Uma Isihlobo Sisuswa Ekuhlanganyeleni . . .
1, 2. (a) Yayiyini injongo kaNkulunkulu ngokuphathelene nenkolo yomkhaya? (b) Eminye imikhaya yabhekana nasiphi isinqumo ngesikhathi sikaKora?
NGEMVA kwesikhathi esithile uAdamu eyedwa, uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa.” Khona-ke wadala uEva futhi waqalisa umshado wabantu. (Gen. 2:18, 21, 22) Ngemva kwalokho, abantu basemhlabeni kwakumelwe bande. Ngakho-ke umuntu ngamunye wayezoba nezihlobo eziningi. Ngisho noma amalungu athile omkhaya, njengabantwana, ayengahlali eduze ayengavakashelwa futhi kujatshulelwe isikhathi esimnandi.—Gen. 1:28; Jobe 1:1-5.
2 UNkulunkulu wayenenhloso yokuba imikhaya ihlanganiswe ekukhulekeleni kweqiniso, ngakho-ke izinkolelo ezingokwenkolo zazingeke zidale noma yikuphi ukwehlukana. Kodwa izenzakalo zaba-khona lapho inkolo yaba impikiswano emkhayeni. Enye yalezi kwakungenkathi uKora, uDathani noAbiramu behlubuka. UJehova waqinisekisa ukuthi wayesebenza ngoMose noAroni, hhayi ngalezihlubuki zenkolo. Ngakho-ke uMose watshela abantu ukuba basuke emathendeni ezihlubuki. Babeyokwenzani abantwana bakaKora, uDathani noAbiramu nemikhaya yabo? Ingabe babeyokwethembeka emikhayeni yabo kunokuba bathembeke kuJehova nasebandleni lakhe? Abaningi kulabo ababeyizihlobo eziseduze nezihlubuki babeka umkhaya kuqala kunoNkulunkulu. UJehova wabulala lezihlobo kanye nezihlubuki.—Num. 16:16-33.
3. Abanye bomkhaya kaKora benza kuphi ukukhetha okuhlakaniphile?
3 Nokho, amanye amadodana kaKora ahlala ethembekile kuNkulunkulu nakubantu bakhe. Awabulawanga nayo yonke indlu kaKora nemikhaya kaDathani noAbiramu. (Num. 26:9-11) Eqinisweni, amadodana kaKora asinda abusiswa kamuva ngenkonzo ekhethekile ethempelini futhi aphawulwa ngendlela ebonisa ukwazisa eBhayibhelini.—2 IziKr. 20:14-19; IHu. 42, 44-49, 84, 85, 87.
4. Kungayiphi indlela ukwethembeka emkhayeni okwakungase kulethe uvivinyo ngayo kwaIsrayeli?
4 Isinqumo esifanayo phakathi kokwethembeka emkhayeni nokwethembeka kuNkulunkulu kwakubhekwana naso lapho umIsrayeli ehlubuka. Ingabe umkhaya wakhe, oshukunyiswa umzwelo wobuntu noma ubuhlobo begazi, wawuyozama ukumvikela ekunqunyweni? Noma ingabe ngisho nomfowabo, indodana noma indodakazi yayiyoqaphela ukuthi ukwethembeka kuNkulunkulu nasebandleni kwakuyinkambo efanelekile nehlakaniphile? (Bheka uDuteronomi 13:6-11.) Elungiselelweni lanamuhla lobuKristu isoni asinqunywa ngokubulawa, kodwa amaKristu angase abhekane nokuvivinywa ngenxa yokuyalwa kwesihlobo.
IZIHLOBO ZINGASE ZIBANGELE IZINKINGA
5, 6. (a) Ukwehlukana ngenkolo emkhayeni kungaba-khona kanjani? (b) Kungani amaKristu kungamelwe ayekethise kulesimo? (IHu. 109:2-5)
5 Ukuhlangana komkhaya nothando kungase kube namandla kakhulu. Lokhu kungokwemvelo futhi kuvumelana nelungiselelo likaNkulunkulu. (Joh. 16:21) Kodwa lobubuhlobo obunamandla bungaletha izilingo ezinzima kumaKristu. UJesu wachaza ukuthi omunye wemiphumela yokuba komuntu umKristu wawuyoba ukuthi izihlobo zingase ziphikise. UJesu wathi: “Angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. Yebo, ngizé ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala. Nezitha zomuntu kuyakuba-ngabendlu yakhe. Othanda uyise nonina kunami kangifanele.”—Math. 10:34-38.
