Yezwe I. Isihloko esithi “Ubuntu Noma Isivumelwano—Yikuphi?” esasiku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-May 1, 1926, siyisibonelo esiphawulekayo. Sakhuluma ngokungagunci ngemiphumela elimazayo yalokho okwakubizwa ngokuthi ukuthuthukisa ubuntu sase sigcizelela ukubaluleka kokufeza izibopho umuntu anazo kuNkulunkulu ngezenzo.
Ngaphambili, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1920, yayihlole isiprofetho esikhulu sikaJesu esiphathelene ‘nesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesokuphela kwezwe.’ (Math. 24:3, KJ) Yagxilisa ukunakekela emsebenzini wokushumayela okumelwe wenziwe ukuze kugcwaliseke uMathewu 24:14 futhi yachaza isigijimi okumelwe sishunyayelwe, ithi: “Izindaba ezinhle kulokhu ziphathelene nokuphela kohlelo oludala lwezinto kanye nokumiswa kombuso kaMesiya.” INqabayokulinda yachaza ukuthi ngesisekelo sokuthi uJesu wakusho kuphi lokhu ngokuhlobene nezinye izici zesibonakaliso, lomsebenzi kwakuyomelwe ufezwe “phakathi nesikhathi sempi yezwe enkulu [iMpi Yezwe I] nesikhathi ‘sosizi olukhulu’ iNkosi eyakhuluma ngalo kuMathewu 24:21, 22.” Lowomsebenzi wawuphuthuma. Obani ababezowenza?
Ngokusobala lomthwalo wemfanelo wawusemahlombe amalungu “ebandla,” ibandla lamaKristu eqiniso. Nokho, ngo-1932, nge-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-August 1, lamalungu alulekwa ukuba akhuthaze “isigaba samaJehonadaba” ukuba sihlanganyele nawo emsebenzini, ngokuvumelana nomoya wesAmbulo 22:17. Isigaba samaJehonadaba—esithemba laso liwukuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi—sasabela, futhi abaningi kuso basabela ngentshiseko.
Ukubaluleka okukhulu kwalomsebenzi kuye kwagcizelelwa ngamandla: “Ukuhlanganyela enkonzweni yeNkosi kubaluleke njengokuba khona emhlanganweni,” kusho INqabayokulinda (yesiNgisi) ngo-1921. Ngo-1922 yaveza lokhu: “Umuntu ngamunye kumelwe abe umshumayeli wevangeli.” Ngo-1949 yathi: “UJehova uye wenza ukushumayela kwaba umsebenzi obaluleke kakhulu noma ubani kithi angawenza kulelizwe.” Lokho umphostoli uPawulu akusho kweyoku-1 Korinte 9:16 kuye kwacashunwa njalo: “Ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!” Lombhalo uye wasetshenziswa kumuntu ngamunye onguFakazi kaJehova.
Bangaki Abashumayelayo? Ngezinga Elingakanani? Ngani?
Ingabe bakhona ababephoqwa ukuba bahlanganyele kulomsebenzi uma bengathandi? “Cha,” kuphendula INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-August 1, 1919, “akekho ophoqwayo ukuba enze noma yini. Konke kumane kuyinkonzo yokuzithandela, eyenziwa ngenxa yothando ngeNkosi nangecebo layo lokulunga. UJehova akalokothi abuthe abantu ngempoqo.” Ngokuqondene namandla ashukumisela umuntu ekwenzeni inkonzo enjalo INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-September 1, 1922, yabuye yathi: “Umuntu ebonga ngokusuka enhliziyweni futhi ekwazisa ngempela lokho uNkulunkulu amenzele khona uyofuna ukumenzela okuthile naye; futhi njengoba kwanda ukwazisa anakho ngomusa kaNkulunkulu kuye, uthando lwakhe luyoba lukhulu; futhi uma uthando lwakhe lulukhulu, siyoba sikhulu isifiso sokumkhonza.” Kwachazwa ukuthi uthando ngoNkulunkulu lubonakaliswa ngokugcina imiyalo yakhe, futhi omunye waleyomiyalo uwukushumayela izindaba ezijabulisayo zoMbuso kaNkulunkulu.—Isaya 61:1, 2; 1 Joh. 5:3.
Labo abaye benza lenkonzo abazange bayengwe yinoma imuphi umqondo wezwe wokufuna ukuvelela. Baye batshelwa ngokungagunci ukuthi lapho beya endlini ngendlu noma behambisa izincwadi emajikeni emigwaqo, bayobhekwa ‘njengabayiziwula, ababuthakathaka, nabaphansi,’ ukuthi ‘babeyodelelwa, bashushiswe,’ nokuthi bayofakwa esigabeni ‘sabangelutho ngokombono wezwe.’ Kodwa bayazi ukuthi uJesu nabafundi bakhe bokuqala baphathwa ngendlela efanayo.—Joh. 15:18-20; 1 Kor. 1:18-31.
