Inselele Yokulandela Ezinyathelweni Zakhe
“Ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yenu wanishiyela isibonelo somuntu siqu, ukuze nilandele ezinyathelweni zakhe.”—1 PETRU 2:21, Phillips.
1, 2. (a) Yini engaba inselele yangempela, futhi kungani lokhu kuthakazelisa kumaKristu? (b) Yimiphi imibuzo ephakanyiswayo lapha?
INGABE wake wahamba ogwini olunesihlabathi noma ongwengwezini lweqhwa wazithola udonswa izinyathelo ezishiywe othile ohambe lapho ngaphambi kwakho? Ingabe mhlawumbe waze ngisho wakhetha umzila othile wezinyathelo wazama ukuwulandela, ufanisa izinyathelo zakho nazo ngokufana nsé ngangokunokwenzeka? Uma kunjalo, wathola ukuthi kwakungelula. Eqinisweni, ukulandela eduze ezinyathelweni zothile—ngokoqobo noma ngokomfanekiso—kuyinselele yangempela. Nokho, ngokuzibiza ngokuthi singamaKristu, siye sabonisa isifiso sethu sokwenza lokho kanye, ukulandela eduze ezinyathelweni zikaKristu.
2 Ingabe uzimisele ukwenza umzamo odingekile ukuze uhlangabezane nalenselele ngokuphumelelayo? Ngaphezu kwalokho, ingabe uzimisele ukwenza kanjalo, kungakhathaliseki ukuthi kuvelani? Uma kunjalo, ukubuqonda ngokugcwele ubunzima bokulandela ezinyathelweni ezingokoqobo kuyokwenza uphumelele ngokwengeziwe ekulandeleni ezinyathelweni zikaKristu ezingokomfanekiso.
Funda Ukuzivumelanisa
3. Kungani ukulandela ezinyathelweni zothile ekuqaleni kungabonakala kungokungenakwenzeka?
3 Wonke umuntu unendlela yakhe ehlukile yokuhamba. Ngokwesibonelo, ubude bamagxathu, buyahluka kumuntu nomuntu, njengoba kunjalo nangendlela umuntu anyathela ngayo. Izinzwane zakhe zingase zibheke phambili, noma zigobele ngaphakathi noma ngaphandle ngendlela ethile, ngokunokwenzeka indlela evelele kolunye unyawo kunakolunye. Ingabe uyayiqaphela inselele? Ukuze ulandele eduze ezinyathelweni zomunye, kumelwe uvumelanise ubude bamagxathu akho nokunyathela konyawo lwakho nolwakhe. Ekuqaleni lokhu kuyobonakala kungokungenakwenzeka, kodwa kumelwe kwenziwe. Akukho ukwenza ngokunye.
4. Kungani ukulandela ezinyathelweni zikaJesu kuyinselele ekhethekile?
4 Ngendlela engokomfanekiso, indlela kaKristu yokuhamba, yayiyingqayizivele, ngoba phakathi kwabantu bosuku lwakhe nguye kuphela owayengumuntu ophelele, “ongasazanga isono.” (2 Korinte 5:21) Njengoba abantu ngokwemvelo beyizoni ezingaphelele, ukuhamba ezinyathelweni zikaJesu akuyona indlela yabo yemvelo yokuhamba. UPawulu wakhumbuza amaKristu aseKorinte ngalokhu, ethi: “Ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?” Ukuthambekela kokuba nomhawu nokuphikisana, “imisebenzi yenyama,” kungokuvamile kubantu abangaphelele, kodwa uJesu wahamba ngendlela yothando, futhi ‘uthando alunamhawu, alucunuki.’ Ngakho ukuhamba ezinyathelweni zikaKristu kubeka inselele enkulu kakhulu kunalapho sicelwa ukuba silandele ezinyathelweni zomuntu ongaphelele.—1 Korinte 3:3; 13:4, 5; Galathiya 5:19, 20; bheka futhi abase-Efesu 5:2, 8.
5, 6. (a) Kungani abantu abaningi beye bahluleka ukulandela ezinyathelweni zikaJesu, kuholela uPawulu ukuba anikeze siphi iseluleko? (b) Abantu bakhuthazwa kanjani ukuba bahambe ezinyathelweni zikaKristu namuhla, namuphi umphumela kubo?
