Isahluko Sokuqala
Ingabe Ikhona Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya?
1. Kungani imikhaya eqinile ibalulekile emphakathini wabantu?
UMKHAYA uyinhlangano endala kunazo zonke emhlabeni, futhi unendima ebalulekile emphakathini wabantu. Kuwo wonke umlando, imikhaya eqinile iye yasiza ekwakheni imiphakathi eqinile. Umkhaya uyilungiselelo elingcono kunawo wonke lokukhulisa izingane ukuba zibe abantu abadala abavuthiwe.
2-5. (a) Chaza ukulondeka ingane ekuzwayo emkhayeni ojabulayo. (b) Yiziphi izinkinga ezibikwayo kweminye imikhaya?
2 Umkhaya ojabulayo uyindawo yokuvikeleka nokulondeka. Ake ucabange okwesikhashana ngomkhaya omuhle. Lapho udla kusihlwa, abazali abakhathalelayo bahlala nezingane zabo baxoxe ngalokho okwenzeke ngalolo suku. Izingane zixoxa ngenjabulo njengoba zitshela uyise nonina ngalokho okwenzeke esikoleni. Isikhathi esiqabulayo osichitha undawonye sibenza bonke balungele olunye usuku ezweni elingaphandle kwasekhaya.
3 Emkhayeni ojabulayo, ingane iyazi ukuthi uyise nonina bayoyinakekela uma igula, mhlawumbe bashintshane ngokuhlala eceleni kombhede wayo ubusuku bonke. Iyazi ukuthi ingaya kunina noma kuyise nezinkinga zokuphila kwayo okusekuncane ithole iseluleko nokusekelwa. Yebo, ingane izizwa ilondekile, kungakhathaliseki ukuthi izwe ngaphandle lingagcwala izinkinga kanjani.
4 Lapho izingane sezikhulile, ngokuvamile ziyashada futhi zibe neyazo imikhaya. “Umuntu uqaphela ukuthi ubakweleta kangakanani abazali bakhe lapho eseneyakhe ingane,” kusho isaga saseMpumalanga. Ngomuzwa ojulile wokubonga nothando, izingane esezikhulile zizama ukwenza imikhaya yazo ibe ejabulayo, futhi zinakekela abazali bazo manje asebeguga, abajabulela ukuba nabazukulu.
5 Mhlawumbe kuleli qophelo uyacabanga: ‘Ngiyawuthanda umkhaya wami, kodwa awufani nalona osanda kuchazwa. Izikhathi zomsebenzi zami nowakwami ziyashayisana, ngakho asibonani kahle. Ngokuvamile sikhuluma ngezinkinga zemali.’ Noma ingabe uthi, ‘Izingane zami nabazukulu bahlala kwelinye idolobha, futhi angibaboni’? Yebo, ngezizathu ngokuvamile abangenakwenza lutho ngazo labo abahilelekile, ukuphila komkhaya kwabaningi akukhona lokho okufiselekayo. Noma kunjalo, abanye banokuphila komkhaya okujabulisayo. Kanjani? Ingabe ikhona imfihlo yenjabulo yomkhaya? Impendulo inguyebo. Kodwa ngaphambi kokuxoxa ngokuthi iyini, kufanele siphendule umbuzo obalulekile.
UYINI UMKHAYA?
6. Luhlobo luni lwemikhaya okuzoxoxwa ngalo kulencwadi?
6 Emazweni aseNtshonalanga, ngokuvamile imikhaya eminingi yakhiwa ubaba, umama, nezingane. Ogogo nomkhulu bangase bahlale kweyabo imizi uma nje besakwazi. Nakuba ukuxhumana nezihlobo eziqhelile kungase kuqhubeke kukhona, umuzwa wecala ngazo ulinganiselwe. Ngokuyisisekelo, yilona umkhaya esizoxoxa ngawo kulencwadi. Nokho, eminyakeni yamuva kuneminye imikhaya eye yavama ngokwandayo—umkhaya onomzali oyedwa, umkhaya wokutholwa, nomkhaya obazali bakhona abahlali ndawonye ngesizathu esithile.
