Umhlangano Owathuthukisa Ukuthembela Kwethu KuJehova
UBABA wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, wazi lokho kanye esikudingayo. Futhi ukufaka ezingqondweni zezinceku zakhe ezizinikezele eziqondisa umsebenzi wakhe emhlabeni ukuba zanelise lesosidingo. Ngokuqinisekile lokhu kungashiwo ngeMihlangano Yesigodi “Yokuthembela KuJehova,” eyenziwa emhlabeni wonke kusukela ngoJune 1987, kuqhubeke. Ngempela yasiza ekuqiniseni amaKristu ngokumelene nokuthandabuza, ukungabaza, nokungathembi okuvame kangaka ezweni.
Isihloko esithi “Thembela KuJehova” sahlanganiswa ngobuchwepheshe esimisweni. Saqokonyiswa izinkulumo ezazinamandla futhi ziqondile ezaziphawuleka ngobuqotho nangokungagwegwesi. Konke lokhu kwaqinisa ukuthembela kwezilaleli kuJehova. Zazingaphindela emakhaya isihloko sigxiliswe ngokungasuki ezinhliziyweni nasezingqondweni zazo, zizimisele ukuthi ngezenzo zazo nangamazwi azo zaziyomemezela kubo bonke ukuthi zithembela ngokugcwele kuJehova.
“Thembani KuJehova, Nina-bantu”
Lawomazwi atholakala kuIsaya 26:4, NW aba isihloko sosuku lokuqala. Ngokufaneleke kakhulu, isimiso saqala ngenkulumo ethi “Beka Indlebe Yakho Emazwini KaNkulunkulu.” Isikhulumi sabonisa ukuthi lamazwi, atholakala izikhathi eziningi eZwini likaNkulunkulu, asho ukunikeza ukunakekela okuphelele kokubili ngengqondo nangenhliziyo kulokho okukhulunywayo, ngenjongo yokusebenzisa lokho okuzwayo. Lokhu kusho ukuzithiba nokuqondisa ukunakekela kulokho okukhulunywayo, ukungavumeli ingqondo izulazule. Kuphela kungokubeka ngaleyondlela indlebe yethu lapho kuyoqiniswa ukuthembela kwethu kuJehova ngesikuzwayo futhi ngemva kwalokho siyoshukunyiselwa ukuba sisebenzele kulokho okukhulunywayo. Futhi ingabe lesi akumelwe yini kube yisimo sethu sengqondo lapho sizwa iZwi likaNkulunkulu lichazwa, njengasemihlanganweni yethu yebandla?
Usihlalo womhlangano wethula isihloko esilandelayo, esithi “Labo Abathembela KuJehova Bayajabula Ngokuba Lapha.” Waveza ukuthi lapho sithembela kakhulu kuJehova, kulapho siyojabula kakhulu. Ukuthembela kuJehova kusho ukwencika kuye ngokuphelele nangokuqinisekile. Lapho ulwazi lwethu ngoJehova nothando lwethu ngaye lukhula ngokwengeziwe, kulapho ukuthembela kwethu kuye kuyoqina ngokwengeziwe. Isihloko somhlangano sasingesona nje isiqubulo. Ukuthembela kwethu kuJehova sikubonakalisa ngezindlela eziningi, enye yazo engencane ukukhathalela abanye. Okwenza bonke bajabula, ekuphetheni amaphuzu akhe, usihlalo wakhulula into yokuqala—ithuluzi elinemibala emihle, eliwusizo ekushumayeleni. Kwakuyipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli.
