Ukwakha Ngezinto Ezingashi
“Abanye bayosebenzisa igolide noma isiliva noma amatshe ayigugu ekwakheni phezu kwesisekelo; abanye bayosebenzisa amapulangwe noma utshani noma ilala.”—1 KORINTE 3:12, Today’s English Version.
1, 2. (a) Yini engaba buhlungu kakhulu kunokubona indlu yomuntu isha iba umlotha? (b) Yikuphi ukudumazeka okufanayo izikhonzi ezingamaKristu ngezinye izikhathi ezikutholayo?
NGOKUQINISEKILE kuyizehlakalo esidabukisayo lapho indlu enhle isha iba umlotha. Yeka ukuthi bekungadabukisa kanjani ikakhulukazi uma wawuyakhile! Ukubona sonke isikhathi sakho nomzamo kuqedwa umlilo kungaba okubuhlungu ngempela. Nokho lobubuhlungu abulutho uma buqhathaniswa nobuhlungu obuzwiwa umzali ongumKristu ondodana yakhe noma indodakazi ilahla iqiniso ngenxa yezinto zezwe. Akukho okubuhlungu njengokubona ingane yakhe umuntu ibhubha kanjalo ngokomoya.
2 Imizwa ezinhliziyweni zabazali abanjalo ingase icishe ifane nokudumazeka wena njengesikhonzi esingumKristu okungenzeka uye wakuzwa. Mhlawumbe waqalisa isifundo nomuntu, khona-ke wachitha izinyanga noma ngisho iminyaka umsiza ukuba afinyelele ulwazi lweqiniso. Umbona eza emihlanganweni futhi aqalise ngisho nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Kodwa, ngokushesha, uba buthaka ngokomoya futhi aphole mhlawumbe aze abuyele ngisho nasemikhubeni yakuqala emibi. Yeka ukuthi kudumaza kanjani!
3. Ubhekene nezimo ezinjalo, yimiphi imibuzo ephakamayo, futhi izimpendulo zixhomeke kuphi?
3 Kuyadabukisa ukuthi lokhu kuyenzeka ngezinye izikhathi. Ngakho-ke kufanelekile ukubuza: Kungani kwenzeka? Ingabe kukhona esingakwenza ngakho? Nakuba isimo senhliziyo yomuntu singase sibe imbangela, ngezinga elithile izimpendulo kuleyomibuzo zixhomeke empendulweni yomunye umbuzo: Lapho ufundisa abanye, ingabe wakhela esisekelweni esiqondile ngezinto ezingashi? Ukuqonda kwethu ngokukhanyayo okushiwo yilokhu nendlela yokukwenza kuyisihluthulelo ekusizeni labo esibafundisayo—abafundi bethu beBhayibheli nabantwana bethu—ukuba bame beqinile eqinisweni.
Ubani Owakhayo?
4. Kweyoku-1 Korinte 3:10, 11, uPawulu usifanisa nani isikhonzi esingumKristu, futhi kanjani?
4 Ekuphenduleni, sivula kweyoku-1 Korinte isahluko 3, lapho uPawulu efanisa isikhonzi esingumKristu nomakhi. Siyafunda: “Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube-yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.”—1 Korinte isahluko 3 Amavesi 10, 11.
5. (a) Ngokomongo wendaba, hlobo luni lomsebenzi wokwakha uPawulu axoxa ngawo? (b) Kungayiphi ingqondo isikhonzi esingumKristu ‘esakha ngayo abantu’?
5 Hlobo luni lomsebenzi wokwakha uPawulu akhuluma ngalo? Nokho, phawula umongo wendaba: “Nina . . . niyisakhiwo sikaNkulunkulu.” “Niyithempeli likaNkulunkulu.” (1 Korinte 3:9, 16) Ngakho-ke kuwumsebenzi wokwakha ongokomfanekiso, ohilela “abantu.” Okusho ukuthi, isikhonzi esingumKristu ‘sakha abantu’ ngengqondo yokuthi sizama ukwakha kubantu abathakazelayo ubuntu bobuKristu, sibenze abafundi.—Mathewu 28:19, 20.
6, 7. (a) Okabani umthwalo wemfanelo amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 3:9-15 abhekisela kuwo? (b) Nokho, umsebenzi ohlangene wokwakha uhileleke kanjani? (c) Yini ukucatshangelwa okuqhubekayo kwamazwi kaPawulu okuyosisiza ukuba siyibone?