7. Uyini umkhaya owandisiwe?
7 Okunye okuvamile kwamanye amasiko umkhaya owandisiwe. Kuleli lungiselelo, uma kunokwenzeka, ogogo nomkhulu banakekelwa izingane zabo, futhi kuba nobuhlobo obuseduze nomuzwa wecala ngezihlobo eziqhelile. Ngokwesibonelo, amalungu omkhaya angase asize ekondleni, ekukhuliseni, ngisho nasekukhokheleni imfundo yabashana bawo, noma izihlobo eziqhele ngisho nangaphezu kwalokho. Izimiso okuzoxoxwa ngazo kulencwadi zisebenza nasemikhayeni eyandisiwe.
UMKHAYA UYACINDEZELEKA
8, 9. Iziphi izinkinga kwamanye amazwe ezibonisa ukuthi umkhaya uyashintsha?
8 Namuhla umkhaya uyashintsha—ngeshwa awubi ngcono. Isibonelo salokhu sibonakala eNdiya, lapho inkosikazi ingase ihlale nabasemzini, isebenze ekhaya ngaphansi kokuqondisa kwabo. Nokho, kulezi zinsuku akukhona okungavamile ngamakhosikazi aseNdiya ukuba afune umsebenzi ngaphandle kwasekhaya. Noma kunjalo kubonakala kusalindeleke ukuba azifeze izindima zawo ezingokwesiko ekhaya. Emazweni amaningi kuphakama umbuzo wokuthi, Uma kuqhathaniswa namanye amalungu omkhaya, owesifazane osebenzayo kulindeleke ukuba enze umsebenzi ongakanani ekhaya?
9 Emiphakathini yaseMpumalanga, izibopho eziqinile zamalungu omkhaya owandisiwe ziyisiko. Nokho, ngaphansi kwethonya lendlela yaseNtshonalanga yokuzimela komuntu siqu nokucindezela kwezinkinga zomnotho, umkhaya owandisiwe wesiko uphelelwa amandla. Ngakho, abaningi babheka ukunakekelwa kwamalungu omkhaya asegugile njengokuwumthwalo kunokuba kube umsebenzi noma ilungelo. Abanye abazali asebekhulile bayaxhashazwa. Ngempela, ukuxhashazwa nokunganakwa kwasebegugile kutholakala emazweni amaningi namuhla.
10, 11. Imaphi amaqiniso abonisa ukuthi umkhaya uyashintsha emazweni aseYurophu?
10 Ukuhlukanisa kuba okuvame ngokwandayo. ESpain izinga lokuhlukanisa lakhuphukela emshadweni owodwa kwengu-8 ekuqaleni kweminyaka eyishumi yokugcina yekhulu lama-20—igxathu elikhulu kusukela kowodwa kweyikhulu eminyakeni engu-25 kuphela ngaphambili. IBrithani, okubikwa ukuthi inezinga lezehlukaniso eliphakeme kunawo wonke eYurophu (imishado emine kweyishumi kulindeleke ukuba iphele), iye yabhekana nokunyuka okusheshayo kwenani lemikhaya enomzali oyedwa.
11 Abaningi eJalimane babonakala bewulahla ngokuphelele umkhaya wesiko. Ngo-1990 amaphesenti angu-35 ayo yonke imikhaya yaseJalimane yayakhiwa umuntu ongashadile, engamaphesenti angu-31 yakhiwa abantu nje ababili. AbaseFrance nabo abasavamile ukushada, nalabo abashadayo bavame ukuhlukanisa futhi bayashesha kunokuba kwakunjalo ngaphambili. Abaningi ngokwandayo bakhetha ukuhlala ndawonye ngaphandle kwezibopho zomshado. Imikhuba enjengalena iyabonakala emhlabeni wonke.
12. Izingane zihlupheka kanjani ngenxa yezinguquko emkhayeni wanamuhla?
12 Kuthiwani ngezingane? E-United States nakwamanye amazwe amaningi, eziningi ngokwandayo zizalwa ngaphandle komshado, ezinye zizalwa abasanda kweva eshumini nambili. Amantombazane amaningi asanda kweva eshumini nambili anezingane eziningana kobaba abahlukahlukene. Imibiko evela kuwo wonke umhlaba ibika izigidi zezingane ezingenamakhaya eziwuvanzi emigwaqweni; eziningi zazo zibalekela amakhaya ezixhashazwa kuwo noma zilahlwa imikhaya engasakwazi ukuzondla.