Ngemva kokukhuluma ngesibonelo esiphawulekayo sikaDavide lapho ebhekene nesiqhwaga esinguGoliyati, isikhulumi esilandelayo sanikeza ethi “Indlela Abanye Abaye Bathembela Ngayo KuJehova” ezikhathini zanamuhla. Ngokwesibonelo, kwakunodade omyeni wakhe ongakholwa, ephethe isibhamu, wasongela ukumbulala uma ayeqhubeka eya emihlanganweni. Abanye baye babonakalisa ukuthembela kwabo kuJehova lapho betshelwa ukuthi ukuphila kwabo kwakuxhomeke ekwamukeleni ukumpontshelwa igazi. Intsha iye yanikeza ubufakazi bokuthembela kwayo kuJehova ngokumelana nokucindezela kokuba nengxenye kwezemidlalo noma isifiso semfundo ephakeme ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme.
Isimiso sangoLwesihlanu ekuseni saphetha ngenkulumo ethi “Abantu Abahlukanisiwe Nezwe.” Sabonisa ukuthi sithembela kuJehova ngokugcina ukuziphatha kwethu nabobulili obuhlukile kungasoleki, ngokuvumela izimfanelo zobuKristu zibuse ukuzilibazisa kwethu, nangokugwema konke ukugqoka nokuzilungisa okuyothambekela ekusithibezeni umehluko phakathi kobulili obuhlukile. Ngokuzehlukanisa kwethu nezwe ngaleyondlela, ngaso sonke isikhathi sinikeza ubufakazi obunamandla, obuphumela ngisho nasekutheni abanye beze eqinisweni.
NgoLwesihlanu ntambama, isimiso saqala ngenkulumo ethi “Ukuphayona Kusheshisa Ukukhula Ngokomoya.” Futhi yeka ukuthi lokho kuyiqiniso kanjani! NgeZwi likaJehova, umoya wakhe ongcwele, nangenhlangano yakhe, uNkulunkulu ulungiselela lokho esikudingayo ukuze sithuthukele “ebudodeni obupheleleyo,” kodwa ubuphayona busibeka esimweni sokusebenzisa kangcono nangokunakekela okwengeziwe wonke lamalungiselelo angokomoya. (Efesu 4:13) Ngezingxoxo, amaphayona akhuluma ngendlela inkonzo yesikhathi esigcwele eyawenza akwazi ngayo ukuhlakulela ngokugcwele izithelo zomoya kaNkulunkulu, ukubonisa uthando olwengeziwe ngabantu, ukuphumelela ngokwengeziwe enkonzweni, ukuthembela kuJehova ngezinga elikhulu ngokwengeziwe, futhi ngaleyondlela athuthukise ubuhlobo obuseduze naye. Konke lokhu kuye kwasheshisa ukukhula kwawo ngokomoya.
Kwalandela inkulumo eyisihluthulelo, “Abantu Abathembela Njalo KuJehova.” Lenkulumo eshukumisayo yabonisa ukuthi sihlukile ezweni ngoba sithembela ngokuphelele kuJehova. Ngokusekelwe ezingcaphunweni ezihlukene ezivela encwadini kaIsaya, isikhulumi sabonisa indlela esiye sabona ngayo leziprofetho ezikhuthaza kakhulu zigcwaliseka koFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi sithembela kuNkulunkulu. Ngethemba, sibheke phambili esikhathini esizayo esiseduze lapho uJehova eyobonakalisa intukuthelo yakhe kuzo zonke izizwe abese eletha iPharadesi.
Ababesemhlanganweni bakhuthazwa ngesithi “Sakaza Izindaba Ezinhle Ngawo Wonke Amathuba.” Ngemva kokuba kugcizelelwé ukubaluleka kokwenza lokho, imiboniso eminingana yabonisa indlela ipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli elingasetshenziswa ngayo ngokuphumelelayo kokubili ekufakazeni okuhleliwe nangokwethukela. Ngokuqinisekile, ngaso sonke isikhathi sifuna ukuwaphatha lamapheshana, ngoba ukusakaza izindaba ezinhle ngawo wonke amathuba kumelwe kuphawule ufakazi kaJehova ngamunye futhi kuyindlela yokubonisa ukuthi sithembela kuYe.
