“Ukuthula Makube-Kinina”
“UJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube-kinina.”—JOHANE 20:19.
1. Kungani imizamo yomuntu yokuletha “ukuthula” komhlaba ngokuqinisekile iyohluleka?
“IZWE lonke limi ebubini.” (1 Johane 5:19) Kwakunjalo esikhathini sikaJohane, futhi kusobala ngokwengeziwe namuhla, njengoba kunokwanda okusabekayo kobudlova kubantu, ubuphekula, izimpi, nokonakala. Amazwi aphefumlelwe kaJohane futhi achitha noma yiliphi ithemba lokufinyelela ukuthula komhlaba ngomzamo womuntu, naphezu kwemizamo kapapa, yabaholi bezizwe, neyeUN. Ngani? “Akukho ukuthula kwababi, usho uNkulunkulu wami.”—Isaya 57:21.
2. Igama elithi ukuthula lihlanganisani, ikakhulukazi ngesiHeberu nangesiGreki?
2 Nokho, igama elithi “ukuthula” lingasho okuthile okungaphezu nje kokungabibikho kwempi. Ukuthula futhi kungaba “isimo sengqondo noma esingokomoya esiphawulwa ukukhululeka emicabangweni noma emizwelweni ekhathazayo noma ecindezelayo: ukuthula kwengqondo nenhliziyo.” Nokho, igama lesiHeberu elisho “ukuthula” (sha·lohmʹ) negama lesiGreki elithi (ei·reʹne) anomqondo obanzi. Asho futhi inhlala-kahle, njengasemazwini okuvalelisa, “Hamba ngokuthula.” (1 Samuweli 1:17; 29:7; Luka 7:50; 8:48) Lokhu kusisiza ukuba sikuqonde ngokugcwele ukhathalela kothando kukaJesu abafundi bakhe phakathi nesikhathi esibuhlungu sokufa kwakhe.
3. UJesu wakubonisa kanjani ukukhathalela okujulile ngabafundi bakhe ngemva kokuvuswa kwakhe, futhi kwaba namuphi umphumela?
3 UJesu wafa ngoLwesihlanu, ngoNisan 14, ngonyaka ka-33 C.E. Wavuswa ngeSonto, ngoNisan 16. Ekhathazeke ngokujulile ngenhlala-kahle yabafundi bakhe njengenhlala-yenza, wabafuna lapho bekhona. Wabathola kuphi? Babezivalele ekamelweni elikhiyiwe “ngokwesaba abaJuda.” Ngokuqondakalayo, babekhathazekile, besaba. Kodwa uJesu wathi: “Ukuthula makube-kinina.” (Johane 20:19-21, 26) Kamuva, beqiniswe umoya ongcwele, baqhubeka kahle. Babhekana nesabelo sabo sokushumayela ngesibindi, besiza abaningi ukuba bazuze ukuthula kukaNkulunkulu.
Ukuthula KukaNkulunkulu Namuhla
4. Abantu bakaJehova bangakulondoloza kanjani ukuthula kwengqondo nenhliziyo kulezinsuku ezibucayi?
4 Siphila esikhathini sokuphela, ‘ezikhathini ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1) Abagibeli bamahhashi ababikezelwe kusAmbulo bagadula kuwo wonke umhlaba—njengoba ungabona ngezimpi, ukuswelakala kokudla, nokufa ngokugula. (IsAmbulo 6:3-8) Abantu bakaJehova nabo futhi bayathinteka ngezimo ezibazungezile. Ngakho ungakulondoloza kanjani ukuthula kukaNkulunkulu kwengqondo nenhliziyo? Ngokuzigcina useduze noMthombo omkhulu wenduduzo nokuthula. Njengoba isihloko esandulelayo sibonisile, lokhu kudinga ukuthandaza nokunxusa njalo. Ngaleyondlela “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
5. Kungani uPawulu ayeqiniseka ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu” kungazilondoloza izinhliziyo zethu?
