UJesu Kristu—INdodana KaNkulunkulu Ethandekayo
“Kwavela izwi ezulwini, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”—MATHEWU 3:17.
1, 2. (a) Yiliphi iqiniso elisobala iBhayibheli elilifundisayo ngokuqondene noNkulunkulu umninimandla onke noJesu Kristu? (b) Zifundisani izinkolo zeLobukholwa?
UJESU KRISTU wabhapathizwa eneminyaka engama-30 ubudala ngokucwiliswa emanzini. Lapho ephuma emanzini, izwi elivela ezulwini lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:17) Lelozwi kwakuyizwi likaNkulunkulu. Ngesinye isikhathi, lapho ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Baba, khazimulisa igama lakho.” Futhi lapho uJesu esesho lokho, ‘izwi likaNkulunkulu lavela ezulwini, lathi: Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.’—Johane 12:28.
2 Kulokhu kulandisa, ngisho nengane ingaqonda ukuthi ubuhlobo obuphakathi kukaNkulunkulu umninimandla onke noJesu Kristu kwakuyilobo bukayise nendodana yakhe ethandekayo, abantu ababili abahlukene. Nokho, leliqiniso leBhayibheli elisobala liyaphikiswa yizinkolo zeLobukholwa. Ziphikelela ngokuthi uJesu Kristu ngokwakhe unguNkulunkulu uMninimandla onke, umuntu wesibili kuZiqu-zintathu, owesithathu ungumoya ongcwele.
3. Ukudideka ngemfundiso kaZiqu-zintathu kuboniswa kanjani?
3 Leyomfundiso iye yadala ukudideka okukhulu phakathi kwabantu bezinkolo zeLobukholwa, okungesinye sezizathu sokuba iNew Catholic Encyclopedia ibize uZiqu-zintathu ngokuthi imfihlakalo. Ngempela, idala ukudideka ngisho naphakathi kwabefundisi ngokwabo, ngoba leyoencyclopedia ithi futhi: “Kunabafundisi abambalwa bemfundiso yenkolo kaZiqu-zintathu ezikoleni zamaRoma Katolika zokufundela ubufundisi abangazange babeleselwe ngesinye isikhathi umbuzo othi, ‘Kodwa umuntu umfundisa kanjani uZiqu-zintathu?’ Futhi uma lombuzo uwuphawu lokudideka kubafundi, mhlawumbe usewuphawu lokudideka okufanayo koprofesa babo.”
4. Iyiphi imfundiso yamasonto engokomthetho ngokuqondene noZiqu-zintathu?
4 Leyomfundiso edidayo iyinkolelo eyinhloko yezinkolo zamaKatolika namaProthestani. IThe Catholic Encyclopedia ithi: “UZiqu-zintathu igama elisetshenziselwa ukuchaza imfundiso eyinhloko yenkolo yobuKristu . . . Ngakho, encwadini yeSivumo sika-Athanasius: ‘uBaba unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu, uMoya oNgcwele unguNkulunkulu, nokho akubona oNkulunkulu abathathu kodwa uNkulunkulu oyedwa.’” Ngokufanayo, ecaleni lasenkantolo elihilela oFakazi BakaJehova eGrisi, iSonto lamaGreki lobuOrthodox lathi: “Imfundiso eyisisekelo yobuKristu, leyo onke amaKristu avuma ukuthi akholelwa kuyo . . . kungakhathaliseki ukuthi angawaliphi ihlelo noma imfundiso engaphikiswa, . . . inguZiqu-zintathu, okungukuthi uNkulunkulu uYedwa kubantu abathathu.” ISonto lamaGreki lobuOrthodox lathi futhi: “AmaKristu yilabo abamukela uKristu njengoNkulunkulu.” Lathi labo abangamamukeli uZiqu-zintathu abawona amaKristu kodwa abaphikisi.
5, 6. Kungani kubalulekile ukwazi iqiniso ngalendaba?
5 Nokho, uma lemfundiso kaZiqu-zintathu “eyisisekelo” yeLobukholwa ingelona iqiniso, uma ingamanga, khona-ke okuphambene nalokho kwakuyoba yiqiniso. AmaKristu eqiniso ayezoyinqaba. Labo abahlubuke ebuKristwini babezonamathela kuyo. Kwakuyoba namiphi imiphumela kuleliqembu elisanda kushiwo? Encwadini yokugcina yeBhayibheli, “isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu,” sifunda lokhu ngokuphathelene nalabo abangakufanelekeli ukuphila okuphakade eMbusweni kaNkulunkulu: “Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.”—IsAmbulo 1:1; 22:15.
