Isiyalo Sithela Isithelo Sokuthula
“Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswé yikho.”—HEBERU 12:11.
1. (a) IZwi likaJehova lithini ngekhono lomuntu lokuqondisa inkambo yakhe yokuphila, nokho umuntu uthini? (b) Ubani oye wabonakala eneqiniso, futhi ubani onamanga?
IZWI likaJehova lithi “akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Umuntu uthi kukuye ukwenza kanjalo, futhi kusukela ekuqaleni kokuhlubuka e-Edene, uye wenza kanjalo. Kusukela ngalesosikhathi kuze kube manje, kubantu abaningi kuye kwaba njengoba kwakunjalo ezinsukwini zabaHluleli kwaIsrayeli: “Yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.” (AbAhluleli 21:25) Kodwa amazwi kaJehova kuzAga 14:12 aye abonakala eyiqiniso: “Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.” Eminyakeni eyizi-6 000, abantu baye bathatha indlela ebonakale ilungile kubo, futhi sonke lesosikhathi iye yaholela empini, endlaleni, ekuguleni, ebugebengwini, nasekufeni. Umlando uye wabonakalisa amazwi kaJehova eyiqiniso futhi izindlela zomuntu zingamanga.
2. Yikuphi ukuma izazi zokusebenza kwengqondo yabantwana ezikuthathayo ngokushaya, kodwa isiphi isithelo ukuyekelela kwazo okuye kwasiveza?
2 Abantu abangaphelele badinga isiyalo. Basidinga kusukela ebuntwaneni kuye phambili. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.” (IzAga 13:24) Izazi zengqondo yabantwana eziningi ziyakuphikisa lokhu kuhlakanipha kwaphezulu. Eminyakeni eminingi edlule esinye sabuza: “Ingabe nina bomama niyaqaphela ukuthi isikhathi ngasinye ushaya umntanakho ubonisa ukuthi uyamzonda umntanakho?” Kodwa ukuyekelela kwabo kuye kwakhiqiza ubhadane lobuhlongandlebe bentsha kangangokuthi umahluleli wenkantolo yaseBrooklyn wenza lokhu kukhulumela okubuhlungu: “Ngicabanga ukuthi sidinga ishede lokujezisa intsha ethile. Kodwa lokho sekubhekwa njengokuyisidala manje. Manje sitshelwa ukuthi akumelwe uyishaye ingane, kungenzeka ukuthi uthuntubeza injula-buchopho.” Kodwa ukuyekelela kwabo akukhiqizanga sivuno sezinjula-buchopho—kuphela igagasi elingenamthetho lentsha eyizigebengu.
3. Ngokusekelwe emazwini ezazi eziningana, isiphi isimo esibonakalayo?
3 Manje kukhona izinguquko ezenzekayo. UBurton L. White, isazi sezokukhula kwabantwana, uthi ukuba kwakho nomthetho oqinile ngeke kubangele umntwana wakho “akuthande kancane kunokuba ubuyekelela. . . . Ngisho noma ububashaya njalo uyothola ukuthi balokhu bebuya beza kuwe.” Ugcizelela isidingo somntwana esisemqoka “sothando” oluchichimayo “olungakhethi.” UDr. Joyce Brothers wabika ngokuhlolwa kwamakhulu abantwana abaqeqeshwe ngokuqinile abasebangeni lesihlanu nelesithupha abakholelwa ukuthi imithetho eqinile “yayiwukubonakaliswa kothando lobuzali.” IJournal of Lifetime Living yathi: “Izazi zokusebenza kwengqondo yabantwana, lapho ziphikisana ngokondla okuhleliwe kuqhathaniswa nokondla okuya ngesidingo, ukushaya kuqhathaniswa nokungashayi, ziye zathola ukuthi akukho phakathi kwakho okwenza umahluko otheni kuphela nje uma umntwana ethandwa.” Ngisho noDr. Benjamin Spock, umlobi weBaby and Child Care, wavuma ingxenye yecala lokuntuleka kokuqina komthetho wobuzali nobuhlongandlebe obungumphumela. Wathi icala elezazi, “izazi zezifo zengqondo, izazi zokusebenza kwengqondo, othisha, izisebenzi zezenhlala-kahle nezazi zempilo yabantwana njengami.”
