Isiqondiso Esinengqondo Sentsha Yanamuhla
“Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami. . . . Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha.”—IzAga 4:10, 11.
1, 2. (a) Imiphi imibuzo ebhekiselwe entsheni? (b) Izimpendulo ezinokwethenjelwa zingatholakala kuphi?
NJENGOMUNTU osemusha, ingabe uyakhathazeka ngekusasa lakho? Ingabe izwe ngezinye izikhathi libonakala lithusa? Ungathanda yini ukwazi indlela yokusebenzelana nezinkinga zokuphila nokuthi ukuqondisa okunokwethenjelwa nokuhlakanipha okungokoqobo kungatholakala kuphi?
2 Ungaluthola usizo olunjalo encwadini yasendulo ‘enika insizwa ukwazi namasu.’ Iyini leyoncwadi? Iyincwadi yeZAGA, eseBhayibhelini. Uma ungumuntu omusha, kumelwe uyifunde leyoncwadi yeBhayibheli, ngoba ingakusiza ukuba ujabule futhi uphumelele. Uma ungumuntu omdala, ikakhulukazi umzali, leyoncwadi ingakusiza ekuboneni indlela ongabasiza kangcono ngayo abantwana bakho noma abangane abasebasha. Izahluko zokuqala eziyisishiyagalolunye IzA 1-9 zezAga zinikeza iseluleko esifana nesikababa onothando endodaneni yakhe. Uthi: “Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami. . . . Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha.”—IzAga 1:1-4; 4:10, 11.
3. Ikuphi ukwaziswa okuwusizo entsheni, incwadi yezAga ekunikezayo?
3 Yebo, akuwona wonke umuntu ofuna usizo olunjalo. Abanye abantu bakhetha ukwenza izinto ngendlela yabo. Abasifuni iseluleko—ngisho nesivela kuNkulunkulu. Kodwa izAga zithi: “Ohlakaniphileyo uyolalela, aqhubeke ekufundeni.” (IzAga 1:5, NW) Lencwadi ibonisa indlela yokuba nokuphila okujabulisayo. Ikhuluma ngomthetho wokuziphatha. Ibonisa imiphumela ejabulisayo yokuphila kahle. Ingakusiza ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile. Ibonisa ukuthi ukuhlakanipha nolwazi kuyoletha injabulo nokuthi ukubalekela abadali bezinkathazo kungasindisa ukuphila kwakho. Incwadi yezAga inikeza ukuqondisa okuhlakaniphile, kwenu nobabili nina enibasha nabadala benu.
Ukuhlakanipha Nolwazi
4, 5. (a) Kutholakala kanjani ukuhlakanipha? (b) Kungani abantu abaningi bengalaleli? (c) Yini ocabanga ukuthi iyinkambo yokuhlakanipha? Ngani?
4 UNkulunkulu owadala zonke izinto uwumthombo wokuhlakanipha futhi. Ufuna ukuba indlela yakhe yokuhlakanipha yaziwe. Uye wayimemezela ‘emigwaqweni’ ukuze wonke umuntu ayizwe. Kodwa abantu abaningi abafuni ukulalela. Abaningi abawufuni umthombo evela kuwo. IzAga zithi: “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” Futhi: “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.”—IzAga 1:20; 9:10; 1:7.
5 Abantu abaningi abakufuni ukulalela uNkulunkulu. Izinto bazithanda ngendlela eziyiyo, kuyilapho “ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi.” (IzAga 8:13) Ukwesaba uJehova kuyobalonda ekwenzeni izinto ezingamthokozisi. Inkambo yokuhlakanipha iwukufunda izindlela zakhe nezimiso nokumlalela ngaphezu kwabo bonke abanye. Lokho kuyokulonda ekwenzeni izinto ezingakubangela amahloni, ukulimala, ubuhlungu, noma ezingase ngisho zikulahlekisele ukuphila kwakho.
