Isahluko Sesithathu
Izihluthulelo Ezimbili Zomshado Ohlala Njalo
1, 2. (a) Umshado wawuklanyelwe ukuba uhlale isikhathi eside kangakanani? (b) Kungenzeka kanjani lokhu?
LAPHO uNkulunkulu ehlanganisa indoda nowesifazane bokuqala ngomshado, kwakungekho phawu lokuthi lesi sibopho sasiyoba esesikhashana. U-Adamu no-Eva babezoba ndawonye konke ukuphila. (Genesise 2:24) Indinganiso kaNkulunkulu yomshado ohloniphekile iwukuhlanganisa owesilisa oyedwa nowesifazane oyedwa. Ukuziphatha okubi kobulili koyedwa noma bobabili abashadile kuphela okunikeza isizathu esingokomBhalo sesehlukaniso nethuba lokushada kabusha.—Mathewu 5:32.
2 Kungenzeka yini ukuba abantu ababili bahlale ndawonye ngenjabulo isikhathi esingapheli? Yebo, futhi iBhayibheli liveza izici ezimbili ezibalulekile, noma izihluthulelo, ezenza lokhu kwenzeke. Uma bobabili indoda nenkosikazi bezisebenzisa, bayovula umnyango oya enjabulweni nasezibusisweni eziningi. Ziyini lezi zihluthulelo?
ISIHLUTHULELO SOKUQALA
3. Yiziphi izinhlobo ezintathu zothando okufanele zihlakulelwe abangane bomshado?
3 Isihluthulelo sokuqala uthando. Ngokuthakazelisayo, kunezinhlobo ezihlukahlukene zothando eziphawulwe eBhayibhelini. Olokuqala luwuthando lomzwelo olufudumele lomuntu siqu ngomunye, uhlobo lothando oluphakathi kwabangane abasondelene. (Johane 11:3) Olunye uthando oluba phakathi kwamalungu omkhaya. (Roma 12:10) Olwesithathu uthando umuntu angaba nalo ngomuntu wobulili obuhlukile. (IzAga 5:15-20) Yiqiniso, indoda nomkayo kufanele bazihlakulele zonke lezi zinhlobo. Kodwa kunohlobo lwesine lothando, olubaluleke ngaphezu kwezinye.
4. Yiluphi uhlobo lwesine lothando?
4 Olimini lokuqala lwemiBhalo YamaKristu YesiGreki, igama lalolu hlobo lwesine lothando i-a·gaʹpe. Lelo gama lisetshenziswe kweyoku-1 Johane 4:8, lapho sitshelwa khona ukuthi: “UNkulunkulu uluthando.” Ngempela, “sinothando, ngoba [uNkulunkulu] wasithanda kuqala.” (1 Johane 4:19) UmKristu uhlakulela lolo thando ngoJehova uNkulunkulu kuqala bese kuba abantu akanye nabo. (Marku 12:29-31) Igama elithi a·gaʹpe lisetshenzisiwe nakweyabase-Efesu 5:2, ethi: “Niqhubeke nihamba othandweni njengoba nje noKristu anithanda futhi wazinikela ngenxa yenu.” UJesu wathi lolu hlobo lothando lwaluyoba uphawu lwabalandeli bakhe beqiniso: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando [a·gaʹpe] phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Phawula futhi ukusetshenziswa kwelithi a·gaʹpe kweyoku-1 Korinte 13:13: “Kusele ukholo, ithemba, uthando, lokhu kokuthathu; kodwa okukhulu kunakho konke lokhu uthando [a·gaʹpe].”
5, 6. (a) Kungani uthando lulukhulu kunokholo nethemba? (b) Yiziphi ezinye izizathu zokuba uthando lusize ekwenzeni umshado uhlale njalo?
