Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Emfanekisweni kaJesu wendoda ecebile eyayingacebile ngakuNkulunkulu, babengobani labo ababiza umphefumulo walendoda?
UJesu wayengabhekiseli kunoma iliphi iqembu labantu noma izingelosi. KuLuka 12:20 wasebenzisa igama elithi “uzakubizwa” ngendlela ejwayelekile ukuze nje abonise okwakuyokwenzeka kulendoda.
Lomfanekiso utholakala kuLuka 12:16-21. Indoda ecebile ekuwo yayingeneliswa izinto ezibonakalayo eyayinazo. Yaqhubeka igxile ebhizinisini layo ukuze yandise umcebo wayo. UJesu waphetha: “Kepha uNkulunkulu wathi [endodeni ecebile]: Wena-siwula, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba-ngezikabani na? Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”
Ezinye izinguqulo zisebenzisa impambosi yokwenziwa, njengokuthi: “Ngabo lobubusuku umphefumulo wakho uyafunwa kuwe.” (New American Standard Bible) “Ngabo lobubusuku kuzobizwa umphefumulo wakho.” (The Jerusalem Bible) “Ngabo lobubusuku ukuphila kwakho kuyabizwa.” (The Twentieth Century New Testament) “Ngalobubusuku umphefumulo wakho uzobizwa.” (Byington) Nokho, isiHeberu (uJesu ayekhuluma ngaso) nesiGreki (uLuka abhala ngaso) zisebenzisa isabizwana somuntu wesithathu. Umbhalo wesiGreki kaLuka 12:20 ngokoqobo uthi “Ngalobubusuku umphefumulo wakho bayawucela kuwe.” Isenzo sisebuningini bomuntu wesithathu. Ngakho-ke, kunokuba ngokungadingekile sishintshelwe empambosini yokwenziwa (njengasezibonelweni ezingenhla), iNew World Translation nezinye isebenzisa amazwi anjengathi “bayawubiza.”
Nokho, senza kahle ngokungavumeli ubuciko bokuhlelwa kwamagama ukuba bufiphaze isixwayiso esikhanyayo sikaJesu ngokuqondene nokuthanda izinto ezibonakalayo. Wayengachazi indlela lendoda eyofa ngayo. Iphuzu laliwukuthi ngandlela-thile lendoda yayizolahlekelwa umphefumulo wayo noma ukuphila kwayo ngalobobusuku. Kodwa yayimi kanjani noNkulunkulu? Noma ubani kithi angase agxile ekuthuthukiseni isimo sakhe sezinto ezibonakalayo futhi ngokufanayo alahlekelwe ukuba ngocebile kuNkulunkulu. Ezamabhizinisi zikhuthaza umoya ‘wokuba nokwengeziwe.’ Ngisho nabantu abanezinkampane ezenza inzuzo eyanele ezimpahleni ezithengiswayo abathola ngazo izigidi zamarandi, opondo, njalonjalo, bangase balingelwe ukuba bafune okwengeziwe—izisebenzi ezengeziwe, izimpahla ezithengiswayo ezengeziwe, izinzuzo ezengeziwe, izinto zokunethezeka ezengeziwe, imali eningi ebhange. Umbuzo kaJesu namuhla usenamandla njengoba wawunjalo ngesikhathi ewuphakamisa okokuqala: “Pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba-ngezikabani na?”—Luka 12:20.