Intsha Ejabulayo Ezweni Elonakele
Lesihloko sibhalelwe ngokukhethekile abasha. Ngakho-ke simema abasha ukuba kube yibona abaphendula kakhulu lapho kuxoxwa ngaso eHholo loMbuso.
“Khumbula umdali wakho emihleni yobusha bakho.”—UmShumayeli 12:1.
1. Kungani abantu abaningi abasha becabanga ukuthi lesi akusona isikhathi esihle sokuba musha?
YEKA ukuthi sihle kanjani isikhathi sobusha! Ingabe lokhu kuyamangalisa? Abasha abaningi bangase baphawule izimo ezimbi abazibonayo—ubugebengu emigwaqweni, ukuziphatha okubi, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, ukukhulelwa kwabangaphansi kwama-20, ukukhishwa kwezisu nezifo zokubhajwa. Bangase baphawule ingozi yempi yama-athomu noma ukunukubezwa komoya okonakalisa umhlaba. Bangase babuze ukuthi kungenzeka kanjani ukuba lesi kube yisikhathi esihle kwabasha, njengoba besabheke isikhathi esizayo?
2. (a) Kungani lesi ngempela kuyisikhathi esihle kakhulu sokuphila? (b) Yimiphi imiphumela okumelwe leloqiniso libe nayo kuwena?
2 Abanye abasha bayazi ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zithi uNkulunkulu ngeke avumele abantu babhubhise umhlaba. IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uyoguqula izinto—ukuthi uyongenela futhi alethe izimo zokulunga nokuthula. (IHubo 37:10, 11; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4; 11:18) Ingabe uyazikholelwa lezozithembiso? Uma uzikholelwa, kumelwe zikuthinte kakhulu ukuphila kwakho, ngoba zisho ukuthi ungase ube nesikhathi esizayo esikhanyayo.
3. Kungani kungekho muntu omncane kakhulu ukuba angakhathalela ukukhonza uNkulunkulu?
3 Kungenzeka ucabanga ukuthi: ‘Oh, ngisemncane kakhulu ukuba ngenze lokho!’ Kodwa ingabe kunjalo? IBhayibheli likhuthaza abasha—abafana namantombazane—ukuba bakhonze uNkulunkulu. (IHubo 148:12, 13) Lisitshela ngentombazane encane yomHeberu eyabangela ukuba isikhulu sebutho laseSiriya, uNahamani, abe ngenye yezinceku zikaJehova. (2 AmaKhosi 5:2, 3, 15-17) Lithi abantwana bahalalisela uJesu, nokuthi ngenkathi abaholi benkolo bengakuthandi lokho uJesu wababuza: “Anikaze yini nifunde imiBhalo? Ngoba ithi, ‘Ngisho nabantwana abancane bayakumdumisa!’” (Mathewu 21:15, 16, The Living Bible) UJesu wabonakalisa isithakazelo somuntu siqu kubantwana. Wathi mabavunyelwe beze kuye. Futhi amabandla oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba anesithakazelo kubantwana ngokukhethekile namuhla—futhi nasezintweni ezinhle abazenzayo ekukhonzeni uNkulunkulu.—Mathewu 19:14.
Izimiso Zokuphila Okujabulisayo
4. IBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba ube nokuphila okuthokozisayo?
4 Uyazi ukuthi abazali bakho bafuna ukuba ujabule? Kungokufanayo nangoYihlo wasezulwini, uJehova uNkulunkulu. IZwi lakhe iBhayibheli, linikeza iseluleko esingakuvikela ezinkathazweni eziningi. Alikutsheli into ngayinye okumelwe uyenze, kodwa, ezimweni eziningi limane nje lisho izimiso. Lezi zingamaqiniso akunikeza isisekelo onganqumela phezu kwaso, ukuze ukwahlulela kwakho okulungile kukutshele ukuthi ikuphi okuqondile. Ngokwesibonelo, nasi isimiso esiphawulwe esihlokweni esandulele futhi ngokunokwenzeka izikhathi eziningi uzwa kuxoxwa ngaso: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.
