Isahluko 18
Ngingayithola Kanjani Imali?
“Ngifuna imali yokuthenga imoto.”—USergio.
“Ngiyakuthanda ukuthenga.”—ULaurie-Ann.
“Kunezinto ezinhle ngempela, futhi ngingathanda ukuba nazo; kodwa abazali bami abanamali yokungithengela zona.”—UMike.
UNGASE ube nezizathu ezifanayo zokufuna ukuba nemali. Noma mhlawumbe kudingeka uthole imali ukuze usize ekusekeleni umkhaya wakini. Ngisho noma ungazikhokheli ngokuqondile izindleko zasekhaya, ukuzithengela ngemali yakho izingubo noma ezinye izinto kungase kubethule umthwalo ongokwezimali abazali bakho.
Kunoma yikuphi, ukuzitholela wena noma umkhaya wakini izinto kudinga imali. Nakuba uJesu athembisa ukuthi uNkulunkulu uyobanakekela labo ‘abafuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu,’ umKristu kusadingeka enze okuthile ukuze azinakekele. (Mathewu 6:33; IzEnzo 18:1-3; 2 Thesalonika 3:10) Ngakho, ungayithola kanjani imali? Okubaluleke nakakhulu, ungawulondoloza kanjani umbono olinganiselayo ngemali?
Indlela Yokuthola Umsebenzi
Uma kunokuthile okudinga ngempela kodwa okubiza kakhulu ukuba abazali bakho bangakuthengela, ungase ufune umsebenzi ozokungenisela imali eyanele ukuze uzithengele wena leyo nto. Khuluma nabazali bakho ngale ndaba. Bangase bahlabeke umxhwele ngokufuna kwakho ukuthatha lesi sinyathelo. Ake sithi bayavuma futhi kusemthethweni ukuba usebenze, nanka amacebiso amane azokusiza uthole umsebenzi.
Tshela abanye. Tshela omakhelwane, othisha nezihlobo ukuthi ufuna umsebenzi. Uma unamahloni okubacela ngokuqondile ukuba bakufunele umsebenzi, ungase ubabuze ukuthi babenza msebenzi muni ngesikhathi bengangawe. Uma bebaningi abantu abaziyo ukuthi ufuna umsebenzi, maningi namathuba okuwuthola.
Landelela. Bheka izikhangiso zomsebenzi emaphephandabeni noma kuyi-Internet, funda amabhodi ezaziso ezitolo, esikoleni sakho nakwezinye izindawo zomphakathi. Osemusha okuthiwa uDave uthi: “Ngawuthola kanjalo umsebenzi. Ngabheka iphephandaba, ngabathumelela incwadi yami yesicelo somsebenzi nge-fax, futhi ngabashayela ucingo.” Uma kungasebenzi lokhu, mhlawumbe ungase wenze umqashi abone isidingo somsebenzi owenzayo.
Bhala isicelo somsebenzi, usithumele ezindaweni eziningi. Bhala ephepheni indlela okungaxhunyanwa nawe ngayo, bala amakhono akho nokuhlangenwe nakho komsebenzi. Ucabanga ukuthi awunawo amakhono ongawabala? Cabangisisa. Wake wayinakekela ingane yakini lapho abazali benu bengekho, noma wagada abantwana babanye abantu? Lokhu kubonisa ukuthi ungethenjwa. Ingabe wake wamsiza uyihlo lapho elungisa imoto? Mhlawumbe lokhu kubonisa ukuthi unekhono lokukhanda. Uyakwazi ukubhala ngomshini noma ukusebenzisa i-computer? Noma ingabe wathola amamaki amahle emsebenzini wesikole owawuzisungulele wona? Amaphuzu amahle lawa angenza abaqashi bakuthathe. Wafake esicelweni sakho somsebenzi. Nikeza abangase babe abaqashi isicelo sakho somsebenzi, futhi ucele abangane nezihlobo ukuba basidlulisele kunoma ubani ofuna izisebenzi.
Ukuzisebenza. Cabanga ngomakhelwane bakho. Ingabe kunesidingo sezimpahla ezithile noma izinkonzo okungekho muntu ozenzayo? Ngokwesibonelo, ake sithi uyakuthanda ukusebenza engadini. Ungase ucele ukugundela umakhelwane wakho utshani noma ukumhlanzela igceke bese ekukhokhela. Noma mhlawumbe ukwazi ukudlala insimbi yomculo. Ungabafundisa abanye ukuyidlala? Noma mhlawumbe ungase wenze umsebenzi abanye abangathandi ukuwenza, njengokugeza amafasitela noma ukuhlanza. UmKristu akanamahloni okusebenza ngezandla zakhe. (Efesu 4:28) Yiqiniso, ukuzisebenza kudinga ukuba uzimisele, uzithibe futhi ungaqhutshwa ngemuva.
Isixwayiso: Ungagijimeli ukuqala ibhizinisi ngaphambi kokuhlola zonke izindleko nezici ezihilelekile. (Luka 14:28-30) Okokuqala, xoxa ngakho nabazali bakho. Xoxa nanabanye abaye baba namabhizinisi afanayo. Ingabe kuzodingeka ukhokhe izintela? Ingabe kuzodingeka uthole imvume? Xoxa neziphathimandla zendawo ukuze uthole imininingwane.—Roma 13:1.