6 AmaKristu awafuni ukuba kube-khona ubutha obunjalo. Futhi akukho sizathu sokuba izihlobo ziwaphikise noma ziwazonde ngenxa yokuba aye aba izikhonzi zikaNkulunkulu ezihlanzekile, eziziphatha kahle, nezethembekile. Nokho amaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi awakwazi ukubeka phambili umkhaya kunoNkulunkulu. Ekugcineni, lokho okusezithakazelweni ezinhle kakhulu zabo bonke ukuba amaKristu aqhubeke ngokwethembeka kuNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, angase akwazi ukuthonya izihlobo zawo ukuba zihambe endleleni eholela ekusindisweni.—Roma 9:1-3; 1 Kor. 7:12-16.
7, 8. Ngubani onecala ngezinkinga zomkhaya ukususwa ekuhlanganyeleni okungase kuzibangele? (Dut. 32:4)
7 Izihlobo nazo zingase zibangele amaKristu eqiniso izinkinga ngenye indlela. Lokhu kungenzeka lapho isihlobo sisusiwe ekuhlanganyeleni. Njengoba sekuphawuliwe ezihlokweni ezandulele, uma umuntu ngokungaphenduki eqhubeka nesono esibi ebandleni, uNkulunkulu ufuna ukuba asuswe. (1 Kor. 5:11-13) Ukuziphatha kwesoni kuye kwashintsha ubuhlobo baso noJehova futhi ngakho-ke nobamalungu omkhaya angoFakazi BakaJehova. UNkulunkulu akumelwe asolwe ngenxa yalemiphumela, ngoba izindinganiso zakhe zilungile futhi ziqotho. (Jobe 34:10, 12) Futhi iphutha akulona elezihlobo ezingamaKristu athembekile. Ngumuntu osusiwe oye wazenzela ngokwakhe izinkinga nezihlobo zakhe, njengoba kwenza uKora, uDathani noAbiramu.
8 Sidinga ukuhlolisisa izimo ezimbili ezingafani. Okokuqala yilapho umKristu ehlala ekhaya elilodwa nelungu lomkhaya elisusiwe ekuhlanganyeleni noma elizihlukanisile. Esesibili yilapho isihlobo esinjalo singekho eqenjini lomkhaya.
EMKHAYENI OSEDUZE
9. Siyini isimo ngokuphathelene nezibopho zomkhaya uma umngane womuntu engesiye umKristu noma esusiwe?
9 Umuntu angase abe umKristu yedwa kulapho abanye abaseqenjini lomkhaya bengalwamukeli ukholo. Ngokwesibonelo, owesifazane, angase ukuba ukhonza uJehova, kodwa umyeni wakhe angamkhonzi. Naphezu kwalokho, use“nyamanye” nomyeni wakhe futhi ubophekile ukuba amthande futhi amhloniphe. (Gen. 2:24; 1 Pet. 3:1-6) Noma kungenzeka ushadé nomuntu owayengumKristu ozinikezele kodwa kamuva wasuswa ebandleni. Nokho lokho akunakubuphelisa ubuhlobo babo bomshado; ukufa kuphela noma idivosi engokomBhalo engabuphelisa.—1 Kor. 7:39; Math. 19:9.
10, 11. Ukususwa ekuhlanganyeleni kungabuthinta kanjani ubuhlobo obungokomoya ekhaya?
10 Ngokufanayo, uma isihlobo, njengomzali, indodana noma indodakazi, sisuswa ekuhlanganyeleni noma siye sazehlukanisa ngokwaso, ubuhlobo begazi nobomkhaya bulokhu bukhona. Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi, eqenjini lomkhaya yonke into iqhubeka ngokufanayo lapho elinye ilungu liye lasuswa ekuhlanganyeleni? Akunjalo neze.
11 Umuntu osusiswe ekuhlanganyeleni uye wanqunywa ngokomoya ebandleni, ubuhlobo bangaphambili obungokomoya buye balinyazwa ngokuphelele. Lokho kuyiqiniso maqondana nezihlobo zakhe, kuhlanganise nabaseduze eqenjini lomkhaya wakhe. Kanjalo, amalungu omkhaya—nakuba eqhubeka nobuhlobo bomkhaya—ngeke asaba nanoma yibuphi ubudlelwane obungokomoya naye.—1 Sam. 28:6; IzAga 15:8, 9.