Induku Yokuyala
4. Induku yokuyala iwuphawu lwani, futhi yini eboniswa ukusetshenziswa kwayo okufanele ngokuphambene nokuyekelela?
4 “Induku” njengoba isetshenziswe ngenhla ayisho ukushaya kuphela; imelela indlela yokuqondisa, engaba yinoma isiphi isimo. IThe New International Version ithi ngalelivesi: “induku. Ngokunokwenzeka isifenqo esiyisifanekiso sokuyala kwanoma yiluphi uhlobo.” Induku iwuphawu lomthetho noma igunya—kulendaba igunya lobuzali. Umzali kamuva akatholi kubongwa ngokuyekelela nokutotosa kwakhe: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe [noma umntwana] kusukela ebusheni iyoba engabongiyo lapho isikhulile.” (IzAga 29:21, NW) Ukuyeka igunya lobuzali ngokuba oyekelelayo kuletha ihlazo futhi akubonisi uthando kodwa ukunganaki; ukusebenzisa induku yokuyala ngomusa kodwa ngokuqinile kubonisa ukukhathalela kothando. “Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.”—IzAga 29:15.
5. (a) Okunye ukukhulumela kuthini ngezAga 13:24, futhi yimuphi omunye umbhalo weBhayibheli okuvumelana nawo? (b) Obani labo uJesu noJehova ababayalayo?
5 Ibhekisela kuzAga 13:24, iKeil-Delitzsch Commentary on the Old Testament iyachaza: “Ubaba oyifisela ngempela okuhle indodana yakhe ngezinye izikhathi uyigcina ingaphansi kokuyala okuqinile, ukuyinikeza isiqondiso isenokuthonyeka ngendlela efanele, nokungavumeli maphutha ukuba agxile kuyo; kodwa lowo ototosa umntanakhe esikhundleni sokuba abe nomthetho oqinile, wenza njengokungathi umfisela ukonakala.” INew Translation of the Bible kaMoffatt kuzAga 19:18 iyavuma: “Yala indodana yakho lisekhona ithemba ngayo, futhi ungayivumeli igijimele ekonakaleni.” Isiyalo esinomusa kodwa esiqinile kusukela ebuntwaneni sibonisa uthando lobuzali. UJesu wathi: “Bonke engibathandayo ngiyabasola ngibalaye.” UJehova ‘uyamyala amthandayo.’—IsAmbulo 3:19; Heberu 12:6.
6. Ukuyala kuvame ukuba ngayiphi indlela, futhi iziphi izibonelo ezisekela impendulo yakho?
6 Ngezinye izikhathi ukuyala kungahilela ukushaya, kodwa ngokuvamile akunjalo. IzAga 8:33 (NW) azisho ukuthi “yizwa ukuyalwa” kodwa zithi “lalela ukuyalwa, uhlakaniphe.” Ezikhathini eziningi ukuyala kwenziwa ngokukhuluma, hhayi ngokushaya: “Ukusola ngokuyala kuyindlela yokuphila.” “Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde ngokuba kungukuphila kwakho.” (IzAga 4:13; 6:23) Lapho inceku kaJehova uJobe, idinga ukuyalwa, kwenziwa ngamagama okusola, okokuqala nguElihu kamuva nguJehova ngokwakhe. (Jobe, izahluko 32-41) UJobe wakwamukela ukusolwa futhi wathi kuJehova: “Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”—Jobe 42:6.
7. Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuyala,” kumelwe kwenziwe kanjani futhi kufezani?
7 Igama elithi pai·deiʹa igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuyala.” Ezimweni zalo ezihlukahlukene lisho ukuqeqesha, ukufundisa, ‘ukuyala ngomoya omnene.’ (2 Thimothewu 2:25) Lihlobene ikakhulukazi nokuqeqeshela ukuziphatha kunokuthola ulwazi. Lokhu kuyala kumelwe kube “ngakho konke ukubekezela nokufundisa.” (2 Thimothewu 4:2) Kufanekiselwe kahle kakhulu lapho kuyalwa obaba: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ngomusa kodwa ngokuqinile, lokhu kuyala kumelwe kuqondise intsha ezindleleni zikaJehova zokucabanga.
Umthombo Wesiyalo
8. Singaziyala sithathisela kumuphi umthombo futhi ngaziphi izindlela?
8 Izimiso ezihilelekile ekulayeni abantwana zisebenza nakubantu abadala. IBhayibheli liwumthombo wokwaziswa ngalokho okumelwe sibe yikho nalokho okungamelwe sibe yikho. Njengoba silifunda, singazivivinya futhi silungise lapho kudingeka khona. (2 Korinte 13:5) Njengoba sicabanga ngemithetho kaJehova, imizwa yecala ingakheka kithi, isisize sibone isidingo soshintsho. Kwenzeka lokhu kumhubi: “Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami [“imizwa yami ejulile,”] ziyangiyala.” (IHubo 16:7) Singaziyala ngokwethu njengoba kwenza uPawulu: “Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.”—1 Korinte 9:27.