5. (a) Yiziphi ezinye zezindlela “abangane ababi” abangonakalisa ngazo “ukuziphatha okuhle”? (b) Imibhalo eboniswe kulesigaba ibonisani ngokuphathelene (1) nolimi olungcolile, (2) izindaba zokonakala, (3) ukuziphatha okubi kobulili?
5 Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi sithonywa ngabantu abasizungezile. Uma uchitha isikhathi esiningi unabantu abasebenzisa ulimi olungcolile noma abaxoxa izindaba ezonakele ngokunokwenzeka uyolandela isibonelo sabo. Uma uhlanganyela nabantu abamiqondo yabo ngokuphathelene nobulili nomshado yehlukile kulokho owazi ukuthi uNkulunkulu uyakufuna, uyofinyelela eqophelweni lokuba lezozinto zingasakwethusi. Ungase ujwayelane nezinto ezinjalo ngaphandle kokuqaphela. Lapho ufunda izincwadi noma ubuka amabhayisikobho noma ithelevishini ufaka imiqondo yomlobi engqondweni yakho. Uma lemiqondo ingalungile, ingayingcolisa ingqondo yakho. IBhayibheli alisho ukuthi kumelwe ujabulele izinto ezinjalo, kodwa uzigweme. (Efesu 5:3, 4; qhathanisa naboku-1 Korinte 6:18.) Futhi lithi: “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.
6. (a) Yiziphi izinkinga abantu abaye baba nazo ngenxa yokunganaki iseluleko seBhayibheli sabangane ababi? (b) Yini okumelwe siyikhumbule ngezingqondo zethu, futhi singabathola kuphi abangane abahle?
6 Sithonywa ngabantu abasizungezile. Njengoba iThe Living Bible ibeka aboku-1 Korinte 15:33: “Uma ubalalela uyoqala ukwenza njengabo.” Abantu abasha baye balingeka ekubhemeni, ekusebenziseni kabi umlaliso, ekwebeni nazo zonke izinhlobo zokuziphatha okubi ngoba abantu ababejwayelene nabo babenza lezinto noma babehlekisa ngabo ngoba bengahlanganyeli kuzo. Ingabe ucabanga ukuthi abantu abahlekisa ngawe ngenxa yokwenza okulungile bangabangane abafanelekile? Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ingqondo yakho ifana kakhulu necomputer. Uma ufaka ukwaziswa okungafanelekile kuyona, uyothola izinqumo ezingafanelekile kuyona. Ngakho-ke kuyoba ukuhlakanipha ukuba ujwayelane nabantu abesaba uNkulunkulu—nalabo abeza eHholo loMbuso futhi basebenzise abakufunda lapho.—IzAga 18:24.
7. (a) Ingabe bonke ababa-khona emihlanganweni yobuKristu bayazisebenzisa ngempela izimiso zokwesaba uNkulunkulu? (b) Yisiphi isibonelo osukwini lukaSamuweli esibonisa ukuthi lokhu akukhona okusha? (c) USamuweli wenzani, futhi namiphi imiphumela?
7 Kodwa kumelwe wenzeni uma othile okumelwe abeke isibonelo esihle engasibeki? Lokhu kwenzeka kaningi ezikhathini zeBhayibheli. USamuweli osemncane waba nelungelo elivelele lokukhonza uJehova endaweni yokukhulekela, kodwa amadodana ompristi omkhulu uEli abeka isibonelo esibi. Ayeyizedeleli ezaphula umthetho kaJehova futhi aze ngisho aziphatha kabi nabesifazane ababekhonza lapho uJehova ekhulekelwa khona. Kodwa uSamuweli osemncane wayekwazi okulungile. Akazange alandele isibonelo sawo esibi. IBhayibheli lithi: “Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba-muhle kuJehova nakubantu.” (1 Samuweli 2:12-17, 22-26) USamuweli wabusiswa kakhulu nguNkulunkulu. Wakhula waba umprofethi, futhi wasetshenziselwa ukubhala izincwadi zeBhayibheli zabaHluleli noRuthe nengxenye yencwadi yokuQala kaSamuweli, ebizwa ngegama lakhe. Uyisibonelo samazwi akuzAga 20:11: “Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.” Ngokusobala, uma ubona othile enza okubi, uyofuna ukufana noSamuweli hhayi namadodana kaEli, ayeyazi indlela kaNkulunkulu kepha awayilandela.