5 Umphostoli uPawulu, owabhala lawomazwi, ngokwakhe wayebekezelele izingozi nobunzima. Wayeboshwe futhi washaywa ngamaJuda namaRoma. Wakhandwa ngamatshe futhi washiywa kucatshangwa ukuthi usefile. Ukuhamba ngalezozinsuku kwakuyingozi; uPawulu wafelwa umkhumbi izikhathi ezintathu, futhi kaningi wayesengozini yabaphangi. Futhi waqwasha ubusuku obuningi futhi ezikhathini eziningi waphathwa amakhaza, indlala nokoma. Ngale kwakho konke lokho, nsuku zonke wayenomuzwa ‘wokukhathalela onke amabandla.’ (2 Korinte 11:24-28) Ngakho uPawulu wayazi kokuhlangenwe nakho komuntu siqu okubanzi ukuthi kwakubaluleke kangakanani “ukuthula kukaNkulunkulu” okungalondoloza izinhliziyo zethu.
6. Kungani kubalulekile ukwakha nokulondoloza ubuhlobo obuseduze, nobufudumele noMdali wethu?
6 “Ukuthula kukaNkulunkulu” kungachazwa njengomuzwa wokuthula nokungakhathazeki, obonisa ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Lokhu kubaluleke kakhulu ngamaKristu, ikakhulukazi lapho ebhekana noshushiso noma nosizi. Ngani? Phela, sonke asiphelele; ngakho, lapho sikhathazwa yizinkinga, ukucindezeleka, ukuphikiswa, noma izinhlobo ezihlukahlukene zendumalo, singaba nengebhe kalula. Lokho kungase kuholele ekuhlulekeni kwethu ukugcina ubuqotho bethu. Okunjalo kungaletha isihlamba egameni likaNkulunkulu, kungasilahlekisela umusa kaNkulunkulu, futhi kungaholela ekulahlekelweni kwethu ukuphila okuphakade. Ngakho yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukulwela ukuzuza “ukuthula kukaNkulunkulu” okuyosisiza ekubhekaneni nezinselele ezinjalo ngokuphumelelayo. Lokho kuthula ngokuqinisekile kungesinye ‘sezipho ezinhle neziphiwo ezipheleleyo’ uBaba wethu wasezulwini azenze zatholakala.—Jakobe 1:17.
7, 8. (a) “Ukuthula kukaNkulunkulu” kusekelwe phezu kwani, futhi ‘kudlula ukuqonda konke’ ngayiphi indlela? (b) Ukuthula okunjalo kuye kwaboniswa kanjani endabeni yomunye umzalwane waseAfrika?
7 Mhlawumbe uye wabona ukuthi abanye abantu babhekana nokuphila ngesizotha nangokuqiniseka. Ngokuvamile lokhu kungenxa yekhono lemvelo, ithonya lomkhaya, ingcebo, imfundo, noma ezinye izici ezinjalo. “Ukuthula kukaNkulunkulu” kuhluke kakhulu. Akusekelwe ezimweni ezinhle, futhi akuveli ekhonweni lomuntu noma ukucabanga. Kuvela kuNkulunkulu futhi “kudlula ukuqonda konke.” Ukuhumusha kwekaJ. B. Phillips uFilipi 4:7 kuthi: “ukuthula kukaNkulunkulu . . . kudlula ukuqonda komuntu.” Abantu bezwe ngokuvamile bayamangazwa indlela amaKristu abhekana ngayo nezinkinga ezingathi sína, ukulimala okungokomzimba, noma ngisho nokufa.