5 Yini eyenza lolu thando i-a·gaʹpe lube lukhulu kunokholo nethemba? Lubuswa izimiso—izimiso ezilungile—ezitholakala eZwini likaNkulunkulu. (IHubo 119:105) Kuwukukhathalela okungenabugovu kokwenza okulungile nokuhle kwabanye ngokombono kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi owenzelwayo ubonakala ekufanelekele noma engakufanelekele. Uthando olunjalo lwenza abangane bomshado bakwazi ukulandela lesi seluleko seBhayibheli: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Imibhangqwana eshadile ethandanayo inalo futhi iyaluhlakulela ‘uthando [a·gaʹpe] olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.’ (1 Petru 4:8) Phawula ukuthi uthando lumboza amaphutha. Aluwasusi, ngoba akekho umuntu ongaphelele ongeke alenze iphutha.—IHubo 130:3, 4; Jakobe 3:2.
6 Lapho umbhangqwana oshadile uhlakulela uthando olunjalo ngoNkulunkulu nangomunye nomunye, umshado wawo uyohlala njalo futhi ujabulise, ngoba “uthando alupheli nanini.” (1 Korinte 13:8) Uthando “luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Uma ushadile, wena nomngane wakho womshado ningaluhlakulela kanjani lolu hlobo lothando? Fundani iZwi likaNkulunkulu ndawonye, futhi nixoxe ngalo. Tadishani isibonelo sikaJesu sothando futhi nizame ukumlingisa, ukucabanga nokwenza njengaye. Ngaphezu kwalokho, yibani khona emihlanganweni yobuKristu, lapho kufundiswa khona iZwi likaNkulunkulu. Thandazelani usizo lukaNkulunkulu lokuhlakulela lolu hlobo oluphakeme lothando, oluyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu.—IzAga 3:5, 6; Johane 17:3; Galathiya 5:22; Heberu 10:24, 25.
ISIHLUTHULELO SESIBILI
7. Iyini inhlonipho, futhi ubani okufanele ayibonise emshadweni?
7 Uma abantu ababili abashadile bethandana ngempela, bayohloniphana, futhi inhlonipho iyisihluthulelo sesibili somshado ojabulisayo. Inhlonipho ichazwa ngokuthi “ukucabangela abanye, ukubadumisa.” IZwi likaNkulunkulu leluleka wonke amaKristu, kuhlanganise namadoda namakhosikazi: “Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Umphostoli uPetru wabhala: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi, nibanika udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” (1 Petru 3:7) Inkosikazi yelulekwa ukuba ibe ‘nenhlonipho ejulile ngomyeni wayo.’ (Efesu 5:33) Uma ufuna ukudumisa othile, uba nomusa kulowo muntu, uhloniphe isithunzi sakhe nemibono ayivezayo, futhi ukulungele ukufeza noma isiphi isicelo esinengqondo asenza kuwe.
8-10. Yiziphi ezinye izindlela inhlonipho eyosiza ngazo ekwenzeni umshado uqine futhi ujabulise?
8 Labo abafisa ukuba nomshado ojabulisayo bayabahlonipha abangane babo bomshado ‘ngokunakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zabo kuphela, kodwa futhi ngokunakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabangane babo bomshado.’ (Filipi 2:4) Abazicabangeli bona kuphela okuhle—obekungaba ubugovu. Kunalokho, bacabangela nabangane babo bomshado okungcono kakhulu. Ngempela, lokho bakwenza kube into eza kuqala.
9 Inhlonipho iyosiza abangane bomshado bakwamukele ukungafani kwemibono. Akunangqondo ukulindela abantu ababili ukuba babe nemibono efanayo kukho konke. Okungase kubaluleke endodeni kungase kungabaluleki kangako kumkayo, futhi okuthandwa inkosikazi kungase kungabi yilokho okuthandwa indoda. Kodwa ngamunye kufanele ahloniphe imibono nokukhetha komunye, uma nje lokhu kusengaphakathi kwemingcele yemithetho nezimiso zikaJehova. (1 Petru 2:16; qhathanisa noFilemoni 14.) Ngaphezu kwalokho, ngamunye kufanele ahloniphe isithunzi somunye ngokungamlulazi ngezinkulumo noma ngamahlaya, kungaba phakathi kwabanye noma ngasese.