6. Yini okumelwe uyenze ukuze uzuze ukuhlakanipha?
6 Nakuba ukuhlakanipha kutholakala kubo bonke, kufuneka ukufunisise ukuze ukuzuze. Kumelwe ukufune, ukusebenzele futhi ukwenze igugu. Lokhu kufuna isikhathi nomzamo. Kungaba kuhle ukuzibuza: ‘Ngenzani ngempela ngokuphila kwami? Iyini imigomo yami? Ingabe ngichitha isikhathi esiningi ezintweni eziyize, noma ingabe ngisebenzisa isikhathi enginaso phakathi nobusha bami ukuba ngimbe ulwazi nokuhlakanipha?’ Ukuhlakanipha kubaluleke kakhulu ukwedlula amagugu, “nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho,” (IzAga 8:1, 5, 6, 11) Ingabe uyakumba njengoba ungenza ukuze uthole isiliva, noma ingcebo efihliwe? IzAga zithi: “Uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Ingabe uyawenza lowomzamo ekufundeni ngeZwi likaNkulunkulu?—IzAga 2:4-6.
7. (a) Yini ongayenza ukuze wenze ukufunda nokutadisha kube lula? (b) Kungani lokhu kuwufanele umzamo?
7 Ungase ucabange uthi: ‘Kodwa angikuthandi ukutadisha—ukufunda kunesidina!’ Nokho ngokuzijwayeza ukufunda izincwadi, ukuzifunda kuba lula. Ngokuzijwayeza ukufunda ukwenza izinto, ukufunda izinto kuba lula. Uhlanganisa ukwaziswa okusha nezinto osuzazi kakade, futhi uziqonda kangcono. Njengoba wenza umzamo, uNkulunkulu uyakubusisa. Njengoba ulwazi lwakho nokuqonda kukhula, uyothola injabulo enkulu ekufundeni futhi izinto ozifunda eZwini likaNkulunkulu ziyokuvikela ezweni lanamuhla. Lawa akuwona nje amazwi azwakala kamnandi noma izifiso. Kuyiqiniso njengoba izAga zisho: “Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulonda, ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo, abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama.”—IzAga 2:10-13.
Ubugebengu Abukhokheli
8, 9. Iziphi izinkinga, ezivamile emadolobheni anamuhla, ezichazwa yizAga, futhi isiphi iseluleko esibalulekile ezisinikezayo maqondana nalokhu?
8 Lencwadi (yezAga) ikhuluma ngezinkinga nezilingo ezivame kubantu abasha hhayi nje ezikhathini zeBhayibheli kuphela kodwa futhi nanamuhla. Emadolobheni anamuhla kukhona ubugebengu, ubudlova, amaqembu entsha nabantu abaphila ngabasha. Iziphi izixwayiso lencwadi yasendulo ezinikezayo eziyokusiza zikuvikele ezinkingeni ezinjalo?
9 Ixwayisa ngokuhileleka nohlobo olubi lwabantu. Ithi: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: Hamba nathi, . . . Yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe-nesikhwama sinye sonke; ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo. Ngokuba izinyawo zazo zigijimele ebubini, zishesha ukuchitha igazi.”—IzAga 1:10-16.
10. IzAga zithini ngendlela yababi, futhi kungani lokhu kubalulekile?
10 Uma kwenzeka uhlangana nezigebengu, kumelwe ubaleke. USolomoni waloba: “Ningabi-namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba-nabo. Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.” (IzAga 24:1, 2) Khumbula: Ubugebengu abukhokheli. Ngisho noma umuntu engakubambi, uNkulunkulu uyabona. Yeka indlela okuwubuwula ngayo ukulahlekelwa ukuphila okuphakade ngenxa nje yezinzuzo ezimbalwa ezimbi! IzAga ziyala intsha, kanye nabantu abadala: “Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo. Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule. . . . Chezukisa unyawo lwakho ebubini.”—IzAga 4:14, 15, 27.