8 Isibonelo sosuku lwanamuhla salokhu singomunye woFakazi BakaJehova owayeqhuba umhlangano wobuKristu ezweni laseAfrika lapho oFakazi, babemangalelwe njengamaphekula ikakhulukazi ngenxa yokugqugquzela kwamaKatolika endawo. Ngokushesha, kwavela amaphoyisa ezempi ephethe izikhali. Bagodusa abesifazane nabantwana kodwa baqala ukushaya abesilisa. UFakazi uyakhumbula: “Anginawo amazwi okuchaza indlela esaphathwa ngayo. Induna ewaphethe yagomela obala ukuthi sizoshaywa size sife. Ngashaywa ngesagila kangangokuba kamuva ngahlanza igazi izinsuku ezingama-90. Kodwa ngangikhathazeke ngokuphila kwabangane bami. Ngomthandazo ngacela uJehova ukuba anakekele ukuphila kwalaba, izimvu zakhe,” bonke abasinda. Yeka isibonelo sokuzigcina sinesizotha ngesikhathi sokuphikiswa okubuhlungu nesokucabangela abanye ngothando! Yebo, uBaba wethu wasezulwini onothando uyaziphendula izicelo zezinceku zakhe ezithembekile, azinikeze ukuthula kwakhe. Omunye wamabutho ayemangele kuleyondaba waphawula ukuthi uNkulunkulu woFakazi “kumelwe ukuba nguye oweqiniso.”
9. Ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalo kungaba naliphi ithonya?
9 Kulezikhathi ezinzima, amaKristu amaningi anezinkinga eziwenza azizwe ekhungathekile futhi edumele. Indlela enhle yokulondoloza ukuthula kwengqondo iwukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalo. Linganika umuntu amandla nokuzimisela ukuqhubekela phambili nokuma eqinile. “Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla.”—Heberu 4:12.
10. Ukukwazi ukukhumbula imibhalo kungaba kanjani isibusiso?
10 Nokho, kuthiwani uma ubunzima busifica lapho iBhayibheli lingekho? Ngokwesibonelo, umKristu angase aboshwe ngokungazelele futhi afakwe ejele engenalo iBhayibheli. Kuleyondaba, kungaba isibusiso sangempela ukukwazi ukukhumbula imibhalo enjengoFilipi 4:6, 7; IzAga 3:5, 6; 1 Petru 5:6, 7; neHubo 23. Ubungeke yini ukwazise ngokujulile ukukwazi ukukhumbula nokuzindla ngezindimana ezinjalo? Endaweni yobumnyama yasejele, kungaba sengathi uJehova ngokwakhe ukhuluma nawe. IZwi likaNkulunkulu lingaphulukisa izingqondo ezilimele, liqinise izinhliziyo eziyethile, futhi libuyisele ukuthula endaweni yokukhathazeka kwengqondo. (Bheka iHubo 119:165) Yebo, kubaluleke kakhulu ukuba sigxilise imiBhalo ezingqondweni zethu manje lapho sisenethuba lokwenza kanjalo.
11. Umzalwane othile eNetherlands wasibonisa kanjani isidingo sokudla okungokomoya?
11 UArthur Winkler wayengomunye wabalazisa ngokujulile iBhayibheli, ikakhulukazi phakathi nokubuswa kweNetherlands ubuNazi, lapho oFakazi kwakufanele ukuba baqhubeke nomsebenzi wabo wobuKristu ngomshoshaphansi. AmaGestapo ayezingela uMzalwan’ uWinkler. Lapho ekugcineni bemthola, bazama ukumenza ukuba ayekethise kodwa bahluleka. Khona base bemshaya waze waquleka. Bemkhiphe amazinyo, bamklunyula umhlathi ongezansi, futhi sebemshaye umzimba waze waba luhlaza, wafakwa endlini emnyama. Kodwa umlindi wakhe wayenozwela futhi enobungane. UMzalwan’ uWinkler wacela ukuqondisa kukaJehova ngomthandazo. Futhi wezwa isidingo esijulile sokudla okungokomoya futhi wacela umlindi ukuba amsize. Kamuva, umnyango wendlu wavuleka, futhi kwaphonswa iBhayibheli. “Yeka injabulo okwaba yiyo,” kukhumbula uMzalwan’ uWinkler, “ukujabulela amazwi amnandi eqiniso nsuku zonke . . . Ngazizwa ngiqina ngokomoya.”a
