Izingelosi—Ingabe Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?
INGABE izingelosi zikhona ngempela? Noma ingabe zimane nje ziwumkhiqizo wokuzicabangela? Uma zikhona, ingabe zingakuthinta ukuphila kwakho?
Kunomthombo owodwa kuphela othembekile wezimpendulo zemibuzo enjalo. UMlando ophefumlelwe lowo uNkulunkulu aye wawunikeza isintu—iZwi lakhe, iBhayibheli eliNgcwele. Ngalo umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele . . . nokuqondisa.”—2 Thimothewu 3:16.
Ngakho, singaqiniseka ukuthi iBhayibheli lizosinikeza izimpendulo eziqondile mayelana nokuba khona kwezingelosi nokuthi ingabe ziyasithinta yini. Ngokuqinisekile uMdali wendawo yonke angasitshela uma izingelosi zazikhona phakathi kwendalo yakhe.
Ingabe Izingelosi Zingokoqobo?
IBhayibheli ngokukhanyayo lithi: “[UNkulunkulu] owenza izingelosi zakhe zibe-yimimoya.” (Heberu 1:7) Ngakho uMdali unezidalwa zomoya endaweni yasezulwini. Lezi azibonakali kithi, futhi zinamandla.—IHubo 104:4; 2 Petru 2:11.
Ingabe uNkulunkulu wayehlose ukuba izingelosi zimane nje zibe yizidalwa ezingenazo izici zobuntu, izidalwa ezingaqondakali? Ukuba bekunjalo, kungani iBhayibheli liveza izingelosi njengezinemizwelo? Ngokwesibonelo, lisitshela ukuthi lapho kubekwa isisekelo somhlaba, izingelosi “zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu [izingelosi] ajabula.”—Jobe 38:4-7.
Kuyacaca ukuthi, njengezidalwa zasemhlabeni ezihlakaniphile zikaNkulunkulu, izidalwa ezihlakaniphile zomoya, izingelosi, zinezazo izici zobuntu. Nakuba iBhayibheli liveza amagama ezingelosi ezimbili kuphela (uMikayeli noGabriyeli), iqiniso lokuthi izingelosi zinawo amagama lenezela ebuntwini bazo. (Luka 1:11, 19, 26; Juda 9) IBhayibheli likulahla ngokunamandla ukukhulekelwa kwezingelosi, futhi lokho kuhlanganisa nokuthandaza kuzo. Kunokuba sithandaze ezingelosini, umphostoli uPawulu uyaseluleka: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6; IsAmbulo 19:10; 22:8, 9.
Kodwa ingabe izingelosi zazenziwe ngendlela yokuthi zingabi namandla okuzinqumela okuhle nokubi njengamarobhothi angenangqondo? Cha, izingelosi ziyizisebenzi eziqotho ezikhululekile, njengoba nabantu benjalo. Ngokwesibonelo, lapho izingelosi ezithile zephula imithetho kaNkulunkulu ezinsukwini zikaNowa, uNkulunkulu wazilahla, futhi ziye zaxoshwa emagcekeni kaNkulunkulu asezulwini. Ukuziphatha kwazo kokungalaleli kwakuyisibonakaliso esisobala sobuntu obuhlukile bezingelosi.—Genesise 6:1, 2; 2 Petru 2:4; Mathewu 25:41.
Ngakho, iBhayibheli lisinikeza ukwaziswa okuwusizo ngesiqalo, ukuba khona, nesimo sezingelosi. Ukweqela ngalé kwalokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu ngazo kungabangela ukuba umuntu azindle ngokungadingekile ngemibuzo iBhayibheli elingayiphenduli. Kungaholela ngisho nasekunikezeni izingelosi ukunakekela nokukhulekela okungafanele. (Kolose 2:18) IBhayibheli lisikhumbuza futhi ukuba “siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu” futhi ukuba singeqeli ‘ngalé kwalokho okwashunyayelwa njengevangeli.’—Filipi 1:10, NW; Galathiya 1:8.
Izingelosi Enjongweni KaNkulunkulu
Nakuba abaningi bengavumelana nesiqalo nezici ezihlukanisayo zezingelosi, bambalwa abaqaphela ngempela isizathu sokuba khona kwazo nokuthi zikuthinta kanjani ukuphila kwethu namuhla.
