AmaKristu Abhekana Nokushushiswa Ngokukhuthazela
1, 2. Ofakazi bakaJehova abathembekile babhekana kanjani nokushushiswa, kodwa imuphi umbuzo lokhu okuwuphakamisayo?
OFAKAZI BAKAJEHOVA abazifuneli ukuba abafel’ ukholo. Nokho, bayazi ukuthi “bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.” (2 Thimothewu 3:12) Ingabe lokhu kuyabadumaza?
2 Cha, ngoba amaKristu athembekile “angabhekana nokushushiswa ngokukhuthazela.” (1 Korinte 4:12, The Twentieth Century New Testament, Uhlelo Olubukeziwe) Kodwa singazilungiselela kanjani ukuhlushwa okunjalo ngaphambi kokuba kufike kithi?
Ukuzilungiselela Ushushiso
3. Iziphi ezinye zezindlela zokulungiselela ukushushiswa?
3 Ingxoxo yethu yangaphambili isikisele izindlela zokulungiselela ukushushiswa. Ngokwesibonelo, sidinga ukukhumbula injongo kaSathane—yokuqeda ubuhlobo bethu noJehova. Ngomusa kaNkulunkulu ongasifanele, kwangathi singeze sakwenza lokho! Singase futhi sizilungiselele ukushushiswa uma sicabanga ngesizathu sokukuvumela kukaNkulunkulu. Wenza kanjalo ikakhulukazi ngenxa yempikiswano yokubuswa kwendawo yonke, futhi ukuze avivinye ukwethembeka kwethu. Ngakho-ke, masizinqumele kusengaphambili ukuthi, ngosizo lwaphezulu, siyoba abasekeli abathembekile bokubusa kukaJehova. Ngokungaphezulu, singase silulungele ushushiso uma ithemba loMbuso lisezinhliziyweni zethu.
4, 5. Ekulungiseleleni ushushiso oluza kithi, singalwakha kanjani ukholo lwethu?
4 Ekuzilungiseleleni ngaphambi kokuba ukushushiswa kufike kithi, nsuku zonke sidinga ukwakha ukholo lwethu, isibindi nokukhuthazela. Nokho, ukuze sibe nokholo lweqiniso kumelwe simthande ngempela uJehova, futhi lokhu kufuna ulwazi oluqondile lweZwi lakhe. Lokhu, kubuye kufune ukuba sifunde njalo futhi sitadishe imiBhalo kanye nezinye izincwadi ezihlobene zobuKristu. Ngaphezu kwalokho, okudingeka ngokuyinhloko okholweni oluqinile kuwukuhlanganyela namanye amakholwa ekukhulekeleni nasenkonzweni kaJehova.—Heberu 10:23-25; 12:28; IsAmbulo 7:9, 10, 15.
5 Ukuze silungiselele ushushiso, sidinga futhi “ukuhamba eqinisweni,” siphile ngalo nsuku zonke, ngaso sonke isikhathi “siqondiswe iQiniso.” (3 Johane 3, 4, NW; TCNT) Ngokwamukela isiqondiso sikaNkulunkulu njengoba sibhekana novivinyo oluncane usuku ngalunye, siyokwakha ukholo lwethu kuJehova nasezindleleni zakhe. Lokhu, kuyobe sekusishukumisela ukuba “siqondiswe iQiniso” uma sesishushiswa.
6. Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba silungele ukushushiswa?
6 Ukukwenza umkhuba wethu ukuthandaza njalo kuJehova kuyosisondeza kakhulu kuye, futhi lokhu, nakho, kuyosisiza ukuba silungele ushushiso. Lapho sithembela ngomthandazo kuBaba wethu osezulwini, kulapho simethemba ngokwengeziwe. (2 Korinte 1:8-10) Kanjalo ubuhlobo bethu naye buyoqina kakhulu ngezitha, ezingabantu noma amademoni, ukuba zikwazi ukubuqeda.—Qhathanisa neHubo 9:1-6; 1 Johane 2:12-14.