Ukuthula KukaNkulunkulu Kuyakunivikela
12. Kungani kunesidingo esikhethekile ngathi sokuba silondoloze izinhliziyo zethu nemicabango?
12 UJehova uthembisa ukuthi ukuthula kwakhe “kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu.” (Filipi 4:7) Lokhu kubaluleke kakhulu! Inhliziyo iwumthombo wezisusa nemizwelo. Kulezinsuku zokugcina, izinhliziyo zethu zingenziwa buthakathaka kalula ukwesaba noma ukukhathazeka, noma zisiyengele ekwenzeni okubi. Indlela evamile yokuphila iwohloka ngokushesha. Kufanele siqaphe ngezikhathi zonke. Ngaphezu kokudinga izinhliziyo eziqinile, kumelwe futhi “imicabango” yethu iqiniswe futhi iqondiswe nguNkulunkulu ngeZwi lakhe nangebandla lakhe.
13. Yiziphi izinzuzo ezingeza ngokulondoloza imicabango yethu?
13 Ngokuka W. E. Vine, igama lesiGreki unoʹe·ma (elihunyushwe ngokuthi “imicabango”) linomqondo “wenjongo” noma “isu.” (An Expository Dictionary of New Testament Words) Ngakho, ukuthula kukaNkulunkulu kungaqinisa injongo yethu yobuKristu futhi kusivikele kunoma yikuphi ukuthambekela ekubeni buthakathaka noma siguqule izingqondo zethu ngaphandle kwesizathu esihle. Kanjalo ukudumazeka noma izinkinga ngeke kusihlehlise kalula. Ngokwesibonelo, uma sinqume ukukhonza uJehova endimeni ethile ekhethekile, njengokuba isikhonzi esiyiphayona lesikhathi esigcwele noma ukuthutha ukuze siyokhonza lapho izikhonzi zidingeka kakhulu khona, “ukuthula kukaNkulunkulu” kuyoba usizo olukhulu kithina ekuphishekeleni lowomgomo. (Qhathanisa noLuka 1:3; IzEnzo 15:36; 19:21; Roma 15:22-24, 28; 1 Thesalonika 2:1, 18.) Ukuze uqinise umcabango wakho ngokwengeziwe, zinike isikhathi esanele sokutadisha iZwi likaNkulunkulu nesokuhlangana kobuKristu. Kanjalo wondla ingqondo yakho nenhliziyo ngemiqondo ehlanzekile, neyakhayo. Ingabe uyakwazi ukuzinika isikhathi esanele sokuba matasa ‘ngamazwi’ aphefumlelwe kaNkulunkulu? Ingabe kufanele uwanikeze ukunakekela okwengeziwe?
14. Yisiphi iseluleko esiphefumlelwe okufanele sisilalele ngokucophelela, futhi ngani?
14 Ungabona ukuthi kokubili inhliziyo nengqondo, noma imicabango, kuhilelekile ekutholeni nasekuzuzeni “ekuthuleni kukaNkulunkulu.” Lokhu kuvezwe eselulekweni saphezulu: “Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo. Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”—IzAga 4:20-23.
15. UJesu unayiphi ingxenye ekubeni kwethu ‘nokuthula kukaNkulunkulu’?
15 “Ukuthula kukaNkulunkulu” okuwumphumela wobuhlobo obuseduze, obufudumele noJehova kulondoloza izinhliziyo zethu nemicabango “ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:7, NW) Iyiphi indima uJesu anayo kulokhu? UPawulu uyachaza: “Makube-kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kulelizwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu.” (Galathiya 1:3, 4) Yebo, uJesu ngothando wanikela ngokuphila kwakhe ukuze sihlengwe. (Mathewu 20:28) Ngakho ‘kungoKristu Jesu’ ukuthi singaba abamukelekayo kuJehova njengezinceku zakhe ezizinikezele futhi sibe sesimweni sokujabulela lokho kuthula kukaNkulunkulu okungaba yisivikelo sethu.
Izingozi Ezisongela Ukuthula KukaNkulunkulu
16. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikeza esingasisiza ukuba silondoloze “ukuthula kukaNkulunkulu”?