13. Iziphi izinkinga ezisakazekile eziphuca imikhaya injabulo?
13 Yebo, umkhaya usesimweni esibucayi. Ngaphezu kwalokhu osekuphawuliwe, ukuvukela kwentsha, ukuxhashazwa kwezingane, ubudlova babashadile, ukuluthwa utshwala, nezinye izinkinga eziqeda amandla kuphuca imikhaya eminingi injabulo. Ezinganeni eziningi nabantu abadala, umkhaya awuyona neze indawo elondekile.
14. (a) Ngokwabanye, ziyini izimbangela zesimo somkhaya esibucayi? (b) Ummeli wekhulu lokuqala walichaza kanjani izwe lanamuhla, futhi ukugcwaliseka kwamazwi akhe kuye kwaba naliphi ithonya ekuphileni komkhaya?
14 Kungani kunalesi simo somkhaya esibucayi? Abanye bathi lesi simo esibucayi somkhaya sanamuhla sibangelwa ukungena kwabesifazane kwezemisebenzi. Abanye bakhomba ukuwohloka kwanamuhla kwesimilo. Kubalwa nezinye izimbangela ezengeziwe. Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, ummeli owaziwayo wabikezela ukuthi ukucindezela okuningi kwakuzohlasela umkhaya, lapho ebhala: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-4) Ubani ongangabaza ukuthi lamazwi ayagcwaliseka namuhla? Ingabe kuyamangalisa ukuthi ezweni elinezimo ezinjengalezi, umkhaya usesimweni esibucayi?
IMFIHLO YENJABULO YOMKHAYA
15-17. Kulencwadi, iliphi igunya okuzobhekiselwa kulo njengeliqukethe imfihlo yenjabulo yomkhaya?
15 Iseluleko sokuthi ingatholakala kanjani injabulo emkhayeni sinikezwa nxazonke. ENtshonalanga, uhide olungapheli lwezincwadi nomagazini bokuzisiza lunikeza izeluleko. Inkinga iwukuthi abeluleki abangabantu bayaphikisana, futhi lokho okuyiseluleko esithandwayo namuhla kungase kubhekwe njengokungasebenzi kusasa.
16 Pho-ke, singasifunaphi isiqondiso somkhaya esinokwethenjelwa? Ingabe ungabheka encwadini eyaqedwa ukubhalwa eminyakeni engaba ngu-1 900 edlule? Noma ubungaba nomuzwa wokuthi incwadi enjalo idlulelwe isikhathi ngokungenathemba? Iqiniso liwukuthi, imfihlo yangempela yenjabulo yomkhaya itholakala kuwo kanye umthombo onjalo.
17 Lowo mthombo uyiBhayibheli. Ngokwabo bonke ubufakazi, laphefumulelwa uNkulunkulu ngokwakhe. EBhayibhelini sithola lenkulumo elandelayo: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16) Kulencwadi sizokukhuthaza ukuba ucabangele indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ukuba ‘uqondise izinto’ lapho usingatha ukucindezela nezinkinga imikhaya ebhekene nakho namuhla.
18. Kungani kunengqondo ukwamukela iBhayibheli njengelinegunya ekululekeni ngomshado?
18 Uma uthambekele ekukuchilizeleni eceleni ukuthi iBhayibheli lingasiza ekwenzeni imikhaya ijabule, cabangela lokhu: Lowo owaphefumulela iBhayibheli unguMsunguli welungiselelo lomshado. (Genesise 2:18-25) IBhayibheli lithi igama lakhe uJehova. (IHubo 83:18) Limbiza ngokuthi uMdali ‘noBaba, eqanjwe ngaye yonke imikhaya yasezulwini neyasemhlabeni.’ (Efesu 3:14, 15) UJehova uye waqaphela ukuphila komkhaya kusukela ekuqaleni kwesintu. Uyazazi izinkinga ezingaphakama futhi uye wanikeza iseluleko sokuzixazulula. Kuwo wonke umlando, labo abazisebenzisa ngobuqotho izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwemikhaya yabo bathola injabulo eyengeziwe.