EBhayibhelini, amagama amabili asetshenziselwa ukusho “ingelosi” elithi mal·’akhʹ (ngesiHeberu) nelithi agʹge·los (ngesiGreki). Omabili asho “isithunywa.” Asitshela okuthile ngomunye wemisebenzi yezingelosi. Izingelosi zikhonza njengezithunywa, noma abaphathi besigijimi, phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.
Ngokwesibonelo, ingelosi yathunywa ukuba iyise isigijimi kuAbrahama mayelana nendodana yakhe uIsaka nesibusiso esasiyokuza ngaye, isibusiso esingasithola. (Genesise 22:11-17) Ingelosi yathunyelwa ukuba ikhulume noMose. (IzEnzo 7:37, 38) UNkulunkulu futhi wathuma ingelosi neziqondiso kumprofethi uElisha. (2 AmaKhosi 1:3) Futhi ingelosi yabonakala kuJosefa, usingayise kaJesu, neziqondiso ezikhethekile mayelana nomntwana.—Mathewu 2:13.
Izingelosi ziye zathunywa futhi ukuba zivikele abantu bakaNkulunkulu: “Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.” (IHubo 34:7) Ngokwesibonelo, ingelosi yakhulula umphostoli uPetru etilongweni. (IzEnzo 12:6-11) Izingelosi ezimbili zasiza uLoti namadodakazi akhe ukuba basinde ekubhujisweni kweSodoma neGomora ngokubakhiphela ngaphandle kwaleyondawo. Nokho, umkaLoti, akenzanga ngokuvumelana okugcwele nezingelosi, ngalokho wabhujiswa naleyomizi.—Genesise 19:1-26.
IBhayibheli likhuluma ngezinye izehlakalo eziningi zosizo lwezingelosi, eziqinisekisa lokho amaHeberu 1:7 no-14 akushoyo: “Ngezingelosi uthi: Owenza izingelosi zakhe zibe-yimimoya, izikhonzi zakhe zibe-ngamalangabi omlilo. Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?”
Ingelosi yaletha induduzo enkulu kuJesu. Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu wayekwazi okwakuzokwenzeka kuye—ukuthi wayezokhashelwa, ashaywe, futhi abulawe ngesihluku. Wayedinga amandla ukuze abekezelele loluvivinyo lobuqotho bakhe. Ngalesosikhathi esibucayi, ingelosi yabonakala kuye ‘ukuze imqinise.’ Yeka isibusiso leyonduduzo yengelosi okufanele ukuba yaba yiso kuJesu! Ngenxa yalokho, nakuba ahlangabezana nosizi kangangokuba “izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini,” wakwazi ukubekezela ngokwethembeka kuze kube sekufeni.—Luka 22:43, 44.
UNkulunkulu uye wasebenzisa izingelosi futhi ukuze abhubhise izitha zabantu bakhe. Lapho uMbuso Wezwe WaseAsiriya usongela abakhulekeli bakaNkulunkulu basendulo, kwenzeka lokhu okulandelayo: “Kwathi ngalobubosuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu labaseAsiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.” (2 AmaKhosi 19:35) Ungabona amandla asabekayo ezingelosi—kwadingeka ingelosi eyodwa kuphela ukuba ibulale abantu abayizi-185 000 abamelene noNkulunkulu nabantu bakhe!
UHerode ohlambalazayo naye futhi wabhekana namandla engelosi. Lapho uHerode eqala ukucabanga ukuthi wayenjengonkulunkulu, “ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.”—IzEnzo 12:21-23.
Sitshelwa ukuthi ngokushesha, lapho uNkulunkulu eletha sonke lesisimiso esibi sezinto esiphelweni saso, izingelosi ziyosetshenziswa futhi njengababulali. “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo.”—Mathewu 13:41, 42.
Ngakho-ke, izingelosi ziphakeme kakhulu kunalokho abantu abaningi abangase bakucabange. Umlobi wezenkolo waseJalimane uDr. Manfred Barthel wathi: “Uma ezingqondweni sifuna ukuba nombono wezingelosi zeNkosi ofana nalowo wabalobi beTestamente Elidala, okokuqala kuyodingeka ukuba sikhohlwe ngamakherubi anezifaca . . . lawo ahlobisa amakhadi ethu emikhonzo.”—What the Bible Really Says.
Izingelosi Zikuthinta Kanjani?