16 Uma sesike sathola futhi sajabulela ukuthula okuvela kuNkulunkulu, kumelwe sinakekele ukuba kungasilahlekeli. Izici eziningi zingaphuca amaKristu ukuthula. Phakathi kwezivame kakhulu, futhi ngokuqinisekile eziyingozi kakhulu, izinkanuko zobusha. Encwadini yesibili kaPawulu eya kuThimothewu, ngokunokwenzeka ngalesosikhathi owayesand’ ukweva ema-30 obudala, wahlanganisa naleseluleko: “Balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.”—2 Thimothewu 2:22.
17. Yini ngokuvamile eye yenzeka mayelana nelungiselelo likaJehova lobulili?
17 Lezozinkanuko zihlanganisa inkanuko yobulili, enendawo ehloniphekile emshadweni. Nokho, kuwo wonke umlando, lenkanuko iye yaboniswa kabi ebuhlotsheni bobulili bangaphambi noma obungaphandle komshado, kokubili okungemukeleki kuMdali wethu ohlakaniphile. (Heberu 13:4; Genesise 34:1-3) Ingozi yokuhlulwa ukuziphatha okubi kobulili isongela amaKristu namuhla, kokubili abantu abasha nabadala. Kulezinsuku zokugcina zalelizwe elonakele, ubulili kubantu abaningi buye baba obusho inkanuko yenyama kuphela, ngokuvamile kanye nemikhuba evame phakathi kongqingili, besilisa nabesifazane.—Roma 1:24-27.
18. Kungani izinhliziyo zabathile zingakagxili, futhi lokhu kungaholelaphi?
18 Iqiniso lokuthi siphila ezimweni ezinjalo ligcizelela ukuthi kungokubaluleke kangakanani ngathi ukuba sibe nezinhliziyo eziqinile, ezigxilile ezinikelwe kuJehova. Abanye abaye bemukela isigijimi soMbuso, abawakholelwayo amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo, futhi abahlanganyela njalo nabantu bakaJehova abakuthuthukisi ukwazisa okujulile ngoJehova, ngeZwi lakhe, nangenhlangano yakhe yomhlaba wonke. Izinhliziyo zabo azikakagxili. Zingaphambukiswa kalula ‘yizinkanuko zobusha.’ Abanye babo bangase bamelane nezilingo zokuhlobonga noma ukuphinga, kodwa njengoba uPawulu axwayisa, baba “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:4) Bachitha isikhathi esiningi kakhulu bebuka iTV, befunda izincwadi zezindaba eziqanjiwe, noma belalele umculo wobuhlanya kunasesifundweni somuntu siqu, emihlanganweni yobuKristu, noma enkonzweni yoMbuso. Lokhu kuholela kalula ebuthakathakeni obungokomoya futhi, ekugcineni, ekuweleni esonweni esingathi sína.
19. Yini okumelwe siyenze ukuze sigweme ukukhukhulwa?
19 Abanjalo, bakhukhulekela emsingeni ogelezela enhlekeleleni, njengomkhumbi ongenahange. Yini okumelwe bayenze? UPawulu uyaluleka: “Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.” (Heberu 2:1) Ngakho labo abasengozini kufanele “baqaphelisise” ukufunda iZwi likaNkulunkulu, ukulungiselela imihlangano yobuKristu, nokuhlanganyela amaqiniso oMbuso nabanye. Yiqiniso, kungaba lula ukucabanga, ‘Leso yiseluleko esihle, kodwa angikho kulesosimo, ngakho asisebenzi kimi.’ Yeka ukuthi kungaba ukuhlakanipha kangakanani ngabanye ukuba sicabangele ngokungathi sína indlela esingahlanza ngayo izinhliziyo zethu, izizindlo zethu, nezinkanuko ngokwengeziwe futhi ‘sijonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.’ (2 Thimothewu 2:22) Ngaphezu kwakho konke, kufanele sicele isiqondiso sikaNkulunkulu nosizo oluqinisayo lomoya wakhe.
