Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
ABANTU abanenhliziyo eqotho bacindezelwe ukungathembeki abakubona ezweni. Abanye bacindezelwa ngisho ukungathembeki abakuthola kubo. Omunye owesifazane wabhala: “Ngiye . . . ngadumala ngandlela thile ukubona imfanelo engase iwohloze ukuba neqiniso kwami.” Omunye wathi: “Ngokuvame kakhulu muva nje kubonakala ngithatha inkambo yokuzibamba okuncane.”
Kodwa ingabe kumelwe singathembeki ngenxa nje yokuthi abanye abaningi abathembeki? Cha. Kusenabantu abakwenqabayo ukungathembeki, futhi abanye abantu ababengathembekile ngaphambili baye bashintsha. Nokho, singasitholaphi isizathu esihle sokuhlala sithembekile kulelizwe elingathembekile? EBhayibhelini.
IBhayibheli liyasisiza ukuba sethembeke ngoba laphefumlelwa uMuntu onokwethenjwa kakhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu. Liyasikhuthaza: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” (IzAga 3:5) Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi izinto njalo ziphumela kokuhle kumuntu owethembela kuNkulunkulu kuze kube sezingeni lokulandela iseluleko saKhe, njengakulendaba yokwethembeka.
Indlela Yokwethembeka
Funda ezinye zezinto uNkulunkulu azishoyo ngokwethembeka. Khona-ke cabanga ukuthi izwe belingaba njani uma wonke umuntu ubezilandela.
“Lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe.”—Efesu 4:25.
Uma wonke umuntu ubekhuluma iqiniso kuphela, ukuphila bekungaba njani? Ingani bekungeke kubenezazi zezombangazwe ezingathembekile, abakhohlisi, hhayi ngisho nabahlebi abanenhliziyo embi!
“Owebayo angabe eseba.”—Efesu 4:28.
Ukweba kuhlanganisa izenzo ezinjengokugcwalisa ukubuyiselwa kwentela okungamanga, ukwenqaba ukukhokha izikweletu ezingokomthetho, ukuthatha impahla emsebenzini ngaphandle kokugunyazwa, nokufuna izinzuzo zenhlalakahle ngokukhohlisa, kanye nezinto ezinjengokweba esitolo nokugcweleza. Ngokokunye ukulinganisa, ukwabiwa kwezimali esizweni saseUnited States bekuyolingana uma wonke umuntu eyeka ukweba kuhulumeni.
“Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova.”—IzAga 11:1.
Ubungazizwa kanjani uma ubuqiniseka ngokuthola intengo efanele ngaso sonke isikhathi lapho uyothenga? Ake ucabange ngezwe elingenayo imikhuba yezebhizinisi engalungile, lapho ubungathenga imoto esike yasetshenziswa noma indlu entsha ngokuqiniseka okulingene!
“Akube-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso.”—Roma 13:1.
Ukushayela ngejubane, ukungazinaki izimpawu zomgwaqo, ukungenisa ukubuyiselwa kwentela yokukhwabanisa nokungcolisa phansi ezinye nje zezindlela eziningi abantu abehluleka ngazo ukuzithoba kohulumeni babo. Yeka ukuthi izinto bezingehluka kanjani uma wonke umuntu ubebonisa ukuzithoba okufanele “phansi kwamandla ombuso”!
“Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”—2 Thesalonika 3:10.
Ubuvila buyimbangela enkulu yokungathembeki nobugebengu. UmKristu kumelwe azimisele ukusebenza, angenciki kwabanye ukuba bamondle.
“Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla.”—Heberu 13:4.
Ekuhloleni okuphawulwe ngaphambili, cishe ingxenye yabo bonke abantu abashadile ababuzwa bavuma ukuthi bayabakhohlisa abangane babo bomshado. Ngokuqinisekile, ungawubona umehluko ukuqashelwa kwalowomyalo okungawenza ngokuphathelene nobuhlobo babantu.
Ingabe Kuyenzeka?
Lezizindinganiso zinhle ngokucacile. Kodwa ingabe ziyenzeka namuhla? Impendulo inguyebo. UNkulunkulu ubengeke asicele ukuba senze into engenakwenzeka noma elimazayo kithi. Cabangela nje ezimbalwa zezinzuzo zokuba qotho.
Okokuqala, ukwethembeka kusishiya sinonembeza ohlanzekile. Lena akuyona into engenakunakwa. Ngaphandle kokuba sesenziwe lukhuni ngenxa yokwenza okubi osekuwumkhuba, siyazi uma senze okubi futhi kuyasikhathaza. Unembeza wethu awusikhathazi uma sithembekile.
Khona-ke, uma sithembekile ngeke sijeziselwe ukungathembeki. Umuntu othembekile akabanjwa engenisa izimpahla ngasese ezindlini zokuthelisa, ekhwabanisa intela noma egcweleza omakhelwane bakhe.