6 Ngenxa yokubaluleka kwawo, kufanele sazi ukuthi lomqondo kaZiqu-zintathu waqalaphi, futhi kungani waqaliswa. Ubani ngempela umsekeli wawo? Ulwazi lweBhayibheli lwanamuhla luthini ngawo? Kodwa ngaphambi kokuba sixoxe ngalezindaba, masihlole ngokwengeziwe lokho iZwi likaNkulunkulu siqu eliphefumlelwe elikushoyo.—2 Thimothewu 3:16, 17.
“INdodana KaNkulunkulu” Hhayi ‘UNkulunkulu INdodana’
7. Ukufundwa kweBhayibheli ngokungakhethi kwembulani ngoJesu?
7 UJesu akakaze asho ukuthi yena ngokwakhe unguNkulunkulu umninimandla onke. Noma yikuphi ukufundwa kweBhayibheli kokungakhethi okungenayo imibono ecatshangelwe kusengaphambili ngoZiqu-zintathu kuyokufakazela lokho. Ngokwesibonelo, kuJohane 3:16, uJesu wathi: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” Emavesini amabili nje kamuva, uJesu waphinda wathi ‘uyiNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.’ (Johane 3:18) Lapho amaJuda ebeka uJesu icala lokuhlambalaza, waphendula: “Nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithé: NgiyiNdodana kaNkulunkulu, na?” (Johane 10:36) UJesu akashongo ukuthi ‘wayenguNkulunkulu iNdodana’ kodwa wathi ‘wayeyiNdodana kaNkulunkulu.’
8. Yibuphi ubufakazi obanikezwa yinduna yekhulu nalabo ababenayo?
8 Lapho uJesu efa, ngisho namabutho amaRoma ayelindile ayazi ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu: “Induna yekhulu nababenayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” (Mathewu 27:54) Abashongo ukuthi, ‘lo ubenguNkulunkulu’ noma ‘lo ubenguNkulunkulu iNdodana,’ ngoba uJesu nabafundi bakhe bafundisa ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu uMninimandla onke esimweni somuntu.
9, 10. Yibuphi ubufakazi obunamandla obunikezwa amaVangeli ngobuhlobo obuphakathi kukaNkulunkulu noJesu?
9 UNkulunkulu ngokwakhe wakufakazela ukuthi uJesu wayeyiNdodana yakhe ethandekayo, njengoba umlobi weBhayibheli uMathewu aphawula lapho uJesu ebhapathizwa. (Mathewu 3:17) Abanye abalobi beBhayibheli baphawula okufanayo. UMarku wabhala: “Kwavela izwi ezulwini, lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” (Marku 1:11) ULuka wathi: “Kwavela izwi ezulwini, lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” (Luka 3:22) NoJohane uMbhapathizi, owabhapathiza uJesu, wafakaza: “Ngafakaza ukuthi: Lo [uJesu] uyiNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 1:34) Ngakho uNkulunkulu ngokwakhe, bonke abalobi abane bamaVangeli, noJohane uMbhapathizi basho ngokucacile ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu. Futhi esikhathini esithile kamuva, ngesikhathi uJesu eguqulwa isimo, kwenzeka into efanayo: “Kwavela izwi [likaNkulunkulu] efwini, lathi: Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”—Luka 9:35.
10 Kulokhu kulandisa, ingabe uNkulunkulu wayesho ukuthi yena ngokwakhe wayeyindodana yakhe mathupha, ukuthi wayezithumile, nokuthi wayezithokozela? Cha, uNkulunkulu uBaba, uMdali, wayesho ukuthi uthume iNdodana yakhe uJesu, umuntu ohlukile, ukuba enze umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, kuyo yonke imiBhalo yesiGreki amazwi athi “iNdodana kaNkulunkulu” asetshenziselwa ukubhekisela kuJesu. Kodwa asiwatholi nakanye amazwi athi ‘uNkulunkulu iNdodana,’ ngoba uJesu wayengeyena uNkulunkulu umninimandla onke. WayeyiNdodana kaNkulunkulu. Bangabantu ababili abahlukene, futhi akukho “mfihlakalo” yemfundiso yenkolo engaguqula leloqiniso.