Ukubhekana Nalo Ngokukhuthazela
7. Uma sishushiswa, yini uNkulunkulu angayenza uma amandla ethu siqu ephela?
7 Uma ushushiso empeleni lufika kithi, ikakhulukazi ngendlela yobudlova, yini engenziwa yokubhekana nalo ngokukhuthazela? Amandla avela kuJehova abalulekile! NjengoPawulu, sidinga ‘amandla angaphezu kwavamile,’ futhi kumelwe siwathandazele. (2 Korinte 4:7-12) Khona-ke, ngokwethembela okugcwele kuBaba wethu wasezulwini, singaqiniseka njengoPawulu uma ethi: “Nginamandla okwenza konke ngaye [uJehova uNkulunkulu] ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Ngisho nangemva kokuba amandla ethu enyama esephelile, amandla kaJehova awayikuphela. Angawafaka amandla kubantu bakhe futhi uyawafaka. (Isaya 40:28-31; 45:22-25) Uma sincika kuJehova, uyosinikeza amandla angaphezu kwamandla ethu siqu ngezikhathi zokucindezeleka. Futhi masingesabi. Abantu bangagcina ngokuthatha ukuphila kwethu kwamanje kuphela, kodwa uJehova unamandla okusibuyisela ekuphileni ngovuko.—IHubo 46:1, 2; Luka 12:4-7; Johane 5:28, 29.
8. Kungani umthandazo ubaluleke kakhulu ekubhekaneni nokushushiswa ngokukhuthazela?
8 Ukuthandaza kuJehova kudingeka kakhulu ekubhekaneni nokushushiswa ngokukhuthazela. UJesu, owahlupheka kaningi, wayelokhu eseduze kukaYise ngokuthandaza okuqotho, ngoba siyafunda: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.” (Heberu 5:7) Ngokuqinisekile, “yena ozwayo imikhuleko” uyosizwa nathi ngenxa yokumesaba kwethu. (IHubo 65:2) Ngesikhathi sokushushiswa isidingo ‘sokuqinisela emkhulekweni,’ ‘ukukhuleka singaphezi,’ ‘ukuzithiba ukuze sikhuleke,’ akunakugcizelelwa ngokweqile. (Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17; 1 Petru 4:7) Ngaphandle kwalokho, singase sicabange kuphela ngobuhlungu, ngokukhathazeka, futhi singase siwele esifisweni sokukhululeka, singene ekuthambekeleni kwenyama ngokuhlehla okholweni lwethu.
9, 10. (a) “Ukuthula kukaNkulunkulu” kuyosisiza kanjani uma sishushiswa? (b) Yini esingayifunda ngokuthula kukaStefanu lapho ebhekene nabashushisi bakhe?
9 Masifune “ukuthula kukaNkulunkulu” uma siboshiwe. Uma besithandaza kuJehova nsuku zonke, siye sakha indlela enhle eya ekuphileni futhi kumelwe siqhubeke sisondela kuye ngobuqotho uma sishushiswa. Kungokufanelekile ukuthandazela “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.” ‘Kuyakulondoloza izinhliziyo zethu nemicabango yethu ngoKristu Jesu’—kuze kube sekufeni ngokwethembeka uma kudingeka.—Filipi 4:6, 7.
10 Ukuthi lokhu kuthula okungadlulwa lutho kungaba ngokwethu uma sishushiswa kuboniswa indaba kaStefanu othembekile, umfel’ ukholo wokuqala ongumKristu. Ngaphambi nje kokuba ashukunyiswe umoya ongcwele ukuba anikeze ubufakazi bokugcina ngesibindi, umbhalo weBhayibheli uthi: “Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.” (IzEnzo 6:15) Wayengenabo ubuso obudangele besoni kodwa ubuso bengelosi, isithunywa sikaNkulunkulu, ngokuqiniseka ukuthi unokusekela kukaJehova. UStefanu wayenesibindi futhi enokuthula. (Qhathanisa noJohane 14:27) Ngemva kokudalula icala labo lokubulala uJesu Kristu, abahluleli “bahlabeka ezinhlizweni, bamgugudela amazinyo.” Kodwa uStefanu, “egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” Eqiniswe yilowombono, uStefanu wayengabhekana nalabobahluleli abangalungile ngesibindi nangokuqiniseka kokuthi wayenze intando kaJehova. (IzEnzo 7:52-56) Nakuba amaKristu namuhla engalindeli umbono onjalo angaba nakho ukuthula okuvela kuNkulunkulu njengoba ebhekene nokushushiswa ngokukhuthazela.