Unembeza Wakho WobuKristu
8. Unembeza womKristu osemusha oqeqeshwe ngeBhayibheli ungase umvimbele kuziphi izinto?
8 NjengomKristu othembekile osemncane, uyazi ukuthi kukhona izinto unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli ongeke wakuvumela uzenze. Ngokwesibonelo, uyazi ukuthi amaholide amaningi anemvelaphi yobuqaba. Avela emasikweni enkolo yamanga. Ngakho-ke unembeza wakho ngeke wakuvumela ukuba uwagubhe. Uyazi ukuthi izikole ngokuvamile zinamahlelo obuzwe noma imikhosi ephakamisa esinye isizwe kunesinye, futhi ngenxa yalokho azihambisani nombono wakho osekelwe eBhayibhelini wokuthi “[UNkulunkulu] wazenza izizwe zonke ngagazi linye.” (IzEnzo 17:26) Futhi, uyazi ukuthi izikole ngokuvamile zibhebhezela umoya wokuncintisana ngokwedlulele, zikhuthaza abafundi ukuba bachithe isikhathi esiningi kakhulu ezintweni ezinjalo, hhayi nje njengokuzilibazisa kodwa ngomoya wokuba zinqobe kangangokuba ngezinye izikhathi kube-khona nobudlova.a
9, 10. Abanye abasha abangamaKristu baye bazisingatha kanjani izinkinga ezinjalo?
9 Ingabe ukulandela izindinganiso eziphakeme kukuvezela izinkinga? Omunye uFakazi osemusha waphawula: “Aziziningi izinkinga zethu ngonembeza bethu bobuKristu uma nje siye satshela uthisha ngesimo sethu kusengaphambili—ngaphambi kokuba kuvele izinkinga.” Abantu abasha ngokuzithoba nangenhlonipho abachaza isizathu sombono othile osekelwe konembeza babo bobuKristu—futhi benze lokhu ngaphambi kokuba uthisha athathe isinyathelo phambi kweklasi nangaphambi kokuba indaba ithi ukushisa, bathola ukuthi izinkinga azibi ziningi ngokuphathelene nalokhu.
10 Omunye osemusha owayethanda umculo futhi ethanda ukudlala kuyiokestra esikoleni wathi: “Ngachazela uthisha ekuvulweni kwesikole ukuthi ngingathanda ukuba kuokestra, kodwa ukuthi kwakukhona omunye umculo engingasoze ngiwudlale, futhi ngamtshela isizathu.” Lapho kuba-khona umculo onjalo, uthisha wazi kusengaphambili ukuthi lomfundi uyohlala athule angashayi lutho. Eqinisweni, othisha baye baziwa njengabantu abaye balungiselele kabusha sonke isimiso ukuze bavumelane nonembeza abanjalo bobuKristu. Yebo, njengoba abasha bekuveza, kuyasiza uma unedumela elihle nakuzo zonke ezinye izindaba zesikole—uma othisha bazi ukuthi ngempela uphila ngokuvumelana nenkolo yakho nokuthi uzama kakhulu ezifundweni zakho.
Imigomo Efanelekile
11. (a) Imigomo ingase ibe nokubaluleka kanjani kwabasha? (b) Iyini eminye yemigomo efanelekile?
11 Iziphi izinto ozihlelela isikhathi esizayo? Ingabe uyaqaphela ukuthi abasha abaningi abazimisele lutho? Abanayo imigomo, ngakho-ke abaphumeleli kangako. Bahlangabezana nalokho okuphambi kwabo, kodwa kuncane abakufezayo. Omunye umgomo ungase ube ukunyusa amamaki akho afinyelele izinga elithile. Omunye ungase ube ukufunda umsebenzi othile ukuze ukwazi ukuziphilisa.