Ingabe oFakazi BakaJehova bacabanga ukuthi ngandlela-thile basindiswa ngomsebenzi wabo wokushumayela? Lutho neze! Incwadi ethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, eye yasetshenziswa kusukela ngo-1983 ekusizeni abafundi ukuba bathuthukele ekuvuthweni kobuKristu, iyakhuluma ngalendaba. Ithi: “Umhlatshelo kaJesu futhi uye wasivulela ithuba lokuphila okuphakade . . . Lona akuwona umvuzo esiwufanele. Kungakhathaliseki ukuthi senza okungakanani enkonzweni kaJehova, asisoze sakwazi ukuzenza sifanelekele ukuba uNkulunkulu asikwelete ukuphila. Ukuphila okuphakade ‘kuyisipho somusa sikaNkulunkulu . . . ngoKristu Jesu iNkosi yethu.’ (Roma 6:23; Efe. 2:8-10) Nokho, uma sinokholo kulesosipho futhi sazisa indlela esenziwa ngayo, siyokubonakalisa lokhu. Uma siqonda indlela emangalisayo uJehova aye wasebenzisa ngayo uJesu ekufezeni intando yaKhe nokuthi kubaluleke kangakanani ukuba sonke silandele izinyathelo zikaJesu eduze, siyokwenza inkonzo yobuKristu ibe ngenye yezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwethu.”
Ingabe kungashiwo ukuthi bonke oFakazi BakaJehova bangabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu? Yebo! Yilokho okushiwo ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Esikhathini esingaphezu kwengxenye yekhulu leminyaka esidlule, kwakunabanye ababenomuzwa wokuthi kwakungadingekile ukuba babe nengxenye enkonzweni yasensimini, ukuphuma baye endaweni esobala nasendlini ngendlu. Kodwa namuhla abekho oFakazi BakaJehova abangase bathi bakhululiwe ekwenzeni inkonzo enjalo ngenxa yesikhundla abanaso ebandleni abakulo noma enhlanganweni yomhlaba wonke. Abesilisa nabesifazane kanye nabancane nabadala bayahlanganyela. Bakubheka njengelungelo eliyigugu, inkonzo engcwele. Abaningi bayenza naphezu kokugula okungathi sína. Noma yibaphi abahlulekayo ukuya endlini ngendlu ngenxa yokukhubazeka emzimbeni, bathola ezinye izindlela zokufinyelela abantu futhi bafakaze kubo ngokomuntu siqu.
Esikhathini esidlule, ngezinye izikhathi kwakuba nokuthambekela kokuvumela abasanda kuhlanganyela ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngaphambi kwesikhathi. Kodwa emashumini eminyaka amuva, kuye kwagcizelelwa kakhulu ukuba bafaneleke ngaphambi kokuba bamenywe. Kusho ukuthini lokho? Akusho ukuthi kumelwe bakwazi ukuchaza konke okuseBhayibhelini. Kodwa, njengoba incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ichaza, kumelwe bazi futhi bakholelwe izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Futhi kumelwe babe sebephila ukuphila okuhlanzekile, ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli. Umuntu ngamunye kumelwe akufune ngempela ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova.
Akulindelekile ukuba bonke oFakazi BakaJehova bashumayele ngezinga elifanayo. Izimo zabantu ziyahluka. Ubudala, impilo, imithwalo yemfanelo yomkhaya, kanye nokujula kokwazisa yizo zonke izici ezinqumayo. Lokhu kuye kwaqashelwa ngaso sonke isikhathi. Lokhu kwagcizelelwa INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 1, 1950, lapho ixoxa ‘ngomhlabathi omuhle’ emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli, okuLuka 8:4-15. Ethi IMfundo YeSikole Senkonzo SoMbuso (yesiNgisi), eyayihlelelwe abadala ngo-1972, yahlaziya imfuneko ‘yokuba umuntu athande uJehova ngawo wonke umphefumulo’ futhi yachaza ukuthi “okubalulekile akukhona ukuthi umuntu wenza okungakanani uma kuqhathaniswa nalokho omunye akwenzayo, kodwa ukwenza lokho angase akwenze.” (Marku 14:6-8) Nokho, ikhuthaza ukuzihlola okuqotho, yabonisa nokuthi uthando olunjalo lusho “ukuthi sonke isici sokuphila komuntu sihilelekile ekukhonzeni uNkulunkulu ngothando; awukho umsebenzi, ikhono noma isifiso ekuphileni okungahilelekile.” Wonke amakhono ethu, wonke umphefumulo wethu, kumelwe kusetshenziselwe ukwenza intando kaNkulunkulu. Leyonwadi yagcizelela ukuthi “uNkulunkulu akafuni ukuhlanganyela kuphela, kodwa ufuna inkonzo yomphefumulo wonke.”—Marku 12:30.
Ngeshwa, ukuthambekela kwabantu abangaphelele kuwukweqisa, ukugxila entweni ethile kuyilapho bedebesela enye. Ngakho, emuva ngo-1906, uMfoweth’ uRussell wakuthola kudingekile ukuxwayisa ngokuthi ukuzidela akusho ukuhluphekisa abanye. Akusho ukuhluleka komuntu ukunakekela umkakhe, abantwana abathembele kuye, noma abazali asebekhulile ukuze akhululeke ukuba ashumayeze abanye. Khona-ke ngezikhathi ezithile kusukela ngalesosikhathi, izikhumbuzo ezifanayo ziye zavela ezincwadini ze-Watch Tower.