10 Yebo, uthando ngoNkulunkulu nangomunye nomunye nokuhloniphana kuyizihluthulelo ezimbili ezibalulekile zomshado ophumelelayo. Zingasetshenziswa kanjani kweminye imikhakha ebaluleke ngokwengeziwe yokuphila kwasemshadweni?
UBUNHLOKO OBUNJENGOBUKAKRISTU
11. NgokomBhalo, ubani oyinhloko emshadweni?
11 IBhayibheli lisitshela ukuthi indoda yadalwa yaba nezimfanelo ezaziyoyenza ibe inhloko ephumelelayo yomkhaya. Ngenxa yalokho, indoda iyolandisa kuJehova ngenhlalakahle engokomoya nengokwenyama yomkayo nezingane. Kuyodingeka yenze izinqumo ezinokulinganisela ezibonisa intando kaJehova futhi ibe isibonelo esihle sokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu. “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” (Efesu 5:22, 23) Nokho, iBhayibheli lithi indoda nayo inenhloko, Lowo onegunya phezu kwayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda; nenhloko kaKristu uNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Indoda ehlakaniphile ifunda indlela engabusebenzisa ngayo ubunhloko ngokulingisa inhloko yayo, uKristu Jesu.
12. Yisiphi isibonelo esihle uJesu asibeka sokubonisa ukuthobeka nesokusebenzisa ubunhloko?
12 UJesu naye unenhloko, uJehova, futhi uyithobela ngokufanele. UJesu wathi: “Angifuni intando yami siqu, kodwa intando yalowo ongithumile.” (Johane 5:30) Yeka isibonelo esihle! UJesu ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ (Kolose 1:15) Waba uMesiya. Wayezoba iNhloko yebandla lamaKristu agcotshiwe neNkosi ekhethiwe yoMbuso kaNkulunkulu, ngaphezu kwazo zonke izingelosi. (Filipi 2:9-11; Heberu 1:4) Naphezu kwesikhundla esiphakeme kangaka namathemba aphakeme kangaka, lendoda enguJesu yayingenalo ukhahlo, ingeyena umuntu ongavumelani nezimo, noma ofuna izinto ngenkani. Wayengeyena umashiqela, okhumbuza abafundi bakhe ngaso sonke isikhathi ukuthi kudingeka bamlalele. UJesu wayenothando nesihawu, ikakhulukazi kwabacindezelwe. Wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) Kwakujabulisa ukuba naye.
13, 14. Indoda enothando iyobusebenzisa kanjani ubunhloko bayo, ilingisa uJesu?
13 Indoda efisa ukuphila komkhaya okujabulisayo kuhle ukuba icabangele izimfanelo zikaJesu ezinhle. Indoda ekahle ayinalo ukhahlo futhi ayiyena umashiqela, osebenzisa kabi ubunhloko bakhe njengesagila sokusabisa umkakhe. Kunalokho, iyamthanda futhi imdumise. Uma uJesu ‘ayethobekile ngenhliziyo,’ indoda inesizathu esengeziwe sokuba njalo, ngoba, ngokungafani noJesu, yenza amaphutha. Lapho iwenza, ifuna umkayo ayibonelele. Ngakho-ke, indoda ethobekile iyawavuma amaphutha ayo, ngisho noma amagama athi, “ngiyaxolisa; ubuqinisile,” kungase kube nzima ukuwasho. Inkosikazi iyokuthola kulula kakhulu ukuhlonipha ubunhloko bendoda enesizotha nethobekile kunobaleyo eqhoshayo nenenkani. Kanti nenkosikazi enenhlonipho iyaxolisa lapho isephutheni.
14 UNkulunkulu wadala owesifazane waba nezimfanelo ezinhle angazisebenzisa ekwakheni umshado ojabulisayo. Indoda ehlakaniphile iyokuqaphela lokhu futhi ingamvimbeli. Abesifazane abaningi bathambekele ekubeni nobubele nozwela olukhulu, izimfanelo ezidingekayo ekunakekeleni umkhaya nasekuthuthukiseni ubuhlobo babantu. Ngokuvamile, owesifazane unekhono elihle lokwenza ikhaya libe indawo ejabulisayo yokuhlala. “Umfazi okhutheleyo” ochazwe kuyizAga isahluko 31 wayenezimfanelo eziningi ezinhle namakhono amahle kakhulu, futhi umkhaya wakhe wazuza ngokugcwele kukho. Ngani? Ngoba inhliziyo yendoda yakhe “iyethemba” kuye.—IzAga 31:10, 11.