5 Ngaphandle kokungapheleli, ukungayazi intando kaNkulunkulu nakho kungamvimbela umuntu ukuba ahambe ezinyathelweni zikaKristu. Ngakho uPawulu waluleka amaKristu ase-Efesu ukuba ‘angabe esahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo, behlelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo.’—Efesu 4:17, 18.
6 Ngosizo lomsebenzi wokushumayela ngoMbuso, abantu namuhla bakhuthazwa ukuba bayeke ukuhamba ngendlela yabo evamile, yokungazazi izinjongo zikaNkulunkulu, yobumnyama ngokwengqondo, beshukunyiswa izinhliziyo ezibuthuntu befuna imigomo engenambuyiselo. Bakhuthazwa ukuba bazivumelanise nesibonelo esiphelele sikaKristu, ‘bahambe bekuye,’ kanjalo ‘namacebo onke bawathumbele ekumlaleleni uKristu.’ (Kolose 2:6, 7; 2 Korinte 10:5) Abantu abavuma ukuhlangabezana nalenselele bagxilile okholweni lwabo. Njengoba bejwayela ukuhamba ngendlela uKristu ahamba ngayo, kuya kuba lula kakhulu kubo.
7. Yisiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi, nakuba ngokuvamile kuyinselele, ukulandela ezinyathelweni zikaJesu kungenzeka?
7 Nokho, ngokuvamile kuyinselele. Mkhulu umehluko phakathi kwesidalwa esiphelele nesingaphelele. Ngakho izidalwa ezingaphelele kumelwe zenze izinguquko ezinkulu ukuze zizame ukulandela isibonelo esiphelele. Abanye abantu, mhlawumbe ngenxa yofuzo noma isimo sendawo ebazungezile, banobunzima obukhulu ekuvumelaneni nendlela yobuKristu yokuphila kunabanye. Kodwa uJehova uyasiqinisekisa ukuthi noma ubani ofuna ngempela ukuzikhandla angakwenza. Umphostoli uPawulu wathi: “Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13, bheka futhi eyesi-2 Korinte 4:7; 12:9.) Kungokufanayo ngawo wonke amaKristu.
Nakekela
8, 9. (a) Kungani ukuqaphelisisa okuphelele nokugxilisa ingqondo okungathi sína kudingeka lapho silandela ezinyathelweni zothile? (b) Ukulandela siphi iseluleko seBhayibheli okuyosivimbela ukuba siduke ezinyathelweni zikaJesu?
8 Asinakukwazi ukulandela izinyathelo ezingokoqobo ngaphandle kokubhekisisa ukuthi sinyathelaphi. Uma amehlo ethu eyaluza—enaka izinto ezenzekayo ezisizungezile noma ezinye izinto—nakanjani izinyawo zethu zingaphazama noma nini. Ngaphandle kokuba sinakekele ngokuphelele futhi sigxilise ingqondo ngokungathi sína, siyoduka ezinyathelweni okufanele sizilandele. Ngakho, ngaso sonke isikhathi kunesidingo sokuqapha, ikakhulukazi uma imisindo ezumayo noma ezinye izithikamezo ezingalindelekile kungase kususe ingqondo yethu emsebenzini ebesiwenza.—Qhathanisa noJobe 18:10, 11.
9 Ngendlela engokomfanekiso, lokhu kunjalo futhi ngalabo abalandela ezinyathelweni zikaJesu. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe ukuba baziqaphele, funa izinhliziyo zabo ‘zisindwe ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila.’ (Luka 21:34) USathane usebenzisa lezithikamezo zansuku zonke ukuba asibangele ukuba sisuse amehlo ethu ezinyathelweni zikaJesu. Uyashesha ukuba asibambe singazelele ngokusebenzisa izimo ezingalindelekile, njengokuphikiswa, ukugula, noma izimo ezingokwezimali ezidumazayo. Ukuze siqiniseke ukuba ‘singakhukhulwa,’ kumelwe ‘siqaphelisise esikuzwileyo,’ ngamanye amazwi, sigcine amehlo ethu egxile ngokwengeziwe ezinyathelweni zikaKristu kunanini ngaphambili.—Heberu 2:1; bheka futhi eyoku-1 Johane 2:15-17.
Ungaphambuki
10. (a) Iyiphi ingozi ekhona lapho kunemizila yezinyathelo ephambanayo? (b) Ngomqondo ongokomoya, kungani imiphumela yokulandela izinyathelo ezingafanele ingengathi sína?
