Isifundo 9
Izinceku ZikaNkulunkulu Kumelwe Zihlanzeke
Kungani kumelwe sihlanzeke ngazo zonke izindlela? (1)
Kusho ukuthini ukuhlanzeka ngokomoya? (2)
ukuhlanzeka ngokokuziphatha? (3)ukuhlanzeka engqondweni? (4)ukuhlanzeka emzimbeni? (5)
Yiziphi izinhlobo zenkulumo engahlanzekile okufanele sizigweme? (6)
1. UJehova uNkulunkulu uhlanzekile futhi ungcwele. Ulindele ukuba abakhulekeli bakhe bahlale behlanzekile—ngokomoya, ngokokuziphatha, engqondweni, nasemzimbeni. (1 Petru 1:16) Kudinga umzamo wangempela ukuhlala sihlanzekile emehlweni kaNkulunkulu. Siphila ezweni elingahlanzekile. Futhi silwa nokuthambekela kwethu siqu kokwenza okungalungile. Kodwa akumelwe siyeke.
2. Ukuhlanzeka Ngokomoya: Uma sifuna ukukhonza uJehova, asinakuqhubeka sibambelele kunoma yiziphi izimfundiso noma amasiko enkolo yamanga. Kumelwe siphume enkolweni yamanga futhi singayisekeli nganoma iyiphi indlela. (2 Korinte 6:14-18; IsAmbulo 18:4) Uma nje sesifunde iqiniso ngoNkulunkulu, kumelwe siqaphele ukuba singadukiswa abantu abafundisa amanga.—2 Johane 10, 11.
3. Ukuhlanzeka Ngokokuziphatha: UJehova ufuna ukuba abakhulekeli bakhe baziphathe njengamaKristu eqiniso ngazo zonke izikhathi. (1 Petru 2:12) Ubona konke esikwenzayo, ngisho nasekusithekeni. (Heberu 4:13) Kufanele sikugweme ukuziphatha okubi kobulili neminye imikhuba yalelizwe engahlanzekile.—1 Korinte 6:9-11.
4. Ukuhlanzeka Engqondweni: Uma sigcwalisa izingqondo zethu ngemicabango ehlanzekile, nemsulwa, nokuziphatha kwethu kuyoba okuhlanzekile. (Filipi 4:8) Kodwa uma sizigxilisa ezintweni ezingahlanzekile, kuyophumela ezenzweni ezimbi. (Mathewu 15:18-20) Kufanele sigweme izinhlobo zokuzijabulisa ezingangcolisa izingqondo zethu. Singagcwalisa izingqondo zethu ngemicabango ehlanzekile ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu.
5. Ukuhlanzeka Emzimbeni: Ngenxa yokuthi amelela uNkulunkulu, amaKristu kufanele agcine imizimba yawo nezingubo zawo zihlanzekile. Kufanele sigeze izandla zethu ngemva kokusebenzisa indlu yangasese, futhi kufanele sizigeze ngaphambi kokuba sidle noma siphathe ukudla. Uma singekho isimiso sokukhuculula indle esifanele, indle kufanele igqitshwe. (Duteronomi 23:12, 13) Ukuhlala sihlanzekile emzimbeni kuthuthukisa impilo. Umuzi womKristu kufanele ucoceke futhi uhlanzeke, ngaphakathi nangaphandle. Kufanele ube yisibonelo esihle emphakathini.
6. Inkulumo Ehlanzekile: Izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zikhulume iqiniso njalo. Abaqambimanga ngeke bangene eMbusweni kaNkulunkulu. (Efesu 4:25; IsAmbulo 21:8) AmaKristu awalusebenzisi ulimi olubi. Awawalaleli futhi awawaxoxi amahlaya angcolile noma izindaba ezingahlanzekile. Ngenxa yenkulumo yawo ehlanzekile, ahlukile emsebenzini noma esikoleni nasemphakathini.—Efesu 4:29, 31; 5:3.
[Isithombe ekhasini 18, 19]
Izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zihlanzeke kuzo zonke izici