Ungalokothi Ukhohlwe Ukuthi UnguFakazi!
“Ningofakazi bami, usho uJehova, mina nginguNkulunkulu.”—ISAYA 43:12.
1. (a) Iliphi ilungelo elikhulukazi noma imuphi umuntu emhlabeni angaba nalo? (b) Lichazwa kanjani igama elithi “ufakazi”?
ALIKHO ilungelo elikhulu emhlabeni kunokuba ufakazi kaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ufakazi “umuntu onikeza ubufakazi ecaleni noma phambi kwenkantolo yokwahlulela.” (Webster’s New Collegiate Dictionary) KwakunguJesu Kristu owafakazela injongo enkulukazi endaweni yonke—leyo kaJehova uNkulunkulu. ‘Njengofakazi,’ kusho iBhayibheli, uJesu “wavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu.” (1 Thimothewu 6:13) Futhi lapho kuthethwa icala, yini ayisho kulombusi wamaRoma?
2. Yini uJesu Kristu ayifakazela?
2 Ekuphenduleni umbuzo awubuzwa, uJesu wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Yebo, uJesu wakucacisa ukuthi weza emhlabeni ukuba afakazele iqiniso likaNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, lokho kwasho ukufakazela isikhundla sakhe njengeNkosi yobuMesiya. UJesu wafakazela futhi igama likaNkulunkulu, uJehova. Kanjalo, lapho ethandaza kuYise wasezulwini, uJesu wathi: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni.” (Johane 17:6) Kuze kube sosukwini lokufa kwakhe njengomuntu, uJesu wayesiqaphela isibopho sakhe sokuba ufakazi kaJehova. Ngempela, uJesu akakhohlwanga neze ukuthi wayengufakazi.
Isibonelo ‘Sikafakazi Othembekayo Noqinisileyo’
3. (a) Ubani “ufakazi othembekayo noqinisileyo”? (b) Yini eyayenzekile ebandleni laseLawodikeya, futhi isiphi iseluleko uJesu alinikeza sona?
3 UJesu isabelo sakhe wasifeza ngokwethembeka nangentshiseko njengofakazi kaJehova. Futhi maqondana nalokhu ubekela amaKristu azinikezele isibonelo esihle kakhulu. Okuphawulekayo futhi, iseluleko sikaJesu ebandleni laseLawodikeya. Ngokusobala ngenxa yokuphazanyiswa izifiso zezinto ezibonakalayo, lelibandla ‘lase lisivivi’ ekufakazeni ngoJehova noMbuso wobuMesiya. Ngakho uJesu walikhuthaza ukuba ‘lishiseke futhi liphenduke.’ Iseluleko sakhe kulelibandla wasethula ngalamazwi: “Nakhu akushoyo uAmen, ufakazi othembekayo noqinisileyo.”—IsAmbulo 3:14-19.
4. (a) Kungani uJesu azibiza ngokuthi “uAmen”? (b) UJesu wayefuna amaKristu aseLawodikeya angakhohlwa ukuthini?
4 Okokuqala, uJesu uzibiza ngokuthi “uAmen.” Kungani? Kungoba uJehova wamthumela ‘njengoAmen’ (okusho ukuthi, “makube njalo”) kuzo zonke izithembiso zaphezulu. Nguye uJesu ogcwalisa izithembiso zikaNkulunkulu. (2 Korinte 1:20) Ngokulandelayo, uJesu uzibiza ngokuthi “ufakazi othembekayo noqinisileyo.” Ngani? Ukuze ibandla libheke kuyena njengeSibonelo salo futhi kanjalo lithole amandla okuphenduka ekushiyekeni kwalo futhi liphinde ‘lishiseke’ ekufakazeni ngoJehova. INdodana kaNkulunkulu yayifuna ukuba lawomaKristu aseLawodikeya angalokothi akhohlwe ukuthi kwakumelwe afakazele uNkulunkulu noMbuso wobuMesiya.
