Ukuxazulula Imfihlakalo Yabagibeli Bamahhashi
UBANI ongaxazulula imfihlakalo yabagibeli bamahhashi besAmbulo? EBhayibhelini, kuDaniyeli 2:47, uJehova uNkulunkulu ubizwa ngokuthi “umambuli wezimfihlakalo.” Njengoba kunguye owaphefumulela iBhayibheli nombono wabagibeli bamahhashi, anganikeza izimpendulo esizidingayo. Ngakho-ke, ngokuhlola iZwi lakhe elembuliwe ukuze sithole ukwaziswa, siyakwazi ukukhanyisa incazelo yamahhashi anemibala nabagibeli bawo.—Amose 3:7; 2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:21.
Amavesi amathathu okuqala esAmbulo, anikeza isihluthulelo esisiza ukuxazulula imfihlakalo. Abonisa ukuthi lolu chungechunge lwemibono lwaluzosebenza ezenzakalweni zesikhathi esizayo, okungukuthi, ezazizolandela unyaka ka-96 C.E. lapho umphostoli uJohane ebona zonke lezi zinto futhi ezibhala phansi. Lokhu kuyavumelana namazwi akhe akusAmbulo 1:10 athi izinto azibona kule mibono zazizokwenzeka kuphela ngemva kokuba ‘usuku lweNkosi’ seluqalile.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:8; 5:5.
Sinalokhu engqondweni, sizohlola amahhashi nabagibeli bawo. Zisuka nje, kubalulekile ukuba siqonde kahle ihhashi elimhlophe nomgibeli walo. Khona-ke incazelo yabanye abagibeli bamahhashi izoba sobala.
Izincazelo Zihloliwe
Esihlokweni esandulelayo, kuphawulwe ukuthi enye incazelo yehhashi elimhlophe nomgibeli walo yayiwukuthi bamelele ‘ukunqoba kwevangeli noma ukubusa kwalo.’ Kodwa umhlaba awukaphendulelwa evangelini (izindaba ezinhle) ngoKristu nangezinjongo zikaNkulunkulu ezisekelwe kuye. Futhi, ngokuqinisekile, umbuso awukanqobi. Kunalokho, ubulokhu wehlukana, uhlakazeka, kuleli khulu leminyaka.
Kuthiwani ngencazelo yokuthi ihhashi elimhlophe limelele ukunqoba kwevangeli nobumsulwa bokholo ekhulwini lokuqala? Lokhu akulinaki iqiniso lokuthi lo mbono wawungowezinto ezazizokuza esikhathini esizayo. Futhi njengoba uJohane aloba lo mbono njengesiboshwa esidingiselwe esiqhingini sasePhatmose ngonyaka ka-96 weSikhathi sethu Esivamile, akunakwenzeka ukuba umelele noma yini eyayizokwenzeka ekhulwini lokuqala.
Enye incazelo ibe ukuthi ihhashi elimhlophe liveza injongo kaKristu kunobuntu bakhe nokuthi uMbuso wakhe ‘uphakathi’ kithi, okungukuthi, ezinhliziyweni zethu. Kodwa injongo kaJesu Kristu nobuKristu ayizange iqale esikhathini esithile ngemva kokulotshwa kwesAmbulo. Kunalokho, le njongo kakade yayisibonakala kakhulu phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala ngaphambi kokuba uJohane alobe.
Futhi, lapho uJesu ethi “umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini,” wayekhuluma nabaFarisi benkolo abangabazenzisi ephendula umbuzo ababewuphakamisile. UJesu wayengakhulumi nabalandeli bakhe abathembekile ebatshela ukuthi uMbuso wawungokuthile ‘okwakuphakathi kwabo’ ngomqondo wokuthi usezinhliziyweni zabo. Kunalokho, wayetshela abaFarisi abangakholwa ukuthi yena, uJesu, njengommeleli woMbuso kaNkulunkulu wesikhathi esizayo, wayekhona phakathi kwabo ngaleso sikhathi.—Luka 17:21; bheka futhi iThe Jerusalem Bible neThe New English Bible.
Kuthiwani ngomqondo wokuthi umgibeli wehhashi elimhlophe unguMphikukristu? Akukho ndawo lapho iBhayibheli lisho khona ukuthi uMphikukristu uyophuma ngonya kangangokuthi kuze kuthiwe ngaye “waphuma engonqobayo nokuyakunqoba,” njengoba kwashiwo ngogibele ihhashi elimhlophe. (IsAmbulo 6:2) Kuyakhanya ukuthi noma kungaba ubani ohlezi ehhashini elimhlophe uyophuma engonqobayo ngokuphelele. Ukunqoba kwakhe ngeke kuhluleke. Zonke izitha zakhe ziyobhujiswa.