Kancane kancane, ngosizo lweZwi likaNkulunkulu, yonke inhlangano iye yafuna ukufinyelela ukulinganisela kobuKristu—ibonakalisa ukushisekela inkonzo kaNkulunkulu, kuyilapho izinakekela ngokufanele zonke izici zokuba amaKristu angempela. Nakuba “ukuthuthukisa ubuntu” kwakusekelwe ekuqondeni okungalungile, INqabayokulinda iye yabonisa ukuthi izithelo zomoya nokuziphatha kobuKristu akumelwe kubukelwe phansi. Ngo-1942, INqabayokulinda (yesiNgisi) ngokungagunci yathi: “Abanye ngobuwula baye baphetha ngokuthi uma beye bahlanganyela emsebenzini wokufakaza endlini ngendlu ngeke bajeziswe lapho bephishekela noma iyiphi inkambo enganelisa izinkanuko zabo. Umuntu kufanele akhumbule ukuthi ukuhlanganyela ekufakazeni kukodwa akukhona kuphela okudingekayo.”—1 Kor. 9:27.
Ukubeka Kuqala Izinto Eziza Kuqala
OFakazi BakaJehova baye baqaphela ukuthi ‘ukufuna kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu’ kuhilela ukubeka kuqala izinto eziza kuqala. Kuhlanganisa nokusinikeza indawo efanele ekuphileni komuntu isifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu kanye nokuba khona njalo emihlanganweni yebandla nokungavumeli eminye iminako ize kuqala. Kuhilela ukwenza izinqumo ezibonisa isifiso esiqotho sokwenza ngokuvumelana nezimfuneko zoMbuso kaNkulunkulu, njengoba zivezwe eBhayibhelini. Lokho kuhlanganisa ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli njengesisekelo sezinqumo ezihilela ukuphila komkhaya, ukuzijabulisa, imfundo yezwe, umsebenzi, imikhuba yezebhizinisi, kanye nokusebenzelana nabantu umuntu aphila nabo.
Ukufuna uMbuso kuqala kungaphezu nje kokuba nengxenye inyanga ngayinye ekukhulumeni nabanye ngenjongo kaNkulunkulu. Kusho ukuba umuntu enze izithakazelo zoMbuso zize kuqala kukho konke ukuphila kwakhe, kuyilapho ezinakekela ngokufanele ezinye izibopho ezingokomBhalo.
Kunezindlela eziningi oFakazi BakaJehova abazinikele abazithuthukisa ngazo izithakazelo zoMbuso.
Ilungelo Lenkonzo YaseBethel
Abanye bakhonza njengamalungu omkhaya wembulunga yonke waseBethel. Laba bayizisebenzi eziyizikhonzi zesikhathi esigcwele eziye zavuma ngokuzithandela ukwenza noma yini ezingase ziyabelwe ekuhleleni nasekunyatheliseni izincwadi zeBhayibheli, ekunakekeleni umsebenzi wasehhovisi odingekayo, nasekwenzeni izinkonzo ezisekela imisebenzi enjalo. Lona akuwona umsebenzi obenza bavelele noma babe nezinto ezibonakalayo. Isifiso sabo siwukudumisa uJehova, futhi bayaneliswa amalungiselelo abawenzelwayo okudla, izindawo zokulala, kanye nenkokhelo elinganiselwe yokuhlangabezana nezindleko zomuntu siqu. Ngokwesibonelo, ngenxa yendlela yokuphila yomkhaya waseBethel, iziphathimandla zezwe e-United States zibabheka njengamalungu ohlelo lwenkolo amukele isifungo sobumpofu. Labo abaseBethel bayakujabulela ukusebenzisa ukuphila kwabo ngokugcwele enkonzweni kaJehova nasekwenzeni umsebenzi ozuzisa abafowabo abaningi abangamaKristu nabantu abasanda kuthakazela, ngezinye izikhathi emhlabeni wonke. Njengabanye oFakazi BakaJehova, nabo bahlanganyela njalo enkonzweni yasensimini.
Umkhaya wokuqala waseBethel (noma, umkhaya waseBible House, njengoba wawaziwa kanjalo) wawuse-Allegheny, ePennsylvania. Ngo-1896, izisebenzi zazingu-12. Ngo-1992, kwakunamalungu omkhaya waseBethel angaphezu kwangu-12 900 ayekhonza emazweni angu-99. Ngaphezu kwalokho, lapho ingekho indawo yokuhlala eyanele ezakhiweni zeNhlangano, ezinye izisebenzi eziningi zokuzithandela ziye zaya emakhaya nasemafektri aseBethel nsuku zonke ukuze zihlanganyele emsebenzini. Ziye zakubheka njengelungelo ukuba nengxenye emsebenzini owenziwayo. Uma kudingeka, izinkulungwane zabanye oFakazi zishiya imisebenzi yokuziphilisa neminye imisebenzi izikhathi ezishiyanayo ngobude ukuze zisize ekwakhiweni kwezakhiwo ezidingwa iNhlangano ezizosetshenziselwa ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu okwenziwa embulungeni yonke.