11. Ukuzindla ngani okungasiza abantu bakaJehova ukuba bakhuthazelele ukushushiswa?
11 Zindla ngeZwi likaJehova, ukusebenzelana kwakhe nabantu nezinjongo. Ngisho noma wephucwe iBhayibheli nezincwadi ezingokomBhalo, hlala eZwini likaNkulunkulu. Khumbula amavesi nezindaba zeBhayibheli, wenze lokho kulo lonke usuku naphakathi nokuqwasha ebusuku. (Qhathanisa neHubo 77:2, 6, 11, 12.) Cabanga ngokusebenzelana kukaJehova okumangalisayo nabantu bakhe abashushiswa noma bacindezelwa esikhathini esidlule. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uNkulunkulu akhulula ngayo amaIsrayeli ebugqilini baseGibithe, waqinisa uDaniyeli nabangane bakhe abathathu abangamaHeberu ekuvivinyweni kwabo, wavikela amaJuda ngezinsuku zikaMoridekayi noEsteri, futhi wasekela abaphostoli namanye amaKristu okuqala ekuhluphekeni kwabo ngenxa yokulunga. (Eksodusi 12:1–15:21; Daniyeli 3:1-30; 6:1-28; Esteri 3:1–9:32; IzEnzo 4:1–5:42; 12:1-17; 14:1-7, 19, 20; 16:16-40; 18:12-17; 19:23-41; 21:26–26:32) Cabanga, futhi, ngendlela uJehova aye wasekela ngayo izinceku zakhe zanamuhla ezinkanjini zokuhlushwa zamaNazi, emajele amakhomanisi nokunye. Lapho beshushiswa, abakhulekeli bakaJehova bangakuzwa ukusekelwa “ngezingalo zangunaphakade” zikaJehova.—Duteronomi 33:27.
12. Uma sishushiswa, yini okumelwe siyikhumbule ngokuhlupheka kwethu, futhi ikuphi ukwethembela nokuqiniseka okumelwe sibe nakho?
12 Ukuhlushwa kuzophela. Ukukhumbula lokhu kuyosisiza futhi ukuba sibhekane nokushushiswa ngokukhuthazela. Ngokungaphezulu, ‘uNkulunkulu uyobuyisela ukuhlupheka kulabo abasihluphayo,’ thina asinikeze impumuzo. (2 Thesalonika 1:6-10) Ngakho-ke, phakathi nokuhlushwa kwethu njengofakazi bakaJehova, kumelwe sibheke esikhathini esizayo, siqiniseka ukuthi ubunzima bethu buyophela nokuthi ukwethembeka kuyophumela ezibusisweni ezicebile ezivela kuBaba wethu osezulwini. Ngokwesibonelo, ngokuhamba kwesikhathi singase sikhululwe ejele futhi sibuye sijabulele inkululeko yokumkhonza ngaphandle kokuvinjelwa njengabamemezeli boMbuso abajabulayo. Kodwa ngisho noma lokho kungenzeki ngokushesha, ukuhlupheka kwethu akuyikuhlala phakade. Futhi singakubekezelela uma sithembela kuJehova ngokuphelele futhi sigcina ukwethembela kwethu ekugcwalisekeni kwesithembiso sakhe sezibusiso ezingenakulinganiswa oHlelweni Olusha olubikezelwe.—IsAmbulo 21:1-4; qhathanisa neyesi-2 Korinte 1:19, 20.