12. Ngokuphathelene nokudlelana okungokomoya, iziphi izinguquko ezingase zenzeke lapho ilungu lomkhaya liye lasuswa?
12 Lokhu kuyosho izinguquko ebudlelwaneni obungokomoya okungenzeka babukhona ekhaya. Ngokwesibonelo, uma indoda isusiwe ekuhlanganyeleni, umkayo nabantwana ngeke bazizwa bekhululekile uma iqhuba isifundo somkhaya seBhayibheli noma ihola ekufundweni kweBhayibheli nomthandazo. Uma ifuna ukuthandaza, njengasesikhathini sokudla, inelungelo lokwenze njalo ekhaya layo. Kodwa bona ngokuthulile bangadlulisela imithandazo yabo kuNkulunkulu. (IzAga 28:9; IHu. 119:145, 146) Kuthiwani uma umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni osekhaya efuna ukuba-khona lapho umkhaya ufunda ndawonye iBhayibheli noma unesifundo seBhayibheli? Abanye bangase bamvumele ukuba abe-khona ukuze alalele uma engasoze azame ukubafundisa noma aveze imiqondo yakhe engokwenkolo.
13. Abazali bangasebenzelana kanjani nomntwana osusiwe ekhaya?
13 Uma umntwana omncane esusiwe, abazali basayoqhubeka bezinakekela izidingo zakhe zenyama, futhi bamqeqeshe ngokuziphatha futhi bamyale. Ngeke bamqhubela isifundo seBhayibheli ngokuqondile umntwana, futhi naye ehlanganyela. Nokho lokhu akusho ukuthi akunakudingeka ukuba abe-khona esifundweni somkhaya. Futhi bangase baqondise ukunakekela ezingxenyeni zeBhayibheli noma ezincwadini zamaKristu eziqukethe iseluleko asidingayo. (IzAga 1:8-19; 6:20-22; 29:17; Efe. 6:4) Bangase bahambe naye futhi bahlale naye emihlanganweni yamaKristu, benethemba lokuthi uyofaka enhliziyweni iseluleko seBhayibheli.
14, 15. Kumelwe kwenziweni ngokubuyela ekhaya komzali osusiwe?
14 Kodwa kuthiwani uma isihlobo esiseduze, njengendodana noma umzali ongahlali ekhaya, esuswa ekuhlanganyeleni futhi ngemva kwalokho afune ukubuyela lapho? Umkhaya uyonquma ukuba wenzeni kuxhomeke esimweni.a
15 Ngokwesibonelo, umzali osusiwe ekuhlanganyeleni angase agule futhi angakwazi ukuzinakekela ngokwakhe ngokwezimali nangokwempilo. Abantwana abangamaKristu banesibopho esingokomBhalo nesokuziphatha sokuba basize. (1 Thim. 5:8) Mhlawumbe kungase kubonakale kudingekile ukuletha umzali ekhaya, okwesikhashana noma ukuba azohlala ngokuphelele. Kumbe kungase kubonakale kuwukuhlakanipha ukulungiselela indawo yezokwelapha lapho umzali kungafuneka avakashelwe khona. Okwenziwayo kungase kuxhomeke ezicini ezifana nezidingo zangempela zomzali, isimo sakhe nokucabangela inhloko yomkhaya enakho ngenhlalakahle engokomoya yomkhaya.
16, 17. (a) Abazali bangasabela kanjani ngokuphathelene nokubuya ekhaya komntwana osusiwe? (b) Singafundani ngalokhu emfanekisweni wendodana yolahleko?
16 Lokhu kungaba yiqiniso futhi ngokuphathelene nomntwana oye wahamba ekhaya kodwa manje osusiwe noma ozehlukanisile. Ngezinye izikhathi abazali abangamaKristu baye bamukela okwesikhashana ekhaya umntwana osusiwe ekuhlanganyeleni oye wagula emzimbeni noma ngokomzwelo. Kodwa endabeni ngayinye abazali bangase bahlolisise izimo zomuntu ngamunye. Ingabe indodana esusiwe ekuhlanganyeleni yayihlala yodwa, futhi manje ayisakwazi ukwenze njalo? Kumbe ifuna ukubuyela emuva ngokuyinhloko ngoba ukuphila kuyoba lula? Kuthiwani ngokuziphatha kwayo nesimo? Ingabe iyoletha “imvubelo” ekhaya?—Gal. 5:9
17 Emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko, uyise wagijimela ukuyihlangabeza futhi wayamukela indodana eyayibuya. Uyise, ebona isimo esidabukisayo somfana, wasabela ngokukhathalela okungokwemvelo kobuzali. Nokho, singase siphawule ukuthi indodana ayibuyanga ekhaya nezifebe noma nesimo sengqondo sokuba iqhubeke nokuphila kwayo kwesono ekhaya likayise. Cha, yabonakalisa ukuphenduka okusuka enhliziyweni futhi ngokunokwenzeka yayizimisele ukuba iphinde iphile ngokuhlanzekile.—Luka 15:11-32.
