Ukumelela Iqiniso Ezweni Elingamesabi UNkulunkulu
“Izwi lakho liyiqiniso.”—JOHANE 17:17.
1. (a) Iqiniso laba nini futhi kanjani yimpikiswano? (b) Yiliphi iqiniso elihle elisha elashiwo e-Edene?
SEKUYISIKHATHI eside iqiniso liyimpikiswano! Lempikiswano, endala njengomlando wesintu, yaphakanyiswa emuva e-Edene lapho iNyoka endala ingabaza ukuba neqiniso kweNkosi ePhakeme uJehova. Bengaphansi kokulingwa, abazali bethu bokuqala bakhetha ukuzibusa, nokuhamba ngendlela yabo yobugovu. Babengebona abameleli beqiniso abagcina ubuqotho. Kodwa uNkulunkulu lapho wenza amaqiniso amasha amahle kakhulu aziwa, okuthi kwakuzolethwa “inzalo” yoMbuso ukuba iqede imisebenzi kaDeveli.—Genesise 3:1-6, 14, 15.
2. (a) Lahlaselwa kanjani iqiniso ezweni elingaphambi kukaZamcolo? (b) Kungani uNowa nomkhaya wakhe bathola umusa kuJehova?
2 Iqiniso manje lalihlaselwa. UMkhohlisi Omkhulu wasebenzisa ukusekela kwamanye amadodana kaNkulunkulu omoya ayizihlubuki, ukuze asithibeze iqiniso. Isizukulwane esonakele sangaphambi kukaZamcolo sagxila kakhulu ‘ekuzenzeleni esikuthandayo’ saze sehluleka ukuqaphela isixwayiso sikaNkulunkulu esasikhishwa uNowa. Sabhubha. Kodwa uNowa nomkhaya wakhe basinda ngenxa yobuqotho babo obungenaphutha. Njengoba labameleli beqiniso bephuma emkhunjini wokusinda, umcabango wabo wokuqala waba ukunikela imihlatshelo yokubonga—“iphunga elimnandi” kuJehova.—Genesise 6:4-12; 8:18-21; Luka 17:26, 27; 2 Petru 2:5.
Lokho Okonakalisa Iqiniso
3. Liyini iBabiloni Elikhulu, futhi laqala kanjani?
3 Nokho, leyoNyoka endala, uDeveli, waqhubeka nemizamo yakhe yokungcolisa imithombo yeqiniso. Ngokungangabazeki, ukuqondisa kukaSathane okwenza kwakhiwa iBabiloni lasendulo. ‘Izimfihlakalo zeBabiloni’ zaba isisekelo sombuso wezwe wenkolo yamanga, ochazwe kusAmbulo 17:5 ngokuthi “iBabiloni Elikhulu, unina wezifebe nowamanyala omhlaba.” Izigaba zalo eziningi, nezimfundiso eziphikisanayo zamahlelo alo, zisekhona nanamuhla njengenqolobane enkulu yephutha elingokwenkolo.—Genesise 10:8-10; Jeremiya 51:6.
4. UJesu walimelela kanjani iqiniso, futhi kwaba namuphi umphumela?
4 Lapho uJesu Kristu esemhlabeni walimelela ngesibindi iqiniso. Ekhuluma nabazenzisi benkolo bosuku lwakhe, wathi: “Nina ningabakayihlo uSathane, . . . akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye.” Ngaphezu kwalokho, uJesu, “inzalo” yesithembiso eyabikezelwa, wagcizelela ukubaluleka kweqiniso lapho etshela uPontiyu Pilatu: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” UJesu wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu ngenxa yokumelela iqiniso—iqiniso loMbuso.—Johane 8:44; 18:37; Genesise 3:2-5.
5, 6. (a) USathane waqhubeka kanjani nokulwa neqiniso? (b) Kwaphumela kukuphi ukonakaliswa, futhi imaphi amanga avela kusukela ngalesosikhathi? (c) Kungani kumelwe sifune ukuba abameleli beqiniso abashisekayo?