13. Phakathi nokushushiswa, iyiphi induduzo esingayithola kwaboku-1 Korinte 10:13?
13 UNkulunkulu akayikuvumela ukuba sivivinywe ngaphezu kwamandla ethu. Umphostoli uPawulu wasinikeza lokho kuqiniseka uma ebhala: “Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” (1 Korinte 10:13) Akuwona wonke amaKristu okufuneka akhuthazelele ukuhlushwa okufanayo. Ngakho-ke, asikho isizathu sokucabanga ngohlobo olunzima kakhulu lokushushiswa kobudlova njengoluyosehlela ngabanye noma kanjani. UJehova akayikusishiya noma avumele noma yini ize kithina leyo thina ngabanye esingenakuyimela ngamandla akhe nangosizo lomoya wakhe ongcwele. Yebo, kumelwe sithembele kuye ngokuphelele futhi sikholelwe yilokho iZwi lakhe elikushoyo. Uma sithembele ngokuphelele kuJehova ngempela singabhekana nokushushiswa ngokukhuthazela.—IHubo 9:9, 10.
Ubutha BukaSathane Buyize
14, 15. USathane uye wajabhiswa kanjani emizamweni yakhe yokunqoba abantu bakaJehova ngokubashushisa?
14 Ngenxa yokuthi ofakazi bakaJehova abathembekile baqondiswa futhi basizwe ngokunamandla uNkulunkulu wabo ongefaniswe nalutho nonamandla onke, uSathane uDeveli nabantu bakhe abakhohlisile abangabashushisi ngeke bakwazi ukuphumelela kulamaKristu aqotho. UDeveli uye wajabhiswa kaningi emizamweni yakhe yokunqoba abantu bakaJehova ngokubashushisa. Eqinisweni, ushushiso ngokuvamile luye lwasiphendukela isitha esikhulu sikaJehova nabantu bakhe, futhi intando yaphezulu iye yachuma.
15 Ukufakazela lokhu, cabangela “ukuzingelwa okukhulu” okwaphakama ebandleni laseJerusalema ngokushesha ngemva kokubulawa kukaStefanu ngenxa yokholo. Siyatshelwa: “Bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.” Kodwa abafundi abahlakazeka “base behamba, beshumayela izwi levangeli,” futhi imizamo yabo yabusiswa. Ngokwesibonelo, kwaba nokuchuma okungokomoya emzini waseSamariya. (IzEnzo 8:1-8) Abanye abafundi ababehlakazekile bashumayela eFenike, eKhuphro, eAntiyokiya, eSiriya. Phela, eAntiyokiya “isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini”! (IzEnzo 11:19-21) Lokho kwanda, singaqiniseka, kwakungokuphambene nalokho okwakufiswa uMshushisi Omkhulu owajabhiswa.—Qhathanisa nabaseFilipi 1:12-14.
16. Yini eyenzekayo ngezinye izikhathi endabeni yabashushisi?
16 Isikhathi ngasinye ufakazi kaJehova othembekile ebhekana nokushushiswa ngokukhuthazela lokhu kunezela ekudumazekeni kukaSathane, kumbonisa njengomqambi-manga. Ngokungaphezulu, uma owayekade engumshushisi eba ufakazi oshushiswayo kaNkulunkulu noKristu, ehlala ethembekile noma eshushiswa, uDeveli uthola isihlamba sokwehluleka. Ngokwesibonelo, ngokuqinisekile akajabulanga lapho owayekade engumshushisi uSawulu waseTarsu eba omunye wabalandeli bakaJesu abashushiswayo owazikhandla ngenkuthalo ekushumayeleni izindaba ezinhle naphezu kokushushiswa nokuhlushwa okuningi.—2 Korinte 11:23-27; 1 Thimothewu 1:12-16.