15. Indoda ingalubonisa kanjani uthando nenhlonipho enjengekaKristu kumkayo?
15 Kwamanye amasiko, igunya lendoda ligcizelelwa ngokweqile, kangangokuba ngisho nokuyibuza nje umbuzo kubhekwa njengokungahloniphi. Ingase iphathe umkayo cishe njengesigqila. Ukusebenzisa ubunhloko ngendlela ecasula kanjalo akuphumeli ebuhlotsheni obubi nomkayo kuphela kodwa nanoNkulunkulu. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 4:20,21.) Ngakolunye uhlangothi, amanye amadoda ayakudebeselela ukuhola futhi avumele omkawo baphathe umkhaya. Indoda ezithoba ngokufanele kuKristu ayimxhaphazi umkayo noma imehlise isithunzi. Kunalokho, ilingisa uthando lukaJesu lokuzidela futhi yenze njengoba kweluleka uPawulu: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) UKristu Jesu wayebathanda kakhulu abalandeli bakhe kangangokuba wabafela. Indoda ekahle iyozama ukulingisa leso simo sengqondo esingenabugovu, ibheke okuhle kumkayo, kunokuba ifune okweqile. Lapho indoda izithoba kuKristu futhi ibonisa uthando nenhlonipho enjengekaKristu, umkayo uyoshukumiseleka ukuba azithobe kuyo.—Efesu 5:28, 29, 33.
UKUZITHOBA KWENKOSIKAZI
16. Iziphi izimfanelo okufanele ziboniswe inkosikazi ebuhlotsheni bayo nomyeni wayo?
16 Ngemva kwesikhathi esithile kudalwe u-Adamu, “uJehova uNkulunkulu wathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi [“umphelelisi,” NW] onjengaye.” (Genesise 2:18) UNkulunkulu wadala u-Eva ukuba abe “umphelelisi,” hhayi imbangi. Umshado kwakungamelwe ube njengomkhumbi onokaputeni ababili abancintisanayo. Indoda kwakumelwe isebenzise ubunhloko bothando, umkayo abonise uthando, inhlonipho, nokuzithoba ngokuzithandela.
17, 18. Yiziphi ezinye izindlela inkosikazi engaba ngazo umsizi wangempela womyeni wayo?
17 Nokho, inkosikazi enhle ayithobekile nje kuphela. Izama ukuba umsizi wangempela, isekele umyeni wayo ezinqumweni azenzayo. Yiqiniso, lokho kulula ngokwengeziwe ngayo uma ivumelana nezinqumo zakhe. Kodwa ngisho nalapho ingavumelani nazo, ukusekela kwayo ngobuqotho kungasiza ukuba izinqumo zakhe ziphumelele kakhulu.
18 Inkosikazi ingasiza umyeni wayo ukuba abe inhloko enhle ngezinye izindlela. Ingabonisa ukuthi iyayazisa imizamo yakhe yokuhola, esikhundleni sokumgxeka noma sokumenza azizwe sengathi akasoze ayenelisa. Ekusebenzelaneni nomyeni wayo ngendlela enhle, kufanele ikhumbule ukuthi ‘umoya othule nomnene ungowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu,’ hhayi nje emehlweni omyeni wayo kuphela. (1 Petru 3:3, 4; Kolose 3:12) Kuthiwani uma indoda ingelona ikholwa? Kungakhathaliseki ukuthi iyilo noma cha, imiBhalo ikhuthaza amakhosikazi ‘ukuba athande abayeni bawo, athande abantwana bawo, abe ahluzekile engqondweni, amsulwa, asebenzayo ekhaya, amahle, azithobayo kubayeni bawo siqu, ukuze izwi likaNkulunkulu kungakhulunywa ngalo ngokuchapha.’ (Thithu 2:4, 5) Uma kuphakama izindaba zikanembeza, indoda engakholwa cishe iyokuhlonipha ukuma komkayo uma kuvezwa ‘ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’ Amanye amadoda angakholwa aye ‘azuzwa ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi bawo, ngoba eye aba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwabo okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.’—1 Petru 3:1, 2, 15; 1 Korinte 7:13-16.