5 Amanga angamathe nolimi nokungabi-namthetho. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi ekulweni okuqhubekayo kukaSathane ngokumelene neqiniso, wavusa isigaba sabefundisi abayizihlubuki, esichazwe kweyesi-2 Thesalonika 2:3 ngokuthi “umuntu ongenamthetho.” Ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu Kristu, lezihlubuki ezingenamthetho zaziphakamisa ngaphezu kwebandla futhi zonakalisa imfundiso emsulwa yobuKristu ngokuyixubanisa ‘nezimfihlakalo’ zaseBabiloni nefilosofi yamaGreki, ikakhulu imfundiso kaPlato yokuthi umphefumulo womuntu awufi.
6 Lamanga aye aba isisekelo samanye amanga, njengokuthi ‘bonke abantu abalungileyo baya ezulwini,’ ‘abaphakathi nendawo baya esihlanzweni,’ nokuthi ‘ababi bashiswa phakade esihogweni sokuhlushwa.’ Njengoba kunemfundiso eningi kangaka eyiphutha enkolweni yobuBabiloni, yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uJesu wethembisa: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula!” Kumelwe sifune ukuba abameleli abashisekayo beqiniso elinikeza inkululeko.—Johane 8:31, 32.
Ukuqala Amanga Aluhlaza
7. (a) Uyini umgomo kaSathane, futhi uzama kanjani ukuwufinyelela? (b) Iyiphi imfundiso engamanga eyaba ngevelele ekhulwini le-19 leminyaka?
7 Nokho, uDeveli uzama ngazo zonke izindlela ukuphikisa iqiniso. Uthukutheliswa ukuthi bonke abantu kumelwe bakholelwe eZwini leqiniso likaNkulunkulu, iBhayibheli eliNgcwele. Umgomo wakhe uwukuba ‘aphuphuthekise izingqondo zabangakholwa, ukuze bangazazi izindaba ezinhle ezikhazimulayo ngoKristu.’ UDeveli akahlosile ukuhlanekezela iqiniso kuphela ngokuba enze “umuntu engenamthetho” weLobukholwa azame ukufaka izimfundiso ezingokwenkolo ezingamanga eBhayibhelini kodwa futhi nangokuzisholo ukuthi iBhayibheli lisekelwe endabeni eqanjiwe nasenganekwaneni. Ngakho, ngekhulu le-19 leminyaka, leyoNyoka endala yaqala enye imfundiso engamanga nekhohlisayo. Iye yabizwa ngokuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo.—2 Korinte 4:4.
8. Ithini imfundiso kaDarwin?
8 Ngo-1859, njengoba “isikhathi sokuphela” esingokweBhayibheli sasisondela, uCharles Darwin wakhipha incwadi yakhe ethi On the Origin of Species by Means of Natural Selection, or the Preservation of Favoured Races in the Struggle for Life. (Daniyeli 12:4) UDarwin waveza imfundiso yokuthi izinto eziphilayo azizange zidalwe, kunalokho, zazivelela ezinhlotsheni zokuphila zangaphambili ‘ngokuzikhethela okungokwemvelo ngomphumela wokulwela ukuphila.’ Ekugcineni, umuntu wazivelela ohlotsheni oluthile lwenkawu. UDarwin wathi kwakuyindaba ‘yokuphumelela kwabanamandla.’
9. (a) Imaphi amaqiniso eBhayibheli, njengoba afundiswa uJesu, ayengaba yize ukuba ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso? (b) “Ukuphumelela kwabanamandla” okunemibandela kuye kwakuletha kanjani ukulimala okukhulu esintwini?
9 Lemfundiso ifana nokuphika ngokusobala indaba yeBhayibheli yendalo nokuwela komuntu esonweni. Ingenza umhlatshelo wesihlengo kaJesu nezimfundiso zeBhayibheli ngoMbuso, uvuko, ukuphila okuphakade, nomhlaba oyipharadesi kube yize. Ngaphezu kwalokho, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo, uma iyiqiniso, ibiyokhulula isintu kunoma imuphi umthwalo wemfanelo wokuba qotho kuMdali.a Ngokufundisa ‘ngokuphumelela kwabanamandla,’ lemfundiso ngokungangabazeki yavumela ukuba ubuMarxism, ubuNazi, nezinye izimfundiso zigxile.b Abameleli bokuziphendukela kwemvelo kumelwe bathwale umthwalo wemfanelo onzima ngokuningi ukungabi namthetho nokuhlupheka okusemhlabeni namuhla.—IHubo 14:1-4.