Linganisela
Zicabange uzama ukushova ibhayisikili ube uphethe inqwaba yezinto, njengesikhwama sezincwadi, ibhola, mhlawumbe namapulasitiki okudla. Lapho uzama ukuphatha izinto eziningi, ayanda namathuba okuba likulahle phansi! Kungenzeka okufanayo uma ungase wenze umsebenzi ongaphezu kwamandla akho. Uma usebenzisa isikhathi sakho esiningi, amandla, nengqondo emsebenzini wangemva kwesikole, impilo yakho namamaki akho angase aphazamiseke. Okubaluleke nakakhulu, isimiso sokusebenza esikhandlayo singenza kube nzima ngawe ukuba ulandele inqubo yobuKristu yemihlangano, ukutadisha iBhayibheli, nokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. Osemusha okuthiwa uMichelé uyavuma: “Ngiye ngaphuthelwa imihlangano ngoba ngangikhathele ngemva kosuku lwesikole nomsebenzi.”
Ungawuvumeli umbono wakho ngemali ube ongalinganiseli ngaleyo ndlela! UJesu wathi injabulo yangempela itholwa yilabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Waphinde wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) UmKristu osemusha ogama lakhe linguMaureen uye wasilalela leso seluleko. Uthi: “Angifuni ukuthandelwa imigomo yezinto ezibonakalayo. Ngiyazi ukuthi ngiyolahlekelwa ingokomoya lami uma ngicwila ekwenzeni imali.”
Yiqiniso, ezingxenyeni ezithile zomhlaba, intsha kumelwe nakanjani isebenze isikhathi eside ukuze isize imikhaya yakubo ikwazi ukuphila. Kodwa uma ungekho ngaphansi kwaleso simo, kungani weqisa kule ndaba? Ngokwabanye abacwaningi, ukusebenza amahora angaphezu kwangu-20 ngesonto kuyilapho usafunda isikole kuwukweqisa futhi kuyalimaza. Abanye basikisela ukuba usebenze amahora angu-8 kuya kwayishumi isonto ngalinye. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 4:6.
Khumbula, ‘amandla engcebo akhohlisayo’ angaminyanisa uthando lwakho ngezinto ezingokomoya. (Marku 4:19) Ngakho uma wenza umsebenzi wangemva kwesikole ukuze uthole imadlana, hlela isimiso sakho ukuze ukwazi ukubeka izinto ezingokomoya kuqala. Thandaza kuJehova uNkulunkulu ngale ndaba. Angakuqinisa ukuze ukwazi ukumelana nokucindezela kwesimo futhi akusize ulondoloze ukulinganisela kwakho okungokomoya.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA EMQULWINI 1, ISAHLUKO 21
Ingabe uyayilawula imali yakho noma iyona ekulawulayo? Thola ukuthi ungayisebenzisa kanjani.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ivila liyafisa, kodwa umphefumulo walo awunalutho. Nokho, umphefumulo wabakhutheleyo uyokhuluphaliswa.”—IzAga 13:4.
ICEBISO
Thumela isicelo sakho somsebenzi ezinkampanini, ungalindi ukuba zize zikhangise ngemisebenzi evulekile.
UBUWAZI . . . ?
Kwezinye izindawo, izikhala zemisebenzi ezingaba amaphesenti angu-85 azikhangiswa.
ENGIZOKWENZA!
Ngizokwandisa amathuba okuba ngithole umsebenzi ngoku- ․․․․․
Ngizonciphisa isikhathi engisisebenzayo sibe amahora angu- ․․․․․ isonto ngalinye.
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani kudingeka uthole imali?
● Yiziphi izinselele oyobhekana nazo uma uthola umsebenzi?
● Ungawulondoloza kanjani umbono olinganiselayo ngemali?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 153]
“Uma injabulo yakho isekelwe ekubeni nezinto ezithile njalo, awusoze wajabula. Kuyohlala kunokuthile okusha okufunayo. Kumelwe ufunde ukwaneliswa onakho.’’—UJonathan
[Ibhokisi ekhasini 155]
Yihloniphe Imali—Ungayithandi
Ummese obukhali uyithuluzi eliwusizo kumpheki onekhono. Kodwa wona lowo mmese uma uphethwe umuntu ongakwazi ukuwusebenzisa noma obudedengu, ungadala omkhulu umonakalo. Imali ifana nommese obukhali. Uma uyiphatha ngokuhlakanipha, iyithuluzi eliwusizo. Kodwa uma ungaqaphile, ungalimala! Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthanda imali. Ekuphishekeleni kwabo ingcebo, abanye badela abangane, ubuhlobo nemikhaya, ngisho nobuhlobo babo noNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo, “bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Siyini isifundo? Funda ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha. Yihloniphe, kodwa ungayithandi!
[Isithombe esisekhasini 153]
Ukwenza imisebenzi eminingi kungenza kube nzima ukuba ube olinganiselayo