6 Ingabe lokhu kusho ukuthi umfundisi ongumKristu nguye yedwa onomthwalo wemfanelo ngendlela umfundi athuthuka ngayo? Akunjalo neze. Okokuqala, thina “siyizisebenzi kanye noNkulunkulu.” Nakuba amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 3:9-15 ebhekisela emthwalweni wemfanelo womuntu owakhayo, noma ofundisayo, eqinisweni kuwumsebenzi wokwakha wokubambisana lapho umfundi naye ehileleka khona. Singase siwufanise nokulungiselela kwesosha impi. Abanye bangase balivivinye futhi balihlomise, kodwa lapho selingaphandle empini isosha kumelwe lilwe, lisebenzise lokho elikufundile. Ukuphila kwalo kuxhomeke kukho! Ngokufanayo, lowo ofundisayo uzama ukwakha umKristu weqiniso, okwazi ukumelana nokucindezela nezilingo zalesisimiso. Nokho, ngesikhathi esifanayo, umfundi unomthwalo wemfanelo; kumelwe asebenzise ekuphileni kwakhe lokho akufundayo.—Mathewu 7:24-27; Filipi 2:12, 13.
7 Nokho, iqiniso lihlala liwukuthi lowo ofundisayo unomthwalo wemfanelo onzima. Njengoba sicabangela amazwi kaPawulu ngokuqhubekayo, sizobona ukubaluleka kokufundisa iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo ukuze sakhe kwabanye ukwazisa ngoBaba wethu osezulwini.
Beka Isisekelo Esiqondile
8. Kulomsebenzi wokwakha ongokomfanekiso, siyini isisekelo?
8 Ngaphambi kokuba wakhe, okokuqala kumelwe ubeke isisekelo. Khona-ke emsebenzini wokwakha wokwenza abafundi, siyini isisekelo? UPawulu uyaphendula: “Akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.” (1 Korinte 3:11) Yebo, isisekelo esiqondile okumelwe sakhele kuso singuJesu Kristu.—Qhathanisa nabase-Efesu 2:20-22 neyoku-1 Petru 2:4-6.
9. (a) Ekufundiseni abanye, yini ehilelekile ekubekeni uKristu njengesisekelo? (b) Kungani kubalulekile ngalabo esibafundela iBhayibheli ukuba baqonde lonke iqiniso ngoJesu?
9 Singambeka kanjani uKristu njengesisekelo lapho sifundisa abanye? Okokuqala nje, kumelwe sifundise iqiniso ngoJesu futhi sisize abanye ukuba bakhele ukuphila kwabo kuleloqiniso. Lokho kuhlanganisa ukubasiza ukuba babe nokholo kuJesu njengoMsizi wethu naLowo uNkulunkulu alungiselela ngaye isihlengo. (Mathewu 20:28; 1 Johane 2:1, 2) Kodwa lokho akwanele. UJesu Kristu uyinhloko emisiwe yebandla lobuKristu. (Kolose 1:18) Futhi uyiNkosi yomhlaba engokomthetho, futhi kulesosikhundla ngokushesha ‘uyonqoba’ eHarmagedoni. (IsAmbulo 6:1, 2) Ngokukhanyayo-ke, ukubeka uKristu njengesisekelo kuhilela ukufundisa lonke iqiniso ngaye, ukusiza abanye ukuba baqonde ingxenye kaJesu ekufezeni injongo kaNkulunkulu. Kungani lokhu kubaluleke kangaka? Uma abafundi bethu beba nokholo kuJesu njengoNkosi kaNkulunkulu ebusayo, ngeke badumale kalula ngenxa yezimo zezwe nezinkinga zokuphila kwansuku zonke.—Isaya 28:16; 1 Petru 2:6-8.
10. (a) Ngokwabase-Efesu 3:17-19, yini enye ehilelekile ekubekeni uKristu njengesisekelo? (b) ‘Simhlalisa kanjani uKristu ezinhliziyweni zethu’?
10 Nokho, kuningi okuhilelekile ekubekeni uKristu njengesisekelo. Kumelwe sibe nenjongo efana neyomphostoli uPawulu. Umthandazo wakhe ngabase-Efesu wawungukuthi “uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, nibe-namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula, nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube-ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.” (Efesu 3:17-19) Phawula ukuthi ‘ukuze sigxile sisekelwe’ kuhilela ukuba uKristu ‘ahlale ezinhliziyweni zethu.’ Kusho ukuthini lokhu? Nokho, uKristu ‘uhlala ezinhliziyweni zethu’ lapho sivumela isibonelo sakhe nezimfiindiso ukuba zithinte imicabango yethu nezenzo.