Abameleli Bamanga
10. Ngokuqondene noDarwin, abefundisi bazibonakalisa ngaziphi izindlela bangabameleli bamanga?
10 Ingabe abefundisi besikhathi sikaDarwin bayiphikisa imfundiso yakhe yokwedelela uNkulunkulu? Ngokumangalisayo, uprofesa waseYunivesithi yaseCambridge uyabhala: “Ekuqaleni ukuphikiswa okukhulu kwemfundiso kaDarwin kwakuvela kososayensi ngesisekelo sobufakazi, hhayi kubefundisi ngesisekelo sombhalo.” Omunye udokotela ofunde kakhulu wanezela: “Ngaphandle kwezimbalwa, izazi eziholayo zobuKristu eGreat Britain naseMelika zavumelana ngokushesha nemfundiso kaDarwin nokuziphendukela kwemvelo.” Ngo-1882, uDarwin waze wangcwatshwa ngisho naphakathi kwamakhosi eSigodlweni Sezindela saseWestminster, ngelungiselelo elikhethekile nompristi waseSheshi walesosigodlo!—Qhathanisa nezEnzo 20:30; 2 Thimothewu 4:3.
11. Yini eye yashiwo abefundisi ngemfundiso kaDarwin ephika uNkulunkulu?
11 Abefundisi beLobukholwa abaningi manje sebeyamukela ‘njengeqiniso levangeli’ imfundiso kaDarwin ephika uNkulunkulu. UMbhishobhi Omkhulu waseYork, osesikhundleni esilandela esiphakeme eSontweni laseNgilandi, ubheka imfundiso yokuziphendukela kwemvelo kwezinto eziphilayo njengenezisekelo ezinhle kangangokuthi “iwukuphela kwesisekelo esamukelekayo sesayensi yemvelo yanamuhla.” Muva nje, emhlanganweni weVatican, izazi eziyi-12 ezazimelela indikimba ephakeme engokwesayensi yeSonto lamaKatolika zathi: “Siyaqiniseka ngokuthi ubufakazi obuningi buveza ukusebenza komqondo wokuziphendukela kwemvelo kumuntu nasezilwaneni ezihlobene naye ngokungenakuphikiswa.” Futhi kulokhu iNew Catholic Encyclopedia iyanezela: “Ukuziphendukela kwemvelo kukonke, ngisho nokomzimba womuntu, kubonakala kunokwenzeka ngempela ukuthi kuyindaba engokwesayensi yokuqala kwezinto.” Kodwa ingabe kungokwesayensi ngempela? Ingabe ubufakazi obuthembekile obungokwesayensi buyakusekela ukuziphendukela kwemvelo? Khona kanye ukuphila kwakho kuxhomeke ekutholeni iqiniso lalendaba.—Johane 14:6; 16:13; 17:17.