17. Ofakazi bakaJehova abashushiswayo kumelwe babe nasiphi isimo sengqondo maqondana nabashushisi babo?
17 Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba ofakazi bakaJehova abashushiswayo babe nombono ofanele mayelana nababashushisayo! UStefanu wayengagcwele inzondo ngalabo ababemshushisa. Eqinisweni, njengoba babemgxoba ngamatshe waguqa ngamadolo akhe, ngaphambi kokuba nje afe, “wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono.” (IzEnzo 7:57-60) Futhi, uJesu wathi: “Thandani izitha zenu, . . . nibakhulekele abanizingelayo.”—Mathewu 5:44; Roma 12:14; 1 Korinte 4:11-13.
UMdali Wethu Akayikusishiya
18. Yini eyokwenzeka lapho uSathane ehlasela okokugcina kubantu bakaJehova?
18 Manje siphila phakathi nesikhathi esibucayi emlandweni wesintu. Kuyinkathi yokuvivinywa nokuhlungwa kwabathi bangamaKristu. (Qhathanisa noLuka 22:31, 32; 1 Petru 4:16, 17.) Isikhathi sikaSathane sifushane, futhi ngokushesha uzohlasela ngomfutho omkhulu wokugcina kubantu bakaJehova. Kodwa uNkulunkulu uyobenza bakwazi ukubhekana nalokhu kushushiswa ngokukhuthazela futhi bayonqoba. Futhi, uSathane (uGogi wakwaMagogi) uyojabhiswa futhi uyokwehlulwa okokugcina. Futhi, kulokho kuvikelwa kwabantu baKhe, uNkulunkulu ‘uyakuzenzamkhulu, azingcwelise, azazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi unguJehova.’ Futhi, lokhu kungokuphambene nalokho uSathane akufisayo.—Hezekeli 38:14–39:7; IsAmbulo 12:12.
19. Ngosizo lwaphezulu. yini ofakazi bakaJehova abashushiswayo abayoyenza?
19 Njengofakazi bakaJehova abazinikezele siyazi ukuthi uSathane ufisa ukuqeda ubuhlobo bethu noNkulunkulu uMninimandla onke. Nokho, ngomusa kaNkulunkulu ongasifanele, asiyikuhlehla okholweni lwethu. Kunalokho, siyokhumbula impikiswano enkulu futhi sifune nganoma iyiphi indlela ukusekela ukubusa kukaJehova kwendawo yonke. Uma siqiniseka ngethemba loMbuso, singajabula noma sishushiswa. Sikulungele ukubhekana nokushushiswa ngokukhuthazela, ngoba sithembela ngokuphelele kuyena “onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo.”—Efesu 3:20, 21.
20. Ikuphi ukuqiniseka esingaba nakho ngo‘Mdali wethu othembekile’?
20 Ngakho, masingabi naluvalo phambi kwesitha, sigcine ubuqotho, kube udumo kuNkulunkulu nokusindiswa kwethu siqu. Kwangathi ‘singalindela uJehova, silonde indlela yakhe.’ (IHubo 37:34) Njengoba sikhuthazelela ukushushiswa, kwangathi singabonisa isimo sengqondo esibonakala emazwini omphostoli uPetru: “Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.” (1 Petru 4:19) ‘UMdali wethu othembekile’ akayikusishiya. Ngamandla akhe singajabula noma sishushiswa futhi singabhekana nokushushiswa ngokukhuthazela.
Imibuzo Yokubukeza
□ Ofakazi bakaJehova bangazilungiselela kanjani ushushiso?
□ Ekubhekaneni nokushushiswa, kungani umthandazo ubaluleke kakhulu?
□ “Ukuthula kukaNkulunkulu” kungasisiza kanjani uma sishushiswa?
□ Iyiphi induduzo engatholakala kwaboku-1 Korinte 10:13?
□ OFakazi BakaJehova banasiphi isimo sengqondo maqondana nababashushisayo, futhi kungani kunjalo?
[Isithombe ekhasini 21]
UStefanu akazange abazonde ababemshushisa, futhi ofakazi bakaJehova banamuhla ababazondi ababashushisayo. Abanye abashushisi kamuva baba oFakazi