Inkulumo eyayaziswa kakhulu kwakungethi “Bazali—Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu Kusukela Ebuntwaneni.” Ukuze umntwana akhule ethembela kuJehova, ukuqeqeshwa kwakhe kumelwe kuqale ebuntwaneni futhi kumelwe kuze kuqala. Kulapho kuphela okuyoba nokwenzeka ukuba angawavumeli amathonya ethelevishini, asesikoleni, nasemgwaqweni. Abazali batshelwa, ‘Umntwana wenu akabone kini lokho enifuna abe yikho.’ Yebo, ukubeka isibonelo esihle kuyindlela engcono kakhulu yokufinyelela inhliziyo yomntwana. Ukuze isimo sasekhaya sibe esingokomoya ngempela zonke izici zenkonzo engcwele kumelwe zenzeke ngokwemvelo futhi zibe ngezijabulisayo. Asifuni neze ukugodla isikhathi nomzamo ohilelekile. Qhubekani futhi nifinyelela inhliziyo yomntwana ngokukhulumisana okuhle. Bonisani ubuqotho nothando, futhi ninikeze isizathu lapho nijezisa. Ncomani futhi ninikeze umvuzo lapho kufanelekile, kodwa ningalokothi nifumbathise umntwana wenu.
Inkulumo ethi “Basha—Qaphelani Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili” yadingida inkinga engathi sína phakathi koFakazi abasebasha. Kungani abanye bezama ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili? Ngenxa yokuthi bafuna ukuthandwa ngabazali babo nebandla futhi ngesikhathi esifanayo besaba ukuhlekwa usulu ngontanga yabo bezwe. Noma banomuzwa wokuthi balahlekelwa injabulo ethile uma bengabhemi, basebenzise imilaliso, noma bahlanganyele ebulilini obungemthetho. Kodwa eqinisweni akukho ukubalekela iqiniso lokuthi konke ukuphila ukuphila okunjalo okumbaxa-mbili kuletha isihlamba kuJehova, ukukhathazeka kubazali bomuntu, nosizi kumuntu ngokwakhe. Noma ubani ohlwanyela inyama uvuna ukonakala, kuyilapho ukulondoloza ubuhlobo obuhle noJehova, ukuthembela ngokuphelele kuye, kuvikela umuntu ekuphileni ukuphila okumbaxa-mbili.—Galathiya 6:8.
Okwagcizelela ngokunamandla zonke lezimiso kwaba idrama eyalandela ngokushesha. Njengoba yayinesihloko esithi Ukuzithoba Ngokwethembeka KuJehova Nenhlangano Yakhe, yayinokudla okuningi kwengqondo njengoba yayibonisa indlela umdala azizwa ephoqeleke ngayo ukuba ahoxe ngenxa yokuthi indodakazi yakhe yavezwa njengephila ukuphila okumbaxa-mbili. Idrama yenza kwaba namazwi entshiseko amaningi okwazisa.
“Themba KuJehova, Wenze Okulungileyo”
Lesi kwakuyisihloko sosuku lwesibili lomhlangano esasisekelwe kumaHubo 37:3. Ngemva kokucatshangelwa kwetekisi losuku, elalihlanganisa isikhuthazo sokwenza lokhu nsuku zonke, isimiso saveza uchungechunge olunezingxenye ezintathu olwalunesihloko esithi “Ukubonakalisa Ukuthembela Kwethu KuJehova.” Isikhulumi sokuqala sabonisa isidingo sokwenza lokhu “Ngokutadisha IZwi LikaNkulunkulu Ngenkuthalo.” Kumelwe senze lokhu ukuze sigweme isithiyo sokuzithela ngabandayo ngezingibe zezinto ezibonakalayo, zokuziphatha okubi kobulili, nezokuhlubuka. INhlangano iye yalungiselela izincwadi eziningi eziwusizo lokutadisha iBhayibheli, ezinjengeWatch Tower Publications Index 1930-1985 entsha. Singaba nobuhlobo obuhle, obuthembekile noBaba wethu wasezulwini futhi sibe ngabaphumelelayo njengofakazi bakhe kuphela ngokusebenzisa lamalungiselelo ngokunenzuzo.
