Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe uPawulu wayebhekisela kuJehova noma kuJesu lapho ebhala ukuthi: ‘INkosi yathi kimi: “Amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni”’?
Kubonakala sengathi umphostoli uPawulu wayebhekisela eNkosini uJehova. Ngokuphawula amazwi kaPawulu emongweni wendaba, ngeke nje kuphela sibone ukuthi kungani lokho kunjalo, kodwa futhi singajulisa ukwazisa kwethu ngobuhlobo obukhona phakathi kukaNkulunkulu neNdodana yakhe. UPawulu wabhala:
“Ukuze ngingaziphakamisi kakhulu . . . nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. Yathi kimi: Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.”—2 Korinte 12:7-9.
Kungenzeka ukuthi iva elalisenyameni kaPawulu kwakuwukuhlushwa okuthile ngamehlo noma abaphostoli bamanga ababebekela ubuphostoli bakhe inselele. (Galathiya 4:15; 6:11; 2 Korinte 11:5, 12-15) Kungakhathaliseki ukuthi laliyini, lalimdumaza uPawulu noma limvimbela ukuba aziphakamise ngenkonzo yakhe. Ngakho wacela kathathu ukuba lisuswe. Kodwa wacela bani, futhi ngubani owasabela ngokukhuluma ngokuthi “amandla ami”?
Njengoba ivesi likhuluma ‘ngamandla kaKristu,’ kungase kubonakale sengathi uPawulu wayecele iNkosi uJesu. Ngokungangabazeki, inawo amandla futhi ingakwazi ukuwanika abafundi bayo. (Marku 5:30; 13:26; 1 Thimothewu 1:12) Eqinisweni, iNdodana kaNkulunkulu “iphasa konke ngezwi lamandla ayo.”—Heberu 1:3; Kolose 1:17, 29.
Nokho, iNkosi uNkulunkulu ingumthombo omkhulu wamandla, engawanikeza futhi ewanikezayo kubakhulekeli bayo. (IHubo 147:5; Isaya 40:26, 29-31) Amandla anjalo avela kuNkulunkulu enza uJesu wakwazi ukwenza izimangaliso futhi asazomenza akwazi ukuthatha isinyathelo. (Luka 5:17; IzEnzo 10:38) Ngokufanayo, abaphostoli bakaJesu nabanye abafundi bamukela amandla avela kuJehova. (Luka 24:49; Efesu 3:14-16; 2 Thimothewu 1:7, 8) Lokhu kwahlanganisa noPawulu, owakhonza “ngokwesipho somusa sikaNkulunkulu engiwuphiwe [mina mphostoli] ngokokusebenza kwamandla akhe.”—Efesu 3:7.
Njengoba uPawulu wacela ukuba ‘iva elalisenyameni yakhe, ingelosi kaSathane,’ ukuba lisuswe kungokunengqondo ukuthi wayebheke eNkosini uNkulunkulu ukuba yenze lokhu, ngoba kunguJehova okubhekiswa kuye yonke imithandazo. (Filipi 4:6; IHubo 145:18) Ngaphezu kwalokho, ngenye indlela ukukhuthaza kukaJehova uPawulu ngalamazwi, “Amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni,” akumshiyi ngaphandle uKristu. Amandla avela eNkosini uNkulunkulu ayengachazwa ‘njengamandla kaKristu ahlezi phezu’ kukaPawulu, ngoba ‘uKristu ungamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 1:24) Ngakho, eyesi-2 Korinte 12:7-9 isisiza ukuba siqaphele kangcono indlela ezungelezayo uJehova asebenzisa ngayo iNdodana yakhe ekufezeni intando yaphezulu.