Izihloko Ezazikhuluma Ngemidlalo YeTV—Abafundi Bayasabela
Iseluleko esiqondlle esisekelwe eBhayibhelini sasihlanganiswe engxoxweni yemidlalo ye-TV kumagazini INqabayokulinda kaJune 15, 1983. Abafundi abaningi babhala besho indlela abazuza ngayo ngabanye eselulekweni esanikezwa.
“Yonke into enayisho nenayicaphuna kokuhlangenwe nakho kwabanye yayishaya emhloleni!” kubhala omunye uFakazi eCalifornia. “Eminyakeni eyi-13 ngase ngiphila ngokubuka imidlalo ye-TV. Ngacabanga ukuthi ngiphephile ngokumane ngiye emihlanganweni yobuKristu nangokuba ocishe aphume njalo enkonzweni yasensimini. Kodwa ngafunda umbono wezwe wemidlalo ye-TV wokuthi uma umyeni wakho ekuphatha kabi noma uzizwa ungathandwa, ukuphinga kuvunyelwe—uzibangele yena. Futhi lapho ngizizwa ‘ngivumelekile’ ngayithatha lenkambo embi futhi ngona kuJehova nomngane wami womshado. Ekugcineni kwaba nesidingo sokuba ngisuswe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu.” Nokho, waphenduka futhi wabuyiselwa. Lezizihloko zaqinisa isinqumo sakhe sokungaphinde abuke lemidlalo eyonakalisayo. Waphetha ngokuthi: “Manje sengiyakwazi ukutadisha nokufunda iBhayibheli nezincwadi zobuKristu ngokuthula.”
Enye ingozi enobuqili eyavezwa kulezizihloko kwakuyindlela lemidlalo ehilela ngayo izibukeli ngokomzwelo nabadlali abasemdlalweni. “Ngangikhule ngibukela lomdlalo we-TV owodwa futhi umdlali ‘uJulie’ wayefana nje ‘nomngane’ wami. . . . Ngolunye usuku ‘uJulie’ wathola ingozi eyashiya ubuso bakhe obuhle bunezibazi ezimbi,” kubhala omunye wesifazane ongumKristu eUnited States. “Ngangiba phambi kwe-TV zonke izinsuku ukuze ngiqiniseke ukuthi uyolulama. Ngalobobusuku lapho ngikhuleka, ngaphandle kokucabanga ukuthi ngithini, ngathandaza, ‘Futhi Jehova, siza ubusise uJulie.’ Ngashaqeka! Lesisicelo kuJehova ngoJulie sasivela enhliziyweni yami!” Lapho eqaphela indlela ayehileleke ngayo, wayeka ukubuka lezizinhlelo. Wabhala: “Uma bonke abafundi beyokuzithatha ngokungathi sína izihloko zenu ngemidlalo ye-TV, bayowuzwa umuzwa wangempela wenkululeko, njengoba izinkinga zethu zansuku zonke zanele ukuba sibhekane nazo.”
Ngemva kokubonisa ukwazisa ngalezizihloko, omunye wesifazane ongumKristu eTexas wabhala ngesikhathi sakhe esidlule: “Ngaqaphela ukuthi ‘ngangiluthwe’ imidlalo ye-TV, nokuthi kwakumelwe ngenze okuthile ngakho. Ngazibuza, futhi, ukuthi ubuhlobo bami noJehova babungathinteka yini. Ngangingaba kanjani ‘nayo’ njengabangane ngibuye ngibe umngane kuJehova? Kwafuneka ukuba ngiyiyeke ngalesosikhathi—kwakuwukuphela kwendlela, futhi yeka ukuthi kwakunzima kanjani!”
Yini okwakufanele ayenze lona owesifazane ongumKristu ukuze agqashuke. Wanezela: “Kwadingeka ukuba ngicishe i-TV. Ngangiphumela phandle futhi ngithole into engangingayenza engadini yami, ngibize othile, noma yini yokuba nje ngihlale ngimatasa ukuze ngiphumelele. Ngemva cishe kwezinyanga eziyisithupha zokukwenza usuku olulodwa ngesikhathi, ngaba nomuzwa wokuthi ngangingahlala endlini; ngaqala ukusebenzisa lesosikhathi ngesifundo sami siqu seBhayibheli, ukulungiselela izifundo nezinye izinto ezingokomoya. Yeka ukuthi ngazizwa kangcono kanjani! Sekungaphezu kweminyaka emibili manje kusukela ngagcina ukubona lokho okuthiwa abangane. Kumelwe ngivume ukuthi ngezinye izikhathi ngisazibuza ukuthi kazi kwenzekani ngabo, kodwa ngiyakulwisa. . . . Mhlawumbe abaningi abanye abangakagqashuki bazogqashuka manje. Ngibonga uJehova nani bazalwane ngokwembula ‘lento embi.’”—IHubo 101:3.
Omunye okuphila kwakhe kwathintwa yilezihloko kwakunguFakazi eCanada. “Ngakhala ngenkathi ngifunda lezihloko, ngoba ngathola ukuthi inhliziyo yami yayingasaphelele kuJehova. Ngathembisa uNkulunkulu wami ukuthi angisenakuphinde ngibe yisigqila salemidlalo futhi ngamcela ukuba angisize ngiphume ekhaya lami ngosuku lwalolohlelo.”
Lona owesifazane ongumKristu, owayevala ngisho nocingo lwakwakhe ukuze avimbele ukuphazamiseka phakathi nohlelo “lwakhe,” waqhubeka: “Ezinsukwini ezimbili kamuva, ngamenywa ukuba ngiye esifundweni seBhayibheli ngalo kanye usuku nesikhathi somdlalo ‘wami.’ Ngavuma ngenjabulo. . . . Manje ngizizwa ngiseduze noJehova, futhi ubuhlobo bami naye buseduze ngokwengeziwe. Yeka ukuthi muhle kanjani uJehova ngokusiyala ngeZwi lakhe!”
UJehova uthi: “Ngizakukululeka ngeso lami.” (IHubo 32:8) Uyayazi inhliziyo yethu ekhohlisayo futhi ufuna ukusivikela ekubhubheni okungokomoya. Yeka ukuthi kuhle kanjani uma siqaphela iseluleko esihlakaniphe kanjalo!