Amaningi amalungu omkhaya waseBethel wembulunga yonke aye akwenza kwaba umsebenzi wawo wokuphila. UFrederick W. Franz owaba umongameli wesine we-Watch Tower Society ngo-1977, ngalesosikhathi kakade wayesebe ilungu lomkhaya waseBethel eNew York iminyaka engu-57, futhi waqhubeka nenkonzo yaseBethel eminye iminyaka engu-15, waze wafa ngo-1992. UHeinrich Dwenger waqala inkonzo yakhe yaseBethel eJalimane ngo-1911, ngemva kwalokho ngesizotha ekhonza nomaphi lapho ayabelwa khona; futhi ngo-1983, okuwunyaka ashona ngawo, wayesajabulela inkonzo yakhe njengelungu lomkhaya waseBethel eThun, eSwitzerland. UGeorge Phillips, waseScotland, wamukela isabelo sokuya ehhovisi legatsha laseNingizimu Afrika ngo-1924 (ngenkathi lisaqondisa umsebenzi wokushumayela kusukela eKapa kuya eKenya) futhi waqhubeka ekhonza eNingizimu Afrika kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1982 (okuyisikhathi okwakukhona ngaso amahhovisi egatsha eNhlangano ayisikhombisa noFakazi abangaba ngu-160 000 kuleyongxenye yomhlaba). Odade abangamaKristu, njengoKathryn Bogard, Grace DeCecca, Irma Friend, Alice Berner, noMary Hannan, nabo banikela ngokuphila kwabo enkonzweni yaseBethel njengabantu abadala, benza lokho kwaze kwaba sekugcineni. Amanye amalungu amaningi omkhaya waseBethel ngokufanayo aye akhonza iminyaka eyi-10, 30, 50, 70, nangaphezulu.g
Ababonisi Abajikelezayo Abazidelayo
Emhlabeni wonke, kunababonisi besifunda nabesigodi abacishe babe ngu-3 900, benomkabo, banakekela izabelo nomaphi lapho bedingeka khona, ngokuvamile ezweni abazalelwa kulo. Abaningi balaba baye bashiya amakhaya futhi manje bahamba masonto onke noma njalo ngemva kwamasonto ambalwa ukuze bakhonze amabandla abawabelwe. Abatholi holo kodwa bayaneliswa ukudla nendawo yokuhlala lapho bekhonza khona, kanye nelungiselelo elilinganiselwe lokuhlangabezana nezindleko zomuntu siqu. E-United States, lapho kwakunababonisi besifunda nabesigodi abangu-499 ababekhonza ngo-1992, labadala abajikelezayo ngokwesilinganiso baneminyaka engu-54 ubudala, futhi abanye babo bebelokhu bekhonza kulomkhakha iminyaka engu-30, 40, noma ngaphezulu. Emazweni amaningi, lababonisi bahamba ngezimoto. Insimu esendaweni yasePacific ngokuvamile yenza kudingeke kusetshenziswe izindiza zokuthutha kanye nezikebhe. Ezindaweni eziningi ababonisi besifunda bafinyelela amabandla akude begibele amahhashi noma behamba ngezinyawo.
Amaphayona Afeza Isidingo Esibalulekile
Ukuze kuqaliswe ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle ezindaweni oFakazi abangekho kuzo, noma kunikezwe usizo olungase ludingeke ngokukhethekile endaweni ethile, iNdikimba Ebusayo ingase ihlele ukuba kuthunyelwe amaphayona akhethekile. Laba abashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele abanikela okungenani ngamahora angu-140 inyanga ngayinye enkonzweni yasensimini. Bazenza batholakalele ukukhonza nomaphi lapho bedingeka khona ezweni lakubo, noma kwezinye izimo, emazweni angomakhelwane. Njengoba izimfuneko zabo zenkonzo zibenza babe nesikhathi esincane uma sikhona sokwenza umsebenzi wokuziphilisa ukuze banakekele izidingo zezinto ezibonakalayo, banikezwa inkokhelo elinganiselwe yokukhokhela izindleko zendawo yokuhlala nezinye izidingo. Ngo-1992 kwakunamaphayona akhethekile angaphezu kwangu-14 500 ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba.
Lapho amaphayona akhethekile okuqala ethunyelwa ngo-1937, ahola emsebenzini wokudlalela abaninikhaya emizini yabo izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe futhi esebenzisa amarekhodi njengesisekelo sezingxoxo zeBhayibheli ezimpindelweni. Lokhu kwakwenziwa emadolobheni amakhulu okwase kunamabandla kakade kuwo. Ngemva kweminyaka embalwa, amaphayona akhethekile aqala ukuyiswa ngokukhethekile ezindaweni ezazingenamabandla noma lapho amabandla ayeludinga kakhulu khona usizo. Ngenxa yomsebenzi wawo ophumelelayo, kwamiswa amabandla amasha amaningi.
Esikhundleni sokuhlanganisa insimu abese edlulela kwenye, ayesebenza indawo ethile ephindelela, elandelela bonke abanesithakazelo futhi eqhuba izifundo zeBhayibheli. Abathakazelayo babehlelelwa imihlangano. Ngakho, eLesotho, eningizimu ye-Afrika, ngesonto lokuqala lisesabelweni salo esisha, iphayona elithile elikhethekile lamema wonke umuntu elalihlangana naye ukuba eze azobona indlela oFakazi BakaJehova abasiqhuba ngayo iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Lona nomkhaya walo baba nengxenye kuso sonke isimiso. Lase limemela bonke eSifundweni se-Nqabayokulinda. Ngemva kokuba ilukuluku lokuqala lokufuna ukwazi selanelisiwe, abangu-30 baqhubeka beba khona eSifundweni Se-Nqabayokulinda, futhi isilinganiso senani lababeba khona esikoleni sasingu-20. Emazweni izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ezenza kuwo okukhulu ukuze kuqale umsebenzi wokushumayela, ngezinye izikhathi kwakuba nokwanda okusheshayo lapho oFakazi bendawo beqala ukufanelekela inkonzo yamaphayona akhethekile, ngoba laba ngokuvamile babengasebenza ngokuphumelela ngisho nangokwengeziwe phakathi kwabantu bendawo.