Imiqondo Enikezwa IBhayibheli Isiza Ekukhanyiseni
Ukukhanyiswa okungenaphutha komgibeli wehhashi elimhlophe kunikezwa “umambuli wezimfihlakalo” kamuva kulolo chungechunge lwemibono. KusAmbulo 19:11-16, ihhashi elimhlophe liyabonakala futhi, manje umgibeli usekhanyiswe ngokucacile.
Iqiniso lokuthi ihhashi elimhlophe libonakala kabili kule mibono engokwesiprofetho libonisa ukuthi kuseyilo lelo hhashi nokuthi imisebenzi ehlukahlukene yomgibeli iyachazwa. Kulokhu kuvela kwakhe kwamuva, umgibeli ushiwo ngegama. Ubizwa ngokuthi “oThembekileyo noQinisileyo,” “uLizwi kaNkulunkulu,” nangokuthi “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.”
Lawo magama awashiyi kungabaza ngokuthi ungubani lo mgibeli wehhashi elimhlophe. Akekho omunye ngaphandle kweNkosi uJesu Kristu ngokwakhe! (Qhathanisa nesAmbulo 17:14.) Kodwa ngasiphi isikhathi sokuphila kwakhe? Kumelwe kube isikhathi esithile ngemva kokuphela kwekhulu lokuqala, lapho kunikezwa umbono wesAmbulo. Phawula, futhi, ukuthi manje unikezwa umqhele wobukhosi. Ngakho esikhathini esithile esizayo uJesu Kristu wayezoqalisa indima ethile ekhethekile njengeNkosi, noma uMbusi. Futhi ekulawo mandla, uchazwa futhi njengeqhawe elihlome ngomnsalo, eliphuma ‘lingonqobayo noyakunqoba.’
Okunye futhi okubonisa ukuthi lokhu kwakuyoba sesikhathini esizayo yileli qiniso: Ngesikhathi sombono wesAmbulo, kwase kudlule iminyaka engaphezu kwengama-60 uJesu aqeda ukuphila kwakhe kwasemhlabeni, wavuswa kwabafileyo, futhi wenyukela ezulwini. Lapho ebuyela ezulwini, uJesu watshelwa ukuba alinde ngakwesokunene sikaNkulunkulu kuze kube yileso sikhathi esizayo lapho izitha zakhe zaziyokwenziwa “isenabelo sezinyawo zakhe.”—Heberu 10:12, 13.
Ukugibela Kuyaqala
Ngakho ukugibela ihhashi elimhlophe kwakuyoqala esikhathini esithile esizayo lapho uJesu Kristu ayeyobekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini yoMbuso kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi uNkulunkulu wayeyomthuma nomyalo othi: “Busa wena phakathi kwezitha zakho.” (IHubo 110:2) Kodwa ingabe lokhu kwenzeka nini?
Ukubekwa kukaJesu Kristu njengeNkosi yasezulwini kuchazwe kumaHubo 45:3-7. Khona-ke kumaHeberu 1:8, 9 umphostoli uPawulu ucaphuna kuleli hubo futhi usebenzisa amavesi 6 no-7 eNdodaneni kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Ukwaziswa okuningiliziwe nobufakazi obungokomBhalo okukhishwa ngoFakazi bakaJehova kubonisa ukuthi ukubekwa kukaJesu Kristu njengeNkosi ezulwini kwenzeka ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe, “izikhathi ezimisiwe zabezizwe,” ngonyaka ka-1914.—Luka 21:24, NW.a
Ngakho-ke, noma iyiphi incazelo ebeka ukugibela kwabagibeli bamahhashi ngaphambi konyaka ka-1914 ayinakuba ngeqondile. Futhi, njengoba umgibeli wehhashi elimhlophe ayehola, amanye amahhashi nabagibeli abalandelayo kwakuyomelela izenzakalo ezaziyokwenzeka lapho ukugibela kwakhe kuqala, noma esikhathini esithile ngemva kwalokho. Ngakho-ke, ukugibela kwala bagibeli bamahhashi abane kumelwe kwenzeke ekuqaleni nangemva kokuba ‘isikhathi sokugcina’ sesiqalile ngo-1914. ‘Izinsuku zokugcina’ ziye zabonakala zisobala kusukela ngaleso sikhathi.—Daniyeli 12:4; 2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Amanye Amahhashi Nabagibeli
Ihhashi lesibili “libomvu,” noma “linombala osamlilo.” (IsAmbulo 6:3, 4, An American Translation) Umgibeli walo “waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane.” Wanikwa ‘inkemba enkulu.’ Lokhu kwagcwaliseka ngo-1914 lapho kuqala impi embi kunazo zonke emlandweni womuntu, impi yezwe yokuqala. Emuva ngaleso sikhathi yayibizwa ngokuthi iMpi Enkulu. Eminyakeni nje engama-21 kamuva iMpi Yezwe II yaqala, futhi yayonakalisa ngisho nangokwengeziwe kuneMpi Yezwe I. Kusukela ngaleso sikhathi kuye kwaba nezimpi ezingapheli. Sekukonke, kusukela ngo-1914, izimpi ziye zabulala abantu abayizigidi eziyikhulu.