Nokho, umbuzo uyasala: Zenzani izingelosi namuhla? Ingabe ziyasithinta njengamanje? Yebo, ngokuqinisekile ziyasithinta!
Khumbula ukuthi esiprofethweni sakhe esiphathelene “nesiphelo sesimiso sezinto” uJesu wabikezela ukuthi: “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo [ithatha amandla oMbuso] nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye.”—Mathewu 24:3; 25:31, 32.
Kuyofezwa kanjani lokhu kuhlukaniswa kwabantu? UJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyakushunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe, khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14, NW) Yebo, uNkulunkulu usebenzisa abantu bakhe emhlabeni ukuze benze lomsebenzi womhlaba wonke wokushumayela.
UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni oyoletha ukuphela kwekhambi lezinkinga zesintu. Namuhla, isigijimi sawo siyamenyezelwa kuwo wonke umhlaba oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezintathu, besekelwa yizingelosi. “Kuyakuba-njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo.”—Mathewu 13:49.
Namuhla lomsebenzi wokushumayela oqondiswa yizingelosi, uthola ukusabela okunhlobonhlobo ebantwini. Abanye bathi bamatasa kakhulu ukuba balalele noma bamane benqabe. Abanye bayangabaza noma bamanqikanqika. Nokho, abaningi abanhliziyo-ziqotho, abakhathazekayo ngekusasa labo, baye basabela ngokuzithandela. Kanjani?
Emazweni angama-208, oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nezigidi zabantu “abakhathalela isidingo sabo esingokomoya” nalabo ‘abalambele ukulunga.’ (Mathewu 5:3, 6, NW) Okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa ukuthi ngokuvamile izingelosi ziqondisa izinceku zikaNkulunkulu ukuba zithinte abantu abanjalo abanhliziyo-ziqotho ngesigijimi sensindiso. IsAmbulo 14:6 sichaza ngendlela engokomfanekiso “ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahleli emhlabeni.” Lokho ngokuqinisekile kuyenzeka manje! Lokhu kuyolithinta kanjani ikusasa lakho?
Izingelosi Ekusaseni Lakho
IBhayibheli ngokucacile libheka izinsuku zethu “njengezinsuku zokugcina” zalesimiso samanje. (2 Thimothewu 3:1-5) IBhayibheli futhi lisitshela ukuthi manje izingelosi “zimi emagumbini omane omhlaba zibamba imimoya yomine.” (IsAmbulo 7:1) Lesifanekiso sisho ukuthini?
Njengoba ‘zisemagumbini’ omhlaba, izingelosi zilungele ukukhulula “imimoya” ebhubhisayo nxazonke. Ayikho ingxenye yomhlaba eyoshiywa, okuyosho “ingozi” noma imbubhiso, ngalesimiso esibi sezinto nabo bonke abasekeli baso. Kanjalo izingelosi zikaNkulunkulu zichazwa njengalezo ezilungele ukuthatha isinyathelo ngokushesha lapho zinikezwa isiboniso!—IsAmbulo 7:3; 19:11-21.
Nokho, “ingozi” ebhubhisayo iyoba kuphela phezu kwalabo abangasabeli esigijimini esisekelwa yizingelosi manje esishunyayelwa emhlabeni wonke. Ayiyikulimaza labo abafuna uNkulunkulu nalabo abalalela isigijimi soMbuso. Bayolondolozwa, njengoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba . . . funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”—Zefaniya 2:3.
Siyoba yini-ke isabelo salabo “abathobekileyo”? IHubo 37:11 lithi: “Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” Isikhathi eside kangakanani? “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Lokho kusho ukuthi ukuphila okuphakade kuyokwenzeka emhlabeni oyoguqulwa ube yipharadesi, njengoba uJesu abonisa.—Luka 23:43.
Ngakho-ke, nanku umbuzo odinga ukuzibuza wona: ‘Liyoba yini ikusasa lami?’ Impendulo ixhomeke endleleni osabela ngayo ekuqondiseni kwezingelosi. Ingabe uyolalela futhi usabele lapho ulethelwa isigijimi ezisisekelayo? Uma wenza kanjalo, uyoba phakathi kwalabo abangabheka phambili ngethemba, esikhathini esizayo, benesithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekile esithi: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.
[Isithombe ekhasini 7]
Manje izingelosi ‘zibambe imimoya yomine.’ Kungani?