5. UJesu wayeyisibonelo kanjani soFakazi BakaJehova namuhla?
5 UJesu ufuna ukuba bonke abafundi bakhe babe ofakazi abathembekileyo nabashisekayo kuze kube sekupheleni kwalesisimiso sezinto esibi. UJesu wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14; IzEnzo 1:6-8) Kokubili kulokho akwenza nakusho, “ufakazi othembekayo noqinisileyo” wayeyisibonelo esikhuthazayo kofakazi bakaJehova abangamaKristu eqiniso namuhla. Bayaliqaphela ilungelo labo elihle njengabameleli begama likaNkulunkulu nezinceku ezithembekile zikaJehova eziwathatha ngokungathi sína amazwi akhe: “Ningofakazi bami . . . mina nginguNkulunkulu.”—Isaya 43:10-12.
Isidingo Sokungalokothi Sikhohlwe
6. (a) Maqondana nokukhanya okungokomoya, iliphi ilungelo ofakazi bakaJehova abanalo? (b) Imiphi imibuzo esingase sizibuze yona?
6 Uma ungufakazi kaJehova ozinikezele nobhapathiziwe, liqaphele njalo ilungelo lakho elikhulu lokukhonza uMuntu ophakeme endaweni yonke. Khumbula ukuthi “ufakazi othembekayo” ‘wayengukukhanya kwezwe.’ (IsAmbulo 1:5; Johane 8:12) Ngakho-ke, bonke oFakazi BakaJehova kumelwe baveze ukukhanya maqondana nezinjongo zikaNkulunkulu. Njengoba nje bekungaba okungafanelekile ukubeka isibani ngaphansi kwesitsha kunokusibeka etafuleni, ngakho akunangqondo ngomKristu weqiniso ukufihla ukukhanya kwakhe. Kumelwe akhanye ukuze bonke abathintana naye bathole inzuzo yokukhanya okungokomoya akujabulelayo. Ngakho-ke, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe: “Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uyihlo osezulwini.” (Mathewu 5:14-16) Njengenhlangano, oFakazi BakaJehova namuhla baqhamile kuyo yonke imbulunga—banjengomuzi esesiqongweni sentaba okhanyisa nakude. Kodwa ingabe ngokwakho siqu ukhanyisa ngazo zonke izikhathi? Ingabe uyaliqaphela njalo ilungelo lakho lokuba ufakazi kaJehova?
7. Isiphi isizathu esiyinhloko sokungakhohlwa ukuthi singofakazi bakaJehova?
7 Kungani kungamelwe neze sikhohlwe ukuthi singofakazi bakaJehova? Esinye isizathu esiyinhloko siwukuthi siphila ezweni lapho ukucindezela kokuphila kwansuku zonke, ukukhathazeka ekuphileni nokuphambukisa okuningi kungasiphazamisa kalula ekukhulumeni ngoNkulunkulu weqiniso nezinjongo zakhe. Ngokwenzuzo yethu nesixwayiso, uJesu wakhuthaza: “Lindani, . . . hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.” (Mathewu 24:42-44) Kungani kunikezwa lesisixwayiso esinengqondo? Kungoba ukuphazama kungaholela ekubhujisweni—yebo, ukubhujiswa kwalabo abaphazanyisiwe lapho uJesu ezoletha isahlulelo kulesisimiso sezinto.—IsAmbulo 19:11-21.
8, 9. Singazuza kanjani ekucabangeleni abantu abaphambukisiwe bosuku lukaNowa?
8 Cabanga okwenzeka ngosuku lukaNowa. Phela, kwakunezinto eziningi eziphazamisayo ngalesosikhathi kangangokuba abantu abakunakanga ukushumayela kukaNowa nokwakha umkhumbi! “Abazanga,” babanjwa bengalindele ngenxa yeziphazamiso futhi babhujiswa.—Mathewu 24:36-39.
