Ingabe Singayithola Eyeqiniso?
UMA sazi lapho kwaqala khona konke lokhu kwahlukana kwezinkolo, kuba lula ukuphendula lombuzo: Iyiphi engeyeqiniso? Ngokukhanyayo, inkolo yeqiniso yileyo engadabukanga ekuhlubukeni kwasendulo okwakumelene noweqiniso uMthombo wokuphila.
IEncyclopedia of World Religions yenza ukukhulumela okuthakazelisayo okungasisiza lapha. Ithi: “Izinkolo zezwe zingase zahlukaniselwe ezinhlotsheni ezimbili—ezingokobuprofethi nezingaqondakali. . . . ezingokobuprofethi [ekugcineni zisuselwa] zivela emaJudeni.”
Ngokomlando weBhayibheli, okhokho bamaJuda abahlanganyelanga ekuhlubukeni kwaseBabele ngokumelene noweqiniso uMthombo wokuphila. Uzalo lokhokho babo luhlanganisa amadoda anjengoShemi, oAbrahama, oIsaka noJakobe, ababaziwa ngokunamathela ekukhulekelweni okuhlanzekile kukaNkulunkulu. Eqinisweni, uAbrahama ubizwa ngokuthi “umhlobo kaJehova.” U“Jehova” igama likaNkulunkulu weqiniso, elishiwo ngokuqondile eBhayibhelini. (Eksodusi 6:3; IHubo 83:18; Jakobe 2:23, NW) Ingabe noma ubani namuhla ukhulekela uJehova ngendlela uAbrahama enza ngayo?
Uhlu Lwabakhulekeli Beqiniso
Ngenxa yokwethembeka kuka-Abrahama, uJehova uNkulunkulu wathembisa ukuthi inzalo yakhe ekugcineni yayiyoba isizwe esikhethekile emehlweni aKhe. Lesithembiso sagcwaliseka kumaIsrayeli asendulo. Ezwa uNkulunkulu ethi: “Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.”—Eksodusi 19:5.
Eminyakeni eminingi ukukhulekelwa kukaJehova kwagcinwa kuphilile emhlabeni ngamaJuda, nakuba ngokuvamile ayewela esonweni nasekuhlubukeni. Nokho, uJehova ngokuphindaphindiwe wawatshela ukuthi wayezothumela isithunywa esikhethekile esasizoletha usindiso esintwini. Ngemva kweminyaka eyi-1 500, savela. SasinguJesu Kristu.
Ngeshwa, ngesikhathi uJesu efika, amaJuda ayephambuke kakhulu kuJehova. Ayesazisholo ukuthi ayamkhulekela, kodwa, njengoba uJesu atshela abanye babaholi benkolo: “Kanjalo nilenze labayize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.” (Mathewu 15:1, 6) Ngoba amaJuda amelana noJesu, uNkulunkulu wawenqaba. UJesu wawaxwayisa: “Niyakwamuka umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.”—Mathewu 21:43.
UbuKristu
Leso“sizwe” saba ibandla lobuKristu. Laba yibo abemukela uJesu Kristu lapho amaJuda, onkana, emenqaba, futhi uNkulunkulu wabusisa abathembekileyo ngokholo lwabo. Akubanga sikhathi eside ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu ngokuyisimangaliso wanika amandla abalandeli beqiniso bakaJesu ukuba bakhulume ngezilimi zakwamanye amazwe—hhayi ngokukwitiza okungenangqondo, kodwa ngezilimi ezingokoqobo abanye ababengaziqonda. Ukuphilisa, ukuvusa abafileyo nezinye izimangaliso zenezela isisindo eqinisweni lokuthi lesi, ngempela, kwakuyi“sizwe” uNkulunkulu ayesisebenzisa.—Heberu 2:4; qhathanisa IzEnzo 2:1-4; 3:1-10; 9:32-41; 20:7-12.
‘Kodwa ngokuqinisekile,’ ungase uthi, ‘ubuKristu buxovekile namuhla njengazo zonke izinkolo emhlabeni. Amaqembu angamakhulu azibiza ngokuthi angamaKristu, kodwa ebe wonke ehlukene wodwa futhi ephikisana wodwa. Kwenzeka kanjani lokhu?’
Umlando ubonisa ukuthi amaKristu amaningi enza okufana nsé nokwenziwa amaJuda. Ahlubuka. Axubanisa isigijimi sikaJesu nezimfundiso zezinye izinkolo. Kanjalo aqala ukufundisa izimfundiso, njengabantu abathathu kunkulunkulu oyedwa (uZiqu-zintathu), eyavela emithonjeni engeyona eyobuKristu neyabangesiwo amaJuda.