11, 12. (a) Singabasiza kanjani abanye ukuba uKristu ‘ahlale ezinhliziyweni zabo’? (b) Ngaphandle kokufunda ngoJesu, yini enye ehilelekile?
11 Singabasiza kanjani labo esibafundisayo ukuba uKristu ‘ahlale ezinhliziyweni zabo’? Ukubanika ulwazi kubalulekile, ngoba kumelwe ‘baqonde’ ‘ububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula’ kweqiniso leZwi likaNkulunkulu, ikakhulukazi ngokuphathelene nokuphila nezimfundiso zikaJesu Kristu. Sifuna abafundi bethu bazuze ‘umqondo kaKristu,’ bamazi kahle njengomuntu ophilayo, onemizwa. (1 Korinte 2:16) Lokhu kuyozithinta izinhliziyo zabo.
12 Kodwa phawula ukuthi uPawulu futhi wathi: “Nokulwazi [ngesiGreki, gnonaiʹ, ukwazi ‘ngokuhlangenwe nakho koqobo’] uthando lobuKristu oludlula ukwazi konke.” “Uthando” lukaKristu singalwazi ngokufunda lokho iBhayibheli elisitshela khona ngenkambo yakhe yokuphila nendlela asebenzelana ngayo nabanye. Nokho, kungokulingisa uhlobo lomuntu uJesu ayilo lapho singayiqonda ngempela imizwa yakhe. Ngalendlela, ngokuhlangenwe nakho, sifinyelela ekwazini “uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke.”
13, 14. (a) Singabasiza kanjani esibafundelayo ukuba balingise izimfanelo zikaJesu? (b) Kungani ukuzama ukuba njengoJesu kuyosiza esibafundelayo ukuba babe nobuhlobo obuhle noJehova? (c) Ngaphandle kwesisekelo esihle, yini enye okumelwe siyinakekele?
13 Ngakhoke ekubekeni isisekelo, donsela ukunakekela ezimfanelweni zikaJesu—uthando lwakhe (Johane 15:13, 14), umusa nozwela (Mathewu 11:28-30), ukuthobeka (Johane 13:1-15) nobubele (Marku 6:30-34), uma kubalwa nje ezimbalwa. Khuthaza umfundi wakho ukuba alingise lezimfanelo endleleni yakhe yokuphila. Lokhu kuyomnikeza isisekelo esihle okungakhelwa kuso ezinye izimfanelo ezibalulekile. Ngezinye izikhathi, lapho nixoxa ngezindaba zeBhayibheli ngoJesu, ungase udinge ukuma ubuze: ‘Iyiphi imfanelo obona uJesu eyibonisa? Ungayibonisa kanjani ngokugcwele lemfanelo ekuphileni kwakho?’ Chaza ukuthi ukulingisa imfanelo yobuntu bukaJesu kuyosiza umfundi weBhayibheli ukuba athuthukise ubuhlobo obuqinile, nobuseduze noJehova. Kanjani? Kungoba uJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise kangangokuthi uma sizama ukulingisa uJesu eqinisweni silingisa uJehova ngokwakhe!—Johane 14:9.
14 Ukuba nesisekelo esihle kubalulekile, kodwa ingabe kwanele? UPawulu uyaphendula: “Kepha akube-yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.” Yebo, kuthiwani ngezinto esizisebenzisela ekwakheni isakhiwo esizohlala phezu kwesisekelo?
Izinto Ezingashi
15, 16. (a) Kweyoku-1 Korinte 3:12, yikuphi ukuqhathanisa uPawulu ngokusobala akwenzayo? (b) Ekusebenziseni umfanekiso kaPawulu, yimuphi umbuzo obuzwayo?
15 Lokhu kusiletha evesini 12 kweyoku-1 Korinte isahluko 3, lapho uPawulu ekhuluma ngezinto ezihlukahlukene zokwakha: “Kepha uma umuntu akha phezu kwalesosisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga.” Lezo ngempela izinto zokwakha ezingafani! Ingabe uPawulu usho ukuthi sakhe ngokuncane kwalokhuya nalokhuya kumfundi wethu? Ngokusobala akunjalo. Phawula ukuthi ezinye izinguqulo zikubeka kanjani: “Abanye bayosebenzisa igolide noma isiliva noma amatshe ayigugu ekwakheni phezu kwesisekelo; abanye bayosebenzisa amapulangwe noma utshani noma ilala.” (TEV) “Kulesisekelo ungakha ngegolide, isiliva namatshe ayigugu, noma ngamapulangwe, utshani nelala.” (The Jerusalem Bible) Ngakho-ke ngokusobala uPawulu uqhathanisa izinhlobo ezimbili zezakhiwo. Ngakolunye uhlangothi kunjengokungathi, indlu enhle yobukhosi ehlotshiswe ngegolide, isiliva namatshe ayigugu. Uma kuqhathaniswa, kukhona indlu efulelwe ngotshani eyakhiwe ngamapulangwe noma ngezingodo ezisekele izindonga zotshani obomile obuhlanganiswe nodaka.