Ihhashi lesithathu limnyama, futhi umgibeli walo uphethe izilinganiso ezimbili. (IsAmbulo 6:5, 6) Kumemeza izwi elithi kuzodingeka wonke umholo wosuku ukuthenga nje imbenge eyodwa (1.1 L) kakolweni noma izimbenge ezintathu zebhali elishibhile lokusanhlamvu. Lokhu ngokufanelekile kuchaza ukuswelakala kokudla ngezinga elikhulu kunanini ngaphambili. Lokhu kuye kwaba njalo kusukela ngo-1914. Kusukela nje ekugqashukeni kweMpi Yezwe I, amanani okudla anyuka. Izigidi zabulawa yindlala. Kusukela ngaleso sikhathi, ukuswelakala kokudla kuye kwaqhubeka ngaphandle kokuba ngcono. Kulinganiselwa ukuthi manje cishe abantu abayizigidi ezingama-450 balamba baze bafe, futhi abafinyelela isigidi sesigidi abanakho ukudla okwanele. Ngezinye izikhathi le ndlala nokufa okungaka kwabantu njengoba kwabikwa eTopiya eminyakeni yamuva kugcizelela umbono ofiphele ngekusasa.
Ehhashini lesine, siphawula ukuthi “limpofu,” libukeka liphaphathekile. Igama lomgibeli “ukuFa.” (IsAmbulo 6:7, 8) Lifanekisela kahle isibalo esikhulu sabafayo kusukela ngo-1914 ngenxa yezimbangela ezingezona ezingokwemvelo, njengokuswelakala kokudla nendlala, izimpi nobudlova, izinhlupheko nezifo. Umkhuhlane waseSpain owagqashuka emhlabeni wonke ekupheleni kweMpi Yezwe I wabangela ukufa kwezigidi ezingama-20. Manje izifo zenhliziyo, ikhensa, nezinye izifo eziningi zibulala abantu ababalwa ngezigidi abafa kungakafaneli.
Izenzakalo ezifanekiselwa yila mahhashi nabagibeli ziphawulwa futhi esiprofethweni esifanayo uJesu asinikeza ngesikhathi sethu. Wathi ‘ekupheleni kwale simiso sezinto,’ esiphila kuso manje, kwakuyoba nempi yembulunga yonke, njengoba “isizwe siyakuvukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” Wabikezela “ukwanda kokungabi namthetho” “nobici nendlala izindawo ngezindawo.”—Mathewu 24:3-12; Luka 21:10, 11.
Ingabe Lalikhona Ihhashi Lesihlanu?
IsAmbulo 6:8 sifundeka kanje: “Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese lalandelana naye.” Ngesisekelo salokhu, abanye baye basikisela ukuthi njengoba abantu abane bokuqala okukhulunywe ngabo begibele amahhashi, akunakwenzeka yini ukuthi nowesihlanu ugibele ihhashi?
IBhayibheli alikusho lokho. Embhalweni wesiGreki igama elithi “ihhashi” aliveli kusAmbulo 6:8 ngokuqondene neHayidese. Ngakho-ke, eziningi izinguqulo zeBhayibheli azinalo igama elithi “ihhashi” ngokubhekiselwe kulokhu kwesihlanu. Ngakho kwanele ukuphawula ukuthi iHayidese, ithuna elivamile lesintu, lalilandela amahhashi amathathu nabagibeli obekukhulunywe ngabo, liqoqa zonke izisulu zabo.
Lo Mbono Ukuthinta Kanjani Wena?
Ukuphila esikhathini lapho lo mbono wokugibela kwabagibeli bamahhashi abane besAmbulo ugcwaliseka khona ngokoqobo ngokuqinisekile kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Kodwa futhi kuyisikhathi sokuzimisela okukhulu, okudinga ukuzihlola. Kungani kunjalo? Ngoba bonke abantu abasemhlabeni bayathintwa yilokhu kugibela okungokomfanekiso. Yebo, wena nabathandekayo bakho nihilelekile. Kanjani?
Lo mbuzo uphakamisa isici esibalulekile sendaba eyophendulwa kumagazini olandelayo weNqabayokulinda: “Indlela Ukugibela Kwabo Okukuthinta Ngayo.” Ungaphuthelwa impendulo ethakazelisa kakhulu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, amakhasi 134-41 eyakhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 5]
1914—“iNkosi yamakhosi” igibela ihhashi layo elimhlophe
[Isithombe ekhasini 7]
Kusukela ngo-1914, iHayidese liye lavuna isivuno sonya lapho abagibeli behhashi leMpi, leNdlala, neleziFo beqala ukusebenza