9 Khona-ke, ingabe sizophazanyiswa yizwe lanamuhla nokuphambukisa kwalo okuningi? Njengoba ukuphazanyiswa ngokuphelele ekugcwaliseni isibopho sethu njengabalandeli bakaJesu kungaphumela ekubhujisweni, masizibonakalise singabaqaphile njalo. Ngokuhlala silungele, singalali neze emithwalweni yethu yemfanelo, asiyikubhujiswa nabaphambukisiwe balelizwe.—Luka 17:26-30; 21:34-36.
10. Isiphi isabelo esibalulekile wonke amaKristu eqiniso anaso?
10 Ngakho masingakhohlwa neze ukuthi sinesabelo esibalulekile sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Marku 13:10) Kungakhathaliseki ukuthi singobani noma ukuthi imiphi imisebenzi esiyenzayo enhlanganweni kaJehova, sinomthwalo wemfanelo wokumemezela ithemba lethu kwabanye. (Roma 10:10; 1 Korinte 9:16) Emazweni amaningi, singasihambisa ngokukhululekile isigijimi soMbuso endlini ngendlu. Kodwa emazweni lapho kunalenkululeko yokushumayela, abantu bangase bangayinaki inkolo, futhi ungase uxoxe nabambalwa emakhaya. Uma kunjalo, udinga ukuqapha njalo ukuba uzinikeze amanye amathuba okwenza ukukhanya kwakho kukhanye.
11. Iqiniso lokuthi abalandeli bakaJesu babengabantu “baleyoNdlela” libonisani ngenkonzo kuJehova?
11 Ngisho noma ungase ube nezikhathi ezikhethekile ezibekelwe eceleni zokuhlanganyela ezicini ezithile zomsebenzi wokufakaza, inceku ezinikezele kaJehova kumelwe imdumise ngamazwi nangezenzo ngazo zonke izikhathi. Ingabe uyakwenza lokhu? Abalandeli bakaJesu bokuqala kwakhulunywa ngabo njengabantu “baleyoNdlela.” (IzEnzo 9:1, 2) Ngakho babengakhonzi uNkulunkulu amahora ambalwa kuphela ngenyanga. Inkonzo yabo yayiyindlela yokuphila! Ingabe sinjengamaKristu ekhulu lokuqala uma singabamemezeli boMbuso abangaphumi njalo abaqabukela behlanganyela emsebenzini wokufakaza? Ingabe singazibiza ngokufanele ngokuthi singoFakazi BakaJehova uma sisho okuncane noma singasho lutho kwabanye ngethemba lethu?
Ukusebenzisa Isikhathi Sethu Ekusizeni Abanye
12, 13. (a) Singaziqinisa kanjani ngokomoya? (b) Kungani kumelwe sigcine umbhalo wesithakazelo esitholakala enkonzweni yasensimini?
12 Sidinga ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha ukuze sisize abanye endleleni eya ekuphileni okuphakade oHlelweni Olusha lokulunga lukaNkulunkulu. Kodwa ukuze sisize abanye kumelwe siziqinise thina. Kumelwe sithole ukudla okungokomoya njalo futhi sizakhe okholweni. Singeneliseki ngokuba “izingane,” kumelwe ‘siqhubekele ekuvuthweni.’ (Efesu 4:14; Heberu 6:1) Ekufakazeni kwethu njalo endlini ngendlu, ingabe siye sawuthatha umthwalo wemfanelo owengeziwe wokuhambela abantu abanjengezimvu njalo? Uma abantu belalela isigijimi sethu seBhayibheli noma bebonisa isithakazelo eZwini likaNkulunkulu naseMbusweni wakhe, yini esiyenzayo? Ingabe sibakhathalela ngokwanele ukuba sigcine umbhalo wegama nekheli nendaba esiyixoxile, futhi khona-ke silandele lesosithakazelo?
13 Uma siqaphile ngokomoya, singawenza amathuba okushumayela iZwi likaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, kuyo yonke indawo. Kwangathi singakwenza lokho ngokujabula, izinhliziyo zethu zichichima ngesikufundile kuMeluleki wethu Omuhle, uJehova.—Isaya 30:20, 21.