Futhi, ukwethembeka kwethu kwenza ukuphila kujabulise ngokwengeziwe ngalabo abahlala eduze kwethu. Kusiza ngisho nabo ukuba babeqotho. Ngemva kokuhlola izisebenzi ezitolo ezinkulu zezinto ezihlukahlukene, umagazini iPsychology Today wathi: “Uma izisebenzi zicabanga ukuthi abasezikhundleni eziphakeme baziphatha ngokwethembeka, ngokunokwenzeka ziyocabanga ukuthi zilindeleke ukuba ziziphathe ngokwethembeka . . . Kodwa uma izisebenzi ziqaphela (ngokuqondile noma ngokungaqondile) ukuthi abasezikhundleni eziphakeme abathembekile, ziyothambekela ngokwengeziwe ngasekuvumeleni futhi zithethelele ukungathembeki kwazo.” Abaningi bethu abanalo ithonya elinjengelabasezikhundleni eziphakeme. Kodwa sonke sinethonya elithile kulabo abaseduze kwethu. Futhi uma senza ngokwethembeka, lelothonya lihle.
Ngaphezu kwalokho, ukwethembeka kuholela ekuhlonishweni kwethu. Isisebenzi esingumKristu ehhovisi lezindiza eLiberia sathola lokhu kuyiqiniso. Samukela ucingo lomphathi waso, futhi lapho esitshela ukuthi sithi akekho, sachaza ukuthi sasingeke siqambe amanga. Ngokuthukuthela wasishintshela komunye umnyango. Masinya umphathi waso omusha wasicela ukuba sigqibe ukungapheleli kwemali yezindleko ezincane. Senqaba, naye futhi, wathukuthela. Nokho, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, othile wayedingeka ukuba ayise izinkulungwane zamadola ebhange. Ngubani owakhethwa? Ingani yisona lesisebenzi esethembekile! Eqinisweni, obasi baso basihlonipha ngokwethembeka kwaso. Eqinisweni, ngezikhathi ezinzima amaKristu athembekile aye awuthola umsebenzi lapho abanye bengenakuwuthola.
Kuhle ukuhlonishwa, ukuba nonembeza ohlanzekile nokwenza ukuphila kujabulise ngokwengeziwe kubantu abasizungezile. Kodwa kunesizathu esingcono sokwethembeka.
Isizathu Esingcono Kakhulu Sokwethembeka
IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ngeke aqambe amanga. (Thithu 1:2) Yebo, uJehova uNkulunkulu uthembekile, futhi usilindele ukuba sethembeke nathi. Okuhlelwe phakathi kwezinto uNkulunkulu azizondayo “ulimi lwamanga” “nofakazi wamanga ophafuza inkohliso.” (IzAga 6:16-19) UNkulunkulu uyakuzonda uma abantu bekhuluma amanga ukuze banciphise izintela zabo, ukuze bebe kubaqashi babo noma ukuba bathathe izinzuzo zabanye ezingafanele nganoma iyiphi indlela.
Mhlawumbe nawe uyazizonda lezizinto. Uma kunjalo, uyojabula ukwazi ukuthi uNkulunkulu angenza futhi uyokwenza okuthile ngokungathembeki. Eqinisweni, ngokushesha uzothatha isinyathelo esinzima. Uyathembisa: “Ababi [kuhlanganise nabangathembekile] bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho.”—IHubo 37:9, 10.
UJehova akanakuvuma ukuba lomhlaba ubuswe ukungathembeki phakade. Uyosusa labo abaphikelela ngokungathembeki, kanye nabo bonke “ababi.” Nokho, labo abazisa ukwethembeka nobuqotho nabalwela ukwenza intando kaNkulunkulu banekusasa elikhazimulayo. Umhubi wabuza: “Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?” Yathini impendulo? “Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe, ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe.”—IHubo 15:1-3.
Namuhla, kuyinselele yangempela ukwethembeka. Kodwa uNkulunkulu ufuna labo abayohlala bethembekile ngisho naphezu kokulingwa nokucindezelwa. Bayofaneleka kahle kwalungileyo ‘amazulu amasha nomhlaba omusha esiwulindele ngesithembiso sakhe.’ (2 Petru 3:13) Namuhla, abaningi bakhonza uJehova uNkulunkulu futhi bazama kanzima ukugcina izindinganiso zakhe. Kuyiqiniso, lababantu abaphelele. Kodwa bakholelwa isithembiso sikaNkulunkulu ‘somhlaba omusha’ olungileyo. Futhi ngendlela abaphila ngayo manje babonisa isifiso sabo esiqotho sokuba ingxenye yalowo “mhlaba omusha,” noma umphakathi omusha wabantu emhlabeni.
Uma ukwazisa ukwethembeka ngokwakho, kungani ungafuni ukubazi labantu? Abanyathelisi balomagazini bayojabula ukukuxhumanisa nabo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ulwazi lweBhayibheli luthuthukisa ukwethembeka, futhi lokhu kuthokozisa uNkulunkulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Ukwethembeka kungenzeka. Kodwa ngaziphi izindlela?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Isiphi isizathu esingcono kakhulu sokwethembeka?