16 Khona-ke uma sisebenzisa umfanekiso kaPawulu, umbuzo uwukuthi: Ekufundiseni abanye, ingabe wakha “izindlu zobukhosi” noma “izindlu zotshani”? Isizathu sokuba intsha ethile nabasha eqinisweni bawe kungase kube ukuthi abakhiwe ngezinto ezifanayo bonke. Uyini umehluko? Isimo ebandleni lasendulo eKorinte sibonisa umehluko phakathi kokwakha ngezinto ezingashi nezishayo.
17, 18. (a) Iyiphi inkinga engathi sína eyayikhona ebandleni laseKorinte lasendulo, futhi uPawulu waziqondisa kanjani izinto? (b) Ngakho-ke yisiphi isici esiyinhloko ekuboneni noma sakha ‘ngegolide’ noma ‘ngotshani’?
17 UPawulu wayefeze ingxenye yakhe ekubekeni isisekelo esiqondile, kodwa ngokusobala abanye eKorinte babakhela kuso ‘ngamapulangwe, utshani nezinhlanga’—izinto ezilula ezimelele izimfanelo ezingaqinile. (1 Korinte 3:12) Ngakho-ke uPawulu kwadingeka abhalele abazalwane lapho: “Kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka Apholo; mina ngingokaKhefase; mina ngingokaKristu. UKristu wahlukanisiwe yini?” (1 Korinte 1:11-13) Ngakho amalungu ebandla ayehlukane aba amaqembu. Ngani? Ngoba ayegxilise ukubaluleka okukhulu kubantu abathile. UPawulu wawaqondisa, echaza: “Pho, uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo . . . Mina ngatshala, uApholo waniseia kepha uNkulunkulu wakhulisa.”—1 Korinte 3:5-7.
18 Kafushane, inkinga kwakuyilena: Ngenxa yokuthi abheka ukulandela abantu njengokubaluleke kakhulu, amanye amalungu ebandla eKorinte awabanga nabo ubuhlobo obuseduze nobuqinile noJehova. Lesi isici esiyinhloko ekunqumeni noma sakha ‘ngegolide’ noma ‘ngotshani,’ sakha “izindlu zobukhosi” noma “izindlu zotshani,” uma sikhuluma ngokomfanekiso.
19. (a) Kungenzeka kanjani ukuba ofundisayo ngokungaqondile aqondise ukunakekela okukhulu kuyena noma komunye umuntu? (b) Uma sifuna ukwakha ‘ngegolide, isiliva namatshe ayigugu,’ yini okumelwe sizame ukuyenza?
19 Kunesifundo esiwusizo esingafundwa kulokho. Abanye bangase bathi, ‘Kodwa angibafundisi abanye ukuba balandele umuntu.’ Nokho, lokhu kungenzeka kalula ngisho noma singafuni kanjalo. Ngokwesibonelo, uma umfundi ephakamisa, imibuzo, ngokuphindaphindiwe sithi, ‘uMfowethu (noma uDade) Sibanibani uthi, . . . ,’ ingabe kungenzeka ngokungaqondile sibhekise ukunakekela okukhulu endodeni engaphelele noma owesifazane? Noma, uma kuphakanyiswa imibuzo, sithi, ‘Nokho, angiqiniseki, kodwa nakhu ebengingakusho, ingabe kungenzeka ngokungaqapheli sidonsela ukunakekela okukhulu kithina ngokwethu? Khumbula, kulula kakhulu ngomfundi ukuba abe nomuzwa wokuziphakamisa womfundisi wakhe. (Qhathanisa nezEnzo 10:25, 26 nesAmbulo 19:10.) Uma sifuna ukwakha “izindlu zobukhosi,” kumelwe siqaphele singakhi abalandeli babantu. Kunalokho, kumelwe sisize umfundi wethu ukuba abe nobuhlobo obuseduze noJehova. Ukuze sifeze lokho kumelwe sakhe “ngegolide, nesiliva, namatshe anenani.” Zimeleleni lezizinto?