Isikhulumi esilandelayo sagcizelela iqiniso lokuthi ukuthembela kuJehova kubonakaliswa “Ngokwenza Izinto Esizifundile.” Yebo, sifuna ukuba ngabenzi beZwi, ngaso sonke isikhathi sikhathalele ukuthuthuka. Kuziphi izici? Phela, ebuhlotsheni bethu nabanye, ekugqokeni nasekuzilungiseni kwethu, ekufuneni kuqala uMbuso kaNkulunkulu, nasekuthuthukiseni ukuthula nobunye phakathi kwabazalwane bethu! Ukuze sigweme isono sokugabadela, kumelwe siqaphele ukulondoloza indawo yethu emkhayeni nasebandleni. Ngakho-ke uma senza izinto esizifundayo, kuyobonakala kubo bonke ukuthi sithembela kuJehova.
Uchungechunge lwaphetha ngenkulumo yesihloko esithi “Thembela KuJehova—Ngokuzikhandla Ensimini.” Ngokwenza lokhu, sibonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane wethu futhi siyazivikela. Singase saneliswe inkonzo esivivi, yokugcin’ icala, kodwa ingabe kunjalo ngoJehova? Ingabe iNdodana yakhe ayisikhuthazi yini ukuba sizikhandle? (Luka 13:24) Ukwanda esikubona njalo kubamemezeli, kumaphayona, nasesilinganisweni samahora asetshenziswa enkonzweni yasensimini kumelwe kusishukumisele ukuba sizame ukwenza okwengeziwe ngokomuntu siqu. Ingabe akunjalo? Ngomsebenzi onjalo wentshiseko, siyobeka isibonelo esihle, sibonakalise ukuthembela kwethu kuJehova, futhi sithole ukuvunyelwa nguye.
Kwalandela ukubekelwa konembeza bethu inselele enkulumweni ethi “Yiphani Ngesilinganiso Esigcwele.” Yeka indlela uJehova asondla ngayo kakhulu ngokomoya nangokwenyama! Sibonisa ukwazisa kwethu ngokumlingisa kokubili ngokufakaza nangokunikela ngokwezimali emsebenzini wokushumayela. Singanciphisa yini ekuzijabuliseni okubizayo ukuze siphe ngesilinganiso esigcwele?
Inkulumo yobhapathizo, ethi “Ukuzinikela Kwakho Nobhapathizo Kubonisa Ukuthembela KuJehova,” yabonisa isizathu sokuba sithembele kuNkulunkulu hhayi kubantu. Ubhapathizo lwamanzi lusho ukufa enkambweni yethu yokuqala nokuvuselwa endleleni yokuphila evumelana nentando yaphezulu. Ngemva kwalokho, kumelwe siqhubeke ‘senza ukulunga, sithanda umusa, futhi sihamba noNkulunkulu wethu ngokuthobeka.’ (Mika 6:8) Phakathi kwalabo ababhapathizwa kwakunentombazane eneminyaka eyi-8 eqhuba izifundo zeBhayibheli ezimbili nefunda nabo esikoleni, indoda eneminyaka engama-79, nokhubazeke izinyawo nezandla oneminyaka engama-44.
Isimiso santambama ngoMgqibelo saqala ngenkulumo ethi “Ukwenza ‘Izinto Ezidingekile’ Ukuze Sijabulise UNkulunkulu.” Ngokusekelwe kuzAga 15:28, 29, yabonisa isidingo sokujwayelanisa odokotela bethu nokuma kwethu ngegazi ngaphambi kokuba kube nesehlakalo esibucayi sezokwelapha futhi yanikeza ukusikisela ngendlela yokwenza lokhu.