9. Iziphi ezinye izindlela ezikhona zokuyala okusizayo?
9 Isiyalo singase sivele komunye umuntu. Kungaba indlela abheka ngayo, ukubuyisa izinhlonze, izwi, isenzo, ukusola ngamazwi. UJesu wabheka uPetru ngendlela eyamkhumbuza isibikezelo sesono sakhe esibi, futhi waphuma wakhala kamunyu. (Luka 22:61, 62) Ngesinye isikhathi kwaba amazwi amane okusola amthobisa uPetru: “Buyela emva kwami, Sathane.” (Mathewu 16:23) Ukufunda izincwadi zeWatch Tower, ukuba khona emihlanganweni, ukukhuluma nabanye, ukubekezelela okuhlangenwe nakho okunzima—konke lokho kungavula amehlo ethu sibone lapho sidinga ukwenza khona ushintsho. Nokho, umthombo obaluleke kunayo yonke nesiqondiso ekuyaleni yiZwi likaNkulunkulu ngokwalo.—IHubo 119:105.
10. Zinakuphi ukubaluleka izaga zikaSolomoni zokuyala, kodwa iyiphi inkambo abanye abaphikelela ukuyilandela?
10 Izaga zikaSolomoni zaqanjelwa abantu babo bonke ubudala, ukuba ‘bazi ukuhlakanipha nokuyalwa nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukuyalwa kube-ngukuhlakanipha nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nensizwa ukwazi namasu.” Kodwa mhlawumbe umuntu ‘akanakusolwa ngamazwi, ngoba noma eqonda akalaleli.’ (IzAga 1:2-4; 29:19) Abanye abangenalwazi baphikelela ekufuneni ukufunda ngokuzibonela, njengoba kwenza indodana yolahleko ngaphambi kokuba ‘kuse kuyo.’—Luka 15:11-17.
11. (a) Ibandla laseKorinte noJona bayalwa kanjani? (b) Iziphi izijeziso zokuyala ezanikwa uDavide ngenxa yokuphinga kwakhe nemizamo yakhe yokufihla? (c) Imaphi amazwi eHubo 51 alotshwa uDavide abonisa ukujula kokuphenduka kwakhe?
11 Ekhuluma ngencwadi ayeyibhalele ibandla lobuKristu laseKorinte ngaphambili, uPawulu wathi: ‘Nadabukiswa kwaba-ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, . . . [kwaphumela] ekulungiseni okubi.’ (2 Korinte 7:9-11) UJona wayalwa ngesiphepho sasolwandle nangenhlanzi enkulu. (Jona 1:2, 3, 12, 17; 2:10; 3:1-4) Ukuphinga kukaDavide nokuzama kwakhe ukufihla kwamlethela izijeziso zokumyala, njengoba kuboniswe ku-2 Samuweli 12:9-14. Ukuphenduka kwakhe kwaboniswa ngendlela ethinta inhliziyo ngalamazwi eHubo lama-51. ‘Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Isono sami siphambi kwami njalo. Yesula zonke izenzo zami ezimbi, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho. Inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu awuyikuyidelela.’—Amavesi 2, 3, 9-11, 17.
12. Iziphi izinyathelo eziqatha ngokwengeziwe ezidingekayo kwabanye, futhi uyini umphumela kulabo abenqaba ukusolwa ngokuphindaphindiwe?
12 Ngabathile kungase kudingeke izinyathelo eziqatha ngokwengeziwe, njengoba izAga 26:3 zibonisa: “Isiswebhu singesehashi, netomu lingelembongolo, noswazi lungolomhlane weziwula.” Ngezinye izikhathi uJehova wavumela isizwe sakhe sakwaIsrayeli ukuba sithotshiswe izinkinga esazibangela zona sona ngokwaso: “Babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele iseluleko soPhezukonke. Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.” (IHubo 107:11-13) Nokho, abanye abayiziwula bazenza lukhuni bangasizakali nganoma iluphi uhlobo lwesiyalo eselaphayo: “Umuntu osolwayo, enentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.”—IzAga 29:1.
Ukunikeza Nokwamukela Ukusolwa
13. Yini okufanele siyigweme ekunikezeni ukusola, futhi kufanele kunikezwe kanjani?
13 Noma kungaba okunhloboni, ukuyala akumelwe ‘kwenziwe ngentukuthelo. Eqinisweni, kunokuba lusize, ‘ulaka luvusa ukuxabana.’ Futhi siyelulekwa: “Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.” Ngaphezu kwalokho, “ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo kuye ukudlula esiphambekweni.” (IzAga 29:22; 14:29; 19:11) Lapho kudingeka ukuyala akufanele kube okweqile. Kunikeze ngesikhathi esifanele futhi ngezinga elifanele—kungasheshi kakhulu, kungephuzi kakhulu, kungabi kuncane kakhulu, kungabi kuningi kakhulu.
