Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
Okulandelayo kukhishwe encwadini eyamukelwa eSão Paulo, eBrazil, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Yayibhalwe unina wabantwana abane onendoda engakholwayo. Ngokuqondene nendodakazi yakhe eneminyaka eyi-13 ubudala, wabhala:
“Ngimelwe ngivume ukuthi angizange ngiyinakekele ngokwanele . . .
“Ngaqala ukuphawula ukuthi indodakazi yami yayiphola ngokuqondene nokuba khona emihlanganweni, ezingxoxweni zomkhaya zeBhayibheli nasenkonzweni yasensimini. Lapho ngiyibuza ukuthi kwakwenzenjani, impendulo yayiwukuthi, ‘O, akukho lutho.’ Khona-ke ngolunye usuku yangitshela ukuthi yayihlanganyela kulemisebenzi yobuKristu ngenxa yokuba yayibophekile, hhayi ngoba yayithanda. Yathi ayifuni ukuba njengodadewabo, ibe nomunye woFakazi BakaJehova njengesoka layo futhi ishade ‘eqinisweni.’ Yayifuna uhlobo lokuphila olujatshulelwa yiwo wonke umuntu. Kwakunzima ukukholelwa engangikuzwa, njengoba siba naso isikhathi esijabulisayo ndawonye njengomkhaya.
“Ekuyigubheni kwami, yathi ezinkulumweni zayo nabangane bayo besikole yayingabona lokho izwe elingakunikeza. Futhi, ngokwabo, ngangincishana futhi ngingumama obophanayo. Ngakho yacela ukuba ngiyinike izinyanga ezinhlanu ngaphandle kwanoma imuphi umsebenzi wobuKristu ukuze ingazibonela ekufunayo ekuphileni.
“Ngemva kokucabanga ngalokhu isikhathi esithile, ngasikisela okulandelayo: Ukuthi esikhundleni sokuyinikeza izinyanga ezinhlanu ngaphandle kwanoma imuphi umsebenzi wobuKristu, kumelwe inginikeze izinyanga ezinhlanu zokusondelana nayo. Ngangizohamba nayo uma iya esikoleni noma ibuya futhi yayizohamba nami ezifundweni zami zeBhayibheli nasezimpindelweni. Ngamanye amazwi, yayizohlanganyela nami ngokugcwele emisebenzini yobuKristu.
“Wavuma, futhi manje izinyanga ezimbili sezedlule futhi imiphumela iye yaba mihle kakhulu. Yona ngokwayo iyavuma ukuthi isimo sayo sasiwubuphukuphuku bobungane. Ngiyasibona futhi isandla sikaJehova kubo bonke abantwana bami abane. Ngempela ngibusisiwe. Emithandazweni yami ngiye nganikela abantwana bami kuJehova, kodwa yimi engithola isipho.”
Ngemuva kwezinyanga ezine intombazane encane yayihlanganyela futhi ngokugcwele nangokuzithandela kuyo yonke imisebenzi yobuKristu, futhi unina wayehlakaniphile futhi ebonisa ukwazisa okukhulu. Kungase kube ukuthi ukusikisela kwakhe kungasiza ekuxazululeni izinkinga abanye abanazo ekukhuliseni abantwana babo.