IZIHLOBO EZISUSIWE EKUHLANGANYELENI EZINGAHLALI EKHAYA
18, 19. (a) AmaKristu kumelwe akubheke kanjani ukwejwayelana nezihlobo ezisusiwe ezingekho ekhaya? (b) Kungani lesisimo sifanelekile? (2 Thim. 2:19)
18 Isimo sesibili esidinga ukusicabangela yileso esihilela isihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni noma esizehlukanisile esingahlali eqenjini lomkhaya noma esihlala ekhaya laso. Umuntu onjalo useyisihlobo ngegazi noma ngomshado, futhi kungase kube-khona isidingo esilinganiselwe sokunakekela izindaba ezidingekile zomkhaya. Nakuba kunjalo, akufani nokuthi uhlala ekhaya elilodwa lapho ukuthintana nezingxoxo kungenakugwenywa khona. Kumelwe sisigcine ngokucacile engqondweni isiqondiso seBhayibheli esiphefumlelwe: “Ningahlangani nomuntu [noma ubani, NW] obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo . . . , ningaze nadla nokudla nonjalo.”—1 Kor. 5:11.
19 Khona-ke, amaKristu ayizihlobo zomuntu onjalo osusiwe ongahlali ekhaya kumelwe alwele ukugwema ukuhlanganyela naye ngokungadingekile, ngisho nokugcina ukusebenzelana kwezebhizinisi kusezingeni eliphansi. Ukuba nengqondo kwalenkambo kuba sobala ngemibiko yalokho okuye kwenzeka lapho izihlobo ziye zaba nombono oyiphutha, ‘Nakuba esusiwe, siyizihlobo, futhi singamphatha ngendlela efanayo nje neyangaphambili.’ Kwenye indawo kuvela lokhu:
“Omunye umuntu osusiwe wayeyisihlobo cishe sengxenye eyodwa kwezintathu zebandla. Zonke izihlobo zakhe zaqhubeka zidlelana naye.”
Futhi umdala ongumKristu ohlonishwa kakhulu wabhala:
“Endaweni yakithi abanye abantu abasusiwe ekuhlanganyeleni abanezihlobo eziningi baye bahlangatshezwa, njengoba bengena emhubheni weHholo LoMbuso, ngomsindo wokujatshulelwa nokubhanswa nokuxhawula [ngisho noma umuntu osusiwe babemazi ukuthi usaqhubeka nokuziphatha okubi.] Ngizizwa ngikhathalela ngokujulile ukuthi labo abaye basuswa ekuhlanganyeleni kudingeka babone ukuthi inkambo yabo iyazondwa nguJehova nabantu bakhe nokuthi kumelwe basizwe isidingo sangempela sokuphenduka ngobuqotho. Yini eyosiza labantu abasusiwe ukuba baphenduke uma bebingelelwa ngokuqhubekayo yibo bonke abayizihlobo zabo eziningi eziyaziyo imikhuba yabo?”
20, 21. Uma kuziwa endabeni yezihlobo ezisusiwe, kungani kudingeka siqaphele? (2 Thim. 2:22)
20 Kumelwe ukuthi ayekhona amabandla eminyakeni yekhulu lokuqala ayenabaningi ababeyizihlobo. Kodwa lapho othile esesusiwe, ingabe zonke izihlobo kwakumelwe ziqhubeke ngendlela evamile uma nje zazingaxoxi izinto ezingokomBhalo nomuntu osusiwe? Cha. Ngaphandle kwalokho ibandla laliyobe lingawusebenzisi ngempela umyalo othi: “Xoshani omubi phakathi kwenu.”—1 Kor. 5:13.