20. Limeleleni ‘igolide, isiliva namatshe ayigugu’? (IzAga 3:13-15)
20 Ukuqhathanisa imibhalo enjengamaHubo 19:7-11, IzAga 2:1-6 neyoku-1 Petru 1:6, 7 kubonisa ukuthi igolide, isiliva namatshe ayigugu ngezinye izikhathi kusetshenziswa ngokomfanekiso ukumelela izimfanelo, ezinjengokholo oluqinile, ukuhlakanipha kokumesaba uNkulunkulu, ukuhlakanipha ngokomoya, ukwethembeka, ukwazisa kothando ngoJehova nemithetho yakhe. Izimfanelo ezinjalo zidingekile ukuze umuntu abe nobuhlobo obuqinile nobuseduze noJehova uNkulunkulu. Lezimfanelo zakha isimo sobuntu okumelwe sizame ukusakha kulabo esibafundisayo. Ingabe wakha ngalendlela?
Ingabe Bayomelana ‘Nomlilo’?
21. (a) Kungani kubaluleke kangaka ukuba sakhe izimfanelo ezihlala njalo kulabo esibafundisayo? (b) Umeleleni “umlilo”?
21 Kungani kubaluleke kangaka ukuba sisize ekwakheni izimfanelo ezihlala njalo kulabo esibafundisayo? Umphostoli uPawulu uyaqhubeka echaza: “Umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokhu.” (1 Korinte 3:13) Ngakho-ke “umlilo” “uyakuvivinya” indlela esakha ngayo. “Umlilo” umeleleni lapha? Ukushushiswa kobudlova okungokomzimba? Ngokusobala akunjalo. Ngoba phawula ukuthi “umsebenzi walowo nalowo” uyofakwa ‘emlilweni.’ Akuwona wonke amaKristu athola ukushushiswa kobudlova. Ngakho-ke “umlilo” umelele noma yikuphi ukucindezela noma izilingo ezingabhubhisa ingokomoya lomuntu.
22. Luyini olunye uvivinyo lomlilo abanye abangase baluthole?
22 Kwabanye “umlilo” ungeza ngendlela yempikiswano yokungathathi-hlangothi. Ngokwesibonelo, abanye bangase bacindezeleke ukuba bahlanganyele emisebenzini yezombangazwe noma babhekane nokuboshwa. (Johane 15:19) Ngezinye izikhathi “umlilo” ungase ube nobuqili kakhulu. Mhlawumbe isilingo sokubuka amabhayisikobho noma izinhlelo zeTV ezibonisa ubulili nobudlova. Ngentsha engamaKristu “umlilo” ungase uze ngendlela yokuvulekela ezinkanukweni zobulili, izimemo zokusebenzisa imilaliso noma ukucindezeleka kokuhlanganyela ekuzilibaziseni kwezwe okululazayo. Isifiso semvelo sokwamukelwa ngabanye singacindezela kakhulu entsheni engama Kristu ukuba ihambisane nabo.—1 Johane 2:16.
23. (a) Maqondana nokubhekana novivinyo olunjalo, yimiphi imibuzo ephakanyiswayo, futhi izimpendulo zixhomekephi? (b) Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
23 AmaKristu amaningi eqiniso aye amelana ngokuphumelelayo novivinyo olunjalo olunjengomlilo. Nokho, kuyadabukisa ukuthi, abanye abazange. Nokho, sidinga ukuzibuza: Uma labo esibafundisile bebhekana ‘nomlilo,’ bayophumelela kanjani? Ingabe bayofana naleyandlu enhle bobukhosi ehlotshiswe ngegolide elingasho isiliva namatshe ayigugu, bame beqinile? Noma ingabe bayofana naleyondlu yotshani eyakhiwe ngamapulangwe, utshani nenhlanga, futhi bashe? Eqinisweni, okuningi kuxhomeke kumfundi ngokwakhe. Nokho, ngesikhathi esifanayo, okuningi futhi kuxhomeke kithina njengabafundisi—indlela thina ngokwethu esiye sakha ngayo. Khona-ke lombuzo uyasala: Ingabe uzakha kanjani lezimfanelo ezihlala njalo kulabo obafundisayo? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
Ungachaza:
◻ Uhileleke kanjani umsebenzi wokusizana ekufundiseni abanye?
◻ Umbeka kanjani uKristu ‘njengesisekelo’?
◻ Yini engafundwa kulokho okwenzeka ebandleni eKorinte lasendulo?
◻ Uyini “umlilo,” futhi lokhu kokugcizelela kanjani ukubaluleka kokwakha izimfanelo ezihlala njalo kwabanye?
[Izithombe ekhasini 25]
Lapho ufundisa abanye, ingabe wakha ngezinto ezingashi noma ngezinto ezishayo?