10 Ogwini oluphithizelayo, kungase kube nezinyathelo eziningana esihlabathini esimanzi, futhi eminye imizila yezinyathelo ingase iphambane nalowo esiwulandelayo. Imizila eminingi yezinyathelo ingase ibonakale ifana, uma ungaqaphelisisi. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuqiniseka ukuthi silandela ezifanele. Ngaphandle kwalokho singase sikhohliseke siye ohlangothini okungelona. Ngomqondo ongokomoya, lokhu kungaba nemiphumela engathi sína. Ingozi yokulandela izinyathelo ezingabonakala zilungile kodwa eqinisweni kungenjalo iboniswe esageni esixwayisayo: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.”—IzAga 16:25.
11. Yisiphi isixwayiso uPawulu asinikeza amaKristu okuqala, ebekela obani isibonelo namuhla?
11 Ngenxa yalengozi yangempela, uPawulu wazizwa ephoqelekile ukuba axwayise abafowabo ebandleni lobuKristu lokuqala: “Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, . . . bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu . . . Noma [ubani] onishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo.” (Galathiya 1:6-9) Ngokuvumelana nesibonelo sikaPawulu, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova namuhla isixwayisa ngezihlubuki nangabazalwane bamanga, esingathi, babeka izinyathelo-mbumbulu. AmaKristu eqiniso awafuni ukuphambuka endleleni eyabekwa uKristu phambi kwawo ngokuqondisa kukaNkulunkulu.—IHubo 44:18.
12. (a) Eyesi-2 Thimothewu 1:13 ingasisiza kanjani ukuba sigweme ukudukiswa kokuba silandele izinyathelo-mbumbulu? (b) Siyini isici sezinye izinhlobo zezindaba ezinhle?
12 Ngokuqaphelisisa izimpawu ezihlukanisayo zezinyathelo zikaKristu, sigwema ukudukiswa. Ulwazi oluqondile ngoJesu, ngezimfundiso zakhe, nangendlela ibandla lobuKristu elisebenza ngayo lusisiza ukuba sibone “isibonelo samazwi aphilayo” esisivikela kulabo “abaphendukezela ivangeli ngoKristu.” (2 Thimothewu 1:13) Ezinye izinhlobo zalokho okubizwa ngokuthi izindaba ezinhle—eqinisweni, izinyathelo-mbumbulu—ziyehluleka ukulingana kháxa kulesosibonelo seqiniso. Ziyasiphendukezela, zenza umfanekiso ufiphale. Kunokuba zicacise amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo nezimiso, ziyawaphikisa. Esikhundleni sokuba zisikhuthazele ukuba sikhuthale ngokwengeziwe enkonzweni kaJehova, ziphikisa ngokuthi kumelwe siyekethise. Isigijimi sazo asakhi futhi asilikhazimulisi igama likaJehova nenhlangano yakhe; kodwa siphambene, sifuna amaphutha, futhi siyagxeka. Ngokuqinisekile, lezi akuzona izinyathelo esifuna ukuzilandela.
Gcina Ijubane Elifanele
13. Ijubane lihileleke kanjani uma silandela ezinyathelweni zothile?
13 Uma sihamba, ubude bamagxathu ethu bunqunywa ngokwengxenye ijubane esihamba ngalo. Ngokuvamile, lapho sihamba ngokushesha, amagxathu ethu aba made; lapho sihamba kancane, aba mafushane. Kanjalo, kuyoba lula ngathi ukuba silandele ezinyathelweni zothile ezingokoqobo uma silungisa ijubane lethu ukuba livumelane nelakhe. Ngokufanayo, ukuze sihambe ngokuphumelelayo ezinyathelweni ezingokomfanekiso zomHoli wethu, uJesu Kristu, kumelwe sigcine ijubane lakhe.
14. (a) Kungaziphi izindlela esingahluleka ngazo ukuhambisana noJesu? (b) Kungani kuwubuwula ukuzama ukuhamba ngokushesha ‘kunenceku ethembekileyo neqondayo’?