21 Kumelwe kuqashelwe kakhulu ukuthi isimo somuntu njengesoni esisusiwe asisona esinganakwa noma esenziwa sincane. Njengoba amadodana kaKora abonisa kahle, ukwethembeka kwethu okuyinhloko kumelwe kube kuJehova naselungiselelweni lakhe laphezulu. Singaqiniseka ngokuthi lapho sinamathela ezindinganisweni zakhe futhi sidlelana nabantu bakhe abahlelekile, esikhundleni sezoni, siyoba nesivikelo sakhe nesibusiso.—IHu. 84:10-12.
IMIBUTHANO YOKUZIJABULISA NEZIHLOBO EZISUSIWE EKUHLANGANYELENI
22. Kungani imibuthano yomkhaya ingase idale inkinga ekhethekile ngokuphathelene nezihlobo ezisusiwe?
22 Ngokuvamile, izihlobo ziba ndawonye ekudleni, kumapikiniki, emibuthanweni yemikhaya noma eminye imibuthano yokuzijabulisa. Kodwa lapho othile ngokungaphenduki eye walandela isono futhi kwafuneka ukuba asuswe, angase abangele ubunzima ezihlotsheni zakhe ezingamaKristu ngokuphathelene nemibuthano enjalo. Nakuba ziqaphela ukuthi zisahlobene naye, nokho azifuni ukungasinaki iseluleko sikaPawulu sokuthi amaKristu athembekile kumelwe a“ngahlangani” nesoni esixoshiwe.
23. Singase sibe yini isimo ngesihlobo esisusiwe nomshado womKristu?
23 Akukho sizathu sokufunana nomthetho othile ngokuphathelene nokuba-khona kwamalungu omkhaya emibuthanweni lapho isihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni singase sibe-khona. Lokhu kumelwe kuxazululwe ngabantu abaphathelele, ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu. (1 Kor. 5:11) Futhi kumelwe kuqashelwe ukuthi uma umuntu osusiwe eyoba-khona embuthanweni okumenywe kuwona oFakazi abangezona izihlobo, lokho kungase kukuthinte okwenziwayo abanye. Ngokwesibonelo, umbhangqwana wamaKristu kungenzeka uyashada eHholo LoMbuso. Uma isihlobo esisusiwe siza eHholo LoMbuso emshadweni (enkulumweni), ngokusobala ngeke sibe seqenjini labaphelezeli lapho noma si“nikezele ngomakoti.” Nokho, kuthiwani uma umshado unedili? Lokhu kungaba yisehlakalo esijabulisayo, njengoba kwakunjalo eKhana ngenkathi uJesu ayelapho. (Joh. 2:1, 2) Ingabe isihlobo esisusiwe siyovunyelwa ukuba size noma ngisho simenywe? Uma sizoba-khona, amaKristu amaningi, izihlobo noma abangezona izihlobo, bangase baphethe ngokuthi abanakuba khona lapho, badle, noma bahlanganyele naso, ngenxa yeziqondiso zikaPawulu kwaboku-1 Korinte 5:11.
24. AmaKristu athembekile angajabulela kakhulu buphi ubuhlobo? (IzAga 18:24)
24 Ngakho-ke, ngezinye izikhathi amaKristu angase abe nomuzwa wokuthi awakwazi ukuba nesihlobo esisusiwe noma esizehlukanisile emgidini oyohilela ngokuvamile amalungu omkhaya. Nokho, amaKristu angase ajabulele ubudlelwane namalungu athembekile ebandla, ekhumbula amazwi kaJesu: “Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”—Marku 3:35.
25, 26. Uma isihlobo esisusiwe sifa, singase sibe yini isimo ngokuphathelene nomngcwabo?
25 Iqiniso liwukuthi lapho umKristu ezinikela ngokwakhe esonweni futhi kufuneke asuswe, ulahlekelwa okuningi: ukuma kwakhe okuvunyelwe noNkulunkulu; ukuba yilungu lebandla lamaKristu athokozayo; ubudlelwane obumnandi nabazalwane, kuhlanganise nokujabulela ubuhlobo obuningi ayenabo nezihlobo ezingamaKristu. (1 Pet. 2:17) Ubuhlungu aye wabuletha bungase ngisho bumbulale.