12. Yimiphi eminye imigomo ebaluleke kakhudlwana?
12 Kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi sidinga imigomo engokomoya—izinto okumelwe silwele ukuzifinyelela enkonzweni kaNkulunkulu. Lithi umuntu “olandela ukulunga” uyothandwa nguJehova nokuthi “uyofumana ukuphila, nokulunga, nodumo.” (IzAga 15:9; 21:21) UJesu wathi: “Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi . . . umbuso wezulu uyafuzulwa [ungumgomo abantu abafuna ukuwufinyelela, NW].” UPawulu wathi: “Kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. . . . Ngijonge emgomweni.” (Mathewu 11:12; Filipi 3:12-14) Ngakho-ke, kuhle ukuba nemigomo efanelekile.
13. Ulwazi oluqondile lubaluleke kangakanani?
13 Njengomuntu omusha namuhla, ingabe ufuna ulwazi? Abantu abaningi abasha abalufuni. Nokho ukwazi uJehova kubaluleke kakhulu. Emkhulekweni oya kuYise, uJesu wathi: Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi-wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Isiphi esinye isizathu esingaba esibaluleke ngaphezu kwaleso?
14. Yikuphi ukuthuthuka kancane kancane okungakusiza ukuze wazi uJehova futhi uqonde iZwi lakhe?
14 Ingabe uthola ukuthi iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zeWatch Tower ezilichazayo ziyathakazelisa, noma ingabe ucabanga ukuthi kunzima ukuziqonda? Uma ukuthola kunzima ukuziqonda, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli iyokusiza ukuba uthole wonke umlando weBhayibheli ngokulandelana kwawo. Iyokusiza ukuze ukwazi ukuhlanganisa zonke izinto futhi uziqondise kalula. Khona-ke, incwadi ethiwa Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo iyokusiza ukuze uqonde izimiso zeBhayibheli eziyokwenezela injabulo ekuphileni kwakho. Uma nje ufunda ngokwengeziwe, kuyoba lula ukufunda, futhi uyofuna ukuba ulungiselele nezihloko ezijule kakhudlwana, kuhlanganise nesifundo seNqabayokulinda, nezinkulumo zeSikole Senkonzo EsingokwaseZulwini nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke. Akunakwenzeka ukuba wenze konke lokhu ngosuku olulodwa, kodwa ungakuhlakulela ukuvuthwa okungokomoya uma uzibekela imigomo yomuntu siqu futhi uthuthuke kancane kancane olwazini nangamakhono.—IzAga 1:5; 2:10-12.
15. Yimiphi eminye imigomo ongase uzibekele yona ngokwakho?
15 Ingabe ufuna amalungelo enkonzo yobuphayona? Unawo yini umgomo womuntu siqu wokubekela eceleni isikhathi esithile somsebenzi wokufundisa endlini ngendlu isonto ngalinye noma ngenyanga? Ingabe uyabakhuthaza yini abanye abasha ukuba bahambe nawe? Ingabe unawo yini umgomo wokuthuthuka kakhulu ekufundiseni ezimpindelweni nasezifundweni zasekhaya zeBhayibheli? Abanye abantu abasha banomgomo wonyaka ngamunye wokuba iphayona (umshumayeli ozinikezele isikhathi esigcwele) ngesikhathi samaholide esikole.
16. Yimiphi imigomo yesikhathi eside ngaphambili okumelwe icatshangelwe?
16 Kuthiwani ngemigomo yesikhathi eside? Yini ofuna ukuyifeza ngalesikhathi ngonyaka ozayo? Noma eminyakeni emihlanu ezayo, uma isiphelo salesimiso sezinto singakafiki? Ingabe unawo umgomo wesikhathi eside wokuba iphayona lesikhathi esigcwele noma ukujabulela amanye amalungelo, njengokuba ilungu lomkhaya waseBethel olungiselela izincwadi zeBhayibheli ezweni lakini? Ukubeka imigomo, nokusebenzela kuyona kuyindlela yokuqondisa ukuphila kwakho ngendlela elusizo kangcono.