Inkulumo eyashukumisa ukukhulumela okuthandwa kakhulu kwakungethi “Ukuzala Okucatshangelwe Kahle Kulesikhathi Sokuphela.” Yanikeza umbono olinganiselwe, ibonisa ukuthi nakuba ukuzala kungaletha izinjabulo eziningi, kuletha futhi imithwalo yemfanelo eminingi futhi ngokuvamile kuphumela ezinkathazweni, njengalapho abantwana benza okungalungile. Omama ngokukhethekile okunokwenzeka ukuba balimale ngokomoya ngenxa yemithwalo yokuba nabantwana.
Kwalandela inkulumo ethi “Badala—Vikelani Imithwalo Yenu Yemfanelo.” Lemithwalo yemfanelo iwukwelusa umhlambi kaNkulunkulu—ukuhola, ukondla, nokuwuvikela, ngokuvumelana noIsaya 32:1, 2. Ukubambelela ezibophweni zomkhaya kuyilapho unakekela imisebenzi yebandla kuyinselele yangempela. Ukuba abadala bavikele imithwalo yabo yemfanelo kusho futhi ukuba bagweme izingibe zezinto ezibonakalayo, zokuzilibazisa okweqile, nezezinjabulo ezingemthetho. Phakathi kwalabo okwaxoxwa nabo emhlanganweni wesigodi waseDortmund eFederal Republic yaseJalimane kwakuwumdala oseneminyaka engama-60 evikela imithwalo yakhe yemfanelo.
Inkulumo ethi “Thobelani Labo Abaholayo” yalandela ngokufanelekile. Uthando luyosisiza ukuba sithobele futhi silalele ababonisi bebandla futhi luyosivimbela ekucasukeni ngoba abaphelele, njengoba nathi singaphelele. (Heberu 13:17) Ngokubonisa inhlonipho ngabadala ezindabeni ezinkulu nezincane, sibasiza ukuba bathwale imithwalo yabo kunokuba sinezele kuyo.
Isimiso sangoMgqibelo saphetha ngochungechunge olunezingxenye ezintathu olwaluthi “IZwi LikaNkulunkulu Liyaphila,” olwalusekelwe kumaHeberu 4:12. Isikhulumi sokuqala sabonisa ukuthi liyaphila ngoba “Linamandla Okuguqula.” Namuhla, njengoba kwakunjalo ngisho nasezikhathini zeBhayibheli, sinezibonelo eziningi ezibonisa indlela ukuthembela eZwini likaNkulunkulu okuye kwabangela ngayo abantu ukuba benze ushintsho olukhulu ekuphileni kwabo futhi kwabanika amandla okuba bashumayele ngesibindi.
Ngokuphathelene neZwi likaNkulunkulu ingxenye yesibili yaloluchungechunge yabonisa ukuthi “Libukhali Kunenkemba Esika Nhlangothi Zombili.” Lisenza sikwazi ukuphahlaza izimfundiso zamanga zobuBabiloni zibe izingcucu. Lisisiza futhi ukuba ‘sihlukanise umphefumulo nomoya’ ngokuthi lisenza sikwazi ukwahlukanisa izenzo zethu nezisusa zethu zangempela. Ngokusebenzisa “inkemba” ngalendlela, siyoba ngabathokozisa ngokwengeziwe kuJehova uNkulunkulu futhi sibe nokuthula ngokwengeziwe nabanye kanye nathi ngokwethu.
Ingxenye yokuphetha yabonisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyaphila ngoba “Liqinisa Futhi Lishukumise Izinhliziyo Zethu.” EBhayibhelini, igama elithi “inhliziyo” ngokuvamile lisetshenziswa ngokomfanekiso futhi libhekisela kumuntu wangaphakathi obonakala ezimfanelweni zethu ezingokwengqondo nezingokomzwelo. IZwi likaNkulunkulu liqinisa izinhliziyo zethu ngokwembula izimfanelo zakhe ezinhle ngokusebenzelana kwakhe nesintu. Uthando lukaNkulunkulu olungenabugovu lusishukumisela ukuba simlingise. Ekuphawuleni kwaso kokuphetha, isikhulumi sabukeza irekhodi leWatch Tower Society lokunyathelisa amaBhayibheli futhi savusa izilaleli amadlingozi ngokumemezela ukukhululwa wenguqulo enhle elingana ephaketheni yedeluxe yeNew World Translation.