26 Uma kungenzeka afe esasusiwe ekuhlanganyeleni, amalungiselelo omngcwabo wakhe angase abe yinkinga. Izihlobo zakhe ezingamaKristu zingase zifune ukuba kube nenkulumo eHholo LoMbuso, uma lokho kuyisiko lendawo. Kodwa lokhu ngeke kufaneleke ngomuntu osusiwe ebandleni. Uma ebebonise ubufakazi bokuphenduka futhi efuna ukuthethelelwa uNkulunkulu, njengokuthi ayeke ukuqhubeka nesono nangokuba-khona emihlanganweni yamaKristu unembeza womunye umzalwane ungase umvumele ukuba anikeze inkulumo engokweBhayibheli ekhayeni lomngcwabo noma emathuneni. Inkulumo enjalo engokweBhayibheli maqondana nesimo sabafile inikeza ubufakazi kwabangakholwa noma iduduze izihlobo. Nokho, uma umuntu osusiwe ebesaqhubeka nemfundiso yamanga noma ngokuziphatha kokungamesabi uNkulunkulu, ngisho nenkulumo enjalo ingaba engafanelekile.—2 Joh. 9-11.
IZIFUNDO KITHI SONKE
27. Kumelwe sizibheke kanjani izahlulelo zikaNkulunkulu?
27 Sonke sidinga ukwazisa ukuthi isahlulelo sikaJehova esibalulekile. (IzAga 29:26) Lokhu kuyiqiniso ngokuphathelene nemikhuba ezondekayo, ngoba iBhayibheli libonisa ukuthi lezi yizinto uNkulunkulu azenyanyayo. (IzAga 6:16-19) Kodwa futhi kuyiqiniso ngokuphathelene nesahlulelo sikaJehova kumuntu ngamunye. IZwi likaJehova ngokusobala lithi “abangalungile,” labo abaqhubeka nge“misebenzi yenyama,” ngeke balidle ifa lombuso wakhe. (1 Kor. 6:9, 10; Gal. 5:19-21) Abantu abanjalo abanayo indawo ezulwini, futhi abanakufaneleka eMbusweni wasemhlabeni. Ngokuvumelana nalokho, noma ubani ofuna ukuhlala ehlanzekile ebandleni likaNkulunkulu namuhla kumelwe ahlangabezane nezindinganiso zaKhe. UNkulunkulu kalula nje ngeke avumele “imvubelo” ukuba ihlale ikhona njengethonya elonakalisayo phakathi kwabantu bakhe abangcwele.—1 Kor. 5:6-13.
28. Indaba yokususa ekuhlanganyeleni ingase ikuvivinye kanjani ukwethembeka kwethu?
28 Ngokwemvelo, uma isihlobo esiseduze sisusiwe, imizwa yobuntu ingase ilethe uvivinyo olukhulu kithina. Uzwela nobuhlobo bomkhaya kunamandla kakhulu ikakhulukazi phakathi kwabazali nabantwana babo, futhi kunamandla nalapho umngane womshado esusiwe. Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi, ngemva kwakho konke, ngeke sazuzisa noma ubani noma sithokozise uNkulunkulu uma sivumela umzwelo ukuba usiholele ekutheni singasinaki iseluleko saKhe esihlakaniphile nokuqondisa. Kudingeka sibonise ukwethembeka kwethu okugcwele ekulungeni okuphelele kwezindlela zikaNkulunkulu, kuhlanganise nelungiselelo lakhe lokususa ekuhlanganyeleni izoni ezingaphenduki. Uma sihlala sithembekile kuNkulunkulu nasebandleni, isoni ngemva kwesikhathi esithile singase sifunde kulokho, siphenduke futhi sibuyiselwe ebandleni. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi lokho kuyenzeka noma hhayi, singaduduzeka futhi sithole amandla kulokho uDavide akusho kamuva ekuphileni:
“Ngokuba yonke imithetho yakhe [uNkulunkulu] yayiphambi kwami, . . . UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe. Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho; kohlanzekile uyazibonakalisa ehlanzekile; . . . uyasindisa abantu abathobekileyo.”—2 Sam. 22:23-28.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuphawula esimweni sabadala nezinceku ezikhonzayo kuvezwe ‘Emibuzweni Evela Kubafundi’ kuNqabayokulinda kaMay 1, 1978.
[Isithombe ekhasini 28]
Umzali osusiwe angase adinge ukunakekelwa ekhaya lomntwana ongumKristu
[Isithombe ekhasini 29]
Indodana yolahleko ayizange ibuyele ekhaya ukuze iqhubeke nokuphla kwayo kwesono, kodwa yayiphenduka. Uyise wayamukela