INgoma 12
Ukuphila Okuphakade Kuthenjisiwe
Printed Edition
1. Sithenjiswe ukuphila.
Emhlabeni phakade.
‘Abamnene bayophila,’
Kwasho yen’ umhubi.
(CHORUS)
S’ngaphila phakade.
’Masik’sebenzela.
Is’thembiso s’kaJah
Siyofezeka.
2. Kuyoba nePharadesi;
Sikhululw’ esonweni.
Lapho kubus’ uJehova,
Kuyoba nok’thula.
(CHORUS)
S’ngaphila phakade.
’Masik’sebenzela.
Is’thembiso s’kaJah
Siyofezeka.
3. Abafile bayovuswa,
Usizi luyophela.
UJehova uyosula
Zonk’ izinyembezi.
(CHORUS)
S’ngaphila phakade.
’Masik’sebenzela.
Is’thembiso s’kaJah
Siyofezeka.
(Bheka no-Isaya 25:8; Luka 23:43; Joh. 11:25; IsAm. 21:4.)