ISAHLUKO 127
ISanhedrini Imqulisa Icala Bese Eyiswa KuPilatu
MATHEWU 27:1-11 MARKU 15:1 LUKA 22:66–23:3 JOHANE 18:28-35
ICALA LIQULWA EKUSENI PHAMBI KWESANHEDRINI
UJUDA ISKARIYOTHE UZAMA UKUZILENGISA
UJESU UYISWA KUPILATU UKUZE AJEZISWE
Sekuyasa njengoba uPetru ephika uJesu okwesithathu. Amalungu eSanhedrini aseqedile ukuqula icala ngendlela yawo futhi ayahlukana. SekunguLwesihlanu ekuseni, ayaphinda ahlangane, mhlawumbe azama ukwenza icala elingekho emthethweni aliqule izolo ebusuku libonakale sengathi lisemthethweni. UJesu ulethwa kuwo.
Inkantolo iphinde ithi: “Uma unguye uKristu, sitshele.” UJesu uthi kubo: “Ngisho noma nginganitshela, ngeke nhlobo nikukholwe. Ngaphezu kwalokho, uma benginganibuza, beningeke niphendule.” Nokho, uJesu ngesibindi uveza ukuthi nguye lo okwabikezelwa ngaye kuDaniyeli 7:13. UJesu uthi: “Kusukela manje kuqhubeke iNdodana yomuntu izobe ihlezi esandleni sokudla sikaNkulunkulu esinamandla.”—Luka 22:67-69; Mathewu 26:63.
Bayaphikelela bathi: “Ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?” UJesu uyaphendula: “Nina ngokwenu nithi ngiyiyo.” Lokho uJesu akushoyo kubenza babone kufaneleka ukubulala uJesu ngenxa yecala lokuhlambalaza. Bayabuza: “Sisabudingelani obunye ubufakazi?” (Luka 22:70, 71; Marku 14:64) Ngakho bayambopha uJesu bamyise kuMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu.
Kungenzeka uJuda Iskariyothe uyambona uJesu eyiswa kuPilatu. Lapho uJuda ebona ukuthi bayamjezisa uJesu, uyazisola kancane futhi uphelelwa ithemba. Nokho, kunokuba aphenduke ngeqiniso abuyele kuNkulunkulu, uyahamba aphindisele izinhlamvu zesiliva ezingu-30. UJuda utshela abapristi abakhulu: “Ngonile lapho ngikhaphela igazi elingenacala.” Kodwa bamphendula ngendlela ebonisa ukuthi abanandaba, bathi: “Sinandabani thina nalokho? Zibonele!”—Mathewu 27:4.
UJuda uphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva ezingu-30, aphinde anezele ebubini asebenzile ngokuzama ukuzibulala. Njengoba uJuda ezama ukuzilengisa, igatsha abophele kulo intambo liyaphuka. Uwela ematsheni angaphansi bese umzimba wakhe uyaqhuma.—IzEnzo 1:17, 18.
Lapho kusesekuseni kakhulu, uJesu uyathathwa ayiswe esigodlweni sikaPontiyu Pilatu. Kodwa amaJuda amyisa khona awafuni ukungena. Acabanga ukuthi ukuhlangana nabantu beZizwe kuzowangcolisa. Acabanga nokuthi ukungena kwawo kuzowenza angafaneleki ukudla isidlo sangoNisani 15, usuku lokuqala loMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, esibhekwa njengengxenye yomkhosi wePhasika.
UPilatu uyaphuma awabuze: “Yiliphi icala enililethayo ngalo muntu?” Ayamphendula: “Uma lo muntu ubengazenzi izinto ezimbi, ngabe asimnikelanga kuwe.” Kungenzeka uPilatu ubona ngathi azama ukumcindezela, ngakho uthi: “Mthatheni nina nimahlulele ngokomthetho wenu.” AmaJuda aveza izinhloso zawo zokumbulala, athi: “Akukho emthethweni ukuba sibulale umuntu.”—Johane 18:29-31.
Empeleni uma ayebulala uJesu phakathi nomkhosi wePhasika, cishe kwakuyodala isiphithiphithi. Nokho, uma engenza amaRoma abulale uJesu ngecala elithinta ezepolitiki, okuyinto amaRoma avumelekile ukuyenza, lokho kungawakhulula amaJuda phambi kwabantu.
Abaholi benkolo abamtsheli uPilatu ukuthi uJesu bamhlulele ngecala lokuhlambalaza. Manje basungula amacala ahlukile angamanga, bathi: “Lo muntu [1] simthole edukisa isizwe sakithi, [2] enqabela ukukhokhwa kwezintela kuKhesari, [3] ethi yena ngokwakhe unguKristu inkosi.”—Luka 23:2.
Njengommeleli wamaRoma, uPilatu kufanele akhathazeke ngokuthi uJesu uzibiza ngenkosi. Ngakho uPilatu uphinde angene esigodlweni, abize uJesu, bese eyambuza: “Ingabe uyiyo iNkosi yamaJuda?” Ngamanye amazwi uthi, ‘Ingabe uphule umthetho wombuso ngokuzibiza ngokuthi uyinkosi ngokumelene noKhesari?’ Mhlawumbe efuna ukuthola ukuthi kungakanani uPilatu asekuzwile ngaye, uJesu uthi: “Lokhu ukusho ngokusuka kuwe, noma utshelwe abanye ngami?”—Johane 18:33, 34.
Ewashaya indiva amaqiniso ngoJesu kodwa efuna ukuthola okwengeziwe, uPilatu uthi: “Angiyena umJuda, akunjalo?” Uyenezela: “Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi. Wenzeni?”—Johane 18:35.
UJesu akazami ukuyigwema indaba ebalulekile—yobukhosi. Akungabazeki ukuthi indlela amphendula ngayo iyammangaza uMbusi uPilatu.