19-21. Ikuphi okuhlangenwe nakho kosuku lwanamuhla okubonisa amandla eBhayibheli okuxazulula izinkinga zomshado?
19 Ngokwesibonelo, umama othile e-Indonesia wayengumlutha wokugembula. Kwase kuyiminyaka engazinaki izingane zakhe ezintathu futhi elwa njalo nomyeni wakhe. Wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli. Kancane kancane lona wesifazane waqala ukukukholelwa okwakushiwo iBhayibheli. Lapho esebenzisa iseluleko salo, waba inkosikazi engcono. Imizamo yakhe, esekelwe ezimisweni zeBhayibheli, yaletha injabulo kuwo wonke umkhaya wakhe.
20 Umama othile eSpain uthi: “Sasisenonyaka owodwa kuphela sishadile lapho siqala ukuba nezinkinga ezingathi sína.” Yena nomyeni wakhe babengenakho okuningi abafana ngakho, futhi babengaxoxi ngaphandle kwalapho bephikisana. Nakuba babenendodakazi encane, banquma ukuhlala ngokuhlukana ngokomthetho. Nokho, ngaphambi kokuba kwenzeke lokho, bakhuthazwa ukuba bahlole iBhayibheli. Batadisha iseluleko salo emadodeni nakwabesifazane abashadile futhi baqala ukusisebenzisa. Ngokushesha base bekwazi ukukhulumisana ngokuthula futhi umkhaya wabo omncane waba munye ngokujabulisayo.
21 IBhayibheli lisiza nabantu abadala. Ngokwesibonelo, cabangela okuhlangenwe nakho kombhangqwana othile waseJapane. Indoda yayihluthuka ngokushesha futhi ngezinye izikhathi iba nobudlova. Okokuqala, amadodakazi alombhangqwana aqala ukutadisha iBhayibheli, naphezu kokuphikisa kwabazali. Khona-ke indoda yahlanganyela namadodakazi ayo, kodwa inkosikazi yaqhubeka nokuphikisa. Nokho, njengoba iminyaka iqhubeka, yaliqaphela ithonya elihle lezimiso zeBhayibheli emkhayeni wayo. Amadodakazi ayo ayeyinakekela kahle, futhi umyeni wayo waba mnene. Izinguquko ezinjalo zabangela lona wesifazane ukuba azihlolele yena iBhayibheli, futhi laba nethonya elifanayo, elihle kuye. Lentokazi esikhulile yasho ngokuphindaphindiwe: “Saba umbhangqwana oshadile ngempela.”
22, 23. IBhayibheli libasiza kanjani abantu bazo zonke izizinda zobuzwe ukuba bathole injabulo ekuphileni kwemikhaya yabo?
22 Laba bantu baphakathi kwabaningi abaye bathola imfihlo yenjabulo yomkhaya. Baye bamukela iseluleko seBhayibheli futhi basisebenzisa. Yiqiniso, baphila ezweni elifanayo elinobudlova, ukuziphatha okubi, ukucindezela kwezomnotho njengawo wonke umuntu. Ngaphezu kwalokho, abaphelele, kodwa bayayithola injabulo ekuzameni ukwenza intando yoMsunguli welungiselelo lomkhaya. Njengoba iBhayibheli lisho, uJehova uNkulunkulu nguye “okufundisile okukusizayo; okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.
23 Nakuba iBhayibheli laqedwa ukulotshwa eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, iseluleko salo ngempela singesihambisana nesikhathi. Ngaphezu kwalokho lalotshelwa bonke abantu. IBhayibheli aliyona incwadi yaseMelika noma yaseNtshonalanga. UJehova “wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu,” futhi uyakwazi ukwakheka kwabantu yonke indawo. (IzEnzo 17:26) Izimiso zeBhayibheli zisebenzela wonke umuntu. Uma uzisebenzisa, nawe uyoyazi imfihlo yenjabulo yomkhaya.
UNGAYIPHENDULA LEMIBUZO?
Kwenzekani emkhayeni namuhla?—2 Thimothewu 3:1-4.
Ubani owasungula ilungiselelo lomkhaya?—Efesu 3:14, 15.
Iyini imfihlo yenjabulo yomkhaya?—Isaya 48:17.
[Isithombe esigcwele ikhasi 4]