Lungela Ukufakaza Ngokwethukela
14. (a) Abanye baye bafunda iqiniso likaNkulunkulu ngayiphi indlela yokufakaza? (b) Ingabe ukufakaza ngokwethukela kumelwe kuthathe isikhundla senkonzo yethu yasensimini evamile?
14 Abanye bajwayelana neqiniso likaNkulunkulu ngenxa yokuthintana nezihlobo, abangane, abasebenza nabo, omakhelwane, njalo njalo. Ngokwesibonelo, kwelinye iqembu loFakazi ababhapathiziwe abangama-238, amaphesenti angama-40 ayeye afunda iqiniso leBhayibheli ngokufakaza ngokwethukela. Yebo, lokhu akumelwe kuthathe isikhundla senkonzo yasensimini, umsebenzi wakho ovamile wokufakaza endlini ngendlu, noma izimpindelo, nokunye.—IzEnzo 5:42; 20:20.
15. Hlobo luni lwesibonelo uJesu alubeka maqondana nokufakaza ngokwethukela?
15 Nokho uJesu, “ufakazi othembekayo noqinisileyo,” wasibekela isibonelo esihle sokufakaza ngokwethukela. Ngokwesibonelo, “esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela” futhi wakhuluma naye, kwaphumela emiphumeleni emihle. (Mathewu 9:9) Futhi, ngesinye isikhathi, nakuba uJesu ayekhathele wasebenzisa ithuba lokukhuluma iqiniso kowesifazane owayezokukha amanzi emthonjeni waseSikhari. Leyongxoxo yaba nomphumela wokuba amaSamariya amaningi akholwe uJesu njengoMesiya.—Johane 4:5-30, 39-42.
16. Isiphi isibonelo umphostoli uPawulu asibeka ekufakazeni?
16 Lomphostoli uPawulu futhi wasebenzisa wonke amathuba okukhuluma ngeZwi likaJehova. Lapho eseAthene, uPawulu wenza kanjalo “esigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.” (IzEnzo 17:17) Futhi lapho eboshelwe ngaphandle eRoma, umphostoli “wamukela bonke abeza kuye, washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa-muntu.” (IzEnzo 28:30, 31) Yeka ukuthi konke lokhu kumelwe kusishukumise kanjani ukuba singalokothi sibhekele phansi noma imaphi amathuba okufakaza!
17. Ngaphandle kwenkonzo yasensimini evamile, yimaphi amathuba akhona okufakaza kwabanye?
17 Ngaphandle kwenkonzo yethu yasensimini evamile, kunamanye amathuba amaningi okufakaza. Esisebenza nabo, esifunda nabo, izihlobo nabangane bonke badinga ukuzwa ngoJehova nezinjongo zakhe. Lapho sihamba ngebhasi, ibhanoyi noma isitimela, singase sikwazi ukuqalisa ingxoxo eyoholela ekufakazeni ngoMbuso. Singase sikwazi akuhlanganyela “izindaba ezinhle” nomenenja basehotela, izisebenzi zasegaraji, izisebenzi zasezindaweni zokudlela noma abashayeli bamatekisi. Uma sisekhaya singase sifakaze kubathengisi noma kubantu abaletha izimpahla. Phela, ngisho noma sisesibhedlela, singase sifakaze konesi, kodokotela nasezigulini! Lapho belalisiwe esibhedlela, ofakazi bakaJehova abaningi baye basiza ezinye iziguli ukuba zifunde ngoHlelo Olusha lukaNkulunkulu lapho abantu beyojabulela impilo enhle.
18. (a) Yini etusekayo uma ungabaza ukusebenzisa amathuba okufakaza? (b) Ekufakazeni ezihlotsheni nakubangane, yiziphi izimfanelo okumelwe sizibonakalise?
