Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Uzwela Ngonochoko
NJENGOBA uJesu nabafundi bakhe abane bevakashela imizi yaseGalile, izindaba ngezinto ezimangalisayo azenzayo zigcwala kuso sonke isigodi. Izindaba ngezenzo zakhe zifinyelela komunye umuzi okukhona kuwo umuntu onochoko. Udokotela uLuka umchaza ‘njengogcwele uchoko.’ Lesisifo esesabekayo, uma sesigxilile, sonakalisa kancane kancane izingxenye ezihlukahlukene zomzimba. Ngakho lona onochoko lisesimweni esidabukisayo.
Lapho uJesu efika emzini, onochoko uza kuye. Ngokomthetho kaNkulunkulu, onochoko kumelwe amemeze exwayisa, “Ngingcolile, ngingcolile!” ukuze avikele abanye ekusondeleni kakhulu eduze kwakhe bese beba sengozini yokungenwa uchoko. Onochoko manje uwa ngobuso bakhe futhi uncenga uJesu: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
Yeka ukholo leyondoda enalo kuJesu! Nokho, yeka ukuthi isifo sayo kumelwe ukuba siyenza ibonakale idabukisa kangakanani! Yini uJesu azoyenza? Yini wena owawungayenza? Eshukunyiswa uzwela, uJesu welula isandla sakhe bese ethinta lendoda, ethi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Futhi ngokushesha uchoko luyanyamalala kuyo.
Ubungathanda yini ukuba umuntu onozwela njengalona abe yinkosi yakho? Indlela uJesu amphatha ngayo lona onochoko inikeza ithemba lokuthi phakathi nokubusa koMbuso wakhe lesiprofetho seBhayibheli siyogcwaliseka: “Iyakuhawukela odangeleyo nompofu.” Yebo, ngalesosikhathi uJesu uyogcwalisa isifiso senhliziyo yakhe sokusiza bonke abahluphekayo.
Ngisho nangaphambi kokuphulukisa lona onochoko, inkonzo kaJesu imbangela injabulo enkulu kubantu. Ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaIsaya, uJesu manje utshela indoda ephulukisiwe: “Bheka, ungasho-lutho kumuntu.” Khona-ke uyamyala: “Hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho owayalelwa nguMose, kube-ngubufakazi kubo.”
Kodwa lendoda ijabule kangangokuthi ayinakuthula nalesisimangaliso. Iyaphuma bese iqala ukusakaza izindaba yonke indawo, ngokusobala ibangela isithakazelo nokufuna ukwazi kubantu kangangokuthi uJesu akasenakungena emzini obala. Ngalokho uJesu uhlala ezindaweni eziyihlane lapho kungekho muntu ohlala khona, futhi abantu abavela kuzo zonke izindawo beza lapho ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifweni zabo. Luka 5:12-16; Marku 1:40-45; Mathewu 8:2-4: Levitikusi 13:45; 14:10-13; IHubo 72:13; Isaya 42:1, 2.
◆ Yimuphi umphumela uchoko olungaba nawo, futhi isiphi isixwayiso onochoko okwakumelwe asinikeze?
◆ Onochoko wamncenga kanjani uJesu, futhi yini esingayifunda ekusabeleni kukaJesu?
◆ Indoda ephulukisiwe yehluleka kanjani ukulalela uJesu, futhi yaba yini imiphumela?