Beka UJehova Kuqala
11. Isiphi isibusiso oyosithola ngokuhamba ngobuqotho nokwenza izinto ngendlela kaJehova?
11 Inkambo yobubi iphambene kakhulu nenkambo yokuhlakanipha. IzAga zithi uJehova “uyihawu” lalabo abahamba ngobuqotho nokuthi ‘uyalondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.’ (IzAga 2:7, 8) Ubeka amathemba okuphila okuphakade phambi kwalabo abenza okulungileyo. “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.” (IzAga 2:21) Ngokubeka uJehova kuqala, uyobusiswa ngokucebile. “Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.”—IzAga 3:9, 10.
12. Iziphi izibonelo esinazo zabantu abasha ababeka uJehova kuqala, futhi imiphi imivuzo abayijabulelayo?
12 Abantu abaningi abasha namuhla bayakwenza ngempela lokhu. Babeka uJehova kuqala ekuphileni kwabo. Bachitha ubusha babo enkonzweni yesikhathi esigcwele besebenza njengezikhonzi ezingamaphayona noma bekhonza emakhaya aseBethel lapho bekhiqiza khona amaBhayibheli nezincwadi ezisiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu. Babuze ukuthi uJehova uye wababusisa yini. Bayokutshela ngokuvela enhliziyweni ukuthi uye wababusisa kakhulu nokuthi banengcebo engokomoya eningi kunontanga yabo abaye benza ingcebo yezinto ezibonakalayo umgomo wabo.—IzAga 10:9; 15:16.
Izilingo Zokuziphatha
13, 14. (a) Isiphi esinye isifiso uSathane aye wasisebenzisa? (b) Ingabe lenkinga ingengathi sína emphakathini wakini namuhla?
13 Abakhangisi basebenzisa ubulili ukuze bathengise ngemikhiqizo yabo. USathane uye wasebenzisa ukuziphatha okubi kobulili ukuze alinge izinceku zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, izinkulungwane zamaIsrayeli ezazichithe iminyaka eminingi zisehlane futhi ekugcineni zafika eduze kweZwe leSithembiso, zawela ebufebeni futhi zalahlekelwa ukuphila kwazo.—Numeri 25:1-9.
14 Abantu abangafuni ukuba intsha ixwayiswe ngalengozi bavala amehlo abo ezimweni zezwe lanamuhla. Omagazini abangcolile, amabhayisikobho angcolile, izitolo zobulili, izincwadi ezingcolile nobufebe kuyabonakala emigwaqweni yethu yeningi. Izahluko zokuqala ezimbalwa zezAga ziqukethe isixwayiso esinamandla ngezinjalo izilingo zokuziphatha okubi.
15. Isiphi isixwayiso esinikezwa yizAga maqondana nokuziphatha okubi?
15 Zikhuluma ngowesifazane oziphethe kabi olinga intsha engenakho okuhlangenwe nakho. Siyafunda: “Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha. Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane, ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili. Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni . . . dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe, funa unike abanye udumo lwakho naye ononya iminyaka yakho.”—IzAga 5:3-14; 2:16-19; 6:27-29, 32.
16. Yini engenzeka kumuntu ongakubalekeli ngokushesha ukuyengekela ekuziphatheni okubi?
16 Zibuye futhi zikhulume ngensizwa ‘engenalwazi’ “engenakuqonda,” elalela amazwi okuyenga kobuqili futhi ngokudabukisayo ilahlekelwa ukuzithiba. “Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle; . . . uyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni . . . ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.” Akukuphela kwayo eqheliswa emseni kaNkulunkulu futhi yayiswa phansi ekufeni, ngoba “ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu.”—IzAga 7:6-27.
17. Njengoba uJehova ebubheka, bungobungathi sína kangakanani ubufebe?
17 Nakuba lezixwayiso zibhekiselwe ezinsizweni, ziyasebenza futhi nasezintombini. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bacabangani ngomphumela wobufebe, umbono kaJehova ucacile. Buyindlela yokufa. Bungakukhipha epharadesi lasemhlabeni elizobuyiselwa uNkulunkulu. “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abanakulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10; Efesu 5:5.