14 Ukungahambi ngejubane likaKristu kungase kusho enye yezinto ezimbili. Kungaba ukuthi sizama ukuhamba ngokushesha, sigijimele “inceku ethembekileyo neqondayo” ngaphambili, leyo uJesu ayisebenzisayo ukuze afeze injongo kaJehova, noma sisalela emuva ekulandeleni ukuqondisa ‘kwaleyonceku.’ (Mathewu 24:45-47) Njengesibonelo sesici sokuqala, amanye amaKristu ezikhathini ezidlule aye aphelelwa yisineke ngezinguquko ezingokwezimfundiso noma ezingokwenhlangano noma ukuthuthukiswa ayekubona kudingekile futhi sekudlulelwe isikhathi. Engeneliswa ngoba enomuzwa wokuthi izinto azihambi ngokushesha, abashiya abantu bakaJehova. Yeka ubuwula futhi yeka ukuba nombono omfushane! Ngokuvamile yona kanye into eyawacasula yashintshwa kamuva—ngesikhathi sikaJehova esifanele.—IzAga 19:2; UmShumayeli 7:8, 9.
15. INkosi uDavide noJesu baba kanjani izibonelo zokulondoloza ijubane elifanele?
15 Inkambo yokuhlakanipha iwukulindela uJehova ukuba athathe isinyathelo kunokuzama ukuphoqelela ijubane izinto okufanele zenzeke ngalo. INkosi yasendulo uDavide yabeka isibonelo esifanele. Yenqaba ukubophela iNkosi uSawule uzungu ngomzamo wokuthatha ubukhosi ngaphambi kokuba kube isikhathi sikaJehova esifanele sokumnikeza bona. (1 Samuweli 24:1-15) Ngokufanayo, “iNdodana kaDavide,” uJesu, yaqaphela ukuthi kwakuyodingeka ilinde ukuze ingene ngokugcwele ebukhosini bayo basezulwini. Yayiwazi amazwi angokwesiprofetho ayesebenza kuyo: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho.” Ngakho lapho iqembu lamaJuda lifuna ‘ukumbamba limbeke inkosi,’ uJesu wamonyuka ngokushesha. (Mathewu 21:9; IHubo 110:1; Johane 6:15) Eminyakeni engaba ngama-30 kamuva, ngokwamaHeberu 10:12, 13, uJesu wayesalindele ubukhosi bakhe. Eqinisweni, walinda cishe amakhulu eminyaka ayi-19 ngaphambi kokuba amiswe njengeNkosi efanelekayo yoMbuso kaNkulunkulu ekumisweni kwawo ngo-1914.
16. (a) Bonisa ukuthi singahamba kanjani kancane kunokufanele sikwenze. (b) Iyini injongo yokubekezela kukaJehova, futhi kufanele sikugweme kanjani ukukusebenzisa kabi lokho kubekezela?
16 Nokho, ukuhluleka ukugcina ijubane elifanele, kungasho futhi ukwehlisa ijubane, ukusalela emuva. Ngakho, lapho iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi kumelwe senze izinguquko ekuphileni kwethu, ingabe sithatha isinyathelo ngaphandle kokulibala? Noma ingabe sinombono wokuthi njengoba uNkulunkulu ebekezela, singakuhlehlisa ukwenza izinguquko ezinjalo kuze kube kamuva, sithemba ukuthi kungase kube lula ngalesosikhathi? Yiqiniso, uJehova uyabekezela. Kodwa akukhona okokuba sibe abadebeselayo ekwenzeni izinguquko ezidingekayo. Kunalokho, “iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9, 15) Khona-ke, yeka ukuthi kungcono kanjani ukulingisa umhubi owathi: “Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.”—IHubo 119:60.
17. Kuhlangene ngani ukugcina ijubane elifanele nokushumayela ngoMbuso, kusiholela ukuba sizibuze muphi umbuzo?
17 Ukusalela emuva kungahilela futhi nokushumayela ngoMbuso. NgokukaMathewu 25, uJesu okwamanje wahlulela isintu, ehlukanisa “izimvu” ‘ezimbuzini.’ Lokhu kufezwa ikakhulukazi ngokushunyayelwa ‘kwalelivangeli lombuso.’ (Mathewu 24:14; 25:31-33; IsAmbulo 14:6, 7) Isikhathi esinikeziwe sokufeza lomsebenzi wokuhlukanisa silinganiselwe. (Mathewu 24:34) Njengoba isikhathi esikhona sisondela ekupheleni, singalindela ukuba uJesu awusheshise umsebenzi. Ngokwenza kanjalo, usebenza njengethuluzi likaNkulunkulu, owenza lesithembiso, lapho ekhuluma ngomsebenzi wokubutha: “Mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” (Isaya 60:22) Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, ezilandela eduze ezinyathelweni zeNdodana yakhe, ingabe sisheshisa ijubane lethu lokushumayela ngoMbuso ngezinga elivunyelwa isimo sethu esingokwenyama nemithwalo yethu yemfanelo engokomBhalo? Imibiko yenkonzo yasensimini ibonisa ukuthi izigidi zoFakazi BakaJehova zenza kanjalo!