Ngaphezu kwalezizisebenzi ezishisekayo, kunamakhulu ezinkulungwane oFakazi BakaJehova abathuthukisa ngomfutho izithakazelo zoMbuso. Laba bahlanganisa abasebesha nabadala, abesilisa nabesifazane, abashadile nabangashadile. Amaphayona avamile anikela ngamahora angengaphansi kwangu-90 inyanga ngayinye enkonzweni yasensimini; amaphayona asizayo, okungenani amahora angu-60. Ayazinqumela ukuthi angathanda ukushumayelaphi. Iningi lawo lisebenza namabandla amisiwe; amanye athuthela ezindaweni ezingazodwa. Anakekela izidingo zawo siqu ezingokwenyama ngokwenza umsebenzi othile wokuziphilisa, noma amalungu emikhaya yawo angase asize ekuwanakekeleni. Phakathi no-1992, abangaphezu kwabangu-914 500 bahlanganyela enkonzweni enjalo njengamaphayona asizayo okungenani engxenyeni yonyaka.
Izikole Ezinezinjongo Ezikhethekile
Ukuze izisebenzi zokuzithandela zihlonyiselwe izinhlobo ezithile zenkonzo, kulungiselelwa imfundo ekhethekile. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-1943 iSikole SaseGileyadi siye saziqeqeshela umsebenzi wezithunywa zevangeli izinkulungwane zezikhonzi ezingomakadebona, futhi abathweswe iziqu baye bathunyelwa kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngo-1987 iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo saqala ukusebenza ukuze sisize ekuhlangabezaneni nezidingo ezikhethekile, kuhlanganise nokunakekela amabandla kanye neminye imithwalo yemfanelo. Ilungiselelo lokuba lesikole siqhutshelwe ezindaweni ezihlukahlukene linciphisa ukuhamba kwabafundi beya endaweni eyisikhungo kanye nesidingo sokufunda olunye ulimi ukuze bazuze emfundweni. Bonke abamenywa ukuba baye kulesikole bangabadala nezinceku ezikhonzayo abaye banikeza ubufakazi bokuthi bawufuna kuqala ngempela uMbuso. Abaningi baye bazenza batholakalela ukukhonza kwamanye amazwe. Banomoya onjengowomprofethi u-Isaya, owathi: “Nangu mina; ngithume mina.”—Isaya 6:8.
Ukuze kuthuthukiswe ukuphumelela kwalabo kakade asebekhonza njengamaphayona avamile nakhethekile, iSikole Senkonzo Samaphayona saqala ukusebenza kusukela ngo-1977. Lapho kunokwenzeka khona, kwakuhlelwa isikole esifundeni ngasinye emhlabeni wonke. Wonke amaphayona amenywa ukuze azuze kulemfundo yamasonto amabili. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, amaphayona aseqede unyaka wokuqala ekulenkonzo aye anikezwa ukuqeqesha okufanayo. Kuze kube ngo-1992, amaphayona angaphezu kwangu-100 000 aye aqeqeshwa kulesikole e-United States kuphela; futhi angaphezu kwangu-10 000 abelokhu eqeqeshwa unyaka ngamunye. Amanye angu-55 000 aye aqeqeshwa eJapane, angu-38 000 eMexico, angu-25 000 eBrazil, nangu-25 000 e-Italy. Ngaphezu kwalezifundo amaphayona ajabulela umhlangano okhethekile aba nawo nombonisi wesifunda phakathi nokuhambela kwakhe okwenzeka njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha ebandleni ngalinye kanye nesimiso sokuqeqeshwa okukhethekile asiqhutshelwa umbonisi wesifunda nombonisi wesigodi ngesikhathi somhlangano wesifunda waminyaka yonke. Ngakho, labo abakha ibutho elikhulu labamemezeli boMbuso abakhonza njengamaphayona abazona nje izisebenzi ezizimisele kodwa futhi bayizikhonzi eziqeqeshwe kahle.
Ukukhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona
Izinkulungwane eziningi zoFakazi BakaJehova—ezinye zazo ezingamaphayona, ezinye ezingewona—ziye zazenza zatholakalela ukukhonza hhayi emphakathini wakubo kuphela kodwa nakwezinye izindawo lapho indingeko yabamemezeli bezindaba ezinhle inkulu khona. Unyaka ngamunye izinkulungwane zichitha amasonto noma izinyanga, kuye ngokwalokho zona ezingakuhlela, ezindaweni ngokuvamile ezikude namakhaya azo ukuze zifakaze kubantu abangahanjelwa njalo oFakazi BakaJehova. Ezinye izinkulungwane zathutha ngokuphelele futhi zahlala kwezinye izindawo ukuze zinikeze usizo olunjalo isikhathi esandisiwe. Abaningi balaba bayimibhangqwana eshadile noma imikhaya enabantwana. Ukuthutha kwabo ngokuvamile kuye kwahilela ibanga elifushane ngokwesilinganiso, kodwa abanye baye bathutha ngokuphindaphindiwe phakathi neminyaka. Abaningi balaboFakazi abashisekayo baye baqala lenkonzo emazweni akude—abanye iminyaka embalwa, abanye bangabe besayeka. Benza noma yimuphi umsebenzi wokuziphilisa odingekayo ukuze banakekele izidingo zabo, futhi bathutha ngezindleko zabo siqu. Isifiso sabo esiyinhloko siwukuhlanganyela ngokugcwele ekusakazeni isigijimi soMbuso uma izimo zabo zibavumela.