UBaba Mkhulu KuneNdodana
11. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu wayemkhulu kunaye?
11 UJesu wayazi ukuthi akalingani noYise kodwa ukuthi ngazo zonke izindlela wayesesikhundleni esiphansi. Wayazi ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo eyayinothando olujulile ngoYise. Kungalesosizathu, ngokuphindaphindiwe, uJesu akhuluma amazwi anjengalawa alandelayo: “INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Johane 5:19) “Ngehlé ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.” (Johane 6:38) “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.” (Johane 7:16) “Ngiyamazi [uNkulunkulu] mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.” (Johane 7:29) Lowo othumayo mkhulu. Lowo othunywayo mncane, yinceku. Othumayo uNkulunkulu. Othunywayo uJesu. Abafani. Njengoba uJesu akubonisa: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.”—Johane 13:16.
12. Yimuphi umfanekiso obonisa isikhundla sikaJesu esingaphansi kwesikaYise?
12 Lokhu futhi kwenziwe kwacaca emfanekisweni uJesu awunikeza. Wafanisa uYise, uJehova uNkulunkulu, nomninisivini owaya ezweni elikude washiya isivini ngaphansi kokunakekela kwabalimi—ngokusobala abafanekisela abefundisi bamaJuda. Ngokuhamba kwesikhathi, umninisivini wathuma inceku ukuba iyolanda ezinye zezithelo zesivini, kodwa abalimi bayishaya lenceku futhi bayithumela emuva ilambatha. Khona-ke umninisivini wathuma inceku yesibili, futhi kwenzeka okufanayo. Wathuma inceku yesithathu, eyathola impatho efanayo. Khona-ke umninisivini (uNkulunkulu) wathi: “Ngizakuthuma iNdodana yami [uJesu] ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.” Kodwa abalimi abonakele bathi: “Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe-ngelethu. Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.” (Luka 20:9-16) Futhi, lokhu kukwenza kube sobala ukuthi uJesu ungaphansi kukaYise, uthunywé uYise ukuba enze intando kaYise.
13. Yimaphi amazwi eBhayibheli acacile abonisa ukuthi uNkulunkulu wayemkhulu kunoJesu?
13 UJesu ngokwakhe wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Kufanele simkholelwe uJesu, ngokuba ngokuqinisekile wayelazi iqiniso ngobuhlobo bakhe noYise. Umphostoli uPawulu futhi wayazi ukuthi uNkulunkulu wayemkhulu kunoJesu, futhi wathi: “Nayo iNdodana [uJesu] iyakuzithoba phansi kwalowo . . . uNkulunkulu.” (1 Korinte 15:28) Lokhu kubonakala ngokwengeziwe emazwini kaPawulu kweyoku-1 Korinte 11:3: “Nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.” UJesu wavuma ukuthi wayenoNkulunkulu omkhulu lapho ethi kubafundi bakhe: “Ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”—Johane 20:17.
14. Yimiphi eminye imibhalo ebonisa ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu uMninimandla onke?
14 UJesu wakhuluma ngobukhulu bukaNkulunkulu lapho unina wabafundi ababili ecela ukuba amadodana akhe ahlale omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sikaJesu lapho efika eMbusweni wakhe. Waphendula: “Ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho.” (Mathewu 20:23) Uma uJesu wayenguNkulunkulu umninimandla onke, kwakuyoba okwakhe ukuphana ngakho. Kodwa kwakungenjalo. KwakungokukaYise ukuphana ngakho. Ngokufanayo, lapho elandisa isiprofetho sakhe ngesiphelo salesimiso sezinto, uJesu wathi: “Lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.” (Marku 13:32) Ukuba uJesu wayenguNkulunkulu uMninimandla onke, wayezolazi lolosuku nalelohora. Kodwa wayengazi ngoba wayengeyena uNkulunkulu oWazi Konke. WayeyiNdodana kaNkulunkulu futhi wayengakwazi konke uYise ayekwazi.
15. Lapho uJesu esezokufa, wakubonisa kanjani ukuba kwakhe ngaphansi kukaNkulunkulu?
15 Lapho uJesu esezokufa, wabonisa ukuzithoba kuYise lapho ethandaza: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” (Luka 22:42) UJesu wayethandaza kubani? Kuye ngokwakhe? Cha, wayethandaza kuYise ezulwini. Lokhu kuboniswa ngokucacile ngokusho kwakhe ukuthi: “Makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Khona-ke futhi, ekufeni kwakhe, uJesu wakhala: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” (Marku 15:34) UJesu wayekhala kubani? Kuye ngokwakhe? Cha, wayekhala kuYise owayesezulwini.