Gwema Ukuzethemba Ngokweqile, Yilwa Nokudumazeka
18. Kungani umuntu engase abe ozethemba ngokweqile, futhi iBhayibheli lixwayisa kanjani ngalengozi?
18 Uma sikhuthazela isikhathi eside ekulandeleni izinyathelo zothile, indlela yakhe yokuhamba iyojwayeleka ngokwengeziwe kithi. Nokho, uma siba abanganaki, noma nini singanyathela eceleni. Ngakho, lapho silandela ezinyathelweni zikaJesu ezingokomfanekiso, kumelwe siqaphele ingozi yokuba ngabazethemba ngokweqile, sincike ngokunganaki emandleni nasemakhonweni ethu, sibe nomuzwa wokuthi sesiyibambile indlela yakhe ephelele yokuhamba. Okuhlangenwe nakho kukaPetru okulotshwe kuLuka 22:54-62 kusebenza njengesixwayiso esifika ngesikhathi. Futhi kugcizelela ubuqiniso beyoku-1 Korinte 10:12, ethi: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.”
19. (a) Yini eyenzeka kumKristu ngamunye ngezikhathi ezithile? (Jakobe 3:2) (b) Kufanele siwabheke kanjani amazwi kaPawulu kwabaseRoma 7:19, 24?
19 Ngenxa yokungapheleli, unyawo lomKristu ngamunye luyophazama ngezikhathi ezithile. Ukuphambuka kungase kube kuncane, kungabonakali nakancane kwabanye. Noma kungase kube ukugeja uphawu okusobala kangangokuthi kubonwe yibo bonke. Kunoma yikuphi kwalokhu, yeka ukuthi kududuza kanjani ukukhumbula ukuvuma kukaPawulu kokwethembeka: “Ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. Wo mina-muntu wosizi.” (Roma 7:19, 24) Yiqiniso, lamazwi akumelwe abhekwe njengesaba sokwenza okubi. Kunalokho, ayisikhuthazo kumaKristu azinikele alwa nokungapheleli, esiwasiza ukuba akhuthazele emzamweni wawo wokubhekana nenselele yokuhamba ezinyathelweni zikaJesu eziphelele.
20. (a) IzAga 24:16 zisisiza kanjani emncintiswaneni wethu wokuphila? (b) Kufanele sizimisele ukwenzani?
20 “Olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke,” kusho izAga 24:16. Emncintiswaneni wethu wokuphila, akekho okufanele azizwe ebophelekile ukuba ahoxe. Lomncintiswano unjengowokugijima ibanga elide, umncintiswano wokubekezela, hhayi owokugijima amamitha ayikhulu. Ukunyathela kabi komsubathi ngisho nokuncane kangakanani kungase kumenze angaphumeleli emncintiswaneni. Kodwa umgijimi webanga elide, ngisho noma angakhubeka, unesikhathi sokuvuka futhi aqedele lowomncintiswano. Ngakho lapho ukunyathela kabi kwakho siqu kukwenza uthi, “Wo mina-muntu wosizi,” khumbula ukuthi usenaso isikhathi sokuvuka. Usenalo ithuba lokubuyela futhi ezinyathelweni zomHoli wakho, uJesu Kristu. Asikho isizathu sokudangala! Asikho isizathu sokuyeka! Zimisele, ngosizo lwaphezulu, ukuba uhlangabezane ngokuphumelelayo nenselele ‘yokulandela eduze ezinyathelweni zikaJesu.’—1 Petru 2:21.
Kungani amaKristu kumelwe
◻ afunde ukuzivumelanisa?
◻ anakekele ngokuphelele?
◻ akhumbule isibonelo seqiniso?
◻ alondoloze ijubane elifanele?
◻ axwaye ukuzethemba ngokweqile?
◻ alwe nokudumazeka?
[Isithombe ekhasini 15]
Ngokugcina iso lakhe lisemgomweni wakhe, olungileyo ngokuqinisekile uyovuka