19. Kuthiwani uma indoda ithi umkayo akaphule umthetho kaNkulunkulu?
19 Kuthiwani uma indoda icela umkayo ukuba enze okuthile uNkulunkulu akwenqabelayo? Uma kwenzeka lokho, kufanele akhumbule ukuthi uNkulunkulu unguMbusi wakhe oyinhloko. Uthatha isibonelo salokho abaphostoli abakwenza lapho becelwa abasegunyeni ukuba baphule umthetho kaNkulunkulu. IzEnzo 5:29 ziyalandisa: “OPetru nabanye abaphostoli bathi: ‘Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’”
UKUKHULUMISANA OKUHLE
20. Kukusiphi isici esibalulekile lapho kudingeka khona uthando nenhlonipho?
20 Uthando nenhlonipho kubalulekile nakwesinye isici somshado—ukukhulumisana. Indoda enothando iyoxoxa nomkayo ngemisebenzi yakhe, izinkinga zakhe, imibono yakhe ngezinto ezihlukahlukene. Uyakudinga lokhu. Indoda ezinika isikhathi sokuxoxa nomkayo futhi ilalelisise lokho akushoyo ibonisa uthando lwayo nenhlonipho ngaye. (Jakobe 1:19) Amanye amakhosikazi akhononda ngokuthi abayeni bawo bachitha isikhathi esincane kakhulu bexoxa nawo. Kuyadabukisa lokho. Yiqiniso, kulezi zikhathi ezimatasa, kungenzeka amadoda asebenze isikhathi eside engekho ekhaya, futhi izimo zezomnotho zingabangela ukuba namanye amakhosikazi asebenze. Kodwa umbhangqwana oshadile kudingeka ubekele eceleni isikhathi somunye nomunye. Ngaphandle kwalokho, bangase bazibuse. Kungase kuholele ezinkingeni ezingathi sína uma bezizwa bephoqelekile ukufuna abangane abanozwela ngaphandle kwelungiselelo lomshado.
21. Inkulumo efanele iyowugcina kanjani umshado ujabulisa?
21 Indlela amakhosikazi namadoda akhulumisana ngayo ibalulekile. “Amazwi amahle . . . amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.” (IzAga 16:24) Kungakhathaliseki ukuthi umngane womshado uyikholwa noma akalona, iseluleko seBhayibheli siyasebenza: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti,” okusho ukuthi, anambitheke kahle. (Kolose 4:6) Lapho umuntu ebe nosuku olunzima, amazwi ambalwa omusa, anozwela avela kumngane womshado angenza okukhulu. “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Iphimbo elihle namagama akhethiwe kubalulekile. Ngokwesibonelo, ngendlela yentukuthelo, nephoqayo, omunye angase atshele omunye ukuthi: “Vala lowo mnyango!” Kodwa yeka ukuthi ‘ayoliswe ngosawoti’ kanjani lamazwi uma eshiwo ngezwi elizothile, lokuqonda, “Ngicela uvale umnyango.”
22. Yiziphi izimo zengqondo imibhangqwana ezidingayo ukuze ilondoloze ukukhulumisana okuhle?
22 Ukukhulumisana okuhle kuyachuma lapho kunamazwi akhulunywa ngomusa, lapho kunokubukana nokuthintana okumnene, kunomusa, ukuqonda, nesisa. Ngokusebenza kanzima ukuze balondoloze ukukhulumisana okuhle, bobabili indoda nenkosikazi bayozizwa bekhululekile ukuveza izidingo zabo, futhi bangaba imithombo yenduduzo nosizo komunye nomunye ezikhathini zokudumala noma zokucindezeleka. “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile,” kunxusa iZwi likaNkulunkulu. (1 Thesalonika 5:14) Kuyoba nezikhathi indoda eyodangala ngazo nezikhathi okuyodangala ngazo inkosikazi. ‘Bangakhuluma ngokududuzayo,’ bakhane.—Roma 15:2.