12. Kungani kumelwe sithi imfundiso yendalo yokuzisholo ayikho ngokombhalo futhi ayikholeki?
12 Ezikhathini zamuva, ezinye izinkolo ezichaza iBhayibheli njengoba linjalo ziye zayibeka phambili imfundiso yendalo yokuzisholo (creationism) njengeyimpendulo ekuziphendukeleni kwemvelo. Kodwa ngokwenza kanjalo, zisho okuthile okungekhona okungokombhalo futhi okungakholeki. Lokho kuwukuthi amazulu, umhlaba, nakho konke okusemhlabeni kwadalwa uNkulunkulu ngezinsuku eziyi-6 zamahora angama-24—yebo, emahoreni angokoqobo ayi-144 kuphela! Lemfundiso iye yenza abaningi balihleka usulu iBhayibheli. Kodwa ingabe “usuku” eBhayibhelini ngaso sonke isikhathi lungamahora angama-24 ubude? UGenesise 2:4, NW ukhuluma “ngosuku uJehova uNkulunkulu enza ngalo umhlaba nezulu.” Lolusuku olulodwa luhlanganisa zonke ‘izinsuku’ zokudala eziyisithupha zikaGenesise isahluko 1. Ngokomqondo weBhayibheli, “usuku” lumane luyinkathi yesikhathi enqunyiwe. “Usuku” ngokukaJehova lungaba iminyaka eyinkulungwane noma izinkulungwane eziningana zeminyaka—njengoba kwaba njalo ‘ngezinsuku’ zokudala. Ngakho-ke, kulokhu indaba yeBhayibheli inengqondo futhi iyavumelana nesayensi eyiqiniso.—2 Petru 3:8.
Isiqalo Sokuphila
13. (a) Abameleli bokuziphendukela kwemvelo basichaza kanjani isiqalo sokuphila? (b) Kungani kuyinhlekisa ukuthi ingqamuzana ephilayo yazidala ngokwayo ngengozi?
13 Abameleli bokuziphendukela kwemvelo basichaza kanjani isiqalo soqobo sokuphila? Bathi eminyakeni ethile eyizigidigidi edlule ulwandle oluzungeze umhlaba kungenzeka lwaba “ubishi oluphilayo,” nakuba lwalungaphili. Khona-ke, bayachaza, ‘imolecule emangalisa ngokukhethekile yabumbeka ngengozi eyinqaba.’ Ngokuyisimangaliso, yazikhiqiza ngokwayo ukuze yakhe amanye amamolecule lawo ahlangana ukuze akhe ingqamuzana ephilayo. Ingabe kukhona okuzwakala kungakholeki? Umlobi owanikeza lencazelo wathi esandulelweni sencwadi yakhe: “Lencwadi kumelwe ifundwe njengokungathi iyinganekwane yesayensi.” Yebo, inganekwane, kodwa akuyona isayensi! INational Geographic yathi iziyalezo ezihleliwe (DNA) engqamuzaneni eyodwa encane “uma zichazwa, zingagcwalisa izincwadi eziyinkulungwane ezinamakhasi angama-600.” Yeka ukuthi kuyinhlekisa kanjani ukuthi ingqamuzana ephilayo yazidala ngokwayo ngengozi obishini oluthile lwasendulo!
14. Njengabameleli beqiniso, iyiphi imfundiso yeBhayibheli eyisisekelo okumelwe siyisekele?
14 Okunengqondo kakhulu nokuqondakalayo incazelo enikezwa umlobi weBhayibheli uDavide, owaloba kumaHubo 36, amavesi 5 no-9: “Jehova, . . . ukuwe umthombo wokuphila.” Njengabameleli beqiniso, kumelwe sisekele leyomfundiso yeBhayibheli eyisisekelo.—Bheka futhi amaHubo 100:3; Isaya 42:5, 8.
Ukuziphendukela Kwemvelo Okuqhubekayo—Noma Ukudalwa Ngokuqondile?
15. (a) Ukuba ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso, umlando wemivubukulo ubuyokusekela kanjani? (b) Umlando ubonisani, usekela kuphi ukuvuma kukaDarwin?
15 Nokho, akunakwenzeka yini ukuthi, uma izinhlobo ezingafani zezinto eziphilayo zinikezwe amandla okuphila zazingaguquka ngokuthuthukayo zibe ezinye izinhlobo? Nokho, uma lokho kwakwenzekile, umlando wemivubukulo wezinto zasendulo ubuyokubonisa lokhu. Kodwa ingabe uyakubonisa? Cabanga ngomkhakha ongaphansi komhlaba okuthiwa iCambrian. Lapha amathambo amaqembu amakhulu ezilwane ezingenamigogodla abonakala okokuqala endawonye “ekuqhumeni” okumangalisayo kwezinto eziphilayo. Uma lamaqembu ahlukene kangaka aqhuma wonke aphila ngesikhathi esisodwa, kwakungenzeka kanjani ukuba avele kwamanye? UDarwin ngokwakhe wavuma ngokusobala: “Ukuba izinhlobo eziningana . . . ngempela zaqala ukuphila ngesikhathi esisodwa, leliqiniso belingayibulala imfundiso yokuziphendukela kwemvelo.” Ngempela liyayibulala!—1 Korinte 3:19, 20.