Eqinisweni, zavelaphi lezimfundiso? Ngokuqondene noZiqu-zintathu, esinye isazi sabhala: “Akukho ndawo eTestamenteni Elisha lapho kuvela khona igama elithi ‘Ziqu-zintathu.’ Lomqondo wathathwa kuphela iSonto eminyakeni engamakhulu amathathu ngemva kokufa kweNkosi yethu; futhi umsuka walomqondo ungowobuqaba ngokuphelele.” (The Paganism in Our Christianity, nguArthur Weigall) Okufanayo kungashiwo ngemfundiso yokungafi komphefumlo, ukusetshenziswa kwezithombe okwandile, ukuduma kokuhlolwa kwezinkanyezi nezinye eziningi izimfundiso ezaziwayo nemikhuba yeLobukholwa. Azinakulandelelwa kuze kufikwe ekukhulekeleni kokuqala koMthombo weqiniso wokuphila kodwa ekuhlubukeni okungokwenkolo kwasendulo eMesopotamia.
Nokho, akuwona wonke amaKristu onakala. UJesu ngokwakhe waxwayisa ngalokho kuhlubuka, kodwa wathembisa ukuthi inkolo yeqiniso yayiyohlala kuze kube sekupheleni. (Mathewu 13:18-30) Khona-ke, singayithola kanjani namuhla?
Ukuthola Inkolo Yeqiniso
UJesu wanikeza umthetho wokubona inkolo yeqiniso. Wathi: “Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle.” Izithelo ezimbi ziyobonisa inkolo yamanga, nezithelo ezinhle ziyokwembula eyeqiniso.—Mathewu 7:15-20.
Ziyini izithelo inkolo yeqiniso eyokuziveza? Okubhalwe ngenhla kubonisa ezinye zalezithelo, njengoba sitshelwa zona eBhayibhelini. Uma uqhathanisa loluhlu nazo zonke izinkolo ojwayelene nazo, siyaqiniseka ukuthi uyobona ngokushesha ukuthi yiyiphi eneqiniso nengenalo.
Nokho, uzodinga ukuhlola uhlu ngokunakekela. Ngokwesibonelo, uzophawula ukuthi olunye uphawu lwenkolo yeqiniso luwukuba ‘nothando lweqiniso.’ Manje, izinkolo eziningi zithi zinothando olunjalo. Kodwa uma ukukhohlisa emabhizinisini, ukuziphatha okubi, noma ubugovu bandile phakathi kwamalungu enkolo, ingabe ayathandana ngempela? Futhi uma ezimisele ukubulalana ekuvukelweni kwemibuso noma ezimpini, lungolweqiniso kanjani uthando lwawo? Ngokufanayo, olunye uphawu luwukuthi “zonke izinkolelo zawo zisekelwe eBhayibhelini.” Ngempela, amalungu ezinkolo eziningi kweLobukholwa acabanga ukuthi ezazo zinjalo. Kodwa ingabe uyayazi inkolo enamalungu onke ayo aye azikhathaza ngokuvula amaBhayibheli awo ukuze abone noma lokho kuyiqiniso ngezinkolelo zawo?
Uma unanoma iziphi izinkinga ekuhloleni kwakho, oFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza.
Ngempela, kuwufanele umzamo ukufuna inkolo yeqiniso. Umuntu ngokukanembeza unomuzwa wesidingo sokuphila okungcono kunakujabulelayo manje. Inkolo yeqiniso ingasiqondisa kulokho kuphila. Sivame ukubuza imibuzo enjengalena: “Kungani silapha?” “Iyini injongo yokuphila?” Inkolo yeqiniso ingase isisondelanise noMthombo wakho konke ukuphila, uJehova uNkulunkulu, oyosiphendulela leyomibuzo. Futhi, ngezinye izikhathi sonke sidinga ngeqiniso ukuqondiswa ekuxazululeni izinkinga esibhekana nazo usuku nosuku. Inkolo yeqiniso ingasinikeza lokho kuqondiswa.
Yebo, ikhona inkolo yeqiniso, futhi singayithola. Ukwenza kwethu kanjalo kuyosilethela izinzuzo zaphakade, ngoba iBhayibheli liyasithembisa: “Kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.”—IHubo 34:10.
[Ibhokisi ekhasini 8]
IZIMPAWU ZENKOLO YEQINISO
□ Abantu bayo banothando lweqiniso phakathi kwabo.—Johane 13:35.
□ Zonke izinkolelo zabo zisekelwe eBhayibhelini.—Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17.
□ Bakhulekela ukuba uNkulunkulu angcwelise igama lakhe.—Mathewu 6:9; IHubo 83:18.
□ Bamemezela umbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba.—Mathewu 24:14.
□ Bazigcina behlukile ezindabeni zezwe.—Jakobe 1:27; Johane 17:14.
□ Babeka umbuso kaNkulunkulu nokulunga kuqala ekuphileni.—Mathewu 6:33.
□ Bahlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu.—Galathiya 5:22, 23.
□ Balalela yonke imithetho yomuntu engaphambene nomthetho kaNkulunkulu.—Roma 13:1-7.