20. Yini okufanele noma ubani owenza isono esingathi sína ayenze?
20 Uma noma ubani eba necala lesono esingathi sína kodwa alifihle, ngokusobala uyolahlekelwa ukuvunyelwa uJehova “nokuthula kukaNkulunkulu” ayenakho. Futhi uyolahlekelwa ukuthula kwakhe kwengqondo. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 24:10; Mathewu 6:22, 23.) Khona, ungabona ukuthi kungani kubalulekile ukuba noma ubani ongumKristu oye wawela esonweni esingathi sína asivume kuJehova nakubadala abanothando, abangathuthukisa ukuphulukiswa okungokomoya. (Isaya 1:18, 19; 32:1, 2; Jakobe 5:14, 15) Uma umuntu oye walahlekelwa ukulinganisela okungokomoya endleleni eshelelayo yesono efuna usizo kubazalwane abavuthiwe, ngeke aqhubeke enonembeza okhathazekile noma angabi nokuthula kukaNkulunkulu.
21. Yisiphi isizathu sokubonga uJehova ngokujulile esinaso namuhla, futhi kufanele kube yini ukuzimisela kwethu?
21 Yeka ilungelo okuyilo ukuba omunye woFakazi BakaJehova abazinikezele namuhla! Yonke indawo, lelizwe likaSathane liyaphihlizeka futhi liba izicucu. Lizodlula ngokushesha. Abantu abaningi “baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.” Kodwa singaphakamisa amakhanda ethu ngoba siyazi ukuthi “kusondele ukukhululwa” kwethu. (Luka 21:25-28) Ukuze sibonise ukuthi simbonga kangakanani uJehova ‘ngokuthula kwakhe . . . okudlula ukuqonda konke,’ masenze konke okusemandleni ethu ukuze simkhonze ngokwethembeka “uNkulunkulu wokuthula”.—Roma 15:33; 1 Korinte 15:58.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka iYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1986, amakhasi 154-7.
Amaphuzu Okubukeza
◻ “Ukuthula kukaNkulunkulu” kusisiza kanjani namuhla, futhi ‘kukudlula’ kanjani ‘ukuqonda konke’?
◻ Yiziphi izici ezisenza sikwazi ukulondoloza ukuthula kwengqondo?
◻ Iyiphi ingozi ewumshoshaphansi esongela amaKristu amaningi namuhla, futhi ingaholelaphi?
◻ Uma umKristu enza isono esingathi sína, yini okumelwe ayenze?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]
Wakubona Ukuthi Kuyiqiniso
Phakathi neMpi Yezwe II amaNazi athumela umyeni kaElsa Abt ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen ngenxa yokushumayela kwakhe kobuKristu. Khona-ke ngoMay 1942, amaGestapo afika emzini wakhe, athatha indodakazi yakhe encane, futhi athumela uElsa emakamu ahlukahlukene ukuyosebenza nokuyohlushwa. Unikeza lokhu okuhlangenwe nakho komuntu siqu:
“Iminyaka yami emakamu okuhlushwa aseJalimane yangifundisa isifundo esikhethekile. Siwukuthi, umoya kaJehova ungakuqinisa kakhulu lapho ungaphansi kovivinyo olunzima! Ngaphambi kokuba ngiboshwe, ngangifunde incwadi yomunye udade eyayithi ngaphansi kovivinyo olukhulu umoya kaJehova ubangela ukuba ube nokuthula. Ngangicabanga ukuthi kumelwe ukuba uyeqisa kancane. Kodwa lapho ngihlangabezana novivinyo ngokwami, ngazi ukuthi lokho ayekushilo kwakuyiqiniso. Kwenzeka ngaleyondlela ngempela. Kulukhuni ukukucabanga, uma ungakaze uhlangabezane nakho. Nokho kuye kwenzeka ngempela kimi. UJehova uyasiza.”
[Isithombe ekhasini 16]
UPawulu wayazi ko- kuhlangenwe nakho ukuthi ukuthula kukaNkulunkulu kungalondoloza izinhliziyo zethu
[Isithombe ekhasini 19]
Ingabe usengozini yokukhukhulwa ngokomoya?