16. Ukufa nokuvuswa kukaJesu kubonisa kanjani ukuthi akunakwenzeka ukuthi yena ngokwakhe wayenguNkulunkulu umninimandla onke?
16 Ngemva kokuba uJesu esefile, wayesethuneni cishe izinsuku ezintathu. Ubani owamvusa? Njengoba wayefile wayengenakukwazi ukuzivusa. Futhi uma wayengafile ngempela, wayezobe engasikhokhile isihlengo ngesono sika-Adamu. Kodwa wafa ngempela, futhi wayengekho cishe izinsuku ezintathu. Umphostoli uPetru uyasitshela ukuthi ubani owavusa uJesu: “UNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa.” (IzEnzo 2:24) Omkhulu, okunguNkulunkulu uMninimandla onke, wavusa omncane, iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu, kwabafileyo. Ukuze sibonise lokhu: Lapho uJesu evusa uLazaru kwabafileyo, ubani owayemkhulu? UJesu wayemkhulu, njengoba wakwazi ukubuyisa uLazaru kwabafileyo. (Johane 11:41-44) Kwakungokufanayo lapho uNkulunkulu evusa uJesu. UNkulunkulu wayemkhulu, njengoba wakwazi ukubuyisa uJesu kwabafileyo.
17. Yibuphi obunye ubufakazi obukhona bokuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu?
17 Kwakungenakwenzeka ukuba uJesu abe uNkulunkulu ngokwakhe, ngoba uJesu wadalwa uNkulunkulu. Phawula indlela iEmphatic Diaglott kaBenjamin Wilson ehumusha ngayo isAmbulo isahluko 3, ivesi 14: “Lezizinto zishiwo nguAmen, ufakazi othembekile noqinisileyo [uJesu], ukuqala kwendalo kaNkulunkulu.” Ngokufanayo, eyabaseKolose 1:15, 16 ithi ngoJesu: “Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, . . . konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona.” Ngakho uNkulunkulu umninimandla onke wayidala ngokuqondile iNdodana yakhe ezulwini khona-ke “ngayo,” wadala ezinye izinto, njengoba nje ingcweti yomsebenzi ingase ibe nesisebenzi esiqeqeshiwe esiyisebenzelayo. Lezozinto ezadalwa “ngayo” zazingamhlanganisi uJesu ngokwakhe, ngoba uNkulunkulu wayesemdalile kakade. Kanjalo, ubizwa ngokuthi “izibulo,” “ozelwe yedwa.” Uma umntwana eyizibulo, ezelwe yedwa, lokho akusho neze ukuthi lowomntwana ulingana noyise. Ngaso sonke isikhathi kusho ukuthi kunabantu ababili abahlukile abahilelekile, ubaba nomntwana.
Umoya ONgcwele—Ingabe Umuntu Noma Amandla Ayisiphekupheku?
18. IBhayibheli lifundisani ngokuqondene nomoya ongcwele?
18 Kuthiwani ngomuntu wesithathu ocatshangelwayo kaZiqu-zintathu, umoya ongcwele, okuthiwa uyalingana ngamandla, ngesiqu, nangobuphakade noYise neNdodana? Akukho ndawo eBhayibhelini lapho umoya ongcwele kukhulunywa ngawo khona noNkulunkulu noJesu njengolingana nabo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sokubhapathizwa kukaJesu, uMarku 1:10 ubonisa ukuthi umoya ongcwele wehlela phezu kukaJesu “njengejuba,” hhayi ngesimo somuntu. Umoya ongcwele wawungeyena umuntu othile owehlela phezu kukaJesu kodwa wawungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku. Lawomandla avela kuNkulunkulu enza uJesu wakwazi ukuphulukisa abagulayo nokuvusa abafileyo. Njengoba uLuka 5:17 esho kuyiDiaglott: “AMandla amaKhulu eNkosi [uNkulunkulu] ayephezu kwakhe [uJesu] ukuba elaphe.” Kamuva, ngePentekoste, abaphostoli nabo banikezwa amandla avela kuNkulunkulu okuphulukisa nokuvusa abafileyo. Ingabe lokho kwabenza baba ingxenye ethile ‘yekhanda likankulunkulu’? Cha, bamane nje banikezwa amandla avela kuNkulunkulu, ngoKristu, ukuba benze lokho abantu ngokuvamile ababengenakukwenza.