23, 24. Uthando nenhlonipho kuyosiza kanjani lapho kunokungezwani? Nikeza isibonelo.
23 Abangane bomshado ababonisa uthando nenhlonipho ngeke babheke konke ukungavumelani njengenselele. Bayosebenza kanzima ukuze ‘bangathukuthelelani kakhulu.’ (Kolose 3:19) Bobabili kufanele bakhumbule ukuthi “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1) Qaphela ukuba ungamehlisi noma umgxeke umngane womshado othulula imizwa esenhliziyweni. Kunalokho, bheka izinkulumo ezinjalo njengethuba lokuqonda umbono wakhe. Ndawonye, zamani ukulungisa ukungaboni ngaso linye futhi nifinyelele esiphethweni enivumelana ngaso.
24 Khumbula ngesikhathi uSara etusa ikhambi lenkinga ethile kumyeni wakhe, u-Abrahama, futhi lingahambisani nendlela ayezizwa ngayo. Nakuba kunjalo, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuthi: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:9-12) U-Abrahama wamlalela futhi wabusiswa. Ngokufanayo, uma inkosikazi isikisela okuthile okuhlukile kokucatshangwa umyeni wayo, kufanele okungenani alalele. Ngesikhathi esifanayo, inkosikazi akufanele ibe ungqó shishilizi engxoxweni kodwa kufanele ilalele lokho umyeni wayo akushoyo. (IzAga 25:24) Akubonisi uthando futhi kuwukungahloniphi ngendoda noma ngenkosikazi ukuphikelela nokuba kwenziwe ngendlela yayo ngaso sonke isikhathi.
25. Ukukhulumisana okuhle kuyonikela kanjani enjabulweni ezicini ezijulile zokuphila kwasemshadweni?
25 Ukukhulumisana okuhle kubalulekile nasebuhlotsheni bobulili bombhangqwana. Ubugovu nokuntula ukuzithiba kungabonakalisa ngokungathi sína lobu buhlobo obujule kakhulu emshadweni. Ukukhuluma ngokukhululeka, kanye nokubekezela, kubalulekile. Lapho ngamunye ngokungenabugovu ekhathalela inhlalakahle yomunye, ubulili abuvami ukuba inkinga engathi sína. Kulendaba, njengakwezinye, “yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 7:3-5; 10:24.
26. Ngisho noma yonke imishado iyoba nezikhathi ezinhle nezimbi, ukulalela iZwi likaNkulunkulu kuyoyisiza kanjani imibhangqwana eshadile ukuba ithole injabulo?
26 Yeka iseluleko esihle esinikezwa iZwi likaNkulunkulu! Yiqiniso, yonke imishado iyoba nezikhathi ezinhle nezimbi. Kodwa lapho abashadile bezithoba ekucabangeni kukaJehova, njengoba kwembulwe eBhayibhelini, futhi besekela ubuhlobo babo othandweni olunezimiso nasenhloniphweni, bangaqiniseka ukuthi umshado wabo uyohlala njalo futhi ujabulise. Ngaleyo ndlela ngeke badumisane bodwa kuphela kodwa bayodumisa noMsunguli womshado, uJehova uNkulunkulu.
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGAWUSIZA KANJANI . . . UMBHANGQWANA UKUBA UBE NOMSHADO OHLALA NJALO NOJABULISAYO?
AmaKristu eqiniso ayathandana.—Johane 13:35.
AmaKristu akulungele ukuthethelelana.—Kolose 3:13.
Kunokuhleleka okufanele kobunhloko.—1 Korinte 11:3.
Kubalulekile ukusho into efanele ngendlela efanele.—IzAga 25:11.
[Isithombe ekhasini 28]
Ukuthandana nokuhloniphana kuholela empumelelweni emshadweni