16. (a) Ngokuqondene nokubonakala kwezinto eziphilayo, umlando wemivubukulo ubonisa kanjani ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kungamanga? (b) Iqiniso elimsulwa libekwe kanjani kuGenesise 1:25?
16 Umlando wemivubukulo wembula ukuthi ukuphila okuhlukile nokuyinkimbinkimbi kakhulu kwavela ngokushesha futhi kwakhula ngokugcwele. Njengoba omunye uprofesa wesayensi yemvelo asho: “Imikhomo, amalulwane, amahhashi, izilwane ezinkulu ezincelisayo, izindlovu, onogwaja, izingwejeje, njll., zonke azifani ekubonakaleni kwazo kokuqala njengoba namanje zingafani. Asikho isici sikakhokho oyedwa, kungasakhulunywa ngokuhlobana nanoma isiphi isilwane esihuquzelayo, okucatshangelwa ukuthi siwukhokho.” Ingabe ikhona eminye imivubukulo yezindlulamithi ezinezintamo eziyizingxenye ezimbili kwezintathu noma ezintathu kwezine kunobude obuvamile? Cha, ayikho. Iqiniso lendaba linjengoba libekwe kuGenesise 1:25: “UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” Yebo, kuhle ngempela!
17. Ibuphi ubuhle obuhlukahlukene nomklamo obubonakala phakathi kwezinto eziphilayo, futhi lokhu kungavela kubani kuphela?
17 Cabanga futhi ngokwehlukahlukana okujabulisayo okubonakala ezintweni eziphilayo lapha emhlabeni! Ingabe imbali, uvemvane, ihummingbird, ipikoko, nezinye izinto eziphilayo eziyizinkulungwane zithola ubuhle bazo obungafani ngengozi, ekulweleni ukuphumelela kwabanamandla? Noma ingabe ziwumklamo wobuciko kaNkulunkulu onothando efuna isintu sithole injabulo emisebenzini yakhe? Uma sibheka ubuhle obukhulu obutholakala kuwo wonke lomhlaba omangalisayo, ngokuqinisekile kumelwe sithi: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”—IHubo 104:24.
18. Kungani ubungathi iplatypus yayingaklanywa uNkulunkulu kuphela?
18 Ngaso sonke isikhathi umklamo udinga umklami ohlakaniphile. Futhi kunomklamo omangalisayo ezintweni eziphilayo. Cabanga ngeplatypus, ehlala eAustralia. Ilingana nonogwaja; inoboya obufana nobomthini, umlomo ufana nowedada, inemizwezwe enjengeyeqhude, nezidladla ezihlangene nezinzipho. Izalela amaqanda njengesilwane esihuquzelayo futhi incelisa abantwana bayo njengesilwane esincelisayo. Iphila emhlabathini noma emanzini. Yavela kuphi iplatypus? Ngenxa yokuthi iphuma ebusuku kuphela, iplatypus ingase ibizwe ngokuthi iphupho lesazi sokuziphendukela kwemvelo. Isazi semvelo saseyunivesithi yaseHarvard siyichaza ngokuthi “isidalwa esiklanywe kahle kakhulu saklanyelwa indlela yokuphila ekhethekile, futhi engajwayelekile.” Ubani owaba uMklami omuhle kakhulu? Kungaba kuphela uNkulunkulu othi: “Zingezami zonke izilwane zehlathi.”—IHubo 50:10.
19. (a) Isiphi isenzo esimangalisayo iwarbler encane engasenza? (b) Ikwazi kanjani ukwenza lokhu?