19. Kungani kungokungenakwenzeka ngomoya ongcwele ukuba ube umuntu wesithathu kaZiqu-zintathu?
19 Lawomandla afanayo ayisiphekupheku ayaphawulwa kwabase-Efesu 5:18, lapho uPawulu eluleka khona: “Nigcwaliswe ngoMoya.” Ngokufanayo, IzEnzo 7:55 zithi uStefanu “wayegcwele uMoya oNgcwele.” Futhi ngePentekoste, abalandeli bakaJesu “bagcwala bonke uMoya oNgcwele.” (IzEnzo 2:4) Ingabe umuntu angagcwaliswa ngomunye umuntu? Cha, kodwa angagcwaliswa ngamandla avela kuNkulunkulu. Lowomoya ongcwele ungamandla afanayo nalawo uNkulunkulu awasebenzisa ekudaleni indawo yonke. Njengoba uGenesise 1:2 esho: “UMoya kaNkulunkulu wehla-wenyuka phezu kwamanzi.”
20. Yimuphi umbono uStefanu awubona obonisa ngokwengeziwe ukuthi uZiqu-zintathu akalona iqiniso?
20 Ngemva kokuba uJesu esevusiwe, uStefanu wabona umbono wezulu futhi “wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” (IzEnzo 7:55) Ngakho, abantu ababili abahlukene ababonakala ezulwini: (1) UNkulunkulu (2) noJesu Kristu ovusiwe. Akukho moya ongcwele ophawulwayo kulombono njengoba wawungeyena umuntu wesithathu kaZiqu-zintathu. Njengoba ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku, umoya ongcwele wawuyovela kuNkulunkulu kodwa hhayi njengomuntu ohlukile. Kungalesosizathu uStefanu abona abantu ababili kuphela, hhayi abathathu.
21, 22. (a) Yikuphi ukuvuma iencyclopedia yenkolo ekwenzayo ngokuphathelene nomoya ongcwele? (b) Yimaphi amaphuzu isihloko sethu esilandelayo esizowahlanganisa?
21 Ngokuqondene nomoya ongcwele, iNew Catholic Encyclopedia iyavuma: “IT[estamente] E[lidala] ngokucacile alichazi umoya kaNkulunkulu njengomuntu, hhayi ngisho nangomqondo wefilosofi, noma umqondo wobuJuda. Umoya kaNkulunkulu umane nje ungamandla kaNkulunkulu. Uma ngesinye isikhathi uvezwa njengohlukile kuNkulunkulu, kungenxa yokuthi umoya kaYahweh usebenza ngaphandle kwakhe.” Ithi futhi: “Imibhalo eminingi yeT[estamente] E[lisha] yembula umoya kaNkulunkulu njengento ethile, hhayi umuntu othile; lokhu kubonakala ikakhulukazi uma kuqhathaniswa umoya namandla kaNkulunkulu.”
22 Sinombono wawo wonke lamaqiniso, lemfundiso kaZiqu-zintathu “eyisisekelo” yeLobukholwa ayinakuba yiqiniso. IZwi likaNkulunkulu siqu liyakuphikisa lokho kusho. Libonisa ngokucacile ukuthi uJehova uNkulunkulu unguBaba onothando, nokuthi uJesu Kristu uyiNdodana yakhe ethandekayo, iNdodana eyayinothando olungako ngoYise kangangokuba yayizimisele ukulalela kuze kube sekufeni. Nokho, abanye baphikisa ngokuthi kunemibhalo ebonakala sengathi isekela uZiqu-zintathu, ngakho esihlokweni sethu esilandelayo, sizohlola eminye yayo. Futhi, sizoxoxa ngokuthi kungani lemfundiso iye yaba ingxenye ebaluleke kangaka yeLobukholwa nokuthi yaqalaphi.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ IBhayibheli lifundisani ngoNkulunkulu nangoJesu?
◻ ImiBhalo ibubonisa kanjani ubuhlobo bukaYise neNdodana?
◻ Imiphi eminye imibhalo ebonisa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunoJesu?
◻ Kungani umoya ongcwele ungenakuba yingxenye kaZiqu-zintathu?
[Isithombe ekhasini 13]
UJesu wathi: “UBaba mkhulu kunami”