“Themba KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho”
Lesihloko sangeSonto, esithathwe kuzAga 3:5, sacatshangelwa umdala owaqalisa isimiso futhi waxoxa ngetekisi losuku. Ngemva kwalokho kwalandela inkulumo ehlola inhliziyo ethi “Ingabe Uzithatha Kalula Izinto Ezingcwele?” Izwe linomuzwa wokuthi alimkweleti lutho uNkulunkulu, kodwa njengoFakazi BakaJehova, siyazi ukuthi ukuze asithande, kumelwe silingise amadoda athembekile akudala ngokubonisa ukwazisa ngezinto ezingcwele. Isikhulumi sakhuluma ngeziyi-13 zalezi, phakathi kwazo kunegama likaNkulunkulu, iZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele, imithetho yakhe, inhlangano yakhe ebonakalayo, ubuhlobo bethu noNkulunkulu, imihlangano yethu, namalungelo enkonzo. Uma sizazisa ngempela lezizinto ezingcwele, siyozibeka kuqala ekuphileni kwethu, sithembele kuJehova ngokuphelele, futhi asivuze.
Kwalandela inkulumo enamandla ethi “Yenyanye Ngokuphelele Inkambo Yezwe Eyihlazo.” Ngenxa yokungagwegwesi kwayo, yabangela amazwi anjengathi, “Yilokho kanye ebesikudinga!” Njengoba ububi buye banda, amaKristu kumelwe aqaphele ukuba angavumeli ukuziphatha okubi nobudlova. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho-ke, akumelwe sibukele noma silalele izinto ezinjalo ezisakazwa kuTV noma emsakazweni, akumelwe futhi sifunde ngazo komagazini bezwe. Eqinisweni, asifuni ngisho nokucabanga ngazo. ‘AmaKristu aqotho afisa ukugcina ubuhlobo obuhlanzekile noJehova awanakwenza lutho ngezithombe ezingcolile,’ cha, ngisho nokuncane!
Isimiso sangeSonto ekuseni saphetha ngedrama yeBhayibheli ethakazelisayo ethi UJehova Ukhulula Labo Ababiza EGameni Lakhe. Yayiphathelene nezenzakalo eziningana ekuphileni kukaJoshuwa. Njengokungathi kwenzeka ngokoqobo, yabonisa indlela izakhamuzi zaseJeriko okumelwe ukuba zabheka ngayo umjikelezo wamadoda empi akwaIsrayeli ezungeza umuzi nsuku zonke. Okwaqokonyiswa futhi kwakuwukholo olukhulu lukaRahabi, olwaholela ekukhululweni kwakhe nendlu yakhe. Ekuphetheni, bonke babuzwa: ‘Ingabe unalo ukholo oluqinile nesibindi sikaJoshuwa nabangane bakhe abangamaqhawe? Uma kunjalo, mhlawumbe siyohlanganyela ekunqotshweni kokugcina kwezitha zikaJehova.’
Kwalandela inkulumo yeningi yoMhlangano Wesigodi “Wokuthembela KuJehova,” eyayinesihloko esithi “Kulezikhathi Zethu Ezisabekayo, Ubani Ongamethemba Ngempela?” Yalikhanyisa kahle iqiniso lokuthi isintu siwudinga ngempela umthombo wethemba! Ngokukhanyayo, yabonisa ubuwula bokuthembela kubantu. Ngakho, iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba sithembele kuJehova futhi lisinikeza izizathu eziqinile zokwenza kanjalo. Kumelwe sithembele kuye ngenxa yezimfanelo zakhe nerekhodi lakhe lokukhulula labo abaye bathembela kuye, iNkosi uHezekiya iyisibonelo esivelele kulokhu. Ngokushesha ukukhululwa okufanayo kuyobonwa yilabo abankambo yabo ibonisa ukuthembela kuJehova.