18 Khona-ke yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba njengomunye woFakazi BakaJehova umemezele isigijimi soMbuso nganoma iliphi ithuba! Ngamanye amazwi, ungalokothi ukhohlwe ukuthi ungufakazi! Kodwa kuthiwani uma ungabaza lapho ubona ithuba lokufakaza? Khona-ke thandazela isibindi sokukhuluma iqiniso. Uyothola izibusiso ezicebile ebezingakulahlekela. (Qhathanisa nezEnzo 4:29-31.) Yebo, ukufakaza ezihlotsheni nakubangani kungaba ngokulula ngandlela-thile. Kodwa sebenzisa ukuhlakanipha, umusa nokubekezela, ungabajwayeli ngokungafanele ngenxa yokuba ubazi kahle. Yiba nombono wesikhathi eside futhi kancane kancane wakhe ukwazisa kubo ngeqiniso leBhayibheli.
Ukuziphatha—Ingxenye Yendlela Esifakaza Ngayo
19. Yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kokufakaza kwethu nokuziphatha kwethu?
19 Akukhona konke ukufakaza kwethu okungamazwi. Umphostoli uPawulu wahlanganisa ukuziphatha okuhle nokukhanya. Wanxusa amaKristu aseFilipi ukuba ‘enze konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze abe ngangasolekiyo nangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, abakhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni.’ (Filipi 2:14, 15) Ezweni elonakele ngokuziphatha nelisebumnyameni, ofakazi bakaJehova kumelwe bavelele ngokukhanya njengezinkanyiso. Ngempela, umKristu othembekile ubonisa izwi leqiniso ngokufakaza ngomlomo futhi akhanye ngenxa yokuziphatha kwakhe okuhle. Kwangathi bonke oFakazi BakaJehova bangazibonisa beyizinkanyiso ezithembekile ngendlela abaphila ngayo nangamazwi eqiniso lomBhalo abalikhulumayo!
20. Ukuziphatha kwethu okuhle kungabathinta kanjani abanye?
20 Egcizelela iphuzu elifanayo, umphostoli uPetru wabhala: “Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, . . . ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.” (1 Petru 2:12) Nokho, akubona bonke abayodumisa uNkulunkulu futhi babe oFakazi BakaJehova ngosuku lokuhanjelwa. Abaningi abayikuza ngasohlangothini loMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya futhi bagcine izimiso zawo eziphakeme zokuziphatha. Kodwa kuyoba khona abanye abanjengezimvu abayobona ukuthi simelela ubuKristu beqiniso. Ukuziphatha kwethu okuhle kuyobahlaba umxhwele, futhi bayohlanganyela nathi ekushumayeleni “lelivangeli lombuso.” (Mathewu 24:14) Yeka injabulo esinayo uma labantu bedumisa uNkulunkulu kanye nathi njengofakazi bakhe!
21. Isiphi isimo oFakazi BakaJehova okumelwe benze ngaso intando kaNkulunkulu?
21 Khona-ke, masenze umsebenzi kaJehova nentando yakhe ngenhllziyo yonke. (Mathewu 22:37) Masiqaphele ukuthi uFakazi KaJehova kumelwe adumise uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. “Dumisa uJehova, mphefumulo wami. Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova.” (IHubo 146:1, 2) Yebo, ‘dumisa uJehova usaphila.’ Futhi lokho kuphila kungase kube okuphakade, uma ungakhohlwa neze ukuthi ungufakazi.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Iliphi ilungelo elikhulukazi noma imuphi umuntu emhlabeni angalijabulela?
◻ Kukanjani uJesu Kristu ayeyisibonelo sofakazi bakaJehova namuhla?
◻ Isiphi isabelo esibalulekile bonke oFakazi BakaJehova abanaso?
◻ Ingabe kumelwe inkonzo yakho yasensimini evamile ithathelwe indawo ukufakaza ngokwethukela?
◻ Yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kokuziphatha kwethu nokufakaza kwethu?
[Isithombe ekhasini 22]
UJesu akazange akhohlwe ukuthi ungufakazi kaJehova
[Isithombe ekhasini 24]
Fakaza ngentshiseko enkonzweni yasensimini evamile nangokwethukela