Lapho inhloko yomkhaya ingeyena uFakazi, ingase ithuthe umkhaya wayo ngenxa yomsebenzi. Kodwa amalungu omkhaya angoFakazi angase abone lokhu kuyithuba lokusakaza isigijimi soMbuso. Kwaba njalo ngoFakazi ababili base-United States abazithola besedolobhaneni elakhiwayo ehlathini laseSuriname ngasekupheleni kwawo-1970. Kabili ngesonto babevuka ngo-4:00 ekuseni, bagibele ibhasi lenkampani bahambe ihora lonke emgwaqweni ongahlelenjiwe beya edolobhaneni elithile, futhi bachithe usuku beshumayela. Ngokushesha base beqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-30 isonto ngalinye nabantu abalambele iqiniso. Namuhla, kunebandla kuleyongxenye yehlathi lemvula eyayingafinyelelwa neze ngaphambili.
Ukusebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza Afanelekile
Yiqiniso, akubona bonke oFakazi BakaJehova abathuthela kwamanye amazwe, noma ngisho nakwamanye amadolobha, ukuze baqhubeke nenkonzo yabo. Izimo zabo zingase zingabavumeli ukuba baphayone. Nokho, basazi kahle isiyalo seBhayibheli sokwenza “wonke umzamo wokuzikhandla” nokuba “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (2 Pet. 1:5-8, NW; 1 Kor. 15:58, NW) Babonisa ukuthi bafuna uMbuso kuqala lapho bebeka izithakazelo zawo ngaphambi komsebenzi wokuziphilisa nokuzijabulisa. Labo abanhliziyo zabo zigcwele ukwazisa ngoMbuso bahlanganyela njalo enkonzweni yasensimini ngezinga izimo zabo ezibavumela ngalo, futhi abaningi babo bashintsha izimo zabo ukuze bahlanganyele ngokugcwele ngokwengeziwe. Futhi bahlala bephaphamele amathuba afanelekile okufakaza kwabanye ngoMbuso.
Ngokwesibonelo, uJohn Furgala, owayenebhizinisi lezinto zokwakha eGuayaquil, e-Ecuador, wayekhangisa ngezincwadi zeBhayibheli esitolo sakhe. Ngesikhathi umsizi wakhe esahlanganisa izinto ezifunwa umthengi, uJohn wayefakaza kulowomthengi.
ENigeria uFakazi othile oshisekayo owayekade ondla umkhaya wakhe enza umsebenzi wokufakela abantu ugesi naye wayezimisele ukukusebenzisa kahle ukuxhumana kwakhe nabantu ukuze anikeze ubufakazi. Njengoba ibhizinisi kwakungelakhe, wazenzela isimiso sokusebenza. Njalo ekuseni, ngaphambi komsebenzi wosuku, wayehlanganisa umkakhe, abantwana, izisebenzi, nabantu ayebafundisa ukuze baxoxe ngetekisi losuku leBhayibheli, kanye nokuhlangenwe nakho okuku-Yearbook of Jehovah’s Witnesses. Ekuqaleni konyaka ngamunye, wayenikeza abathengi bakhe ikhophi yekhalenda le-Watch Tower Society, kanye nomagazini ababili. Ngenxa yalokho, ezinye zezisebenzi nabathengi bakhe baye bahlanganyela naye ekukhulekeleni uJehova.
KunoFakazi BakaJehova abaningi abanalowomoya. Kungakhathaliseki ukuthi benzani, bahlala befuna amathuba okuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye.
Ibutho Elikhulu Labashumayeli Bevangeli Abajabulayo Besikhathi Esigcwele
Njengoba iminyaka idlula, intshiseko yoFakazi BakaJehova yokushumayela izindaba azinhle ayizange idambe. Nakuba abaninikhaya abaningi beye babatshela ngokuqinile ukuthi abanasithakazelo, kunabaningi kakhulu ababongayo ngokuthi oFakazi bayabasiza ukuba baqonde iBhayibheli. OFakazi BakaJehova bazimisele ukuqhubeka beshumayela kuze kube yilapho uJehova uqobo enikeza isibonakaliso esicacile sokuthi lomsebenzi usuqediwe.
Esikhundleni sokuba madolonzima, inhlangano yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eqinisweni iye yaqinisa emsebenzini wayo wokushumayela. Ngo-1982 umbiko waminyaka yonke wembulunga yonke wabonisa ukuthi amahora angu-384 856 662 aye anikelwa enkonzweni yasensimini. Eminyakeni eyishumi kamuva (ngo-1992) kuye kwanikelwa ngamahora angu-1 024 910 434 kulomsebenzi. Yini eyabangela lokho kwanda okukhulu emsebenzini?
Kuyiqiniso ukuthi inani loFakazi BakaJehova liye lakhula. Kodwa alilingani nelamahora. Phakathi naleyonkathi, nakuba inani loFakazi landa ngamaphesenti angu-80, inani lamaphayona landa ngamaphesenti angu-250. Ngesilinganiso senyanga ngayinye, cishe oyedwa koFakazi BakaJehova abangu-7 emhlabeni wonke ubesemkhakheni othile womsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele.
Obani ababehlanganyela enkonzweni enjalo yamaphayona? Ngokwesibonelo, eRepublic of Korea oFakazi abaningi bangomama bamakhaya. Imithwalo yemfanelo yemikhaya ingase ingabavumeli bonke ukuba baphayone isikhathi esigcwele, kodwa abaningi baye basebenzisa amaholide esikole amade asebusika njengamathuba enkonzo yamaphayona asizayo. Ngenxa yalokho, amaphesenti angu-53 engqikithi yoFakazi eRepublic of Korea ayesemkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele ngo-January 1990.
Eminyakeni engaphambili, kwakuwumoya wentshiseko wobuphayona owenza oFakazi basePhilippines bakwazi ukufinyelela ngesigijimi soMbuso iziqhingi eziningi ezihlala abantu ePhilippines. Leyontshiseko iye yabonakala nangokwengeziwe kusukela ngalesosikhathi. Ngo-1992, ngesilinganiso senyanga ngayinye, abamemezeli abangu-22 205 babehlanganyela enkonzweni yasensimini njengamaphayona ePhilippines. Phakathi kwabo kwakunentsha eningi eyayikhethe ‘ukukhumbula uMdali wayo’ nokusebenzisa ubungqabavu bayo bobusha enkonzweni yakhe. (UmSh. 12:1) Ngemva kweshumi leminyaka esenkonzweni yamaphayona, omunye wabasha abanjalo wathi: “Ngiye ngafunda ukubekezela, ukuphila ukuphila okulula, ukuncika kuJehova, kanye nokuthobeka. Kuyiqiniso ukuthi nami ngiye ngabhekana nobunzima nokudumazeka, kodwa konke lokhu akulutho uma kuqhathaniswa nezibusiso ezilethwa ubuphayona.”
Phakathi no-April no-May ka-1989, INqabayokulinda yaqokomisa ukudalulwa kweBabiloni Elikhulu, eliyinkolo yamanga ngezinhlobonhlobo zayo emhlabeni wonke. Lezihloko zakhishwa kanyekanye ngezilimi ezingu-39 futhi zasakazwa kabanzi. EJapane, lapho inani loFakazi abaphayonayo ngokuvamile belilokhu lingaphezu kwamaphesenti angu-40, inani elisha lamaphayona asizayo angu-41 055 labhalisa ukuze lisize kulomsebenzi ngalowo-April. E-Osaka Prefecture, eDolobheni laseTakatsuki, eBandleni lase-Otsuka, abangu-73 kubamemezeli ababhapathiziwe abangu-77 babesohlotsheni oluthile lwenkonzo yamaphayona ngaleyonyanga. Ngo-April 8, lapho bonke abamemezeli eJapane benxuswa ukuba babe nengxenye ekusakazeni lesigijimi esibalulekile, amabandla amaningi, njengaseBandleni lase-Ushioda, eDolobheni laseYokohama, ahlela ukuba nenkonzo yosuku lonke emgwaqweni nasendlini ngendlu, kusukela ngo-7:00 ekuseni kuya ku-8:00 kusihlwa, ukuze kufinyelelwe wonke umuntu ngangokunokwenzeka kuleyondawo.
Njengoba kunjalo kuyo yonke indawo, oFakazi BakaJehova eMexico bayasebenza ukuze banakekele izidingo zabo zezinto ezibonakalayo. Nokho, inyanga ngayinye phakathi no-1992, ngokwesilinganiso oFakazi BakaJehova abangu-50 095 lapho nabo bahlela izimo zabo ukuze benze inkonzo yamaphayona, basize abantu abalambele iqiniso ukuba bafunde ngoMbuso kaNkulunkulu. Kweminye imikhaya bonke ekhaya babebambisana ukuze benze lonke iqembu, noma okungenani oyedwa kulo, akwazi ukuphayona. Bajabulela inkonzo ekhiqizayo. Phakathi no-1992, oFakazi BakaJehova eMexico njalo babeqhubela abantu ngabanye namaqembu emikhaya izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwezingu-502 017.
Abadala abakhonza izidingo zamabandla oFakazi BakaJehova banemithwalo yemfanelo enzima. Iningi labadala eNigeria lingamadoda anemikhaya, futhi lokho kunjalo nangabadala abakwezinye izindawo eziningi. Nokho, ngaphezu kokulungiselela ukuqhuba imihlangano yebandla noma ukuhlanganyela kuyo, kanye nokwalusa umhlambi kaNkulunkulu njengoba kudingeka, amanye alamadoda ayaphayona. Akwenza kanjani lokho? Ukuhlela ngokucophelela isikhathi nokubambisana okuhle komkhaya ngokuvamile kuyizici ezibalulekile.
Kusobala, ukuthi emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova baye balalela isiyalo sikaJesu ‘sokufuna kuqala umbuso.’ (Math. 6:33) Lokho abakwenzayo kuwukubonakaliswa okuqotho kothando lwabo ngoJehova nokwazisa kwabo ngobukhosi bakhe. Njengomhubi uDavide, bathi: “Ngiyakukuphakamisa wena-Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.”—IHu. 145:1.
[Imibhalo yaphansi]
a INqabayokulinda (yesiNgisi), August 15, 1906, kk.267-71.
b Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), February 1, 1967, amakhasi 92-5.
c Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), December 15, 1973, amakhasi 760-5.
d Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), September 1, 1972, amakhasi 533-6.
e INqabayokulinda (yesiNgisi), December 15, 1963, kk.764-6.
f Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), December 1, 1969, amakhasi 729-32; September 15, 1988, ikhasi31.
g Bheka INqabayokulinda, May 1, 1987, amakhasi 22-30; (ezilandelayo zingesiNgisi) April1, 1964, amakhasi 212-15; December 1, 1956, amakhasi 712-19; August 15, 1970, amakhasi 507-10; October 1, 1960, amakhasi 601-5; June 15, 1968, amakhasi 378-81; April 1, 1968, amakhasi 217-21; April 1, 1959, amakhasi 220-3.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 292]
Ukugcizelelwa okwengeziwe komthwalo wemfanelo wokufakaza
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 293]
Babheka ukufakaza endlini ngendlu njengelungelo eliyigugu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 294]
Ukuqonda lokho inkonzo yomphefumulo wonke eyikho
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 295]
Lokho ‘ukufuna kuqala umbuso’ okukushoyo ngempela
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 301]
OFakazi abashisekayo babeka izithakazelo zoMbuso ngaphambi komsebenzi wokuziphilisa nokuzijabulisa
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 288]
“Baphi Abayisishiyagalolunye?”
ESikhumbuzweni sokufa kukaKristu, ngo-1928, ipheshana elanikwa bonke ababekhona lalinesihloko esithi “Where Are the Nine?” Ukukhulumela kwalo uLuka 17:11-19 kwathinta inhliziyo kaClaude Goodman futhi kwamshukumisela ukuba enze umsebenzi wama-“colporteur,” noma amaphayona, futhi abambelele kuleyonkonzo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 296, 297]
Inkonzo YaseBethel
Ngo-1992, kwakunabangu-12 974 abebehlanga-nyela enkonzweni yaseBethel emazweni angu-99
[Izithombe]
Isifundo somuntu siqu sibalulekile emalungwini omkhaya waseBethel
ESpain
EKhaya LaseBethel ngalinye, usuku luqala ngokukhulunyelwa kwetekisi leBhayibheli
EFinland
Njengoba kwenza oFakazi BakaJehova yonke indawo, amalungu omkhaya waseBethel ayahlanganyela enkonzweni yasensimini
ESwitzerland
Njalo ngoMsombuluko kusihlwa umkhaya weseBethel utadisha “INqabayokulinda” ndawonye
E-Italy
Umsebenzi uyahluka, kodwa wonke wenzelwa ukusekela ukumenyezelwa koMbuso kaNkulunkulu
EFrance
EPapua New Guinea
E-United States
EJalimane
EPhilippines
EMexico
EBrithani
ENigeria
EJapane
EBrazil
ENetherlands
ENingizimu Afrika
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 298]
Abambalwa Abanomlando Wesikhathi Eside Wenkonzo YaseBethel
UF. W. Franz—e-United States (1920-92)
UHeinrich Dwenger—eJalimane (iminyaka ecishe ibe ngu-15 phakathi kuka-1911-33), eHungary (1933-35), eCzechoslovakia (1936-39), kwase kuba seSwitzerland (1939-83)
UGeorge Phillips—eNingizimu Afrika (1924-66, 1976-82)
Izelamani (uKathryn Bogard noGrace DeCecca) zanikela ngeminyaka engu-136 isiyonke enkonzweni yaseBethel—e-United States
[Igrafu ekhasini 303]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amaphayona Ayanda!
Amaphayona
Abamemezeli
Amaphesenti Okwanda Kusukela ngo-1982
250%
200%
150%
100%
50%
1982 1984 1986 1988 1990 1992
[Isithombe ekhasini 284]
UDade Early wahambela ingxenye enkulu yeNew Zealand ngebhayisikili ukuze ahlanganyele nabanye isigijimi soMbuso
[Isithombe ekhasini 285]
Iminyaka engu-76—engashadile, eshadile, nanjengomfelokazi—uMalinda Keefer wazinikela enkonzweni yesikhathi esigcwele
[Isithombe ekhasini 286]
Omahamba-nendlwana abavamile babeba izindawo zokuhlala zamaphayona athile okuqala njengoba ayethutha esuka kwenye indawo eya kwenye
ECanada
ENdiya
[Isithombe ekhasini 287]
UFrank Rice (omi ngakwesokudla), uClem Deschamp (ohlezi phambi kukaFrank, nomkaClem, uJean, eduze kwabo), kanye neqembu laseJava kuhlanganise noFakazi abakanye nabo kanye nabantu abasanda kuthakazela
[Izithombe ekhasini 288]
Ukuphila kukaClaude Goodman kwenkonzo yesikhathi esigcwele kwamholela ekukhonzeni eNdiya nakwamanye amazwe ayisikhombisa
[Isithombe ekhasini 289]
Lapho uBen Brickell enempilo enhle, wajabulela ukuyisebenzisa enkonzweni kaJehova; izinkinga zempilo ezingathi sína eminyakeni yakamuva azizange zimenze ayeke
[Isithombe ekhasini 290]
UKathe Palm wafakaza kuzo zonke izinhlobo zensimu, kusukela ezakhiweni zamahhovisi zasemadolobheni amakhulu kuya ezindlini ezikude kakhulu ezisezindaweni zemayini nasemapulazini ezimvu eChile
[Isithombe ekhasini 291]
Ukuzimisela kukaMartin noGertrud Poetzinger kuvezwe kulamazwi: ‘Nakhu engikwenzayo—ukufuna uMbuso kuqala’
[Isithombe ekhasini 300]
ISikole Senkonzo Samaphayona (njengoba siboniswe lapha eJapane) siye sanikeza ukuqeqeshwa okukhethekile emashumini ezinkulungwane ezisebenzi ezishisekayo