Isihloko senkulumo eyalandela ngokushesha sasithi “Qhubeka ‘Uphila Ngokuthula.’” Ukuphila ngokuthula kusho ukuthuthukisa ukuthula ngenkuthalo. Kusho futhi ukuba nokuthula nathi ngokwethu ngenxa yokuba nonembeza omuhle. Ngokubonakalisa izithelo zomoya kaNkulunkulu, ikakhulukazi uthando nokuzithiba, siyokwazi ukuhlala ngokuthula nemikhaya yethu siqu nabazalwane nodade ebandleni.
Akukho kungabaza ngeqiniso lokuthi lomhlangano wasihlomisela “Ukubhekana Nesikhathi Esizayo Ngokuthembela Ngokugcwele KuJehova,” okwakuyisihloko senkulumo yokuphetha. Yeka indlela eyahlaziya ngayo isimiso! Isikhulumi sagcizelela ukuthi nsuku zonke kudingeka sithembele kuJehova ngazo zonke izinhliziyo zethu, simazise ezindleleni zethu zonke, simvumele aqondise imikhondo yethu. (IzAga 3:5, 6) Ababesemhlanganweni bakwazisa kakhulu ukuzwa ngezinkulumo zeningi ezintsha eziyi-16 nokunyatheliswa kabusha kwesihloko segazi esavela kuAwake! futhi siyosithola ukuze sisinikeze odokotela bethu. Yebo, savuka amadlingozi futhi lapho sizwa ngokukhululwa kwenye idrama yeBhayibheli esekhasethini, nokunyatheliswa kwamanye amapheshana amathathu!
Bonke ababekhona eMhlanganweni Wesigodi “Wokuthembela KuJehova” bakheka kakhulu ngokomoya. Manje sebekulungele ukubhekana nekusasa ngokwethembela okugcwele kuYise wasezulwini. Futhi bonke bakhuthazwa ngokufanelekile ngokunxusa kokuphetha: “Njengoba sibhekene nekusasa, kwangathi sonke ngobunye singabonisa ngendlela yethu yokuphila ukuthi ‘sithembela kuJehova.’”
[Ishadi ekhasini 26]
IMihlangano Yesigodi “Yokuthembela KuJehova” Ehlukahlukene
Ababekhona Ababhapathizwa
EAustria 24 686 360
EBrazil 442 731 7 626
EBritish Isles 156 417 1 225
EColombia 82 321 1 852
EDenmark 23 029 200
EFederal Republic
YaseJalimane 159 361 1 455
EFinland 26 144 284
EFrance 138 683 2 705
EHong Kong 2 661 49
EIreland 4 326 61
EItaly 221 227 5 496
EJamaica 18 540 184
EJapane 232 904 3 416
EKorea 82 296 2 013
EMalaysia 1 154 15
ENorway 12 703 218
EPortugal 55 057 1 074
EPuerto Rico 49 953 377
ESpain 105 591 2 394
ESweden 30 099 312
ESwitzerland 19 459 261
ETrinidad 10 649 132
EUnited States 1 288 313 13 562
EVenezuela 100 777 1 664
EZimbabwe 45 544 580
[Izithombe ekhasini 25]
Amadrama ashukumisa ingqondo aqokomisa isidingo sokuthembela kuJehova
UF. W. Franz, oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, ekhuluma nezilaleli ezazilalele ngokunakekela
[Isithombe ekhasini 26]
Abaningi babonisa ukuthembela kuJehova ngokubhapathizwa ukuze babonakalise ukuzinikezela kwabo kuye