Ukwala ‘Ukuphila Ngenkemba’—Kuyisivikelo
“BUYISELA inkemba yakho endaweni yayo”! Lamazwi aqinile kaJesu wawasho ngesikhathi lapho ukusetshenziswa kwendluzula kwabonakala kuwukukhetha okunengqondo. Ngaphambi kukaJesu kwakumi “isixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku,” sifuna ukumbopha futhi simenze inhlekisa ngokomthetho. Omunye wabafundi bakaJesu wahosha inkemba, ehlose ukumvikela ngendluzula. Ingabe wawungamsola ngenxa yalokho?
UJesu, nokho, wayengenakuba nengxenye ebudloveni obunjalo. Eyala uPetru ukuba abeke inkemba yakhe, wachaza: “Ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?”—Mathewu 26:47, 52, 53.
AmaKristu namuhla ngokufanayo ayakugwema ukwethembela ezikhalini ezinjengezibhamu nommese—ngisho ‘nakulezizikhathi ezinzima okunzima ukuphila kuzo.’ (2 Thimothewu 3:1) Awuthatha ngokungathi sína umyalo weBhayibheli ‘wokukhanda izinkemba zibe-ngamakhuba,’ futhi awafuni ukulimaza abanye abantu. (Isaya 2:4) Ngoba awaziphathi izikhali ngezinjongo zokuzivikela, esikhundleni sokusebenzisa ubudlova athambekele kakhulu ekuzameni ukubonisana nabantu abazowalimaza. “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke,” yileso iseluleko asilandelayo. (Roma 12:18) Nokho, akulula ngaso sonke isikhathi ukwala ‘ukuphila ngenkemba.’ Izimo zingase ziphakame ezivivinya kanzima isifiso somKristu ‘sokuhlalisana ngokuthula nabantu bonke.’
Lokhu yilokho okwenzeka esizweni saseAfrika eminyakeni embalwa edlule. Kwaba khona ukubanga ukubusa ezweni. Kwavuka impi yesizwe esifanayo, kwasakazeka ukuhlasela kwamaqembu azilwelayo. Ngakho-ke izakhamuzi zaphoqeleleka ukuba zingenele amabutho ezokuvikela. Ngakolunye uhlangothi, ukucindezela okukhulu kokujoyina amaqembu azilwelayo kwabekwa kwabanye ngabanye abahlala nabo. Ngempela, izakhamuzi ngezinye izikhathi zathola ukucindezelwa phakathi kwamaqembu azilwelayo namasosha kahulumeni lawo aphatha ngonya noma ubani owayesiza amaqembu azilwelayo.
Ubudlova baqala ukusibekela izwe lonke. Umbhangqwana ongamaphayona ukhumbula ukuthi ingozi yokuhlasela yayiseduze kangangokuba uma babehamba ngemoto enkonzweni yasensimini, babebeka izikhwama zezincwadi zabo zize zibe sezingeni elingafinyelela esifubeni phakathi kwabo nomnyango wemoto njengendlela yokuvikela inhlamvu yesibhamu. Kodwa nakuba bakwazi ukusinda engozini, umbhangqwana osumdala ababehambele kuwo wawungahlalanga kahle. Indoda yayidutshulwe yafa. Omunye umkhaya abahambela kuwo wawushiselwe ikhaya nokuphakathi ngamaqembu azilwelayo ngobunye ubusuku. (Lomkhaya kamuva wabhala futhi wacela incwadi yeWatch Tower Society, enesihloko esifanele esithi, Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Kuvela Kumuphi Umthombo?)
Kulesisimo esishukunyiswa imizwelo, akumangalisi ukuthi abaningi babefisa ukuthatha izinyathelo zokuhlasela kuqala ukuze bazivikele. ‘Ingabe umuntu kumelwe ame asonge izandla futhi azivumele ukuba afe noma umkhaya wakhe ubulawe?’ abanjalo babecabanga ngaleyondlela. Abaningi baqala ukuphatha izikhali. Futhi ofakazi bakaJehova kulesosizwe esinempi babengazi ukuthi bangenzani.
Ukubhekana Nokusongelwa Kokuboshwa
Njengokuvamile, oFakazi BakaJehova bafinyelela isiphetho sobunye: ukuba bahlale bengathathi hlangothi ngokuphelele empini ephakathi kwesizwe nokungaziphathi izikhali eziyingozi. Kodwa ingabe lesisinqumo sasingesingafanele—siyingozi? Okuhlangenwe nakho kwabo kugcizelela ukufaneleka kwesinqumo sabo.
Enye insizwa egama layo uTony yayikade isebenza emabuthweni ezimpi ngaphambili. Nokho, ngemva kokuba umKristu, yaphetha ngokuthi yayingeke ‘iphile ngenkemba’ ngokuvunyelwa unembeza futhi ilimaze abanye abantu. Ngakho lapho ibizwa ukuba izosebenza ngokulandelayo yenqaba, futhi yahlawuliswa. Ngokushesha ngemva kwalokho yabizwa futhi, nangalesosikhathi yanikezwa isigwebo sezinyanga eziyisithupha ejele. Kodwa ngesikhathi sesithathu yabizwa futhi yagwetshwa izinyanga eziyishumi ejele. Nokho, yenza isikhalo enkantolo ephakeme ngalesisigwebo. Eminyakeni emibili eyalandela yayingena iphuma ezinkantolo, isikhathi ngasinye izilungiselela nomkayo ukuhlukana izinyanga eziyishumi. Yathi, “Sehlukana nomkami izikhathi eziyi-13 eminyakeni emibili, kodwa isikhathi ngasinye kwakwenzeka okuthile okwakulibazisa ukukhishwa kwesigwebo.”