18. (a) Ingabe iseluleko seBhayibheli maqondana nokuziphatha okubi kobulili siwumthwalo? Kungani uphendula kanjalo? (b) Isiphi iseluleko esihle osinikezwa izAga kulendaba?
18 Akukho muntu okumelwe abe nomuzwa wokuthi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile ngokuziphatha okuhle kobulili kuwumthwalo. Kusho ukuncipha kwamadivosi, ukuncipha kokuwohloka kwemikhaya, ukuncipha kobushinga babantwana, ukuncipha kobufebe, ukuncipha komhawu, imikhaya ejabulayo nokuphila okujabulisayo. Ngolimi oluhle lokuhuba izAga ziyayincoma lenkambo yokuhlakanipha. Zithi ungayifuni injabulo emigwaqweni, noma kumuntu oziphethe kabi noma kubantu abahlukahlukene, kanjalo uchithe imithombo yakho ngaphandle. Zincoma ukuthi, lapho ushadile, uyajabula nomngane wakho womshado, kunokuba uziyenge ngokuziphatha okubi nabanye. Noma yimuphi umuntu obuthakathaka angawela ekuhlanganeni kobulili, kodwa inkambo yomKristu weqiniso iwukugwema ubuhlobo bobulili kuze kube yilapho eshada abese ebujabulela nomngane wakhe womshado kuphela.—IzAga 5:15-23.
Ukusebenza Nokuqhosha
19. Isiphi iseluleko esinikezwa yizAga maqondana nomsebenzi?
19 IzAga ziyasisiza nangezinye izindlela. Zincoma okuthile okungabakhangi abantu abaningi abasha—ukusebenza kanzima. Lokhu kuyasebenza esikoleni, emsebenzini, noma enkonzweni yobuKristu yesikhathi esigcwele. “Yana entuthwaneni,” ziyayala. “Ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.” Njengentuthwane ematasa, umKristu uyowenza ngokwethembeka umsebenzi wosuku ngaphandle kokuba adinge ukubhekwa ngemuva ubasi.—IzAga 6:6-11; Efesu 6:5; Thithu 2:9, 10; Heberu 6:10-12.
20. (a) Yini enye uJehova ayizondayo? (b) Ungasisebenzisa kanjani lesiseluleko ekuphileni kwakho siqu?
20 Futhi, kubalulekile ukungabi oqhoshayo noma umdali wenkathazo. “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.”—IzAga 6:16-19.
Umkhaya Wakho
21. Isiphi iseluleko esinikezwa yizAga maqondana nabazali, futhi kungani sibalulekile?
21 Ungalubukeli phansi usizo oluthola emkhayeni wakho. IzAga zithi: “Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko. . . . Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.” (IzAga 6:20-22) Lokhu ngokukhethekile kuyiqiniso uma abazali bakho beyizinceku zikaNkulunkulu. Kodwa ngisho noma bengakholwa baye babona izinto eziningi ongazange uzibone, futhi ukuqondisa kwabo kungakulonda enkathazweni enkulu.
22. (a) Yini engashiwo ngokubaluleka kokuthembela kubazali phakathi nesikhathi sokuthomba? (b) Yini ongayifunda kumaHeberu 12:11 nakuzAga 4:10-13?
22 Ngokusemandleni akho ungasivumeli isikhathi sokuthomba—isikhathi esiphakathi kokuba umntwana nokuba umuntu omdala—sikubangele uqhele kubazali bakho, njengoba abantu abasha abaningi beye benza. Ungase ucabange ukuthi abazali bakho bayisidala, noma abazi lutho. Kodwa bangakusiza ukuba ube ngolinganiselayo phakathi nalenkathi yenguquko. Khuluma nabo. Zama ukubenza balalele izinkinga zakho. Abafuni ukukuminyanisa endleleni yakho yokuphila, kodwa bafuna ukukusiza ekwenzeni inkambo yakho ibe lula. Kuyiqiniso ukuthi abantu abasha bafuna ukwenza izinto ngendlela yabo futhi ngokuvamile bayasenyanya iseluleko; kodwa ukuthobeka kwabo kuyosusa ubuhlungu obuningi. Umuntu othobekile uyazi ukuthi uyawenza amaphutha, futhi uyayazisa imizamo yabanye yokumsiza. IzAga zithi: “Thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.”—IzAga 9:8, 9; AmaHeberu 12:11; IzAga 4:10-13.
23. Kuwena, imaphi amaphuzu ayinhloko kulesisifundo?
23 Ngakho-ke, ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu kuyatholakala kubantu abasha namuhla. Ngisho noma ungenalwazi ungafunda futhi uqonde. Ukuhlakanipha kuyakumemeza. Kukhuluma ‘ngezinto ezinkulu’ “nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.” (IzAga 8:6, 11) Ukuze uzuze ulwazi futhi uthuthukise ukuhlakanipha, kumelwe ukufunde futhi ukumbe njengoba ubungenza ngengcebo ekhethekile. “Ngokuba ongifumanayo ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.”—IzAga 8:35.
Ngemva kokufunda lesihloko, ungase futhi ufune ukufunda izAga izahluko 1 kuya ku-9 esisekelwe kuzo.
Uyawakhumbula Yini Lamaphuzu?
□ Incwadi yezAga iyinikezani intsha yanamuhla?
□ Kungani abantu abaningi belwenqaba lolosizo?
□ Ukutholakala kokuhlakanipha kumelwe kube naliphi ithonya ekuphileni kwakho?
□ Incwadi yezAga ixwayisa ngasiphi isilingo, esivame emadolobheni amakhulu namuhla?
□ Kungani iseluleko seBhayibheli maqondana nokuziphatha okuhle kobulili singesona esisindayo?
□ Iluphi usizo abantu abasha abangaluthola emikhayeni yabo?
[Ibhokisi ekhasini 16]
ULWAZI, UKUHLAKANIPHA NOKUQONDA
Incwadi yezAga inokuningi ekushoyo ngalamagama amathathu. Ahlukene kanjani?
ULWAZI luwukuzijwayelanisa namaqiniso, okungase ukuba uwafunde ngokutadisha, ngokubheka noma ngokuhlangenwe nakho kwakho siqu. Umuntu ohlakaniphile ‘uyalwazisa ulwazi’ futhi unenqolobane yalo—IzAga 10:14.
UKUHLAKANIPHA kuhlanganisa ulwazi nokwahlulela okunengqondo. Kuyikhono lokusebenzisa ulwazi ngendlela ephumelelayo, ukuxazulula izinkinga nokugwema izingozi. Kuhlanganisa ukwanda kolwazi nokujula kokuqonda okunikeza ukuhlakanipha nokukhanyiselwa ekwahluleleni. Uma unolwazi kodwa ungazi ukuthi ungalusebenzisa kanjani untula ukuhlakanipha. ‘Ukuhlakanipha kuyinto ebalulekile,’ ngoba ngaphandle kwakho ulwazi alusizi ngalutho.—IzAga 4:7.
UKUQONDA manje uyawuqonda umehluko phakathi kolwazi nokuhlakanipha—ungahlukanisa noma wahlulele phakathi kwakho. Ungase ulandele inkambo ethile ngoba uNkulunkulu eyiyala, kodwa uma uqonda isizathu sayo, injongo enhle eyifezayo nezinzuzo ezilethayo, isinqumo sakho siba esinamandla kakhulu. IzAga zinokwaziswa okuwusizo kokusisiza ukuba siqonde hhayi nje kuphela ukuthi iyiphi inkambo elungile noma engalungile kodwa futhi ukuthi kungani lokho kuyiqiniso.