14. Yiziphi ezinye iziqondiso ezinikezwa kulabo abanikeza ukusola?
14 Nazi ezinye iziqondiso kulabo abanikeza ukusola: “Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.” (1 Thimothewu 5:1, 2) Ingabe uyancenga, ungakhaci? “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.” (Galathiya 6:1) Ingabe siluleka ngobumnene, siqaphela njalo ubuthaka bethu siqu? “Njalo phathani abanye ngendlela eningathanda baniphathe ngayo.” (Mathewu 7:12, The New English Bible) Ingabe uyazibeka esimweni somunye, ubonisa isihe?
15. Ukwamukela ukusolwa kudingani, futhi isiphi iseluleko esengeziwe esinikezwayo kulabo abasolwayo?
15 Ukwamukela ukusolwa kudinga ukuzithoba. Ingabe kubonakala kukhetha, kungafanele? Ungajahi. Cabanga ngakho. Ungabi nombono ophambene. Cabanga ngakho ngombono oqondile. Uma kubonakala kungasizi konke, ingabe ingxenye yakho iyasiza? Vula umqondo wakho ukuba wamukele; kuhlole ngokungakhethi. Ingabe uthinteka kalula, ucasuka ngokushesha? Kungase kuthathe isikhathi ukuba ukubone ngendlela efanele, ngemva kokuba noma ikuphi ukuphatheka kabi kwasekuqaleni sekubohlile. Ngakho linda. Bamba ulimi lwakho. Hlola ngokuthula lokho okushiwo. Ingabe kungenzeka ukuthi ubandlulula lowo onikeza iseluleko, ngakho uye wasenqaba ngenxa yalokho? Noma kunjalo, sibheke njengesinenjongo enhle futhi njengesingamelwe senqatshwe ngaphandle kokuhlolisiswa.
16. (a) Imiphi imibhalo nemibuzo ehlobene okufanele siyicabangele lapho samukela iseluleko? (b) Imuphi umuzwa owaboniswa umhubi esingase siwulingise?
16 Nansi eminye imibhalo yokuyicabangela lapho usolwa: “Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.” (IzAga 17:27) Ingabe uyalalela futhi uhlale uzothile? “Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.” (IzAga 12:15) Ingabe usheshe unqume ukuthi awunaphutha noma ingabe ulalela ngendlela yokwamukela? “Ma[ni]sheshe ukuzwa, [ni]phuze ukukhuluma, [ni]phuze ukuthukuthela.” (Jakobe 1:19) Ingabe uyawalandela lamazwi lapho welulekwa? “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.” (UmShumayeli 7:9) Ingabe uyashesha ukuthukuthela? Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani uma singazizwa njengomhubi: “Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi.”—IHubo 141:5.
Bekezelela Ukuyalwa Uvune Isithelo Sokuthula
17. Kungani kungelula ngaso sonke isikhathi ukwamukela ukuyalwa, kodwa ukukhumbula amaHeberu 12:7, 11 kungasisiza kanjani ukuba sikubekezelele?
17 Akulula ngaso sonke isikhathi ukwamukela isiyalo. Kungahilela ukudumazeka okuthile futhi kulethe imingcele ethile. Kungase ngisho kukubangele usizi. Kodwa kubekezelele konke lokhu. Kuzodlula; injabulo iza kamuva. Khumbula: “Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engayalwa nguyise na? Ukuyala okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswé yikho.”—Heberu 12:7, 11.
18, 19. Imiphi imizwa enamandla uJeremiya nomhubi abayibonisa esibekela inkambo efanele lapho siyalwa?
18 Ngakho uma isiyalo sikubangela usizi futhi kunzima ukusibekezelela, lindela isithelo sokuthula esiza kamuva. Lindela uJehova njengoba kwenza uJeremiya: “Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba.” (IsiLilo 3:20, 21) Khumbula lokho umhubi azitshela khona lapho esekucindezelekeni: “Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.”—IHubo 42:5, 11; 43:5.
19 Ngakho uma siyalwa, makuthi ngamunye wethu alindele uNkulunkulu. Lapho sesiqeqeshiwe yikho, siyovuna isivuno sesithelo sokuthula, okungukuthi, ukulunga.
Uyakhumbula?
◻ Kubaluleke ngani ukusebenzisa induku yokuyala?
◻ Uyini umthombo oyinhloko wokuyalwa? Iyini eminye imithombo yokuyala?
◻ Ngaphezu kwamazwi okusola, iziphi izinyathelo eziqatha ezingase zidingeke?
◻ Iziphi ezinye iziqondiso zokunikeza ukusola?
◻ Isiphi iseluleko esiyosisiza samukele ukusolwa?
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe ngokuhlakanipha ‘ulalela ukuyalwa’?
[Isithombe ekhasini 18]
Izimiso ezihileleke ekuyaleni abantwana ziyasebenza futhi nakubantu abadala