17. (a) Kukuphi lapho ongathola khona izibonelo zabantu abathuthukisa ulwazi olunjalo namakhono ngesikhathi sabo? (b) Ingabe zikhona izibonelo ozaziyo ezifanelana nalencazelo?
17 Cabanga ngabadala ababonisa uthando ebandleni lakini nangababonisi benu besifunda nabesigodi. Ngesinye isikhathi babengabantwana njengawe. Kodwa bazikhandla, eminyakeni ethile edlule, bathuthukisa ulwazi namakhono futhi bakhonza uNkulunkulu nabafowabo. Ingabe isibonelo sabo siyakukhuthaza ukuze usisebenzise kahle isikhathi onaso ebusheni bakho? Uma kunjalo, ungase ufane nomHubi owabhala: “Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube-manje.”—IHubo 71:17.
Cabangela UThimothewu
18. UThimothewu wayeyisibonelo esivelele kanjani salokho esiye saxoxa ngakho?
18 UThimothewu wayeyisibonelo esivelele kulokhu. UPawulu wamtshela: “Kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube-yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.” (2 Thimothewu 3:15) UThimothewu wayefunde iqiniso esengumntwana, futhi wayazi ukuthi libaluleke kakhulu. Wakhula okholweni nasolwazini. Leloqiniso laqashelwa, ngoba imibhalo ithi “wayefakazelwa kahle ngabazalwane.” Wanikezwa ilungelo elikhethekile lokuba isisebenzi esithembekile nomngane owahambisana nomphostoli uPawulu njengoba lowomphostoli ayemisa amabandla ezweni labangewona amaJuda.—IzEnzo 16:2-5.
19. UThimothewu wayezokwenzani ukuze abantu bangabubhekeli phansi ubusha bakhe?
19 Ungase ufane noThimothewu. Namathela eqinisweni. Sebenzisa isikhathi esengeziwe onaso manje, njengoba usakhululekile emithwalweni yemfanelo yomkhaya edla isikhathi esiningi nasezabelweni ezinkulu ebandleni. Tadisha, uthuthukise ulwazi nekhono. Abasha abaningi bayakhumbula ukuthi uPawulu watshela UThimothewu: “Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho.” Kodwa kubalulekile ukukhumbula indlela uThimothewu ayezokwenza ngayo lokho. UPawulu wathi: “Yiba-yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa nangokuhlanzeka.” (1 Thimothewu 4:12) Futhi, watshela uThimothewu: “Balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.” (2 Thimothewu 2:22) Uma uzilandela ngempela lezizinto, uyothola ukuthi lesi isinyathelo esihle kakhulu sokuphila!
20. Uyini umbono wakho, njengoba ubona lelizwe elidala libhekene nesiphelo?
20 Izwe elidala libhekene nesiphelo esiyinhlekelele, kodwa ngokulandela izibonelo zikaSamuweli, uThimothewu nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, ungase ubheke phambili ezintweni ezingcono. Funa umusa kaJehova. Lwela ukuba usinde esiphelweni salesimiso sezinto nokuba uphile ungene ezimweni zokulunga eziseduze kakhulu. Yebo, lalela iseluleko sikaPawulu soku“nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.”—1 Thimothewu 4:15.
“Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.”
[Umbhalo waphansi]
a Ngezingxoxo ezinhle zalendaba, bheka IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, amakhasi 145-149; Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo isahluko 16.
BASHA, YIMAPHI AMAPHUZU ENIWAKHUMBULAYO NGOKUPHATHELENE NOKUFUNA INJABULO YANGEMPELA?
□ Kungani manje kuyisikhathi esihle kakhulu sokuba umntwana?
□ Obani abanye abantwana abakhonza uNkulunkulu ngezikhathi zeBhayibheli?
□ Kungani kumelwe sigweme abangane ababi?
□ Ungazigwema kanjani izinkinga esikoleni?
□ Kungani imigomo kumelwe ibe ngebalulekile kuwena?
□ Imiphi imigomo ebalulekile ongaba nayo manje?
□ Imiphi imigomo yesikhathi eside ongase uyifune?
□ Imuphi umgomo omkhulukazi ongase uwulwele, futhi kanjani?