19 Ngaphezu kwalokho, kuthiwani ngomzwelo wemvelo ofakwe ezintweni eziningi kangaka eziphilayo? Ngokwesibonelo, kunenyoni encane, iblackpoll warbler, enesisindo esingamagremu angama-21 kuphela. Iyakwazi ukukhetha isimo sezulu esifanele ekwindla ukuze indize isuka eAlaska iye eNew England. Lapho ikhuluphaliswa ukudla okuhle futhi ilindele umoya obandayo. Khona-ke iyandiza, indize ngokuphakama okungamamitha ayizi-6 100 nangaphezulu ukuze ithole umoya onamandla obheke eAfrika, kuze kube yilapho iwarbler itholwa umoya omkhulu oyindizisela ezansi lapho ihlala khona eNingizimu Melika. Umzwelo wemvelo wewarbler uhlelwe ebuchosheni obulingana nophizi. Ingabe isazi sokuziphendukela kwemvelo singachaza ukuthi umzwelo onjalo wemvelo wavela kanjani? Ngeke. Kodwa iBhayibheli liyaveza ukuthi uJehova ‘unguMenzi wezulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho,’ kuhlanganise nalezozidalwa ‘ezihlakaniphe kakhulu.’—IHubo 146:5, 6; IzAga 30:24-28.
Ingabe Uyabonga?
20. (a) Yini engaba yincazelo yezimangaliso ezisizungezile? (b) Umusa wothando woMdali wethu ubonakaliswa kanjani kithi? (c) Njengabameleli beqiniso, kumelwe sisabele kanjani?
20 Nanti iqiniso lendaba: Kunokuningi okuhle, okuwusizo, nokwesabekayo emazulwini nasemhlabeni osizungezile kangangokuthi okuwukuphela kwencazelo kungaba ukudala koMklami onothando, onamandla onke! Ngaphansi kwezimo ezivamile, yeka indlela imizwa yethu esiyiphiwe uNkulunkulu evumelana ngayo nendawo yethu yemvelo esizungezile ukuze ukuphila kujabulise! Ukushona kwelanga okukhazimulayo esikubonayo, izimbali ezinephunga elimnandi esilihogelayo, izithelo ezimnandi esizinambithayo, umoya oqabulayo esiwuzwayo, umculo wehlathi esiwuzwayo—yeka indlela lokhu okubonisa ngayo umusa wothando woMdali wethu noNkulunkulu! (IHubo 136:1-6, 25, 26) Yeka indlela okumelwe sifune ngayo ngobuqotho ukubonakalisa ukubonga kwethu ngokumelela iqiniso kulelizwe elingamesabi uNkulunkulu! Ngempela, ‘izwi likaNkulunkulu liyiqiniso’!
[Imibhalo yaphansi]
a Qhathanisa iqiniso leBhayibheli njengoba lafundiswa uJesu Kristu kusAmbulo 4:11; Mathewu 19:4; Luka 24:46, 47; Mathewu 20:28; 6:10; Johane 5:28, 29; 17:3; Luka 23:43.
b UKarl Marx wathi: “Incwadi kaDarwin ibaluleke kakhulu futhi inginikeza isisekelo sokulwela ukuphila kwamaqembu emlandwini.”
Ekumeleleni Iqiniso, Ubungaphendula Kanjani?
◻ Iqiniso laba kanjani yimpikiswano?
◻ Iqiniso leBhayibheli lilembula kanjani iphutha leBabiloni?
◻ Iyiphi okuwukuphela kwendlela isiqalo nezinhlobo ezihlukahlukene zokuphila okungachazwa ngayo?
◻ Umklamo ezintweni eziphilayo usitshelani?
◻ Singambonga kanjani uMdali wethu?
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wabatshela ngokucacile abaphikisi beqiniso, “Nina ningabakayihlo uSathane”
[Isithombe ekhasini 12]
UCharles Darwin—ummeleli wemfundiso yabantu-nkawu
[Isithombe ekhasini 13]
ISonto laseNgilandi langcwaba uDarwin eSigodlweni Sezindela saseWestminster
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
U.S Fish & Wildlife Service