Phakathi nalesosikhathi, yena nomkakhe baba amaphayona akhethekile, futhi wanikezwa ukuqashelwa njengeminister. Kodwa umthetho wawusalokhu ufuna ukuba ayodonsa isigwebo sezinyanga eziyishumi. Ekugcineni wathola incwadi eyayimtshela ngokulengiswa kwesigwebo uma ayengavuma icala. “Ngabatshela ukuthi ngangingenakukwenza lokho, njengoba ngangingenacala,” kwachaza uTony. Wazimisela ukuba aye ejele. Wamangala uma ethola incwadi eyayithi amajaji eNkantolo Ephakeme ayelicubungulile icala futhi ayelichithile icala enkantolo ngokolwazi lomsebenzi wawo! UTony wazizwa ebusisekile ngokwenqaba ‘ukuphila ngenkemba.’
Nokho, amaKristu amaningi kwakubonakala ukuthi ayeyizisulu zochungechunge olungapheli lokugwetshelwa ejele. Ngokushesha nje ngemva kokukhululwa kwabo babebuye babizwe ukuba baye empini, futhi ukujikeleza kwamacala enkantolo nejele kwakuqala futhi. Cabanga ngobunzima lokhu okwakuyibo emadodeni ashadile anabantwana! Nokho, labo abagcina ukungathathi kwabo uhlangothi abavikelwanga nje kuphela ebudloveni bempi enonya phakathi kwesizwe esisodwa kodwa futhi bakwazi ukuba “nonembeza omuhle” phambi kukaJehova.—1 Petru 3:16.
Ukuvikela Umkhaya Wakho—Ngaphandle Kwezikhali!
Ukwenqaba ukuhlanganyela ebudloveni kwabonakala kuyisibusiso endodeni yomkhaya egama layo uWill. Yena, umkakhe nabantwana abahlanu babenepulazi endaweni engamakhilomitha angama-64 ukusuka edolobheni. Ukuya emihlanganweni nakweminye imisebenzi kwakwenza lomkhaya ube sengozini enkulu. Kwabonakala kulinga ukuzama ukuthembela ezikhalini njengesivikelo. Nokho, uWill kakade wayethole izibusiso ngokwethembela kuJehova. Eminyakeni edlule wayengumlimi ophumelelayo kagwayi. Lapho efunda kuNqabayokulinda ukuthi umsebenzi onjalo wawungafanelekile ngomKristu, wathatha isinyathelo esiqinile sokushintshela kwezinye izitshalo. Umphakathi wamangala ngalesisinqumo esasibonakala siwubuphukuphuku. Nokho, isimo sezulu esihle—ngisho naphakathi kwezinkathi ezimbi—samsiza ukuba aphumelele emsebenzini wakhe omusha. Umphakathi wamangala! Futhi uWill nomkhaya wakhe basibona isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ‘akayikuzishiya’ izinceku zakhe.—Heberu 13:5.
Njengoba impi yayiqala, uWill wabhekana nolunye uvivinyo lobuqotho bobuKristu. Kodwa eqiniswe okuhlangenwe nakho kwakhe okudlule, wanquma ukuthi wayengenakushintshela esibhanywini. Esikhundleni salokho, wakhetha ukuqasha indlu edolobheni ngenxa yomkakhe nabantwana ukuze isikole nemihlangano yobuKristu phakathi nesonto kube seduze, futhi babengasenakuhamba amakhilomitha ayi-177 usuku ngalunye endaweni eyingozi.
Lapho behambile ngobunye ubusuku iqembu elithile labalwayo lagqekeza indlu epulazini futhi lantshontsha izinto ezithile zabo. Kodwa, ngokumangalisayo, alizange lishise indlu noma lenze umonakalo ongathi sína endlini. Kungani kwaba njalo? Abantu baleliqembu batshela izisebenzi zasepulazini ukuthi babemazi “uBasi uWill” ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova nokuthi wayeyindoda enhle eyayiphatha izisebenzi zayo ngokulunga! Yeka ukuthi laba namandla kangakanani idumela lakhe lobuKristu kunokuthembela ezikhalini eziyingozi!
Umthombo Ongokoqobo Wesivikelo
Okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kuqokomisa iqiniso lokuthi uJehova uyababusisa labo abagcina ukungathathi hlangothi kobuKristu futhi abala ‘ukusebenzisa inkemba.’ Kuyiqiniso, ngezinye izikhathi uJehova uyavumela omunye wezinceku zakhe ukuba afe, njengoba umbonisi wesifunda kulelozwe wabulawa. Nokho, kungcono ukufa ubonisa ukuthembela ngokugcwele kuJehova kunokuvumela ukwesaba abantu kubuse inkambo yethu. (Mathewu 10:28) Lezikhathi zobudlova akumelwe zisibangele ukuba ‘siphile ngenkemba’ noma sithembele nganoma iyiphi indlela ezikhalini eziyingozi ukuze sikhululeke. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.”—IzAga 29:25.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
AmaKristu awuthatha ngokungathi sína umyalo weBhayibheli ‘wokukhanda izinkemba zibe-ngamakhuba’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
“Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke”